You are on page 1of 4

IMIYALELO KWABAHLOLWAYO:

1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU:


ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa
ISIQEPHU B: Ukufinqa
ISIQEPHU C: Uhlelo nokusetshenziswa kolimi
2. Ohlolwayo makafundisise yonke imiyalelo ngaphambi kokuba aphendule
imibuzo.
3. Phendula yonke imibuzo ekuleli phepha.
4. Qalisa isiqephu ngasinye ekhasini elisha bese udwebela umugqa emuva
kwaleso siqephu.
5. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhalwe embuzweni.
6. Shiya umugqa emuva kombuzo ngamunye.
7. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo.
8. Bhala ngopelogama Kanye nokwakheka kwemisho.
ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA
UMBUZO 1: UKUFUNDELA UKUQONDISISA

1.1 Fundisisa isiqephu esingenzansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

Injabulo yokubona isilomo esisanda kuhlabana emncintiswaneni wamaIdols


SA, uKhaya Mthethwa, ihambisane nezinyembezi ngenkathi abalandeli baso
bephushana size silimala kanzima ebusweni.
Lokhu kwenzeke ngenkathi uKhaya eyobonana okokuqala nabalandeli bakhe
basenkonzweni eMlazi Oasis ngoLwesine ebusuku. Kulesi sehlakalo uKhaya
ulimele kabana ebusweni ngendlela yokuthi kuze kwadingeka ukuthi
athungwe inxeba.

Yize engatholakalanga ukuthi aphawule ngalokhu njengoba ebezilolongela


ukuyocula komunye umcimbi amenywe kuwona kodwa uyise, uMfu Themba
Mthethwa, uthe indodana yakhe beyithi ijabulela omunye wabalandeli bayo
kanti bazovele beze bonke. UKhaya ulinyazwe wucingo olumdwebe
ebusweni kabana. “Esephuma igazi ebusweni, kube kubi ngoba zivele
zakhala izingane ezingabalandeli bakhe,” kusho uMthethwa obekhona
kwenzeka lokhu.

Kwenzeka lesi sigameko nje, esithangameni nabezindaba ebeseHilton Hotel


eThekwini, owangamele izinto ezithinta uKhaya kwaM-net, uLani Lombard,
ukushilo ukuthi bathathe isinqumo sokuqasha amaphoyisa azogada ukhaya
ukuze kulawulwe abalandeli. “Sisaba kakhulu ukuthi kunabalandeli
abazosuke bamjabulele kuze kweqe bese mhlawumbe eyalimala. Hhayi
ukuthi kunabamsabisayo,” kuphendula uLani.

Lo mculi wehlelwa yilo mshophi nje, namhlanje uzohlangana nabanye


abalandeli bakhe enxanxatheleni yezitolo eMlazi iMega City ngo -09:30
ekuseni. Uzosuka lapho ebhekiswe amabombo emcimbini wokuvulwa
ngokusemthethweni komkhankaso wokwamukelwa ihlobo owenziwe
ngabeKZN Tourism eBallito Beach ngehora lokuqala emini bese eyaphetha
kwi-Unplugged Concert eShaka Marine World ngeSonto ngehora lesithupha
ebusuku.

ULani uthe abantu abazofuna ukumqasha kusukela manje kuze kushaye


unyaka ozayo kuzomele bakhohlwe ngoba useqashiwe. Naye lo mculi
uvumile ukuthi uxinekile kakhulu kulezi zinsuku njengoba sekusondele
amaholide kakhisimuzi.
“Ngenxa yemizamo yokonga izwi lami ukuze ngikhiphe unqambothi lwe-
album yami yokuqala, eminye imicimbi ngiyayinqaba. Angifuni neze
ukuphoxa abalandeli bami njengoba kuyiyo abangivotela….
Kusukela ngesonto elizayo ngizobe ngingasatholakali kwabezindaba ngoba
ngizobe sengigxile e-studio, ngingasafuni ukuphazanyiswa,” kusho uKhaya.

Echaza nge -album yakhe uKhaya uthe izobe ithake ezeR&B nezokholo.
Lomculi ukhalile ngobunzima ngomculi wokuqala omnyama ukuwina lo
mqhudelwano. “Esikhundleni sokubizwa kanje, mina ngincamela kuthiwe
ngiwumculi waseThekwini wokuqala ukudla umhlanganiso kulo
mqhudelwano. Ngiyaziqhenya kakhulu ngaleli dolobha. Bekuyisikhathi salo
ukuba likhazimule,” kuchaza uKhaya.

IMIBUZO

1.1.1. Ikhuluma ngamuphi umculi lendatshana? (1)


1.1.2. Yisiphi isigameko esenzeka kulomculi? (2)
1.1.3. Senzeka kweliphi idolobha lesisihlakalo? (2)
1.1.4. Ingabe kubalulekile na ukuba abaculi bavikelwe ngaso sonke isikhathi?
Sekela impendulo yakho. (4)
1.1.5. Chaza igama elithi: ‘isilomo’esisanda kuhlabana (3)
1.1.6. Ngokwendaba, yini engasiza ukuvikeleka kwabaculi eNingizimu
Africa? (3)
1.1.7. Caphuna amagama asendabeni asho lokhu:
A. Bemlangazelela (1)
B. Abethemeli (1)
C. Umfana wakhe (1)
1.1.8 Ysiphi isifundo osifundile kulendatshana? (2)
UMBHALO OBUKWAYO
1.2 Bukisisa lesi

You might also like