You are on page 1of 16

FEBRUARY 1, 2014

34567

IMPI EYASHINTSHA UMHLABA

34567
Vol. 135, No. 3 Semimonthly ZULU

Isilinganiso Esinyatheliswa Isikhathi Ngasinye: 45944000 NGEZILIMI EZINGU-213

FEBRUARY 1, 2014

LO MAGAZINI, INqabayokulinda, udumisa uJehova uNkulunkulu, uMbusi wendawo yonke. Ududuza abantu ngezindaba ezinhle zokuthi maduze uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini uzobuqeda bonke ububi futhi uguqule lo mhlaba ube ipharadesi. Ukhuthaza ukuba nokholo kuJesu Kristu, owafa ukuze sithole ukuphila okuphakade futhi manje ubusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Lo magazini ubulokhu unyatheliswa kusukela ngo1879 futhi awuhileleki ezindabeni zezombusazwe. Unamathela eBhayibhelini njengegunya lawo.

ISIHLOKO ESIYINHLOKO

Impi Eyashintsha
UmhlabaAMAKHASI3-7 Impi Eyashintsha Umhlaba 3 Imbangela Yangempela Yempi Nokuhlupheka 5

EZINYE EZIKULO MAGAZINI


IBhayibheli Lishintsha Ukuphila 8 Ingabe Bewazi? 10 Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . . Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Abanamandla Bacindezele Ababuthaka? 11 Lingisa Ukholo Lwabo Wakhuthazelela Ukungabi Nabulungisa 12 Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli 16

Ungathanda yini ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala?
Vakashela ingosi ethi www.jw.org/zu noma uthumele isicelo sakho kwelinye lamakheli angezansi.
For SOUTH AFRICA: Jehovahs Witnesses Private Bag X2067 Krugersdorp 1740 South Africa For ZIMBABWE: Jehovahs Witnesses Private Bag WG-5001 Westgate Zimbabwe Ukuze uthole uhlu lwamakheli omhlaba wonke bheka i-www.jw.org/zu/xhumana-nathi.

FUNDA OKWENGEZIWE ENGOSINI ETHI www.jw.org/zu


EZINYE IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELIUkuthula Komhlaba Kungani Kunzima Ukukuthola?

Lo magazini awuthengiswa. Uyingxenye yomsebenzi wokufundisa owenziwa emhlabeni wonke osekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Ngaphandle kwalapho kuboniswe ngenye indlela, izingcaphuno zemiBhalo zithathwe kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yolimi lwanamuhla. The Watchtower (ISSN 0043-1087) is published semimonthly by Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.; L. Weaver, Jr., President; G. F. Simonis, Secretary-Treasurer; 25 Columbia Heights, Brooklyn, NY 11201-2483, and by Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa NPC, 1 Robert Broom Drive East, Rangeview, Krugersdorp, 1739. 5 2014 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. Printed in South Africa.

(Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI)

FE BRUARY 1 , 2014

34567

DAWUNILODA LO MAGAZINI NGEZINHLOBO ZAMAFAYELA EZIHLUKAHLUKENE KUYI-INTERNET

IMPI EYASHINTSHA UMHLABA

ISIHLOKO ESIYINHLOKO

Impi
Eyashintsha Umhlaba
Eminyakeni eyikhulu edlule, izigidi zezinsizwa zashiya amakhaya azo alondekile zaya empini. Zashona khona ngokukhulu ukuzimisela zigqugquzelwa isiso sokulwela izwe lazo. Ngo-1914 elinye ivolontiya laseMelika labhala lokhu, Ngijabulile futhi ngibheke phambili ezinsukwini ezimnandi ezizayo. Nokho, ngokushesha injabulo yabo yaphenduka usizi. Akekho owayazi ukuthi lawo mabutho amakhulu ayeyobhekana nobunzima obukhulu iminyaka eminingi eBelgium naseFrance. Ngaleso sikhathi, abantu babebiza le mpi ngokuthi iMpi Enkulu. Namuhla, yaziwa ngokuthi impi yezwe yokuqala. Okwabangela ukuba le mpi ibe nkulu, inani labantu abafa nabalimala kuyo. Kulinganiselwa ukuthi kwafa abantu abayizigidi ezingu-10 futhi kwalimala abayizigidi ezingu-20. Amaphutha amakhulu nawo aba nomthelela kule mpi. Ababusi baseYurophu behluleka ukunqanda ukungezwani kwamazwe ukuba kungabi impi yomhlaba wonke. Okubaluleke nakakhulu ukuthi le Mpi Enkulu yadala umonakalo omkhulu. Yashintsha umhlaba ngezindlela ezisasithinta nathi namuhla.

FEBRUARY 1, 2014

AMAPHUTHA AQEDA UKWETHEMBANA

Impi yezwe yokuqala yagqashuka ngenxa yezinqumo ezingahlakaniphile. Incwadi i-The Fall of the DynastiesThe Collapse of the Old Order 1905-1922 ithi abaholi baseYurophu babengazi ukuthi izinqumo zabo zaziyoholela empini yomhlaba wonke phakathi nehlobo lika-1914. Ngemva kwamasonto ambalwa kubulawe inkosana yase-Austria, wonke amazwe amakhulu aseYurophu angena empini ayengayifuni. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa kuqale le mpi, umbusi waseJalimane wabuzwa: Iqale kanjani le mpi? Waphendula ngokudabuka: Uyadela owaziyo. Abaholi abenza lezo zinqumo ezaholela kule mpi babengazi nakwazi ukuthi iyoba yini imiphumela yazo. Ngokushesha inkungu yasa emasosheni ayesempini. Abona ukuthi abaholi bawo babengazifezanga izithembiso zabo, abefundisi bawo bewakhohlisile futhi ojenene bawo bewanikele ekufeni. Ngayiphi indlela?

Abaholi bawo babengazifezanga izithembiso zabo, abefundisi bawo bewakhohlisile futhi ojenene bawo bewanikele ekufeni

