You are on page 1of 7

I sifundo 1 *Nhlangulana 25-Ntulikazi 1

Isivivinyo Somalusi

NgeSabatha Ntambama
Kuleliviki Funda ku: IHubo 23, Roma 23:18-21.

Indimana Yekhanda: “Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola


ezindleleni zokulunga ngenxa yegama laKhe” (iHubo 23:3, NKJV).

U
Sophie wencika ngesicabha sasekamelweni lakhe, washibilika waze wahlala
phansi. Amehlo ayehlengezela izinyembezi, kungekudala, wayesebubula.
“Angakwenza kanjani Alokhu? Angakwenza kanjani-nje?” USophie
wayesanda kuthola izindaba ezephula inhliziyo yakhe. Umuntu ayekade emthatha
njengomngani, umuntu ayekade emhlonipha futhi emethemba, wayesabalalisa
amanga ngaye ukuze adicilele phansi isithunzi sakhe nomsebenzi ayewenza. Ethatha
iBhayibheli lakhe embhedeni, wazithola esefunda amazwi ajwayelekile, athi:
“Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama
laKhe. Yebo, noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angiyikwesaba okubi;
ngokuba Wena unami; Intonga yaKho nodondolo lwaKhe luyangiduduza” (iHubo
23:3, 4, NKJV).
“Ngeke. Angiyikholwa lento!” uSophie ekhuluma yedwa. Kodwa iqiniso
lalingenakuphikwa. UMalusi ehutsheni wayelusa izimvu zakhe ezindleleni zokulunga,
kodwa zona lezo zindlela zazijikeleza esigodini sethunzi lokufa. Kungenzeka
yini ukuthi nalokhu kuthengiswa ngumngani wakhe, lesigodi esimnyama, kuse
ukusebenza kukaNkulunkulu ukumyala endleleni yokulunga?

Ukubuka Isifundo Seviki: Yiziphi izikhathi lapho ukhule khona


kakhulu enkoloweni—lapho izinto zikuhambela kalula, noma ebunzimeni?

*Funda isifundo saleliviki ukulungisela iSabatha lika Ntulikazi 2.

4
i S onto Nhlangulana 26

Umqondisi Ohambweni: UMalusi


“UJehova unguMalusi wami; angiyikuswela” (iHubo 23:1, NKJV).
Kwake kwathiwa izingane ezithile azidwebe isithombe sikaNkulunkulu. Zonke
zadweba isithombe esinenhliziyo kusona. Uma zibuzwa ngalokho, zaphendula
ngazwi linye ukuthi uNkulunkulu uluthando. Kwakulula kanjalo.
Kulula ukuba nombono othile ngoNkulunkulu nezinhloso zaKhe uma konke
kuhamba kahle. Kodwa njengoba sikhula, nempilo iba lukhuni, iba nezinkinga,
umbono wethu ngoNkulunkulu uyashintsha. UNkulunkulu akashintshi, kodwa (Heb.
13:8, Jakobe 1:17); kushintsha thina.
Ngenxa yempilo yabelusi ngesikhathi seTestamente eliDala, iHubo 23 lisebenzisa
isithombe somalusi ukuchaza indlela uNkulunkulu asinakekela ngayo. Umfuziselo
womalusi usetshenziselwa kuNkulunkulu—eTestamenteni eliDala neliSha.
Yisithombe esimangalisayo, futhi esingaguquki. Ngaphambi kokuthi sihlole iHubo
23, ake sicwaninge ukuthi ababhali abehlukene beBhayibheli bawubona kanjani
umsebenzi kaMalusi nesimilo saKhe kulo lonke iBhayibheli.

Ufundani ngoMalusi kulezindimana ezilandelayo?


Isaya 40:11

Jer. 23:3, 4

Hezekeli 34:12

Johane 10:14-16

1 Petru 2:25

Manje-ke bheka iHubo 23. Wenzani uMalusi ngendlela yokunakekela izimvu


zaKhe na?

iHubo 23:2

iHubo 23:3

iHubo 23:4

iHubo 23:5

iHubo 23:6

Kusho ukuthini kuwena ukwazi ukuthi kukhona othile okunakekela


ngalendlela? Ungawusebenzisa kanjani lomfanekiso ukukhuthaza omunye
umuntu onesithombe sikaNkulunkulu esihlanekezeliwe ngenxa yezinkinga
zakhe na?

5
uMsombuluko Nhlangulana 27

Izikhungo Ohambweni
“Ungiholela ezindleleni zokulunga ngenxa yegama laKhe” (iHubo 23:3, NRSV).

