You are on page 1of 16

Buyela KuJehova

Sikhonzi esithandekayo esikanye naso:

Njengoba wazi, iBhayibheli liyincwadi ekhuluma kakhulu ngabantu. Abaningi


kubo kwakungamadoda nabesifazane abathembekile ababhekana nezinselele ezifa-
na nezethu. ‘Babenemizwa efana neyethu.’ (Jakobe 5:17) Abanye babecindezelwe yi-
zinkathazo zokuphila. Abanye behlukumezeke kakhulu, belinyazwe amalungu om-
ndeni noma abakhulekeli abakanye nabo. Kanti abaningi babehlushwa imizwa yeca-
la ngenxa yamaphutha abo.

Ingabe laba bantu bamshiya ngokuphelele uJehova? Cha. Abaningi babenjengo-


mhubi owathandaza: “Ngizulazulile njengemvu elahlekile. Funa inceku yakho, ngoba
angizange ngiyikhohlwe imiyalo yakho.” (IHubo 119:176) Ingabe wake wazizwa nge-
ndlela efanayo?

UJehova akalokothi abakhohlwe abakhulekeli bakhe abaye baduka, baphuma esi-


bayeni. Ngokuphambene nalokho, uzama ukubasiza—ngokuvamile esebenzisa aba-
nye abakhulekeli abakanye nabo. Ngokwesibonelo, ake ucabange ngendlela uJeho-
va asiza ngayo isikhonzi sakhe uJobe, esabhekana nezinhlekelele eziningana—izinki-
nga zezimali, ukulahlekelwa abathandekayo nokuphathwa isifo esibuhlungu. UJobe
waphinde wakhuthazelela amazwi abuhlungu ayeshiwo abantu okwakufanele ngabe
bayamduduza. Kuyiqiniso ukuthi kwaba nesikhathi lapho uJobe ayecabanga nge-
ndlela eyiphutha, kodwa akazange amshiye uJehova. (Jobe 1:22; 2:10) UJehova wa-
msiza kanjani uJobe ukuba alungise umbono wakhe?

UJehova wasebenzisa omunye umkhulekeli wakhe u-Elihu ukuba asize uJobe.


Lapho uJobe echaza izinto ezazimkhathaza, u-Elihu wamlalela futhi washukumisele-
ka ukuba akhulume. Wayezothini? Ingabe wayeyogxeka uJobe noma azame ukum-
khuthaza esebenzisa amazwi ayeyomenza azizwe enecala noma ehlazekile? Ingabe
u-Elihu wayezibona engcono kunoJobe? Lutho neze! Eshukunyiswa umoya kaNkulu-
nkulu ongcwele, u-Elihu wathi: “KuNkulunkulu weqiniso ngiyilokho nje nawe oyikho;
nami futhi ngabunjwa ngobumba.” Wabe eseqinisekisa uJobe: “Akukho okwethusa-
yo kimi okuzokwesabisa, futhi akukho ukucindezela okuvela kimi okuzoba nzima
phezu kwakho.” (Jobe 33:6, 7) Kunokuba anezele osizini lukaJobe, ngothando u-Eli-
hu wanikeza uJobe iseluleko nesikhuthazo ayesidinga.

Sifisa wazi ukuthi silingise isibonelo sika-Elihu ngesikhathi sibhala le ncwajana. Si-
qale salalela futhi sacabanga ngokucophelela ngezimo kanye nemizwa yeningi lala-
bo abaye baduka emhlambini. (IzAga 18:13) Sabe sesifunda imiBhalo futhi ngosizo
lomthandazo sahlola ukulandisa okubonisa indlela uJehova asiza ngayo izinceku za-
khe zasendulo ezazibhekene nezimo ezifanayo. Ekugcineni, sibe sesihlanganisa lo-
kho kulandisa okusemiBhalweni nokuhlangenwe nakho kwanamuhla ukuze sikhiqize
le ncwajana. Sikumema ngemfudumalo ukuba uyifunde le ncwajana. Sicela uqinise-
ke ngokuthi sikuthanda kakhulu.

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova


INGXENYE 1

KUNGANI KUFANELE
UBUYELE KUJEHOVA?
Abantu bakaJehova ngezikhathi zeBhayi-
bheli babhekana nezinselele ezifana neze-
thu namuhla. UJehova wabakhumbula wa-
basiza futhi ngokuvumelana nesithembiso
sakhe uzokwenza okufanayo nakithi. Nje-
ngoMalusi okhathalelayo nonothando, uJe-
hova uyazifuna izimvu zakhe ezilahlekile
futhi azimeme ukuba zibuyele kuye.

INGXENYE 2-4

YIZIPHI IZINTO EZINGENZA


KUBE NZIMA UKUBUYELA
KUJEHOVA?
Ngisho nabakhulekeli bakaJehova abaqo-
tho ngezinye izikhathi babekhathazeka,
bezwe ubuhlungu futhi babe nomuzwa we-
cala, okuyizinto ezaziphazamisa inkonzo
yabo. Hlola indlela uJehova abasiza ngayo
ukuba babuyele kuye, baphinde bazihla-
nganise nabantu bakhe futhi bathole inja-
bulo.

INGXENYE 5

INDLELA ONGABUYELA
NGAYO KUJEHOVA
Hlola ubufakazi obubonisa ukuthi uJehova
ufuna ubuyele kuye. Funda ngendlela ama-
Kristu amaningana aye abuyela ngayo ku-
Jehova, indlela ibandla eliwamukele ngayo
nendlela abadala abaye bawasiza ngayo
ukuba aphinde ashiseke ekukhonzeni uJe-
hova.