Abaholi bathembisa ukuthi le mpi yayiyovula ithuba lokuba kube nezwe elisha nelingcono. Umbusi waseJalimane wathi: Silwela ukuthula kwezwe lethu, ifa esalishiyelwa okhokho bethu kanye nekusasa lethu. UMongameli waseMelika uWoodrow Wilson wasungula isiqubulo esidumile esiqinisekisa ukuthi impi yayiyokwenza izwe lilungele ukubusa kwentando yeningi. EBrithani abantu babecabanga ukuthi lena kwakuyoba impi eyoqeda zonke izimpi. Babeshaye phansi kwashunq uthuli. Abefundisi bayisekela ngentshiseko le mpi. I-The Columbia History of the World ithi, Abavikeli bezwi likaNkulunkulu bakhuthaza abantu ukuba baye empini. Le mpi enkulu yabangela inzondo enkulu. Abefundisi babhebhethekisa inzondo kunokuyiqeda. Incwadi ethi A History of Christianity ithi, Abefundisi behluleka futhi babengazimisele ukubeka ukholo lobuKristu ngaphambi kokulwela izwe labo. Iningi labo lathatha indlela enqamulelayo, lasebenzisa iBhayibheli ukuze likhuthaze ubuzwe. Amasosha ezinkolo zobuKristu ezihlukahlukene atshelwa ukuba abulalane egameni loMsindisi wawo. Ojenene bathembisa ukuthi le mpi iyonqotshwa kalula futhi ngokushesha, kodwa akwenzekanga lokho. Kungakabiphi, amasosha atholana phezulu, lungekho uhlangothi olugobuphondo. Ngemva kwalokho, izigidi zamasosha zabhekana nalokho esinye isazi-mlando esikuchaza ngokuthi ukuhlukumezeka okukhulu nokunonya kunakho konke umuntu ake wabhekana nakho ngokomzimba nangokomzwelo. Naphezu kwenani elikhulu lamasosha ayebulawa, ojenene babeqhubeka bethumela amasosha ezindaweni ezinezingcingo ezihlabayo nokwakudutshulwa kuzo ngezibhamu ezingontuluntulu. Shono nje amasosha amaningi aqala ukuvukela. Impi yezwe yokuqala yabathinta kanjani abantu? Enye incwadi yomlando icaphuna owayeyisosha ngaleso sikhathi: Impi . . . yalimaza izingqondo nobuntu babantu bangaleso sikhathi. Ngempela, le mpi yagumbuqela imibuso eminingi. Leyo mpi ehlasimulisayo yaba isiqalo sekhulu leminyaka eligcwele ukuchithwa kwegazi okungakaze kubonwe ngaphambili. Imibhikisho nokuvukelwa kwemibuso kuye kwaba insakavukela. Yini eyabangela ukuba le mpi idale isiyaluyalu emhlabeni? Ingabe yayimane nje iwumphumela wephutha elikhulu? Ingabe izimpendulo zembula okuthile ngekusasa lethu?

Imbangela Yangempela
Yempi Nokuhlupheka
Ngo-November 11, 1918, iMpi Yezwe I yaphela. Amabhizinisi avalwa futhi abantu babhiyoza emigwaqweni. Kodwa lokho kubhiyoza kwasheshe kwaphela. Ngokushesha ngemva kwempi yomhlaba, kwaqala olunye usongo olwedlula ukudutshulwa ngezibhamu. Isifo esiwumshayabhuqe esaziwa ngokuthi umkhuhlane waseSpain sahlasela amabutho ayelwa eFrance ngo-June 1918. Lesi sifo sabhebhetheka ngokushesha. Ngokwesibonelo, ngezinyanga ezimbalwa, sabulala amasosha aseMelika amaningi kunalawo ayebulawe ngezibhamu eFrance. Lesi sifo sasakazeka ngokushesha emhlabeni lapho amasosha ephindela emakhaya ngemva kwempi. Iminyaka yangemva kwempi yayigcwele indlala nokuwa kwezomnotho. Amazwe amaningi aseYurophu ayekhungethwe indlala lapho impi iphela ngo-1918. Ngawo-1923 imali yaseJalimane yayingasathengi lutho. Ngemva kweminyaka eyisithupha, umnotho emhlabeni wonke wawa. Ekugcineni ngo-1939 kwaqala impi yezwe yesibilingezindlela ezithile okwakusho ukuqhubeka kwezinxushunxushu zempi yezwe yokuqala. Yini eyayiyimbangela yalezi zenzakalo eziyinhlekelele ezilandelanayo?
ISIBONAKALISO SEZINSUKU ZOKUGCINA

Isiprofetho seBhayibheli sisenza sibone imbangela yezenzakalo ezingokomlando, ikakhulukazi iMpi Yezwe I. UJesu Kristu wabikezela ngesikhathi lapho isizwe sasiyovukela khona isizwe, kube khona ukusweleka kokudla nezifo eziwumshayabhuqe emhlabeni.

Impi Emhlabeni Nasezulwini


Emakhulwini eminyaka angu-19 ngaphambi kokugqashuka kweMpi Yezwe I, uSathane wathembisa ukunika uJesu yonke imibuso yezwe. (Mathewu 4:8, 9) UJesu wamelana naleso silingo, kodwa kamuva wabiza uDeveli ngokuthi umbusi waleli zwe. (Johane 14:30) Ngaphezu kwalokho, umphostoli uJohane wabhala ukuthi lonke izwe lisemandleni omubi.1 Johane 5:19. Uma uSathane uDeveli enamandla kangaka emhlabeni, ngeke yini kube nengqondo ukuphetha ngokuthi waba nengxenye ekubangeleni impi yezwe yokuqala nemiphumela eyalandela? Incwadi yesAmbulo ihlobanisa uSathane nezinhlekelele ezaba khona emhlabeni kusukela ngo-1914. Nalu uhlu olufushane lwezenzakalo ezichazwe kusAmbulo isahluko 12:
Ivesi 7 Kugqashuka impi ezulwini phakathi kukaMikayeli (uJesu Kristu) nodrako (uSathane). Ivesi 9 UDeveli, odukisa umhlaba wonke owakhiwe, uphonswa phansi emhlabeni. Ivesi 12 May ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.

Ukulandelana kwezenzakalo zeBhayibheli ngokohlelo lwezikhathi kanye nezenzakalo zomhlaba, kubonisa ukuthi le mpi yasezulwini yaqala ngemva kokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ezulwini ngo-1914. Ngawo lowo nyaka oyingqopha-mlando kwagqashuka impi emhlabeni nasezulwini.
Bheka isahluko 8 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

FEBRUARY 1, 2014

(Mathewu 24:3, 7; Luka 21:10, 11) Watshela abafundi bakhe ukuthi lezi zinhlekelele zaziyoba isibonakaliso sezinsuku zokugcina. Imininingwane eyengeziwe itholakala encwadini yesAmbulo ehlobanisa omaye emhlabeni nempi yasezulwini.Bheka ibhokisi elithi Impi Emhlabeni Nasezulwini. Le ncwadi yeBhayibheli ikhuluma ngabagibeli bamahhashi abane, ngezinye izikhathi ababizwa ngokuthi abagibeli abane bembubhiso yomhlaba wonke. Abathathu balaba bagibeli bamelela izinhlekelele uJesu ayezibikezeleimpi, indlala nezifo eziwumshayabhuqe. (Bheka ibhokisi elithi Ingabe Amahha-

shi Abagibeli Abane Aseyagabavula Ngempela?) Kusobala ukuthi impi yezwe yokuqala yaba isiqalo sesikhathi sosizi olusaqhubeka nanamuhla. IBhayibheli lembula nokuthi ngomqondo othile, uSathane oyimbangela yalolu sizi. (1 Johane 5:19) Ingabe amandla akhe ayoke anqandwe? Incwadi yesAmbulo iphinde isiqinisekise ngokuthi uSathane usesalelwe isikhathi esifushane. (IsAmbulo 12:12) Yingakho egcwele intukuthelo futhi ebangela ubunzima obukhulu lapha emhlabeni. Izinhlupheko esizibonayo nazo zifakazela ukuthi uSathane uphelelwa isikhathi.