Cabanga “ngezindlela zokulunga” (iHubo 23:3) ezendlaleke phambi kwakho zize


ziyoshona le kude. Awuboni lapho ziphelela khona, kodwa uyazi ukuthi ekugcineni
kohambo, kukhona ikhaya, indlu kaNkulunkulu. Uma sewubhekisisa kuwe, uyabona
yini ukuthi ziholelaphi lezindlela? Ezinye izindawo uzibona ngokucacile, kodwa
ezinye zisithwe yizikhubekiso ezinkulu neziyingozi. Ngesinye isikhathi indlela
isithela egqumeni. Ezinye izigaba zendlela zihambeka kalula; ezinye zilukhuni.
Kwakunjalo-ke ngesikhathi uIsrayeli esuka eGibhithe eya Ezweni Lesithembiso,
futhi kuchazwe kanjalo kulelihubo.

Ake ukhombe kwiHubo 23 izindawo uDavide abona kudlula kuzo izimvu


ngesikhathi zilandela izindlela zokulunga ziya endlini kaJehova.
__________________________________________________________________

__________________________________________________________________

__________________________________________________________________

Kungani lezindlela zibizwa ngokuthi “izindlela zokulunga” noma izindlela


ezilungile” (NIV, NRSV)? Nazi izizathu ezine ezibalulekile. Esokuqala, yizindlela
ezilungile ngoba ziholela endaweni efanelekile—ikhaya loMalusi. Esesibili,
yizindlela zokulunga ngoba zisigcina sizwana nalowo olungile—uMalusi uqobo
lwaKhe. Esesithathu, yizindlela zokulunga ngoba zisifundisa ukuba abantu
abalungile—njengoMalusi. Esesine, yizindlela zokulunga ngoba zisinika
ubufakazi obulungile—njengoba siba abantu abafanelekile, sinika udumo
eNkosini. Ziyizindlela zokulunga noma ezilungile noma kuhambeka kalula noma
kalukhuni.
Kubalulekile ukwazi ukuthi uma uNkulunkulu esihola, akufani nokuthumela
iphasela kumnikazi. Kungaphezu kokuqondiswa nokuvikelwa. Njengazo zonke
izibonelo eziningi eBhayibhelini lapho uNkulunkulu ehola khona abantu baKhe
(kungaba ukuhola uAbrahama ngezithembiso zaKhe, noma ukuhola uIsrayeli
ngensika yomlilo nefu), uma uNkulunkulu ehola, usuke efundisa abantu baKhe
ngokulunga.

Ukuzwa kangakanani ngaphakathi kwakho ukuthi ukulunga iyona-nto


emqoka kuMalusi ngempilo yakho na? Izivivinyo zingayiguqula kanjani
impilo yakho ukuze ubonakalise kangcono isimilo sikaKrestu na?
_________________________________________________________________

_________________________________________________________________

6
u L wesibili Nhlangulana 28

Ukuchezuka Okungalindelekile 1: Isigodi


“Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angiyikwesaba okubi; ngokuba
Wena ukimi; intonga yaKho nodondolo lwaKho kuyangithokozisa” (iHubo 23:4,
NKJV).

Bekungaba ngcono ukuba izindlela zokulunga bezijikeleza kuphela emadlelweni


aluhlaza ogwini lwemifula epholile. Kodwa uDavide akasiniki lowo mfanekiso.
Futhi, kuyo lendlela kukhona nesigodi sethunzi lokufa—okungesiyo indawo
esiyifisayo! Ngezinye izikhathi zonyaka, amawa atholakala kwaIsrayeli aba
nezikhukhula eziqhamuka kungalindelekile. Lezindawo zincane ngobubanzi, zijulile,
okwenza ukuthi ukukhanya kusitheke. Kanjalo-ke, “ithunzi lokufa” umfuziselo
“wethunzi elijule kakhulu” noma “ubumnyama obugubuzele.”

Cabanga ngezikhathi lapho wawukwesakho “isigodi sethunzi lokufa.”


Kwakunjani? Wawesaba, yize noma wawazi ukuthi ukhona uMalusi? Yiziphi
izindimana zeBhayibheli ezaziyigugu kakhulu kuwena ngaleso sikhathi,
ngasizathu sini?
___________________________________________________________________

___________________________________________________________________

___________________________________________________________________

Ucabanga ukuthi zagcina kanjani izimvu esigodini? Ucabanga ukuthi izimvu


zaziyela lapho, noma mhlawumbe uMalusi uqobo owaziholela lapho? Sekela
impendulo yakho.
___________________________________________________________________

___________________________________________________________________

___________________________________________________________________

U-Elisabeth Elliot ubhala athi: “Iwundlu elalingazithola lisesigodini sethunzi


lokufa lalingathi lidukisiwe. Kwakungadingeka ukuthi linqamule lobo bumnyama
ukuze lifunde ukungesabi. Umalusi ulokho enalo.” –– Elizabeth Elliot, Quest for Love
(Grand Rapids, MI: Revell Books, 1996), p. 218.

