You are on page 1of 7

Jabu

Jabulani

LD315 - Zulu 5

Iphrojekthi ifayineli

16 December 2016

Izinhlangano ezingasebenzi ngenzuzo eNingizimu Afrika

Isingeniso

Izinhlangano ezingasebenzi ngenzuzo zibalulekile ngoba zisebenza ukuphefukisa

imiphakathi. Izinhlangano ezingasebenzi ngenzuzo zinika usizo namathuba kubantu

bahlala ezindaweni lapho uhulumeni engakwazi ukunika usizo ezingeni elifanayo.

Eminyakeni engamashumi amathathu edlulileyo izinhlangano ezingasebenzi ngenzuzo

zisebenzise icebo elivamile lentuthuko. Izinhlangano ezingasebenzi ngenzuzo zisebenza

kumazinga ehlukene, kusho ukuthi emphakathini, nasesizweni, nasezizweni eziningi. Lezi

zinhlangano zivamile emazweni ahluphekayo, angenalutho noma anokuncane nje.

INingizimu Afrika lizwe linesigaba esikhulu sezinhlangano ezingasebenzi ngenzuzo. Leli

phepha lizocinga izibonelo ngezinhlangano ezingasebenzi ngenzuzo eKwaZulu Natal ukuthi

zisebenza nezindaba eziningi futhi likhuluma ngosizo nezinselelo ngezinhlangano

ezingasebenzi ngenzuzo eNingizimu Afrika.

Thanda (www.thanda.org)

Inhlangano eyodwa iqanjwe ngoThanda ngoba igama lisho love ngesiZulu.

UThanda uqale izinhlelo zemva kwesikole ukuba aseke abantwana emaphandleni

KwaZulu Natal. Izinhlelo zithuthuke futhi manje zeseka izingane, nabantwana besikole,

nabantu abadala emaphandleni. UThanda usebenzela izihloku ezithathu: 1) intuthuko

ngasekuqaleni kobungane, 2) imfundo emva kwesikole, futhi 3) ukulima okuvuselelekayo.


Jabu 2

Izinhlelo zentuthuko zobungane zikhathalela izingane kusuka iminyaka emibili kuya

iminyaka emine. Zinika izingane amathuba kuzwana nokudlala imidlalo ukukhulisa

ingqondo. Izinhlelo zobungane zona zilungisela isikole esincane. Izinhlelo zasemva

kwesikole zigcwalisa umgomo wemfundo yabafundi. Zigcizelela ukwazi ukudala, nobuciko,

nokuzithemba, nenhlonipho, nesiko. Kubantu abadala, uThanda ufundisa amakhono

wasepulazini ukuba abantu bakwazi ukulima ukudla ukuze bakwazi ukuzondla

nokuthengisa. Izinhlelo lezi zifundisa amacebo okulima nokulonda imvelo. Zimnandi ngoba

abantu bazobe bedla kahle futhi bezimele. Abantu basebenzisa ukudla kwabo ukondla

umndeni wabo noma ukuthengisa ukudla kuThanda. UThanda usebenza njengomthengi

oqinisekile kubalimi futhi usebenzisa ukudla ukuphekela abafundi baseThanda.

Durban Childrens Home (www.dch.org.za)

I-Durban Childrens Home yikhaya lezintandane eThekwini. Imishani noma inhloso

yabo ukuqhubekisa impilo yomzimba nemizwa yabantwana abanengozi neziyekelelwe,

nokuhlukunyezwa, futhi nesimo sobuntandane. I-Durban Childrens Home lifuna ukunikeza

abantwana indawo elondekile yokuhlala. Abasebenzi bakhathala kakhulu ngentuthuko

yazo izintandane. Inhlangano isebenza kanye nemindeni nezingane ngoba ithemba ukuthi

izingane zizobe zihlangane futhi nabazali noma abanakekeli bazo. Ziningi izizathu

eziqondene nenhlalakahle ezibangela ukuba izingane zibe yizintandane eNingizimu Afrika

abazali bazo bahlushwa ukungasebenzi, imindeni yimpofu, noma izingane zilahlekelwe

yimindeni yazo ngenxa yengculaza.

I-Durban Childrens Home linikeza indawo yokuhlala kubantwana abangamashumi

ayisithupha kusuka eminyakeni emibili kuya eminyakeni eyishumi nesishiyagalombili.

Inhlangano ibika ukuthi 99% yezingane ezihlala e-Durban Childrens Home zinsundu.


Jabu 3

Futhi, i-DCH inohlelo olusiza intsha egqilazwe yizidakamizwa. Uhlelo olubizwa ngokuthi

Siyakhula. Uhlelo luthatha amasonto ayishumi nambili futhi lunceda abantwana

abayisishiyagalombili ngesikhathi esinye. U-Siyakhula ufundisa intsha ukwenza isinqumo

esihle nokungenela futhi isikole nokukhulisa ukuhlangana okuphilile. Uhlelo lwesithathu

lunikeza indawo yokuhlala kubantwana abanesifo noma abalimele/ abakhubazekile.