Ingabe Amahhashi Abagibeli Abane Aseyagabavula Ngempela?


Background, ery horse: From the book The Photographic History of the Great European War in Gravure (1916)

Ihhashi elimhlophe, umgibeli walo oyinkosi yasezulwini. INkosi, uJesu Kristu ngokwakhe, uyena ogibela ngenjongo yokulunga. (IHubo 45:4) Into yokuqala ayenzayo ukuxosha uSathane namademoni akhe ezulwini.IsAmbulo 6:2; 12:9.

Ihhashi elinombala onjengomlilo, umgibeli walo unegunya lokususa ukuthula emhlabeni. (IsAmbulo 6:4) Kusukela ngo-1914 impi ibilokhu ibangela abantu usizi. Ngemva nje kweminyaka engu-21 iMpi Yezwe I iphelile, kwagqashuka impi yezwe yesibili eyabulala abantu abaningi nakakhulu. Okunye ukulinganisela kuthi iMpi Yezwe II yabulala abantu abangaba izigidi ezingu-60. Kusukela ngo-1945 kube nezimpi ezindaweni ezithile kuphela, kodwa nazo ziye zachitha igazi eliningi. Ezinye izazi-mlando zilinganisela ukuthi bangaphezu kwezigidi eziyikhulu abantu abafa ezimpini ngekhulu leminyaka lama-20.

6|INQABAYOKULINDA

UKUBHIDLIZA IMISEBENZI KADEVELI

IMpi Yezwe I yaba isenzakalo esiphawuleka ngempela emlandweni. Kwaba isikhathi sezimpi, ukuvukelwa kwemibuso nokungethenjwa kwabaholi abangabantu. Le mpi yanikeza nobufakazi obuqand ikhanda bokuxoshwa kukaSathane ezulwini. (IsAmbulo 12:9) Lo mbusi womhlaba ongabonakali wasabela njengombusi ononya owaziyo ukuthi izinsuku zakhe zibaliwe. Lapho lezo zinsuku ziphela, isikhathi sezinkathazo esaqala ngeMpi Yezwe I siyophela. Ngokwesiprofetho seBhayibheli, unesizathu sokuba nethemba lokuthi kungekudala, uJesu Kristu, iNkosi

yethu yasezulwini, uzobhidliza imisebenzi kaDeveli. (1 Johane 3:8) Kakade izigidi eziningi zabantu zithandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze. Ingabe wena uyawuthandazela? Ngenxa yalowo Mbuso, abantu abathembekile bayobona ukufezeka kwentando kaNkulunkulu emhlabenihhayi ekaSathane. (Mathewu 6:9, 10) EMbusweni kaNkulunkulu, impi yezwe ngeke iphinde ibe khona emhlabeninanoma iziphi ezinye izimpi! (IHubo 46:9) Funda ngalowo Mbuso, uphile uze ubone lapho ukuthula kugcwala emhlabeni!Isaya 9:6, 7.

Background, pale horse: National Museum of Health & Medicine, Armed Forces Institute of Pathology, NCP 1603

Ihhashi elimnyama, umgibeli walo uphethe isikali esandleni sakhe esimelela indlala. (IsAmbulo 6:5, 6) Phakathi nempi yezwe yokuqala, ukuvimbezela kwamabutho asemazweni asizanayo kwabangela indlala eyabulala abantu abangaba ngu-750 000 eJalimane. Abantu baseRussia abangaphezu kwezigidi ezimbili babulawa indlala ngo-1921 futhi ngokushesha izinhlekelele ezifanayo ziye zenzeka nakwezinye izindawo. Kulinganiselwa ukuthi sebebonke, bayizigidi ezingu-70 abantu ababulawa indlala phakathi nekhulu leminyaka lama-20. Minyaka yonke ukungondleki kahle kuseyimbangela yokufa kwezingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu ezingaphezu kwezigidi ezintathu.

Ihhashi eliphaphathekile, umgibeli walo uletha ukufa ngesifo esibulalayo. (IsAmbulo 6:8) Isifo sokuqala esabulala abantu abaningi ekhulwini leminyaka lama-20 kwaba umkhuhlane waseSpain. Amanani ayahlukahluka, kodwa okunye ukulinganisela kuthi lowo mkhuhlane wabulala abantu abangaba izigidi ezingu-50. Incwadi ethi Man and Microbes ithi: Lesi sifo singezinye zezinhlekelele ezimbi kakhulu emlandweni. Ngisho nesifo sezimbilapho asibulalanga abantu abaningi ngokushesha okungako. Ingxibongo, umalaleveva nesifo sofuba ngezinye zezifo ezithathelwanayo eziye zabulala izigidi ezingamakhulu abantu ekhulwini leminyaka lama-20.

FEBRUARY 1, 2014

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Isithembiso somhlaba oyipharadesi sashintsha ukuphila kwami!


UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa eRiga, idolobha elikhulu laseLatvia. Mina nodadewethu sakhuliswa umama. Nakuba umama engumKatolika, esontweni sasiya kuphela ngamaholidi enkolo. Bengilokhu ngikholelwa kuMdali, kodwa ngesikhathi ngisemusha ngangiphazanyiswa izinto eziningi engangizithanda. Njengoba ngikhula, umama waqaphela ukuthi ngithanda ukuhlukanisa izinto ngiphinde ngizihlanganise. Njengoba zaziziningi ezinto engangingazihlukanisa, wayehlezi ekhathazekile ngokungishiya ngedwa endlini. Ngakho wanginikeza amathoyizi okwakha izinto eziyinsimbi, engangikujabulela kakhulu ukuwahlukanisa ngiphinde ngiwahlanganise. Okunye engangikuthanda kwakuwukushayela izithuthuthu. Umama wangibhalisa emqhudelwaneni wezithuthuthu ezincane obizwa ngokuthi i-Zelta Mopds (The Golden Moped). Ngaqala ukuqhudelana ngezithuthuthu ezincane, kamuva ngezithuthuthu ezinkulu. Nganginekhanda elilula futhi ngokushesha ngaba umpetha kulo mdlalo osheshayo noyingozi. Ngaphumelela kathathu emqhudelwaneni wezithuthuthu ezinkulu waseLatvia, ngaphumelela kabili kuyiBaltic States Superbike Championship. INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:Lapho sengiyisihlabani kulo mdlalo, u-Evija intombi yami (kamuva owaba inkosikazi yami) wahlangana noFakazi BakaJehova. Wayethole enye yezincwadi zabo enesigqebhezana sokucela ukufundelwa iBhayibheli. Wasigcwalisa wasithumela. Ngokushesha kwaka oFakazi ababili, waqala ukufunda nabo iBhayibheli. Ngangingenanxa nalokho, kodwa ngaleso sikhathi ngangingenaso isiso sokufunda iBhayibheli. Kamuva, oFakazi bangicela ukuba ngibe khona lapho befunda no-Evija ukuze ngilalele. Ngavuma futhi ngakuthanda lokho engakuzwa. Okwangithinta inhliziyo kakhulu, isithembiso seBhayibheli somhlaba oyipharadesi. Ngokwesibone-