3
1 “Elahlekile Ngiyoyifuna”
Imvu isambathekile. Ngandlela-thile, ngesikhathi idla utshani edlelweni, iye yahlukana nezinye
izimvu. Manje, ayisawuboni umhlambi kanye nomalusi. Sekuqala ukuhwalala. Le mvu isengozini
njengoba izithola iyodwa endaweni egcwele izilwane eziyingozi. Ekugcineni, izwa izwi elijwayele
—elikamalusi, ogijima aye kuyo, ayiqukule, ayisonge ngengubo yakhe futhi ahambe nayo aye
ekhaya.

NGOKUPHINDAPHINDIWE uJehova uzifanisa no- unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo la-
malusi onjalo. EZwini lakhe, uyasiqinisekisa: khe nezimvu zesandla sakhe.” (IHubo 95:6, 7) Nje-
“Mina uqobo, ngiyozifuna izimvu zami ngizinake- ngezimvu ezingokoqobo ezilandela umalusi, aba-
kele.”—Hezekeli 34:11, 12. khulekeli bakaJehova bayakulangazelela ukulandela
uMalusi wabo. Ingabe baphelele? Cha. Izinceku zika-
‘Indlela Engiyozinakekela Ngayo Izimvu Zami’ Nkulunkulu ngezinye izikhathi ziye zaba ‘izimvu ezi-
Obani abayizimvu zikaJehova? Kalula nje, izimvu zi- hlakazekile,’ ‘izimvu ezilahlekile’ ‘nezimvu ezidukile.’
kaJehova abantu abamthandayo nabamkhonzayo. (Hezekeli 34:12; Mathewu 15:24; 1 Petru 2:25)
IBhayibheli lithi: “Masikhulekele sikhothame; masi- Noma kunjalo, lapho umuntu eduka, uJehova aka-
guqeni phambi kukaJehova uMenzi wethu. Ngoba mlahli, uhlala enethemba lokuthi uzobuya.

4  BUYEL A KUJEHOVA
UJehova uhlale enethemba lokuthi imvu elahlekile ingabuye itholakale.
Uyajabula lapho leyo mvu itholakala

Ingabe usenawo umuzwa wokuthi uJehova ungu- zakhe, izimvu zedlelo lakhe.’ (Hezekeli 34:31)
Malusi wakho? UJehova uzibonisa kanjani engu- Nawe ungenye yalezo zimvu.
Malusi namuhla? Cabanga nganazi izindlela ezi-
ntathu: “Silethele Izinsuku Ezintsha Njengakudala”

Uyasondla ngokomoya. “Ngiyoziklabisa edlelweni Kungani uJehova ekufuna futhi ekumema ukuba
elihle,” kusho uJehova. “Ziyolala phansi lapho ubuyele kuye? Kungoba ufuna ujabule. Uthembi-
endaweni yokuhlala enhle, futhi ziyoklaba edle- sa izimvu zakhe ukuthi “kuyoba khona izimvula
lweni elivundile.” (Hezekeli 34:14) UJehova aka- ezithululekayo zesibusiso.” (Hezekeli 34:26) Lo-
kaze ahluleke ukusinika ukudla okungokomoya kho uJehova uyokufeza ngempela. Kakade usuye
okuqabulayo okufika ngesikhathi esifanele. Si- wabubona ubufakazi balokho.
khona yini isihloko ezincwadini zethu, inkulumo Khumbula okwenzeka kuwe ngesikhathi uqala
noma i-video oyikhumbulayo eyaphendula imi- ukwazi uJehova. Ngokwesibonelo, wazizwa ka-
thandazo yakho? Lokho akuzange yini kukuqini- njani lapho uqala ukufunda amaqiniso ajabulisa-
sekise ngokuthi uJehova uyakukhathalela? yo ngegama likaNkulunkulu nangenjongo yakhe
Uyasivikela futhi asisekele. UJehova uyathe- ngabantu? Usakhumbula ukuthi kwakuqabula
mbisa: “Edukile ngiyoyibuyisa, ephukile ngiyoyi- kanjani ukuhlangana namanye amaKristu emi-
bopha futhi egulayo ngiyoyiqinisa.” (Hezekeli 34: hlanganweni emincane nemikhulu? Lapho uhla-
16) UJehova uyabaqinisa labo ababuthakathaka nganyela izindaba ezinhle nomuntu owabonisa
noma abacindezelekile ngenxa yokukhathazeka. isithakazelo esiqotho, awuzange yini ubuyele
Uyazibopha izimvu zakhe, ezisiza ukuba zilulame ekhaya ujabule futhi waneliseke ngempela?
uma ziye zalimala—mhlawumbe zilinyazwa ama-
kholwa ezikanye nawo. Uyababuyisa labo abaye Le njabulo ungaphinde uyithole. Izinceku zika-
baduka nalabo okungenzeka balwa nemizwa ye- Nkulunkulu zasendulo zathandaza: “O Jehova,
cala. sibuyisele kuwe, sizobuya ngokushesha. Silethele
izinsuku ezintsha njengakudala.” (IsiLilo 5:21)
Usibheka njengempahla yakhe. “Ngiyozikhulula UJehova wawuphendula lowo mthandazo futhi
kuzo zonke izindawo ebezihlakazekele kuzo,” ku- abantu bakhe babuyela kuye bamkhonza ngenja-
sho uJehova. “Elahlekile ngiyoyifuna.” (Hezekeli bulo evuselelwe. (Nehemiya 8:17) UJehova uyo-
34:12, 16) UJehova uhlale enethemba lokuthi kwenza okufanayo nakuwe.
imvu elahlekile ingatholakala. Uyabona lapho ku-
nemvu elahlekile, uyayifuna leyo mvu futhi ajabu- Nokho, zikhona izinto ezingenza kube nzima uku-
le lapho eyithola. (Mathewu 18:12-14) Abakhule- buyela kuJehova. Ake ucabange ngezinye zalezo
keli bakhe abaqotho ubabiza ngokuthi ‘izimvu zinto kanye nendlela ongazinqoba ngayo.