Abantwana abaningi banengculaza. Lolu luhlelo olukhethekile ngoba lunika imithi

yokwelapha lubafundise ukuphila kahle nengculaza.

Sinani (http://www.survivors.org.za)

Kukho olunye uhlelo olubizwa ngokuthi yiSinani olusebenzela izisulu zodlame

eNingizimu Afrika. USinani usho We are with you ngesiNgisi. Unamahhovisi eThekwini

naseMGungundlovu kodwa usebenza kanye nezisulu yonke indawo eKwaZulu Natal.

USinani uqale ngo-1994 uma iNingiizimu Afrika lithola umbuso wentando yabantu wayo.

USinani uhlosa ukunikela imithetho yombuso wentando yabantu ngoxolo. Izindawo

eziningi bezivamise ukuba nodlame ngenxa yokuphatha okwahlukene kombangazwe.

USinani uphakamisa uxolo. USinani usiza imiphakathi isebenzise izixazululo ezixolile ukuba

ukuxazulula ukuphikisana. Imiphakathi exolile yenza ukuncipha kovalo nezinkathazo

ezimayelana nengculaza. Ngakhoke, uxolo lusiza ukunciphisa impilo embi kubantu abahlala

nengculaza. Futhi, imiphakathi iqala amaqembu asebenzisa amacebo oxolo ukuphatha

izinkinga zobumpofu. Ngakhoke, uxolo lusiza ukunciphisa ubugebengu nodlame ngoba

amazwi ngabantu abampofu ukuzwa emphakatini.

USinani weseka ukwakha amakhono nentuthuko ngezinhlangano ezisemphakathini

zisebenzela izindaba mayelana nodlame, nobumpofu, nengculaza. USinani awulingi ukudala

izinhlelo zakhe emiphakathini yonke. USinani uthemba ukuthi imiphakathi izoba kahle


Jabu 4

kakhulu uma iklwazi ukuzisiza ngoba amalunga omphakathi azi kahle izindingo zawo.

Imishani kaSinani ukunika amandla imiphakathi ithuthukise izinhlelo zokuzilolonga futhi

ukuzixhasa.

Iphrojekthi lokwakha ithemba (http://www.projectbuild.org.za)

Iphrojekthi lokwakha ithemba (Project Build Trust) lakha izikole

nokusetshenziselwa imfundo eKwaZulu Natal. Ihprojekthi lokwakha ithemba linesipiliyoni

seminyaka amashumi amane. Basebenza kanye nemiphakathi futhi nabakhi abazimele

ukwakha ingqalasizinda ukuthi kuzophefuka imfundo. ENingizimu Afrika, izikole

ziminyene nabafundi futhi ziyawohloka ngoba amabhilidi madala. Iprojecti lokwakha

ithemba lithemba ukuthi uMzansi kufanele sitshale izimali yengqalasizinda ukuqeda

ubumpofu. Bakha izikole eziningi kodwa futhi bakha izindlu zothisha nabafundi,

namagumbi okugezela, namabhilidi okuphekela ukudla, namahhovisi aseka izikole.

Amaprojecti okwakha abalulekile ngoba adale imisebenzi. Amaprojecti onke aqasha

amalunga nemiphakathi afundise wona amakhono amaningi.

Iphrojekthi lokwakha ithemba lisebenza liseduzane kanye nabaphi,

nomthumelimpahla, nabakhi ukuba liphumelele. Iphrojecti lithola imali eningi yokwakha

kubaphi abanobubele. Kodwa, imiphakathi yifanele ukunikela isihlephu semali esincane

ukuba isebenzisane nenhlangano. Iphrojekthi lokwakha ithemba lithola izimpahla zonke

ezidingekayo ukwakha ibhilidi. Uma kwenzeka, iphrojekthi lithenga izimpahla zonke

emphakathini lapho ibhilidi lizobekwa khona. Iphrojekthi lokwakha ithemba

linokuhlangana okuseduze nomnyango wezemfundo eMzansi. Amaphrojecti onke

avunyelwa ngumnyango wezemfundo futhi Iphrojekthi lokwakha ithemba linika amabhilidi


Jabu 5

aqedile kuya umnyango wemfundo. Iphrojekthi lokwakha ithemba lakhe izikole

ezingaphezu kwezinkulungwane eyisithupha.

Hillcrest AIDS Centre Trust (www.hillaids.org.za)

I-Hillcrest AIDS Centre Trust lisebenzela abantu abathinteka ngengculazi.

Inhlangano yisebenzisa amasu amaningi ukuseka abantu abafa yingculazi. Futhi,

inhlangano iseka abantu abalahlekelwe ngamalunga omndeni noma abangane babo ngenxa

yengculaza. Isizindalwazi seHillcrest senza uhla lwamaphrojekthi ayishumi nanhlanu

phansi kwezinhlelo ezine. Izinhlelo zibheka ukugcina ubumpofu, ukunakekela

nabanengculazi, ukunqanda ukwanda kwegciwane elibanga ingculaza, futhi ukudala iholo

ngabantu bathintwa yingculaza. Abasebenzi nabazinikelayo eHillcrest AIDS Centre

banentshisekelo futhi basebenza kanzima.