ILANDISWA U-IVARS VIGULIS

UNYAKA AZALWA NGAWO

1974
IZWE AZALELWA KULO

ELATVIA
UMLANDO

NGANGITHANDA IMIQHUDELWANO YEZITHUTHUTHU EYINGOZI

8|INQABAYOKULINDA

lo bangifundela amaHubo 37:10, 11 athi: Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula. Leso sithembiso sangikhanga kakhulu. Uthando lwami ngeBhayibheli lwaqhubeka lukhula. Ngaqala ukubona ukuthi izimfundiso eziningi zenkolo zingamanga. Ngokuphambene nalokho, izimfundiso zeBhayibheli zangihlaba umxhwele ngoba zazinengqondo futhi zicacile. Njengoba ngangiqhubeka ngitadisha iBhayibheli, ngafunda ukuthi uJehova ukwazisa kakhulu ukuphila nokuthi kuyigugu kuye. (IHubo 36:9) Lokho kwashintsha indlela engibheka ngayo umqhudelwano wezithuthuthungangingasafuni ukubeka ukuphila kwami engozini. Kunalokho ngangifuna ukusebenzisa ukuphila kwami ukuze ngidumise uJehova.

Ngabona ukuthi ngikweleta uJehova, uMniki-kuphila


Ngakho udumo, impilo yobukhazikhazi nesasasa lokuqhudelana ngezithuthuthu kwakungasabalulekile kimi. Ngo-1996, ngaya emhlanganweni wezizwe woFakazi BakaJehova eTallinn, e-Estonia budebuduze nenkundla engangivame ukuqhudelana kuyo. Emhlanganweni, ngabona abantu ababevela emazweni ahlukahlukene behlangene ndawonye ngobunye nangokuthula. Ngokwesibonelo, lapho omunye uFakazi elahlekelwa isikhwama semali, ngacabanga ukuthi ngeke aphinde asithole. Nokho, kungakabiphi, satholwa uFakazi othile futhi wasibuyisela kumnikazi waso sinjengoba besinjalo. Ngamangala kakhulu! Lokho kwangenza ngaqonda ukuthi ngempela oFakazi baphila ngokuvumelana nemithetho yeBhayibheli. Mina no-Evija saqhubeka sithuthuka ezifundweni zethu zeBhayibheli futhi ngo-1997 sabhapathizwa njengoFakazi BakaJehova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:Abanye babangane bami engangiqhudelana nabo ngezithuthuthu sebafa ngenxa yokuphila ukuphila okusheshayo nokungalawuleki. Ukufunda iBhayibheli kungenze ngabona ukuthi ngikweleta uJehova, uMnikikuphila. Cishe ukuqonda lokho kwasindisa ukuphila kwami. Mina no-Evija siye sajabulela ukukhonza iminyaka emine njengezikhonzi zesikhathi esigcwele ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eRiga. Manje sijabulela ukukhulisa indodakazi yethu u-Alise nokuyisiza ukuba ikhule ithanda uJehova. Nginanelungelo lokusebenza usuku olulodwa isonto ngalinye ehhovisi lokuhumusha, ngilungisa izimoto nezinye izinto eziphukile. Kungijabulisa kakhulu ukusebenzisa kahle amakhono engawafunda ngiseyingane! Yebo, namanje ngisazihlukanisa izinto ngiphinde ngizihlanganise. Lokho engakufunda eBhayibhelini kungenza ngilazise kakhulu ilungelo lokushumayela nomndeni wami ngokuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Ngempela isithembiso somhlaba oyipharadesi sakushintsha ukuphila kwami!

FEBRUARY 1, 2014

INGABE BEWAZI?

Yayiyini inhlaba eyayisetshenziswa ezikhathini zeBhayibheli?


IBhayibheli lithi inhlaba yayisetshenziselwa ukwenza amakha ezingubo nemibhede. (IHubo 45:8; IzAga 7:17; IsiHlabelelo SeziHlabelelo 4:14) Cishe inhlaba eyayisetshenziswa ezikhathini zeBhayibheli yayivela esihlahleni okuthiwa i-Agarwood (uhlobo lwezitshalo ezaziwa ngokuthi i-Aquilaria). Njengoba ukhuni lwesihlahla lubola, lukhipha amafutha anephunga elimnandi nenom. Lolu khuni lwalugaywa lube impuphu, eyayithengiswa isiyinhlaba. IBhayibheli lihlobanisa amatende akwa-Israyeli nezitshalo zenhlaba ezitshalwe uJehova. (Numeri 24:5, 6) Lokhu kungase kubhekisele endleleni isihlahla i-Agarwood esimi ngayosingakhula sibe amamitha angu-30 ubude futhi sibe namagatsha asabalele. Nakuba lesi sihlahla singasekho e-Israel namuhla, incwadi ethi Dictionary of the Bible ithi akunakuphikwa ukuthi lesi sihlahla nezinye ezingasaziwa manje [kule ndawo], zazitshalwa eSigodini SaseJordani esasicebile ngaleso sikhathi futhi sinabantu abaningi.

INHLABA YAYIVELA ESIHLAHLENI I-AGARWOOD

Imihlatshelo enjani eyayamukeleka ethempelini eJerusalema?