Wake wazizwa sengathi “uholelwe ophathe” esigodini? Wasabela kanjani


kuNkulunkulu ngaleso sikhathi? Ucabanga ukuthi kungani uMalusi ezimisele
ukwamukela ukusolwa ngokuvuma ukuthi singene esigodini esimnyama na?
_________________________________________________________________

7
uLwesithathu Nhlangulana 29

Ukuchezuka Okungalindelekile 2: Itafula


Elizungeziwe
“Ulungisa itafula phambi kwami, ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda
lami ngamafutha; indebe yami iyachichima” (iHubo 23:5, NKJV).

Kuyo yonke impilo yethu, kuzokwenzeka sishayisane nezitha. Ubhekana kanjani


nesimo esinjalo? Wake waqwasha ebusuku, ulokhu uphenduka embhedeni, ufuna
amasu okuziphindisela kulabo bantu abazama ukukulimaza noma ukwenzela phansi
umsebenzi wakho? Kungaba lukhuni kuMKrestu ukwazi indlela yokubhekana
nezitha.

Yiziphi izinhlobo zezitha osuke waba nazo empilweni yakho? Wabhekana


kanjani nalezo ezazizama ukukwenzela phansi wena noma abathandiweyo
bakho? Wawalandela ngokucophelela okungakanani amazwi kaKrestu
akuMathewu 5:44, noma akaPawulu kumaRoma 12:18-21?
___________________________________________________________________

___________________________________________________________________

KwiHubo 23:5 uDavide usitshengisa indlela ebalulekile yokubhekana nezitha.


Ugqiba ubukhona bazo ngokuthi agxile kulokho akwenzelwa uNkulunkulu.
Nangempela, uNkulunkulu ulapho, umlungisela idili.
Ngokwesiko lezikhathi zikaDavide, kwakuthi uma kufika edilini isimenywa
esihloniphekile, umninimuzi wayesigcoba ikhanda ngamafutha uma silungisela
ukungena ekudleni. Lamafutha aye yinhlanganisela yamafutha omnqumo kanye
namakha. Ngemuva kwalokho, isitatanyiswa bese sihlala phansi maqondana nokudla
esingeke sakuqeda.

Lokhu okuthathu (itafula, amafutha, indebe) eutsheni 23:5, kusikhumbuza


kanjani indlela uNkulunkulu ahlinzeka ngayo ngisho noma sisesigodini?

___________________________________________________________________

___________________________________________________________________

Njengoba esikhumbuza uPawulu, “asibambene nezitha zegazi nenyama, kodwa


sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobubumnyama, nabawomoya
bobubi emkhathini” (Efesu 6:12, NRSV). Izitha zethu zihlanganisa lezo esizibonayo,
nalezo esingaziboniyo. Noma siyathanda noma asithandi, sizungeziwe. Kodwa,
uma sinoMalusi, akukho nesisodwa isitha, esibonwayo noma esingabonwa,
esingantshontsha lokho asilungisele kona uMalusi.

Ake uzindle ngendlela uMalusi akuphatha ngayo ngesikhathi uzungezwe


yizitha. Yini ongayibona kulezo zikhathi, engakwenza ubonge naphakathi
kobunzima obunjalo?

8
u L wesine Nhlangulana 30

Isithembiso Esiqinisekile Sohambo


“Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami;
ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube-phakade” (iHubo 23:6, NKJV).

Uma sisesigodini noma sizungezwe yizitha, sifikelwa yisilingo


sokucabanga ukuthi sishiyiwe. Akubonakali sengathi uNkulunkulu kukhona
akwenzayo; sicabanga ukuthi uma ubesisiza, besingeke sibe kulezinkinga.
Kodwa uDavide ubona ngenye indlela.

Phezu kwezilingo zakhe, yiziphi izinto ezimbili uDavide athi uqinisekile ngazo
kwiHubo 23:6? (Bheka nabaseRfesu 1:4; 2 Petru 1:10; Heb. 11:13-15).
___________________________________________________________________

___________________________________________________________________

Ezinye izihumusho zithi okuhle kanye nothando olungehluleki (ukuzibophezela


kukaNkulunkulu esivumelwaneni) kuyongilandela imihla yonke yami. Kodwa, kuz-
wakala kangcono ngolimi lwendabuko lapho kuthiwa: okuhle nothando olungehluleki
kuyongi “sukela” yonke imihla yami. (Empeleni, yilelo gama lesiHeberu elisetsh-
enziswe ezindimaneni ezinjengo Genesise 14:14, Joshuwa 10:19, no 1 Samuweli
25:29, lapho uvela khona kangcono umqondo wokusukela noma ukuxosha.)

