You are on page 1of 3

UMSHADO

Imibuzo Emide Nezimpendulo A. Isizinda ( Indawo,Isikhathi,Isimo Senhlalo) 1. Indawo


Le ndaba yenzeka edolobheni eseduze kwemijondolo yaseNyawushushane. Sisho lokhu ngoba: Ubhekani wayesuka ngezinyawo kubo aye kuTholi eNyawushane Uma eya esikoleni uhamba ngetekisi kodwa kubukeka kuyindawo engekude Ngoba kunemjondolo yaseNyawushane. Imijondolo ijwayele ukuba eduze kwedolobha. Ubugebengu kwenzeka kakhulu edolobheni kunasemakhaya

I. II. III. IV.

2. Isikhathi Le ndaba yenzeka esikhathini samanje, Ngoba: I. Abalungu abasabi ukuya ezindaweni zabantu abamnyama njengoba uPamella wayevakashela uTholi eNyawushane. II. Inzilo ayihlonishwa njengoba uTholi akwazi ukuqoma engakayikhumuli nokuyikhumula. III. Inzilo isigqokwa njengezingubo zemfashini njengoba uBhekani ahluleka ukubona ukuthi uTholi ugqokw inzilo, kwazise futhi wayengathwele nasekhanda. IV. Abantu besifazane sebeyakwazi ukuzikhethela impilo abayifunayo njengoba uTholi anqaba ukungenwa uBhatomu, waze wabaleka wayohlala eNyawushane. V. Abesifazane badla izidakamizwa njengoba uTholi wagcina eseguliswa yizo waze waya esibhedlela.

3. Isimo senhlalo Kule le ndaba abantu: I. Bafundile ngoba uSifiso.Ubhekani noLindiwe babengothisha II. Baziphilisa ngobugebengu ngoba uPamella noTholi babedayisa izidakamizwa futhi benemali yomgunyathi. III. Bakholelwa emaphusheni ngoba uBhekani wayefuna ukuganwa ngoba kusho ubaba wakhe ngephupho. IV. Basabambelele emasikweni ngoba umama kaBhekani wathi kuzofanele bashise impepho bahlabe nembuzi bacele kwabaphansi ukuthi uBhekani ashade noTholi. V. Bayakholwa ukuthi ulaka lwabaphansi lukhona ngoba umama kaBheki wathi kungenxa yolaka lukababa kaBhekani njengoba kushe izingubo kuwodilophu. VI. NoBhekani wathi mhlawumbe kungenxa yolaka lukababa wakhe njengoba ehlaselwe oBhatomu ngeketango. VII. Basakholelwa ekutheni umfana kufanele aganwe ukuze avuse umuzi njengoba ubaba kaBhekani ayemuthethisa ephusheni ethi akakafuni ukuganwa namanje. VIII. Bakholelwa kwizibhamu njengoba kunoJazibomvu ozakhela izibhamu zakhe.

B. Indikimba/Inqikithi
Uthando aluboni noma Uthando lumvala amehlo umuntu 1. UBhekani wayemthanda ngempela uTholi; Wakhetha ukulahla izintombi zakhe ukuze ashade noTholi ongumfelokazi Noma esezwile ukuthi uLindiwe ukhuulelwe wamlahla ngoba efuna ukushada noTholi Wayengenandaba nokuthi uTholi mudala kunaye futhi ungumfelokazi wayefuna ukumshada. USifiso wazama ukumxwayisa ngotholi izikhathi eziningi kodwa akamlalelanga. Noma umama wakhe esemtshela ukuthi uTholi uyisidakwa akahlukane naye, akamlalelanga

I. II. III. IV. V.

VI.

VII. VIII. IX. X.

Akamlalelanga nomalume wakhe owayembonisa ukuthi akahlukane notholi ashade nezintombi ezingontabga yakhe. Waxolela ukucela umzala wakhe eyomkhongela ukuze aqhubeke nokulobola uTholi. Noma esesola ukuthi uTholi udla izidakamizwa futhi nonina emtshela waqhubeka namalungiselelo omshado. Noma esola ukuthi oZenze sebeyamgebenga ngemali yelobolo kodwa waqhubeka wayikhipha. Waqhubeka nokumthanda uTholinoma kade ebabona elenguza ngewindi begila imikhuba benoPamella. Kwathi noma UBhatomu emhlasela ethi akahlukane nonkisikazi wakhe, wazimisela kakhulu ukuba amshade.

Sections C to H are for sale on Sifisos profile page.

You might also like