UMthetho kaNkulunkulu wawuthi yonke imihlatshelo enikelwa ethempelini kwakumelwe ibe engcono kunayo yonke. UNkulunkulu wayengeke ayamukele imihlatshelo enesici. (Eksodusi 23: 19; Levitikusi 22:21-24) Ngokomlobi ongumJuda wangekhulu lokuqala C.E. uPhilo, ngaleso sikhathi abapristi babehlolisisa izilwane kusukela enhloko kuya onyaweni ukuze baqinisekise ukuthi zifaneleka ngazo zonke izindlela futhi azinalo ibala noma isici sanoma yiluphi uhlobo. Isazi u-E. P. Sanders sithi kungenzeka izikhulu zasethempelini zazigunyaza abathengisi bemihlatshelo abanokwethenjelwa ukuba bathengise kuphela izilwane nezinyoni eseziye zahlolwa abapristi. Kulokhu, umthengisi kwakufanele anikeze umthengi uhlobo oluthile lwerisidi olubonisa ukuthi isilwane esithengiwe sasingenasici. Ngo-2011, endaweni okwakunethempeli kuyo, abavubukuli bathola irisidi enjalouhlamvu lobumba olwalusetshenziswa phakathi nekhulu lokuqala B.C.E. no-70 C.E. Umbhalo wesi-Aramu ongamagama amabili oqoshwe kulo, uye wahunyushwa ngokuthi Asinasici Ngenxa KaNkulunkulu. Kucatshangwa ukuthi izikhulu zethempeli zazifaka lezi zinhlamvu zobumba ezilwaneni ezazisetshenziswa emikhosini noma okwakwenziwa ngazo imihlatshelo.

LOLU HLAMVU LOBUMBA LWASETHEMPELINI EJERUSALEMA LUNEMINYAKA ENGABA NGU-2 000 LUKHONA
LEVINE/SIPA

10|INQABAYOKULINDA

IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI BALO MAGAZINI . . .

Kungani uNkulunkulu evumela ukuba abanamandla bacindezele ababuthaka?


IBhayibheli likhuluma ngezimo lapho abanamandla becindezela ababuthaka. Cabanga ngendaba kaNabhoti. U-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli ngekhulu leshumi B.C.E., wavumela ukuba umkakhe, uJezebeli, abulale uNabhoti namadodana akhe ukuze athathe isivini sakhe. (1 AmaKhosi 21:1-16; 2 AmaKhosi 9:26) Kungani uNkulunkulu avumela lokho kusetshenziswa kabi kangaka kwamandla? Ake sigxile esizathwini esisodwa esibalulekile: UNkulunkulu akanakuwaqamba amanga. (Thithu 1:2) Kuhlangana kanjani lokho nezenzo ezimbi zokucindezela abanye? Ekuqaleni, uNkulunkulu waxwayisa abantu ngokuthi ukumvukela kwabo kwakuyoholela emphumeleni obuhlunguukufa. Ngokuvumelana nezwi likaNkulunkulu, abantu bebelokhu befa kusukela bavukela ensimini yase-Edene. Empeleni umuntu wokuqala owafa, wafa ngenxa yesenzo sokucindezelwalapho uKhayini ebulala umfowabo u-Abela.Genesise 2:16, 17; 4:8. IZwi likaNkulunkulu liwungqa ngale ndlela umlando wesintu kusukela ngaleso sikhathi: Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe. (UmShumayeli 8:9) Ingabe lawo mazwi abe iqiniso? UJehova waxwayisa isizwe sakwa-Israyeli, abantu bakhe, ngokuthi sasiyothola amakhosi acindezelayo, okwakuyosenza sikhalele usizo kuNkulunkulu. (1 Samuweli 8:11-18) Ngisho nenkosi ehlakaniphile uSolomoni yabacindezela kakhulu abantu bayo. (1 AmaKhosi 11:43; 12:3, 4) Amakhosi amabi, njengo-Ahabi, ayebacindezela nakakhulu abantu. Cabanga ngalokhu: Ukube uNkulunkulu ubezivimbela zonke izenzo ezinjalo zokucindezela, lokho bekungeke yini kumenze abe umqambimanga? Khumbula nokuthi uSathane uthi abantu bakhonza uNkulunkulu ngenxa yezizathu zobugovu. (Jobe 1:9, 10; 2:4) Ukube uNkulunkulu ubezivikela izikhonzi zakhe kukho konke ukucindezelwa, bekungeke yini lokho kwenze izinsolo zikaSathane zibe iqiniso? Uma ebevikela bonke abantu kuzo zonke izinhlobo zokucindezelwa, ubengeke yini asolwe ngenxa yokuqamba amanga
1 Bheka isihloko esithi Lingisa Ukholo Lwabo kulo magazini.

amakhulu nakakhulu? Phela uma bebevikelwa kanjalo, abaningi babengacabanga ukuthi bangazibusa kahle ngaphandle kukaNkulunkulu. Kodwa iZwi likaNkulunkulu lisho okuhlukilelithi umuntu akakwazi nhlobo ukuzibusa. (Jeremiya 10:23) Sidinga ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze; yilapho kuphela lapho ukungabi nabulungisa kuyophela khona. Ingabe lokho kusho ukuthi uNkulunkulu akenzi lutho ngokucindezelwa kwabantu? Cha. Cabanga ngezinto ezimbili azenzayo: Okokuqala, uyakudalula ukucindezelwa. Ngokwesibonelo, iZwi lakhe lisinikeza yonke imininingwane ngeqhinga likaJezebeli lokubulala uNabhoti. IBhayibheli liphinde lembule ukuthi izenzo ezinjalo ezimbi zikhuthazwa umbusi onamandla ofuna ukuhla lokho ayikho. (Johane 14:30; 2 Korinte 11:14) IBhayibheli limbiza ngokuthi uSathane uDeveli. Ngokudalula ububi nokucindezelwa kanye nomthombo wako wange-

Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.UmShumayeli 8:9 UNkulunkulu akanakuqamba amanga.
Thithu 1:2
mpela, uNkulunkulu uyasisiza ukuba nathi sidede ebubini. Ngaleyo ndlela uvikela ikusasa lethu laphakade. Okwesibili, uNkulunkulu usinika ithemba eliqinile lokuthi ukucindezelwa kuzophela. Indlela adalula, ahlulela najezisa ngayo u-Ahabi noJezebelinabaningi abanjengaboisenza siqiniseke ngezithembiso zakhe zokuthi ngolunye usuku uzobajezisa bonke abenzi bokubi. (IHubo 52:1-5) UNkulunkulu usinikeza nethemba eliqinisekile lokuthi maduzane uzoqeda yonke imiphumela ebuhlungu yobubi kulabo abamthandayo. UNabhoti othembekile uyobona isikhathi lapho yena namadodana akhe beyophila emhlabeni oyipharadesi ongeke uphinde ube nokungabi nabulungisa.IHubo 37:34.
1 Bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