Ukuze ukhumbule injabulo ebangelwa ukuhlangana nabantu ba-


kaNkulunkulu, bukela i-video ethi: Abazalwane Bethu Emhlabeni
Wonke, etholakala kuyi-DVD nasengosini ethi www.jw.org/zu.
Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI AMA-VIDEO.

5
2 UKUKHATHAZEKA
“Sicindezelwe Ngazo Zonke Izindlela”
“Ngemva kweminyaka engu-25 sishadile, mina nomyeni wami sadivosa. Izingane zami zalishiya
iqiniso. Ngaba nezinkinga eziningi zempilo. Ngabe sengiphathwa isifo sokucindezeleka.
Ngangizizwa ngichobozekile futhi ngikhathazwa yiyo yonke into. Ngayeka ukuya
emihlanganweni yebandla futhi ngaphola.”—UJune.

WONKE umuntu uyakhathazeka—ngisho nabantu hlanganyela ukholo lwethu nabanye, sithola ama-
bakaNkulunkulu. Umhubi wabhala, ‘Imicabango ndla okukhuthazelela izinkathazo zokuphila futhi
yami engincisha ukuthula yaba miningi ngaphaka- siba nokuthula kwengqondo ukuze sikhonze uJe-
thi kimi.’ (IHubo 94:19) UJesu wathi phakathi ne- hova ngenjabulo.
sikhathi sokuphela, ‘izinkathazo zokuphila’ zinge-
nza kube nzima nakakhulu ukukhonza uJehova. “Nambithani Nibone Ukuthi UJehova Muhle”
(Luka 21:34) Kuthiwani ngawe? Ingabe uzizwa Yiqiniso, ungase uzizwe uyiswa ngapha nangapha
ucindezelekile ngenxa yezinkinga zezimali, izinki- ngesikhathi esisodwa. Ngokwesibonelo, uJehova
nga zomndeni noma izinkinga zempilo? UJehova usicela ukuba sifune uMbuso kuqala futhi sibe ne-
angakusiza kanjani ukuba ubhekane nalezi zinki- simiso esihle sokwenza izinto ezingokomoya. (Ma-
nga? thewu 6:33; Luka 13:24) Nokho, kuthiwani uma
ukuphikiswa, impilo ebuthaka noma izinkinga
“Amandla Angaphezu Kwavamile” zomndeni kuye kwakuqeda amandla? Noma kuthi-
Ngeke sikwazi ukubhekana nokukhathazeka nga- wani uma umsebenzi wokuziphilisa uthatha wonke
mandla ethu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Sici- amandla akho kanye nesikhathi obungasichitha
ndezelwe ngazo zonke izindlela.” “Sisambathekile ebandleni? Njengoba ubhekene nazo zonke lezi zi-
. . . ; siphonswa phansi.” Nokho, waphinde wathi, nto—ungenaso isikhathi esanele namandla okuze-
“asiminyene kangangokuthi asikwazi nokunyaka- nza—ungase uzizwe ucindezelekile. Mhlawumbe
za,” “asibona abangenayo nhlobo indlela yoku- uke wacabanga nokuthi uJehova ulindele okunga-
phuma,” futhi “asibhubhi.” Yini esisiza ukuba si- phezu kwamandla akho.
khuthazele? “Amandla angaphezu kwavamile” UJehova uyaqonda. Akalokothi alindele okunga-
—amandla avela kuNkulunkulu uMninimandla phezu kwalokho esingakwazi ukukwenza. Uyazi no-
onke, uJehova.—2 Korinte 4:7-9. kuthi sidinga isikhathi ukuze silulame ekuguleni
Ake ucabange ngendlela owawathola nasekucindezelekeni.—IHubo 103:13, 14.
ngayo “amandla angaphezu kwavamile” esikha- Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela uJehova ana-
thini esidlule. Usayikhumbula yini indlela inkulu- kekela ngayo umprofethi u-Eliya. Ngesikhathi
mo ekhuthazayo eyakujulisa ngayo ukwazisa kwa- u-Eliya edikibele futhi egcwele ukwesaba okwame-
kho ngothando oluqotho lukaJehova? Ingabe nza wabalekela ehlane, ingabe uJehova wamthe-
ukholo lwakho ngezithembiso zikaJehova lwaqina thisa lo mprofethi futhi wamyala ukuba abuyele
lapho ufundisa abanye ngethemba lePharadesi? esabelweni sakhe? Cha. UJehova wathumela inge-
Lapho siya emihlanganweni yobuKristu futhi si- losi kabili ukuba ivuse u-Eliya ngomusa futhi imni-