Yimiphi imifanekiso oyitholayo emqondweni wakho uma ucabanga ngokulunga


nothando olungehluleki “kukusukela”? Ucabanga ukuthi uDavide wayefuna
ukusitshelani ngoNkulunkulu uma echaza ukunaka kwaKhe ngalendlela?
___________________________________________________________________

___________________________________________________________________

Akukhathalekile ukuthi sishona kangakanani isigodi, noma izitha ziphikelela


kanjani, isiqiniseko ngokulunga kukaNkulunkulu nothando olungehluleki,
nokuqiniseka kokuhola kwaKhe kuze kube sekugcineni kohambo, akungatshazwa.
Uma lemicabango yakwazi ukusiza uJesu eKhalvari, nathi asime isibindi.
Kunezikhathi kodwa, lapho labo esibathandayo benemibuzo eminingi.
NjengoDavide, indlela engcono yokuphendula lemibuzo akusikho ukunikeza
isifundo seBhayibheli ngalokho uNkulunkulu akwazi ukukwenza. Kunalokho,
njengoba uDavide esitshengisa kwiHubo 23:6, sebenzisa ubufakazi bakho beqiniso
ngoNkulunkulu wethu.
Yibuphi ubufakazi ngolwazi lwakho ngoNkulunkulu obungatshengisa uku-
qiniseka bokuthi ukulunga kwaKhe nothando olungehluleki kuyasisukela?
Yibuphi ubufakazi ongabenezela obuvela eBhayibhelini? Ungabelana kanjani
ngalokhu nalabo abanemibuzo ngesiqiniseko sokunakekela kukaNkulunkulu?
Sibonakala kanjani isiphambano siyisibonelo esikhulu kunazo zonke salokhu
“kusukelwa”?

9
uLwesihlanu Ntulikazi 1

Ukujula Nomcabango: Funda uEllen G. White, “Missionaries in the


Home,” p. 143, ku Testimonies for the Church, vol. 4; “The Divine Shepherd,” pp.
476-484, ku The Desire of Ages.

“Labo abayonqoba ekugcineni bayokuba nezikhathi zokuhlupheka okukhulu


nokuvivinywa empilweni yabo yokukholwa; kodwa abangalilahli ithemba labo
ngoba lokho kuseyinxenye yokuqeqeshwa kwabo esikoleni sikaKrestu, kanti
kuyadingeka ukuze yonke insila igezwe, isuke. Inceku kaNkulunkulu idinga
ukubekezelela ngesibindi ukuhlasela kwesitha, ukugcona kwaso okubuhlungu,
inqobe izikhubekiso uSathane azozibeka endleleni…….
“Kodwa uma uqhubeka nokubheka phezulu, hhayi phansi ezinkingeni zakho,
ngeke uphele amandla endleleni, uzobona uJesu elula isandla saKhe ukukusiza,
kanti wena uzodinga ukumnika isandla sakho ngesibindi, umvumele akuhole. Uma
umkholwa, uzokuba nethemba….
“Uzothola usizo kuKrestu lokwakha isimilo esiqotho, nesihle. USathane
akakwazi ukukushaya indiva ukukhanya okukhazimula kuvela kuleso similo
esinjalo….UNkulunkulu usiphe okuyisona sipho saKhe esihle kakhulu—iNdodana
yaKhe ezelwe yodwa, ukuze isiphakamise, isenze sifaneleke, ngokusembathisa
ukuphelela kwesimilo saYo ukusilungisela ikhaya embusweni.”—Ellen G. White,
Messages to Young People, pp. 63, 64.

Imibuzo Yokuxoxisana:
➊ Ukubone kangakanani ukuthi “ukuhlupheka okubuhlungu nezivivinyo”
ezifika empilweni yakho kungenzeka kube yindlela “yokukuqeqesha esikoleni
sikaKrestu”?

➋ Kungenzeka kanjani ukuthi usizo lwethu, induduzo, kanye nenkuthazo


kulabo abasesigodini, kube yindlela yoMalusi yokubaweza ezinkingeni zabo?
Zinto zini nina njengebandla eningazenza ukuze uNkulunkulu akwazi
ukunisebenzisa ukusiza abasweleyo na?

➌ Eklasini,jikelezani, nizwe ukuthi umuntu ngamunye ukhuluma uthini


ngendlela ukulunga nomusa “okwamsukela” ngayo. Yini eningayifunda
ngamava enu nonke?

➍ Cabanga ngamahora okugcina empilo kaKrestu, njengoba wayengena


ekuvivinyweni. Kulokho ongakuthola eBhayibhelini noma kuEllen G. White
(I-Desire of Ages umthombo omuhle), uJesu wakwazi kanjani ukubekezela
embethe isimo somuntu? Yini esingazithathela yona kuleso sibonelo saKhe
uma sizithola sivivinywa noma kungayiphi indlela na?

10

You might also like