FEBRUARY 1, 2014

11

LINGISA UKHOLO LWABO | U-ELIYA

Wakhuthazelela Ukungabi Nabulungisa

-ELIYA udabula eSigodini SaseJordani. Sekuphele amasonto ehamba, usuka kude le eNtabeni iHorebe ulibangise enyakatho. Manje njengoba esebuyile ezweni lakubo kwa-Israyeli, ubona izinguquko. Imiphumela yesomiso esathatha isikhathi eside yayisiqala ukushabalala. Imikhemezelo yasekwindla yayisiqalile futhi abalimi babelima emasimini abo. Kumelwe ukuba kwamduduza umprofethi ukubona umhlaba uphinde uqhakaza, kodwa wayekhathazeke kakhulu ngabantu. Babegula ngokomoya. Ukukhulekela uBhali kwakuyinsakavukela kulelo zwe futhi u-Eliya wayebhekene nomsebenzi omkhulu. Eduze komuzi wase-Abela-mehola, u-Eliya wabona abantu belima insimu enkulu. Kwakunezinkabi ezingu-24 ezaziboshelwe ngazimbili, ziyizipani eziyishumi nambili, zivula imisele enhlabathini eswakeme. U-Eliya wayefuna indoda eyayishayela isipani sokugcina. Leyo ndoda kwakungu-Elisha owayekhethwe uJehova ukuba angene esikhundleni sika-Eliya. Njengoba u-Eliya ayeke wacabanga ukuthi uyedwa ekukhonzeni uJehova, akungabazeki ukuthi wayekulangazelela ukuhlangana nale ndoda.1 AmaKhosi 18:22; 19:14-19. Ingabe kwakunzima ngo-Eliya ukuvumela omunye umuntu ukuba amsize emsebenzini wakhe noma ekugcineni athathe isikhundla sakhe? Asazi futhi ngeke siphethe ngokuthi kwakungamkhathazi lokho. Phela naye wayengumuntu onemizwa efana neyethu. (Jakobe 5:17) Kunoma ikuphi, ukulandisa kweBhayibheli kuthi: U-Eliya wawelela kuye wa1 UJehova wayesebenzise isomiso esadonsa iminyaka emithathu nengxenye ukuze adalule ukungabi namandla kukaBhali, owayekhulekelwa njengoletha imvula novundisa inhlabathi. (1 AmaKhosi, isahluko 18) Bheka isihloko esithi Lingisa Ukholo Lwabo kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1 neka-April 1, 2008.

phonsa phezu kwakhe isembatho sakhe sabaprofethi. (1 AmaKhosi 19:19) Isembatho sika-Eliyacishe isikhumba semvu noma sembuzisasembathwa abaprofethi futhi sasiyisibonakaliso sokukhethwa kwakhe uJehova. Ngakho-ke ukusiphonsa kwakhe emahlombe ka-Elisha kwakuyisenzo esichaza okuthile. Ngokuzithandela u-Eliya walalela umyalo kaJehova wokuba akhethe u-Elisha ukuze angene esikhundleni sakhe. U-Eliya wayemethemba uNkulunkulu wakhe futhi emlalela. Le nsizwa yayizimisele ukusiza lo umprofethi osemdala. U-Elisha wayengeke athathe isikhundla sikaEliya ngaso leso sikhathi. Kunalokho, ngokuthobeka wahamba nomprofethi omdala iminyaka eyisithupha, emsiza futhi kamuva waziwa ngokuthi yilowo owayethela amanzi ezandleni zika-Eliya. (2 AmaKhosi 3:11) Yeka ukuthi kwakumduduza kanjani u-Eliya ukuba nesikhonzi esinekhono nesiwusizo! Cishe la madoda amabili aba abangane abakhulu. Ngokuqinisekile ukukhuthazana kwawo kwawasiza ukuba akhuthazele naphezu kokubona ukungabi nabulungisa okubi kakhulu okwakuyinsakavukela kulelo zwe. Ngokukhethekile, ububi benkosi u-Ahabi babuqhubeka buba bubi nakakhulu. Kuke kwenzeke yini ubhekane nokungabi nabulungisa? Iningi lethu liyabhekana nakho kuleli zwe elonakele. Ukuthola umngane othanda uNkulunkulu kungakusiza ukuba ukukhuthazelele. Ungafunda nokuningi endleleni u-Eliya abonisa ngayo ukholo lapho ebhekana nokungabi nabulungisa.
SUKA, WEHLE UHLANGABEZE U-AHABI

U-Eliya no-Elisha basebenza kanzima befundisa abantu ngoNkulunkulu. Kusobala ukuthi bahola ekuqeqesheni abanye abaprofethi okungenzeka

12|INQABAYOKULINDA

babezihlele baba amaqembu. Nokho ngokuhamba kwesikhathi, u-Eliya wathola isabelo esisha esivela kuJehova: Suka, wehle uhlangabeze u-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli. (1 AmaKhosi 21:18) Wayenzeni u-Ahabi? Kakade le nkosi yayiyisihlubuki futhi yayiyimbi kunawo wonke amakhosi ayeke aba khona kwaIsrayeli kuze kube yileso sikhathi. Yayishade noJezebeli, futhi yayibangele ukuba ukukhulekelwa kukaBhali kwande ezweni, nayo ngokwayo imkhulekela. (1 AmaKhosi 16:31-33) Ukukhulekela uBhali kwakuhlanganisa imikhosi yokukhulekela inzalo, ubufebe ngisho nokwenza imihlatshelo ngezingane. Ngaphezu kwalokho u-Ahabi wayesanda kweqa umyalo kaJehova owawuthi akabulale inkosi embi yaseSiriya uBheni-hadadi. Kusobala ukuthi u-Ahabi wenqaba ukulalela ngenxa yethemba ayenalo lokuzuza ngokwezimali. (1 AmaKhosi, isahluko 20) Nokho, manje ukuhaha, ukuthanda imali nobudlova buka-Ahabi noJezebeli baba bubi nakakhulu. U-Ahabi wayenesigodlo eSamariyasasiyisakhiwo esikhulu ngempela! Wayenesinye isigodlo eJizreyeli,
Ngokuzithoba u-Eliya wakhetha u-Elisha ukuba angene esikhundleni sakhe