6  BUYEL A KUJEHOVA
UJehova akalokothi alindele okungaphezu kwalokho esingakwazi ukukwenza

ke ukudla. Noma kunjalo, ngemva kwezinsuku ezi- umgomo ongokomoya ongakwazi ukuwufinyelela
ngu-40, u-Eliya wayesakhathazekile futhi esaba. njengamanje? Ngokwesibonelo, ungazibekela
Yini enye uJehova ayenza ukuze amsize? Okoku- umgomo wokuya emhlanganweni webandla. Cela
qala, uJehova wambonisa ukuthi wayengamvike- uJehova akusize ukuba uwufinyelele umgomo wa-
la. Okwesibili, uJehova wamduduza u-Eliya ‘nge- kho. Njengoba uvuseleleka ngokomoya, ‘uyona-
zwi eliphansi elizolile.’ Ekugcineni, uJehova wave- mbitha ubone ukuthi uJehova muhle.’ (IHubo
za ukuthi kwakunezinye izinkulungwane zabantu 34:8) Khumbula ukuthi noma yini oyenzayo ukuze
ezazikhulekela uNkulunkulu ngokwethembeka. ubonise uthando lwakho ngoJehova—kungakha-
Ngokushesha, u-Eliya waphinde waba umprofethi thaliseki ukuthi ibonakala incane kangakanani
oshisekayo. (1 AmaKhosi 19:1-19) Yini esiyifunda- —iyigugu kuye.—Luka 21:1-4.
yo? Ngesikhathi u-Eliya ekhathazekile, uJehova
wamphatha ngesineke nangozwela. UJehova aka- “Isikhuthazo Engangisidinga”
kashintshi. Nathi usikhathalela ngendlela efanayo. UJehova wamkhuthaza kanjani uJune ukuba abu-
Kumelwe ubhekane namaqiniso lapho yele kuye? UJune uyasitshela: “Ngangilokhu ngi-
ucabanga ngalokho ongakwenzela uJehova. thandaza kuJehova ngicela ukuba angisize. Uma-
Ungaqhathanisi lokho onamandla okukwenza ma- lokazana wami wangitshela ngomhlangano owa-
nje nalokho owawukwazi ukukwenza esikhathini wuzoba sedolobheni lakithi. Nganquma ukuya
esidlule. Ake sifanekise: Umgijimi osekuphele izi- usuku olulodwa. Yeka injabulo engaba nayo ngo-
nyanga noma iminyaka engazilolongi ngeke avele kuphinde ngihlangane nabantu bakaJehova!
abuyele esimisweni sakhe sangaphambili ngaso Lowo mhlangano waba yisikhuthazo engangisidi-
leso sikhathi. Kunalokho, uqala ngokuzibekela nga. Manje ngikhonza uJehova ngenjabulo. Uku-
imigomo emincane ezomvuselela futhi imenze phila kwami kunenjongo. Sengiyazi manje ukuthi
abe namandla. AmaKristu afana nabagijimi. Azi- ngiyabadinga abafowethu nodadewethu. Angive
qeqesha enomgomo ocacile afuna ukuwufinyele- ngijabula ngokuthi ngabuyela kuJehova kungake-
la. (1 Korinte 9:24-27) Kungani ungaphishekeli phuzi kakhulu.”

7
3 IMIZWA EBUHLUNGU
Lapho ‘Sinesizathu Sokukhononda’
“Udade esinaye ebandleni wangimangalela ngokungafanele wathi ngebe imali yakhe. Abanye ebandleni
bayizwa le ndaba futhi baqala ukuthatha uhlangothi. Ngokuhamba kwesikhathi, lo dade wangitshela
ukuthi wayethole ulwazi oluthile olubonisa ukuthi mina anginacala. Nakuba axolisa,
ngaba nomuzwa wokuthi angisoze ngamxolela ngalokhu akwenze kimi.”—ULinda.