Banika ukuhlola nokwelapha kubantu abathintwa yingculaza. I-Hillcrest AIDS

Centre Trust inesibhedlela esincane esiqukatha imibhede amashumi amabili nane. Onesi

basiza iziguli zishone zinokuthula futhi zihloniphekile. Futhi, basebenza ukunqanda

ukwanda ikwegciwane ngokweluleka imiphakathi emsebenzini, nasesontweni,

nasemahostela futhi ngokufundisa nabafundi ngengculaza ezikoleni. I-Hillcrest AIDS

Centre inezitolo ezithathu ukuthola imali. Isitolo esisodwa sithengisa izitshalo, isitolo

esinye sithengisa izinto ezidiengekile, futhi isitolo solkugcina sithengisa ubuciko obuhle.

Abazinikelayo noma yiziguli bamukela imali uma i-Hillcrest lithengisa izinto ezenziwe

yibo. Ngakhoke, i-Hillcrest inika amandla kubantu abathintwa yingculaza ukuba bathole

imali futhi baziseke/ bazixhase. I-Hillcrest ithengisa izinto ngezinto ukuba ithole imali

iseke abasebenzi futhi isize ngezinye izinto eziningi .


Jabu 6

Isifinyezo

Lezi zinhlangano ezingasebenzi ngenzuzo izibonelo amaqembu asebenza eKwaZulu

Natali ngezindaba ezihlukile eziningi. Izinhlangano zonke zinezinhloso ezihlukile kodwa

lapho izimfuno ezinye khona phakathi kwezinhlangano. Izinhlangano eziphumelele zigxila

ngendaba ethile futhi ziqondisa izinhloso ezithile. Ngoba zinemali elinganiselwe,

izinhlangano ukuthi zilinge ukusombulula izindaba eziningi ngemvama aziphumeleli.

Kodwa, izinhlangano ezinhle kakhulu, eziphumelele zisebenzisa amacebo amaningi

ukuphatha izinto eziningi ngendaba eyodwa empilweni yabantu. Ngesibonelo, i-Hillcrest

AIDS Centre Trust isiza abantu abathintwa yingculaza ngezinhelo zemfundo, namaqembu

esesisekelo, namathuba omsebenzi, futhi nokwelapha esibhedleleni esincane. Okunye

okufanayo ngezinhlangano eNingizimu Afrika ukuthi zonke ziphathelana nengculaza.

Ubhubhane wengculaza inkinga enkulu futhi ithinta izindaba ezingokuhlalisana kwabantu

bonke eNingizimu Afrika. Ukuze zizophumelele izinhlangano zifanele ukusebenza

okuqondile noma okungeqondile ngabantu bathintwa yingculaza. Ngesibonelo, i-Durban

Childrens Home isebenzela izintandane eThekwini futhi linezinhlelo zokuhlala nabangane

banengculaza futhi nabangane abanganengculaza.

Inselelo eyodwa izinhlangano ezingasebenzi ngenzuzo ukuthi zithole ukwethenjwa

emphakathini. Eminye imiphakathi ayathembi abezizwe ngoba umlando wamakoloni futhi

wokubandlulula ngokwebala. Ngakhoke abantu abayathandi ukulalela imibono namacebo

ngezinhlangano zangaphandle. Icebo lodwa izinhlangano zithola ithemba lasemphakathini

ngokuqukatha amamlungu wasemphakathini uma ukwakha izinhlelo futhi ziqasha abantu

bakemvelo emphakathini. Ngesibonelo, uSinani akakhi amahlelo wakhe emiphakathini

kodwa unika isisekelo amahlelo wamanje. Inselelo enye izinhlangano ezingasebenzi


Jabu 7

ngenzuzo ukuthi zivika ukudala imiphakathi emincika ngezinhlangano. Ukubalulekile

ukuthi izinhlangano ezingesebenzi ngenzuzo zinikela ukuzilolonga namathuba ukuze

zinika amandla imiphakathi. Izinhlangano zifanele ukwakha ukuzimela emiphakathini

ukuze ibe namakhono okuziphefukisa ngokwabo. Izinhlangano ezingasebenzi ngenzuzo

zifanele ukucabanga njalo mayelana nekusasa lemiphakathi uma izinhlangano zizosuka

emiphakathini. Ngesibonelo, uThanda ufundisa abantu ukuthi balime ukudla ukuze bondle

imindeni yabo futhi bathole imali. Ngisho noma uThanda angasuka emphakathini, laba

bantu bazokwazi ukweseka imindeni yabo.

Imithombo

1) www.thanda.org

2) www.dch.org.za

3) http://www.survivors.org.za

4) http://www.projectbuild.org.za

5) www.hillaids.org.za

6) http://www.amandladevelopment.org/images/amandla_whitepaper.pdf

7) http://www.global-briefing.org/2011/10/a-necessary-good/

You might also like