eyayiqhele ngamakhilomitha angu-37. Eduze kwaso kwakukhona isivini. U-Ahabi wayesifuna leso sivini esasingesendoda ogama layo linguNabhoti. Ngakho wabiza le ndoda wathembisa ukuyinika imali noma esinye isivini ukuze athole lesi ayesifuna. Nokho, uNabhoti wathi: Kuyinto engacabangeki kimi, ngokombono kaJehova, ukuba ngikunike ifa lokhokho bami. (1 AmaKhosi 21:3) Ingabe uNabhoti wayenenkani? Engacabangi? Abaningi bacabanga kanjalo. Empeleni, wayelalela uMthetho kaJehova owawenqabela ama-Israyeli ukuba athengise umhlaba oyifa lomndeni wawo. (Levitikusi 25:23-28) KuNabhoti kwakuyinto engacabangeki ukwephula uMthetho kaNkulunkulu. Wayeyindoda enokholo nesibindi ngoba ngokuqinisekile wayazi ukuthi kuyingozi kangakanani ukumelana no-Ahabi. U-Ahabi wayengenandaba noMthetho kaJehova. Waya endlini yakhe enyukubele futhi edangele ngoba isicelo sakhe sasenqatshiwe. Siyafunda: Walala phezu kokhukho lwakhe wagcina ubuso bakhe bufulathele, akazange asidle isinkwa. (1 AmaKhosi 21:4) Lapho uJezebeli ebona umyeni wakhe enyukubele futhi equdule kuhle kwengane, ngokushesha wenza iqhinga lokuba amtholele lokho akufunayo elalihilela nokubulala umndeni olungile. Ukufunda ngeqhinga lakhe kusenza sibone ububi balo obushaqisayo. INdlovukazi uJezebeli yayazi ukuthi uMthetho kaNkulunkulu wawufuna ofakazi ababili ukuze icala elibi umuntu abekwe lona libe nesisindo. (Duteronomi 19:15) Ngakho wabhala izincwadi ngegama lika-Ahabi, eyala amadoda avelele eJizreyeli ukuba athole amadoda amabili ayengamangalela uNabhoti ngamangaambeke icala lokuhlambalaza, elalingenza umuntu abulawe. Iqhinga lakhe laphumelela. Amadoda amabili angelusizo lwalutho amangalela uNabhoti ngamanga futhi ngenxa yalokho wakhandwa ngamatshe waze wafa. Akugcinanga laphoamadodana kaNabhoti nawo abulawa! (1 AmaKhosi 21:5-14; Levitikusi 24: 16; 2 AmaKhosi 9:26) U-Ahabi wavumela umkakhe
Kungenzeka ukwesaba ukuthi isivini singadlulela emadodaneni kaNabhoti, kwabangela ukuba uJezebeli ahlele ukubulawa kwawo. Ukuze uthole ukuthi kungani uNkulunkulu evumela izenzo ezifana nalezi zokucindezela, bheka isihloko esithi Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini kulo magazini.

FEBRUARY 1, 2014

13

ukuba enze akuthandayo futhi abulale labo bantu abangenacala. Cabanga indlela u-Eliya azizwa ngayo lapho uJehova emtshela ngalokho okwenziwe inkosi nendlovukazi. Kuyadumaza kakhulu ukubona abantu ababi becindezela abangenacala. (IHubo 73:3-5, 12, 13) Namuhla, kuvamile ukubona izenzo ezimbi zokungabi nabulungisangezinye izikhathi okwenziwa ngisho amadoda anamandla athi amelela uNkulunkulu. Nokho le ndaba ingasiduduza. IBhayibheli lisikhumbuza ukuthi akukho lutho oluhlekile emehlweni kaJehova. Ubona konke. (Hebheru 4:13) Yini ayenzayo ngezenzo ezimbi azibonayo?
O SITHA SAMI, UNGITHOLILE!

UJehova wathuma u-Eliya ku-Ahabi. UNkulunkulu wathi: Nanguya esivinini sikaNabhoti. (1 AmaKhosi 21:18) Lapho uJezebeli etshela u-Ahabi ukuthi isivini sekungesakhe, wasukuma ngaso leso sikhathi waya esivinini sakhe esisha. Wayengacabangi ukuthi uJehova uyakubona akwenzayo. Cabanga indlela ayezizwa ngayo njengoba ehambahamba kuleso sivini, ephupha ngokusenza sibe insimu enhle. Kungazelelwe kwaqhamuka u-Eliya! Injabulo ka-Ahabi yaphenduka intukuthelo nenzondo njengoba esho la mazwi: O sitha sami, ungitholile!1 AmaKhosi 21:20.

Amazwi ka-Ahabi embula ubuwula obukabili. Okokuqala, lapho ethi, Ungitholile! ku-Eliya, u-Ahabi wabonisa ukuthi wayengacabangi ngoJehova. UJehova wayesemtholile kakade. Wayebhekile njengoba u-Ahabi esebenzisa kabi inkululeko yokuzikhethela futhi ejabulela izinzuzo zeqhinga likaJezebeli elibi. Lapho ehlola inhliziyo ka-Ahabi, uNkulunkulu wabona ukuthi isihe sakhe, ubulungisa noma uzwela, kwase kwembozwe ukuthanda kwakhe izinto kakhulu. Okwesibili, lapho ethi ku-Eliya, O sitha sami! u-Ahabi wembula inzondo yakhe ngendoda eyayingumngane kaJehova uNkulunkulu eyayingamsiza ukuba aphenduke enkambweni yakhe embi. Singafunda izifundo ezibalulekile ezenzweni zikaAhabi zobuwula. Kumelwe sikhumbule njalo ukuthi uJehova uNkulunkulu ubona zonke izinto. NjengoBaba onothando uyabona lapho siphambuka endleleni elungile futhi uyakulangazelela ukusibona sishintsha izindlela zethu. Ukuze asisize, ngokuvamile usebenzisa abangane bakheabantu abathembekile, njengo-Eliya, abamemezela amazwi kaNkulunkulu kubantu. Yeka ukuthi bekuyoba ubuwula kanjani ukubheka abangane bakaNkulunkulu njengezitha zethu!IHubo 141:5.

O sitha sami, ungitholile!

Mbone ngeso lengqondo u-Eliya njengoba ephendula u-Ahabi: Ngikutholile. Wathola ukuthi u-Ahabi uluhlobo luni lomuntuumuntu oyisigebengu, umbulali novukela uJehova uNkulunkulu. Yeka ukuthi kwakudingeka abe nesibindi esingakanani ukuze amelane naleyo ndoda ekhohlakele! U-Eliya wabe esechazela u-Ahabi ngesijeziso sikaNkulunkulu. UJehova wayekubona konke okwakwenzekaububi bomndeni ka-Ahabi babusakazekela nakwabanye abantu. Ngakho u-Eliya watshela u-Ahabi ukuthi uNkulunkulu wayenqume ukuwushanelisisa futhi awuqothule ngokuphelele umndeni wakhe. UJezebeli naye wayezothola isahlulelo esimfanele.1 AmaKhosi 21:20-26. U-Eliya akazange aphethe ngokuthi abantu bangenza izenzo ezimbi zokungabi nabulungisa bangajeziswa. Yilokho abantu abaningi abakucabangayo namuhla. Lokhu kulandisa kweBhayibheli kusikhumbuza ukuthi uJehova uyakubona lokho okwenzekayo nokuthi ngesikhathi esifanele uletha isahlulelo. IZwi lakhe lisiqinisekisa ngokuthi kuza isikhathi lapho eyoqeda konke ukungabi nabulungisa kungaphinde kube khona! (IHubo 37:10, 11) Nokho ungase uzibuze: Ingabe izahlulelo zikaNkulunkulu zisho ukujeziswa nje kuphela? Ingabe zinaso isihe?
UBONILE YINI UKUTHI U-AHABI UZITHOB KANJANI?