INGABE nawe uke waba sesimweni esifana ne- kanise nothando lukaNkulunkulu.’ (Roma 8:35, 38,
sikaLinda, owalinyazwa izenzo zomuntu akholwa 39) Lokhu kumelwe kusishukumisele ukuba senze
naye? Ngokudabukisayo, abanye baye baphaza- ngendlela efanayo, singavumeli muntu noma into
nyiswa izenzo zabanye kangangokuba lokho kuye ethile ukuba kusihlukanise noJehova.
kwaphazamisa isimiso sabo esingokomoya. Inga- Ukuthethelela akusho ukuvumelana nento embi.
be yilokho okwenzeka kuwe? Ukuthethelela labo abaye basona akusho ukuthi
sivumelana nabakwenzile, sinciphisa ububi balo-
Ingabe Ukhona ‘Ongasihlukanisa kho abakwenzile noma ukuthi asibuboni ububi be-
Nothando LukaNkulunkulu’? zenzo zabo. Khumbula, uJehova uyasizonda isono
Kuyavunywa ukuthi kungase kube nzima kakhulu kodwa uyasithethelela uma kunesizathu sokwenza
ukuxolela esikholwa naye oye wasizwisa ubuhlu- kanjalo. (IHubo 103:12, 13; Habakuki 1:13) Lapho
ngu. Ngoba kulindeleke ukuba amaKristu atha- uJehova esikhuthaza ukuba sithethelele abanye,
usuke esicela ukuba simlingise. Akahlali “ecasukile
ndane. (Johane 13:34, 35) Uma esikholwa naye
kuze kube nini nanini.”—IHubo 103:9; Mathewu
eye wasiphatha kabi, indumalo nobuhlungu ku-
6:14.
ngasishiya silimele kakhulu.—IHubo 55:12.
Lapho siyeka intukuthelo, sisuke sizizuzisa thina.
IBhayibheli liyavuma ukuthi ziyoba khona izi-
Ngayiphi indlela? Cabanga ngalesi simo esilande-
khathi lapho amaKristu eyoba “nesizathu soku-
layo. Ake sithi ucosha itshe, mhlawumbe elingasi-
khononda ngomunye.” (Kolose 3:13) Noma kunja- ndi kakhulu, bese ulula ingalo njengoba ulibambi-
lo, uma lokho sekwenzeka kithi, singase sikuthole le. Kungase kube lula ukulibamba isikhashana.
kunzima ukubhekana nakho. Ikhona yini into Nokho kuthiwani uma ungazama ukulibamba isi-
engasisiza? Cabanga nganazi izimiso ezintathu khathi eside? Ungalibamba isikhathi eside kanga-
zeBhayibheli: kanani—imizuzwana? ihora? noma isikhathi esi-
UBaba wethu osezulwini ubona konke. UJehova ngaphezu kwalokho? Ngokungangabazeki, ingalo
ubona konke okwenzekayo, kuhlanganise noku- yakho ingakhathala kakhulu! Isisindo setshe nge-
ngabi nabulungisa esibhekana nakho kanye no- ke sishintshe. Kodwa njengoba uqhubeka uliba-
buhlungu okububangelayo. (Hebheru 4:13) Nga- mbile, uyozwa sengathi lisinda kakhulu kunakuqa-
phezu kwalokho, uJehova uyasizwela lapho la. Kungokufanayo nangentukuthelo. Uma siqhu-
sihlupheka. (Isaya 63:9) Akalokothi avumele “usi- beka sibambe igqubu—ngisho noma ngabe linca-
zi noma ukucindezeleka” nanoma yini enye—ngi- ne kangakanani—siyozilimaza nakakhulu. Yinga-
sho nomkhulekeli esikanye naye—‘ukuba kusihlu- kho uJehova esikhuthaza ukuba siyeke intukuthe-

8  BUYEL A KUJEHOVA
Lapho siyeka intukuthelo, sisuke sizizuzisa thina

lo. Ngempela, ukwenza kanjalo kuyozuzisa thina. Ngokuphathelene nendlela lawo mazwi amthinta
—IzAga 11:17. ngayo, uthi: “Kwaba sengathi uJehova uqobo
lwakhe ukhuluma nami.”
“Kwaba Sengathi UJehova
Uqobo Lwakhe Ukhuluma Nami” Ngokuhamba kwesikhathi, uLinda wayeka ukufu-
kamela intukuthelo. Wamthethelela ngokukhulule-
Yini eyasiza uLinda ukuba angafukameli intuku- kile udade owayemonile futhi manje lowo dade
thelo ngenxa yendlela ayephathwe ngayo omunye ungumngane wakhe omkhulu. ULinda uyaqhube-
umkhulekeli akanye naye? Phakathi kwezinye izi- ka ekhonza uJehova. Qiniseka ngokuthi uJehova
nto, wazindla ngemiBhalo ekhuluma ngokuthe- ufuna ukukusiza wenze okufanayo.
thelela. (IHubo 130:3, 4) ULinda wathintwa ka-
khulu ukwazi ukuthi lapho sithethelela abanye,
nathi uJehova uyosithethelela. (Efesu 4:32–5:2)

UMarie uthi: “Lapho ngishiya iqiniso, ngaphelelwa injabulo futhi ngaba ne-
ntukuthelo. Nokho, incwadi ethi, Sondela KuJehova yangikhumbuza indlela
uJehova amuhle nanothando ngayo. Njengoba ngangiyifunda, uthando
lwami ngaye lwaphinde lwakhula.” Izahluko 26 no-30 zale ncwadi zikhulu-
ma ngokuthi kungani uJehova ethethelela futhi lokho ukwenza kanjani
SONDELA nokuthi singamlingisa kanjani. Iyatholakala engosini ethi www.jw.org/zu.
KUJEHOVA
Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI IZINCWADI NEZINCWAJANA.

9
4 UMUZWA WECALA
“Ngihlanze Ngisho Nasesonweni Sami”
“Umsebenzi wami omusha wathuthukisa izinga lokuphila komndeni wami, kodwa ngesikhathi esifanayo
wabangela ukuba ngenze izinto eziningi ezingalungile. Ngaqala ukugubha amaholide, ngahlanganyela
emibuthanweni yezombusazwe futhi ngaya nasesontweni. Kwaphela iminyaka engu-40 nginguFakazi
kaJehova opholile. Njengoba iminyaka ihamba, ngangicabanga ukuthi uJehova akasoze angithethele-
la. Kwakunzima ukuba nami ngizithethelele. Iqiniso liwukuthi ngangazi kahle ukuthi engangikwenza
kwakungalungile.”—UMartha.

