You are on page 1of 5

UKZN HOWARD COLLEGE, SOA, AFRICAN LANGUAGES

ZM Mpungose (Coordinator & NS Zulu (Drama) PTG Mkhize (Phonology) New


Morphology) (ZuluN@ukzn.ac.za) (Mkhizepr@ukzn.ac.za) Lecturer
(mpungosez1@ukzn.ac.za) (Poetry)
(TBC)

Advanced IsiZulu A (ZULM201) WEEK 4 Part Two


Section: IMOFOLOJI (Morphology)

IZIVUMELWANO (agreements/concords)
1.Zibaluleke ngani izivumelwano?
(i) Uhlobo lwezakhi ezenganyelwe yibizo,
emshweni (ngeke zibe khona ibizo lingekho)
(ii) Ziwumgogodla womusho (zixhumanisa
inhloko nesilandiso, kanjalo nomenziwa)
(iii) Ziyizakhi zohlelo (grammatical
morphemes)
(iv) Ziyizakhi ezingakwazi ukuzimela (bound
morphemes)
2. Sibonaka ngani isivumelwano sikamenzi
nesikamenziwa emshweni?
(i) Isivumelwano senhloko imvamisa
silandela eduze emva kwebizo eliyinhloko
yomusho noma emva kwebinzana lebizi
(Noun Phrase-NP)
(ii) Isivumelwano sikamenziwa sivamise
ukuba sishuthekeke phakathi kwebinzana
eliqukethe isivumelwano senhloko kanjalo
nesenzo. Kuyenzeka futhi kulelo binzana
kube khona izakhi zenkathi (tense
morphemes/markers)
3. Ukuqhathaniswa kwesivumelwano
sikamenzi nesivumelwano sikamenziwa
1st & 2nd Isabizwana Isiv Isiv.
person soqobo senhloko sikamenziwa
1st person Mina ngi- ngi- *(exc.-zi-)*
singular
1st person Thina si- si-
plural
2nd Wena u- ku-
person
singular
2nd Nina ni- ni-
person
plural
Amabizo ngokwezigaba zawo
Iziqalo Ibizo Isiv Isiv.sikamenziwa
zamabiz liphelele senhloko
o
um(u) Umuntu u -m-
aba- Abantu ba- -ba-
u- Ugogo u- -m-
o- Ogogo ba- -ba
um(u)- Umfula u- wu-
imi- Imifula i- yi-
i(li)- Ikati li -li-
ama- Amakati a- wa-
isi- Isizwe si- -si-
izi- Izizwe zi- -zi-
iN- inkomo i- -yi-
IziN- izinkomo zi- -zi-
u(lu)- uzalo lu- -lu-
ubu- ubuhlalu bu- -bu-
uku- ukudla Ku- -ku-

4. Imofoloji yezivumelwano
(i) Niyangichaza
ni – isiv. sikamenzi
-ya-isakhi senkathi yamanje eqhubekayo
-ngi-isivumelwano sikamenziwa
-chaza – isiqu sesenzo
-chaz-umsuka
-a – isijobelelo
(ii) Ngisayicabangisisa (leyo ndaba)
Ngi-isiv. senhloko/umenzi
-sa-isakhi esesenzeka/isiqondiso senkathi
-yi-isivumelwano sikamenziwa
-cabanga – isiqu sesenzo
-cabang-umsuka wesenzo
-a – isijobelelo
-isis(a) – isakhi sempambosi yokwenzisisa

(iii) Sengizobakhulumela (abafundi, obaba)


se-isakhi esesenzeka/isiqondiso senkathi
-ngi-isiv. senhloko/umenzi
-zo-isakhi senkathi ezofika
-ba-isivumelwano sikamenziwa
-khuluma – isiqu sesenzo
-khulum- umsuka wesenzo
-a – isijobelelo
-el(a)- isakhi sempambosi yokwenzela

Angizukuyiphazamisa (ingxoxo yakho)


a-isakhi sokuphika
-ngi-isiv. senhloko/umenzi
-zo/zu – isakhi senkathi ezofika
-uku- isakhi sesenzo esisabizo (Ngifuna
ukudla ukudla)
-yi-isivumelwano sikamenziwa
(-phazama – isiqu sesenzo; -phazam-umsuka,
-a-isijobelelo, is(a) -isakhi sempambosi
yokwenzisa)
-phazamisa – isiqu sesenzo
-phazamis- umsuka wesenzo
-a- isijobelelo
-is(a) – isakhi sempambosi yokwenzisa

You might also like