Kungenzeka ukuthi indlela u-Ahabi asabela ngayo yammangaza u-Eliya. Ukulandisa kuthi: Kwathi nje lapho u-Ahabi ezwa la mazwi, waklebhula izingubo zakhe wembatha indwangu yesaka; wazila ukudla waqhubeka elele ngendwangu yesaka futhi ehamba edangele. (1 AmaKhosi 21:27) Ingabe u-Ahabi wayephenduka ezindleleni zakhe? Singasho ukuthi lokho akwenza kwakuyisenzo esihle. U-Ahabi wayezithobaokuyinto enzima ngempela ngomuntu okhukhumele nozidlayo. Kodwa ingabe wayephenduka ngempela? Cabanga ngenkosi eyalandela u-Ahabi okungenzeka ukuthi yayiyimbi ngokwedlulele kuno-AhabiuManase. Lapho uManase ejeziswa uJehova, wazithoba wacela usizo kuye. Kodwa akagcinanga lapho. Washintsha ukuphila kwakhe, walahla izithombe zonkulunkulu bamanga ayezenzile futhi wenza imizamo ukuze akhonze uJehova, wakhuthaza ngisho nabantu bakhe ukuba benze okufanayo. (2 IziKronike 33:1-17)

Ingabe u-Ahabi wenza okufanayo? Ngokudabukisayo akenzanga kanjalo. Ingabe uJehova wakuqaphela ukuzisola kukaAhabi phambi kwabantu? UJehova wathi ku-Eliya: Ubonile yini ukuthi u-Ahabi uzithob kanjani ngenxa yami? Ngenxa yokuthi uzithobile ngenxa yami, ngeke ngilethe le nhlekelele ezinsukwini zakhe. Ngiyoletha le nhlekelele phezu kwendlu yakhe ezinsukwini zendodana yakhe. (1 AmaKhosi 21:29) Ingabe uJehova wayemthethelela u-Ahabi? Cha, umusa kaNkulunkulu utholwa abantu abaphenduka ngobuqotho. (Hezekeli 33:14-16) Kodwa njengoba u-Ahabi azisola ngezinga elithile, uJehova wambonisa umusa ngezinga elifanayo. U-Ahabi wayengeke abuzwe ubuhlungu bokubona wonke umndeni wakhe uqothulwa. Yize kunjalo, isahlulelo sikaJehova asizange sishintshe. Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wabuza izingelosi zakhe ukuthi iyiphi indlela engcono yokukhohlisa u-Ahabi ukuba aye empini ayezofela kuyo. Ngokushesha ngemva kwalokho uJehova wasikhipha isahlulelo. U-Ahabi walimala empini futhi wopha waze wafa esenqoleni yakhe. Ukulandisa kwenezela nale mininingwane eshaqisayo: Lapho inqola yasebukhosini igezwa, ezinye izinja zakhotha igazi lenkosi. Amazwi kaJehova u-Eliya awasho ku-Ahabi agcwaliseka phambi kwabo bonke abantu: Endaweni lapho izinja zikhoth khona igazi likaNabhoti, izinja ziyolikhotha igazi lakho.1 AmaKhosi 21:19; 22:19-22, 34-38. Ukufa kuka-Ahabi kwaba isikhumbuzo esiqinisa idolo ku-Eliya, ku-Elisha nakubo bonke abantu bakaNkulunkulu abathembekile sokuthi uJehova akazange asikhohlwe isibindi nokholo lukaNabhoti. Akwenzeki ukuba uNkulunkulu wobulungisa angabajezisi ababi, kungakhathaliseki ukuthi lokho ukwenza nini futhi uma kufaneleka uyasibonisa isihe esahlulelweni sakhe. (Numeri 14:18) Yeka ukuthi kwaba isifundo esinamandla kangakanani ku-Eliya, owakhuthazelela ukubusa kwaleyo nkosi ekhohlakele amashumi eminyaka! Ingabe wake waphathwa ngokungabi nabulungisa? Ingabe uyakulangazelela ukubona uNkulunkulu elungisa izinto? Wenza kahle ngokulingisa ukholo luka-Eliya. Ekanye nomsizi wakhe othembekile u-Elisha, waqhubeka ememezela isigijimi sikaNkulunkulu, ekhuthazelela ukungabi nabulungisa!
FEBRUARY 1, 2014

15

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Ingabe iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu ngempela?


Cishe ubungalindela ukuba iZwi likaNkulunkulu lihluke kwezinye izincwadi. Linjalo iBhayibheli. Kuye kwanyatheliswa amaBhayibheli ayizigidigidi ngezilimi eziningi. Ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kunamandla okushintsha abantu.Funda eyoku-1 Thesalonika 2:13; 2 Thimothewu 3:16. Siyazi ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu ngoba libikezela ikusasa ngokunembile. Akekho umuntu ongakwenza lokho. Ngokwesibonelo cabanga ngencwadi ka-Isaya. Kwatholakala ikhophi yayo emhumeni oseduze koLwandle Olule eyabhalwa eminyakeni eyikhulu ngaphambi kokuzalwa kukaJesu. Ithi kwakungeke kuphinde kuhlale muntu emzini waseBhabhiloni. Lokho kwenzeka eminyakeni eminingi ngemva kwenkonzo kaJesu yasemhlabeni.Funda u-Isaya 13:19, 20; 2 Petru 1:20, 21.

Labhalwa kanjani iBhayibheli?


IBhayibheli labhalwa phakathi nenkathi eyiminyaka engu-1600. Lalotshwa abalobi abangu-40 futhi babhala ngesihloko esisodwa ngaphandle kokuphikisana. Kwenzeka kanjani lokho? Babeqondiswa uNkulunkulu.Funda eyesi-2 Samuweli 23:2. Ngezinye izikhathi uNkulunkulu wayekhuluma nabalobi beBhayibheli ngezingelosi, imibono noma ngamaphupho. Ngokuvamile uNkulunkulu wayefaka umqondo wakhe engqondweni yomlobi futhi amvumele ukuba akhethe amagama afuna ukuwasebenzisa ukuze abhale umyalezo kaNkulunkulu.Funda isAmbulo 1:1; 21:3-5.

Shrine of the Book, Photo The Israel Museum, Jerusalem

Umqulu ka-Isaya

LIFUNDISANI Ngempela IBHAYIBHELI?

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 2 sale ncwadi, enyatheliswa oFakazi BakaJehova Ungayidawuniloda engosini ethi www.jw.org/zu

THOLA IZIMPENDULO ZEMINYE IMIBUZO YEBHAYIBHELI KUYI-INTERNET

wp14 02/01-ZU 131029

n o

Ungadawuniloda lo magazini mahhala kanye nabanye bangesikhathi esidlule

IBhayibheli liyatholakala kuyi-Internet ngezilimi ezingaba ngu-50

Ngena engosini ethi www.jw.org/zu noma uyivule ngekhodi

You might also like