UMUZWA wecala ungaba umthwalo osindayo. khulu noma ziningi kakhulu? Sicela ucabange
INkosi uDavide yabhala: “Ngoba iziphambeko ngalesi simemo sikaJehova esilotshwe ku-Isaya 1:
´
zami zeqe ikhanda lami. Njengomthwalo osinda- 18: “Wozani, manje, masilungise izindaba phaka-
yo ziyangesinda kakhulu.” (IHubo 38:4) Amanye thi kwethu,’ kusho uJehova. ‘Nakuba izono zenu
amaKristu aye agwinywa ukudabuka ngokweqile kungenzeka ukuthi zibomvu klebhu, zizokwenziwa
aze akholelwa ukuthi uJehova akasoze awathe- zibe mhlophe njengeqhwa.’ ” Yebo, uJehova anga-
thelela. (2 Korinte 2:7) Ingabe kuyafaneleka uku- thethelela ngisho nezono ezibonakala zinjengo-
phetha ngaleyo ndlela? Ngisho noma uye wenza dayi obomvu ngokunsomi ongasuki engutsheni
izono ezimbi kakhulu, ingabe usuqhele kakhulu emhlophe.
kuJehova kangangokuba akasoze akuthethelela?
Cha akunjalo! UJehova akafuni ukuba ucindezelwe unembeza
onecala. Pho-ke, ungayithola kanjani impumuzo
“Masilungise Izindaba etholakala ngokuthethelelwa uNkulunkulu nokuba
Phakathi Kwethu” nonembeza ohlanzekile? Cabanga ngezinto ezi-
UJehova akazilahli izoni eziphendukayo. Eqini- mbili ezenziwa iNkosi uDavide. Okokuqala, uDavi-
sweni uzama ukuzisondeza kuye! Emfanekisweni de wathi: “Ngizosivuma iseqo sami kuJehova.”
wendodana yolahleko, uJesu wafanisa uJehova (IHubo 32:5) Khumbula, uJehova usekumemile
nobaba onothando onendodana eyashiya um- kakade ukuba usondele kuye ngomthandazo futhi
ndeni wakubo yaphishekela ukuphila okuhlazisa- ‘ulungise izindaba’ naye. Yamukela leso simemo.
yo. Ngokuhamba kwesikhathi, indodana yanqu- Vuma izono zakho kuJehova futhi umchazele
ma ukubuyela ekhaya. “Lapho [indodana] iseku- indlela ozizwa ngayo. Ngemva kokubhekana nale-
de, uyise wayibona waba nesihawu, wagijima wa- so simo esinzima uDavide wathandaza wathi:
wela entanyeni yayo wayanga ngothando.” (Luka “Ngigezisise esiphambekweni sami. . . . O Nkulu-
15:11-20) Ingabe uyafisa ukusondela kuJehova nkulu, inhliziyo ephukile nechobozekile ngeke uyi-
kodwa unomuzwa wokuthi ‘ukude’ kakhulu delele.”—IHubo 51:2, 17.
kuwe? Njengobaba osemfanekisweni kaJesu, Okwesibili, uDavide wathola usizo kumuntu
uJehova ukuthanda kakhulu. Uyakulangazelela owayemelela uNkulunkulu, umprofethi uNathani.
ukukwamukela uma ubuyela kuye. (2 Samuweli 12:13) Namuhla, emabandleni uJe-
Nokho kuthiwani uma ukholelwa ukuthi uJehova hova ulungiselele abadala abaye baqeqeshwa
ngeke azithethelele izono zakho ngoba zimbi ka- ukuze basize izoni eziphendukayo ziphinde zibe

10  BUYEL A KUJEHOVA
UJehova ufuna ube nonembeza ohlanzekile

nobuhlobo obuhle noJehova. Lapho uya kubada- UJehova ufuna ukuba ube nonembeza ohlanze-
la, bayosebenzisa imiBhalo futhi bathandaze kile. Ufuna nokuba utshele abanye ngaye nange-
ngokusuka enhliziyweni ukuze bakusize, bada- zinjongo zakhe, lokho ukwenze ngobuqotho na-
mbise noma baqede imizwa yecala onayo ukuze ngenjabulo ejulile ungenawo umuzwa wecala.
uqine ngokomoya.—Jakobe 5:14-16. (IHubo 65:1-4) Khumbula isimemo sakhe esithi:
“Kusulwe izono zenu, ukuze izinkathi zokuqabule-
“Uyajabula Umuntu Osono Sakhe ka zifike zivela ebusweni bukaJehova.”—IzEnzo
Simboziwe” 3:19.
Kuyavunywa ukuthi ungase ube nomuzwa woku- Yilokho okwenzeka kuMartha. Uyalandisa: “Indo-
thi ukuvuma izono zakho kuJehova uNkulunkulu dana yami yayilokhu ingithumelela omagazini
nokuya kubadala kungaba ngenye yezinto oku- INqabayokulinda ne-Phaphama! Kancane kanca-
nzima kakhulu ukuzenza. UDavide naye wayezi- ne ngaphinde ngasondela kuJehova. Okwakunzi-
zwa ngendlela efanayo. ‘Wathula’ isikhathi esithi- ma kakhulu kwakuwukucela intethelelo ngazo zo-
le, engazivumi izono zakhe. (IHubo 32:3) Nokho, nke izono engangizenzile. Kodwa ekugcineni,
ngemva kwalokho wazuza ngokuvuma izono za- ngathandaza kuNkulunkulu ngamcela ukuba
khe nangokulungisa inkambo yakhe. angithethelele. Kunzima ukukholelwa ukuthi kwa-
Inzuzo enkulu ayithola kwaba ukuphinde ajabule phela iminyaka engu-40 ngaphambi kokuba ngi-
ekuphileni. Wabhala: “Uyajabula umuntu okuvu- buyele kuJehova. Ukuphila kwami kuwubufakazi
kela kwakhe kuxolelwe, osono sakhe simboziwe.” bokuthi ngisho nangemva kweminyaka eminingi,
(IHubo 32:1) Waphinde wathandaza: “O Jehova, umuntu angakwazi ukuphinde akhonze uNkulu-
nkulu futhi aphinde athandeke kuye.”
kwangathi ungazivula lezi zindebe zami, Ukuze
umlomo wami wazise ngodumo lwakho.” (IHubo
51:15) Engasenawo umuzwa wecala futhi ekwazi-
sa ukuthethelelwa uNkulunkulu, uDavide washu-
kumiseleka ukuba atshele abanye ngoJehova.

11
5 Buyelani “Kumalusi Nombonisi
WemiphefumuloYenu”
Ikhona yini inselele oke wabhekana nayo kulezi esesixoxe ngazo kule ncwajana? Uma kunjalo, qiniseka
ngokuthi uzoluthola usizo. Izinceku zikaNkulunkulu eziningi ezithembekile—kokubili ezasendulo ngezi-
khathi zeBhayibheli nezanamuhla—ziye zabhekana nezinselele ezifanayo. Njengoba ziye zathola usizo
kuJehova ukuze zibhekane nalezo zinselele, nawe ungaluthola usizo.

12  BUYEL A KUJEHOVA
“Ngaqala ukubona ukuthi uJehova akakaze angilahle;
kwakudingeka ngibuyele kuye”

QINISEKA ngokuthi uJehova uyokusekela njengo- khu: Le ncwajana iye yabhalwa ngokucophelela
ba ubuyela kuye. Uyokusiza ubhekane nokukha- ngosizo lwemithandazo ejulile. Kungenzeka uku-
thazeka, uqede imizwa ebuhlungu futhi uthole thi uyinikwe umdala ongumKristu noma omunye
ukuthula kwengqondo nenhliziyo ezolile okuba- okholwa naye. Lapho usuyitholile uye washukumi-
ngelwa ukuba nonembeza ohlanzekile. Ngemva seleka ukuba uyifunde futhi wenze lokho ekusho-
kwalokho ungase ushukumiseleke ukuba uphinde yo. Konke lokhu kuwubufakazi bokuthi uJehova
ukhonze uJehova kanye nabanye abakhulekeli akakukhohliwe. Kunalokho, ngesineke ukudonsela
bakhe. Isimo sakho siyofana nesamanye amaKri- kuye.—Johane 6:44.
stu angekhulu lokuqala umphostoli uPetru awa- Ukwazi ukuthi uJehova akazikhohlwa izinceku za-
bhalela la mazwi: “Ngoba naninjengezimvu, nidu- khe ezidukile kungasiduduza. Yilokho udade oga-
ka; kodwa manje senibuyele kumalusi nombonisi ma lakhe linguDonna akuqaphela. Wathi: “Nje-
wemiphefumulo yenu.”—1 Petru 2:25. ngoba isikhathi siqhubeka ngayeka ukukhonza
Ukubuyela kuJehova kuyinto engcono kakhulu uNkulunkulu, kodwa ngangivame ukucabanga
ongayenza. Kungani? Uyokwenza inhliziyo kaJe- ngeHubo 139:23, 24 elithi: ‘O Nkulunkulu ngihloli-
hova ijabule. (IzAga 27:11) Njengoba wazi, uJeho- sise, wazi inhliziyo yami. Ngihlole, wazi imicaba-
va unemizwa ngakho izinto esizenzayo ziyamthi- ngo yami engincisha ukuthula, Ubone ukuthi
nta. Kuyiqiniso ukuthi uJehova akasiphoqi ukuba ikhona yini indlela ebangela ubuhlungu kimi,
simthande nokuba simkhonze. (Duteronomi 30: Ungihole ngendlela yaphakade.’ Ngangazi ukuthi
19, 20) Esinye isazi seBhayibheli sikubeka ngale angiyona ingxenye yezwe—ngangizizwa ngilahle-
ndlela: “Akekho ongavula inhliziyo yakho. Kume- kile—futhi ngangazi ukuthi kwakufanele ngibe se-
lwe uyivule ngokwakho.” Ngokukhulekela uJehova nhlanganweni kaJehova. Ngaqala ukubona ukuthi
ngenhliziyo enothando, singakhetha ukuwuvula uJehova akakaze angilahle; kwakudingeka ngibu-
umnyango wenhliziyo yethu. Uma senza kanjalo, yele kuye. Manje ngijabula kakhulu ngokuthi nga-
siyobe simupha isipho esiyigugu—ubuqotho be- buyela kuye!”
thu—futhi simenze ajabule kakhulu. Ngempela, Sithandaza ngobuqotho ukuba nawe uphinde uyi-
ayikho into engaqhathaniswa nenjabulo esiyitho- thole “injabulo kaJehova.” (Nehemiya 8:10) Nge-
la ngokukhonza uJehova ngendlela emfanele. ke uzisole ngokubuyela kuJehova.
—IzEnzo 20:35; IsAmbulo 4:11.
Ngaphezu kwalokho, lapho uphinde ukhonza
uNkulunkulu, isidingo sakho esingokomoya siyo-
kwaneliseka. (Mathewu 5:3) Ngayiphi indlela?
Abantu emhlabeni bayazibuza, ‘Kungani silapha?’
Bafuna ukuthola izimpendulo zemibuzo ephathe-
lene nenjongo yokuphila. Abantu banaleso sidi-
ngo ngenxa yokuthi uJehova wabadala benaso.
Wasidala sinesidingo sokuthola ukwaneliseka
UJehova uyokusekela njengoba
ekumkhonzeni. Akukho ukwaneliseka okudlula lo- ubuyela kuye
kho okubangelwa ukwazi ukuthi sikhonza uJeho-
va ngothando.—IHubo 63:1-5.
Sicela wazi ukuthi uJehova ufuna ubuyele kuye.
Ungaqiniseka kanjani ngalokho? Cabanga ngalo-

13
Izimpendulo Zemibuzo Ephathelene
Nokubuyela KuJehova
YINI OKUMELWE NGIYENZE? IBANDLA LIYONGAMUKELA ABADALA BAZONGISIZA
Umuntu obegula kungadingeka KANJANI? KANJANI?
abuyele endleleni yakhe evamile Ungaqiniseka ukuthi amalungu Abadala bayokuphatha ngomu-
yokuphila, lokho ekwenza kanca- ebandla ayokwamukela ngemfu- sa. Bayokuncoma ngesifiso sa-
ne kancane. Ngokufanayo, nawe dumalo. Kunokuba akugxeke kho sokuvuselela “uthando owa-
ungathola amandla njengomKri- noma akwahlulele ayokubonisa wunalo ekuqaleni.” (IsAmbulo
stu ngokuzama ukuzondla oku- ngezenzo ukuthi ayakuthanda 2:4) Ngesihe bayokusiza ukuba
ngenani ngokudla okuncane futhi enze konke okusemandleni ulungise noma yimaphi amaphu-
okungokomoya njalo ngosuku. ukuba akukhuthaze.—Hebheru tha oye wawenza, bekwenza lo-
Ungabi nomuzwa wokuthi kume- 10:24, 25. kho “ngomoya wobumnene.”
lwe wenze konke ngesikhathi esi- (Galathiya 6:1; IzAga 28:13)
“Nganginamahloni okuya eHholo
sodwa. Mhlawumbe ungafunda Abadala bangase bahlele ukuba
LoMbuso. Ngangizibuza ukuthi
iBhayibheli noma ulilalele imizu- othile akufundele, mhlawumbe
abangane babeyongiphatha ka-
zwana embalwa, ufunde enye esebenzisa incwadi ethi Sondela
njani. Omunye udade osekhulile
yezincwadi zethu noma ungene KuJehova noma ethi “Zigcineni
owayekulelo bandla eminyakeni
engosini ethi jw.org/zu. Zama Othandweni LukaNkulunkulu.”
engu-30 edlule wathi kimi: ‘Siya-
nokuya emihlanganweni yeba- Qiniseka ngokuthi abadala ba-
kwamukela ekhaya Ndodana!’ Lo-
ndla ngokushesha ngangokuno- yokududuza futhi bakusekele
kho kwangithinta inhliziyo. Nga-
kwenzeka. Ngaphezu kwakho ko- uze uqine ngokomoya.—Isaya
zizwa ngisekhaya ngempela.”
nke, thandaza kuJehova ucele 32:1, 2.
—UJavier.
ukuba akusize. “Kuyilapho ni-
“Phakathi neminyaka engu-8 ngi-
phonsa zonke izinkathazo zenu Ngaya eHholo LoMbuso futhi
pholile, abadala babelokhu beza-
phezu kwakhe, ngoba uyanikha- ngahlala emuva ukuze ngingabo-
ma ukungisiza. Ngolunye usuku,
thalela.”—1 Petru 5:7. nwa. Nokho abaningi engangi-
omunye umdala wangibonisa izi-
hlanganyela nabo ngiseyingane
“Ngemva kokuyeka ukukhonza thombe engangizithathe naye.
bangibona. Bangamukela futhi
uJehova, lapho ngicabanga uku- Zabuyisa izinkumbulo eziningi
banganga ngendlela enothando
thandaza ngangivele ngibe na- ezimnandi okwangenza ngafisa
kangangokuthi ngazizwa ngino-
mahloni. Ekugcineni ngaba naso ukuphinde ngithole injabulo
kuthula okukhulu. Ngazizwa ngi-
isibindi sokuthandaza futhi enganginayo ngisakhonza uJe-
sekhaya.”—UMarco.
umdala wasebandleni weza wa- hova. Ngothando abadala bangi-
zongibona. Wangisiza ngabona siza ngathuthuka ngokomoya.”
ukuthi uJehova akangikhohliwe. —UVictor.
Lo mdala wasikisela ukuba ngiqa-
le ngokufunda iBhayibheli nsuku
zonke. Lapho ngikwenza lokho,
ngathola amandla okuphinde
ngiye emihlanganweni yebandla.
Ngokuhamba kwesikhathi, nga-
phinde ngaya ensimini. Ngiyaja-
bula ukuthi uJehova akazange
angikhohlwe.”—U-Eeva.

14  BUYEL A KUJEHOVA
Iculo lethu elithi ‘Culela UJehova
“Uyonenza Nibe Namandla”
Ngenjabulo’ linezingoma eziningana
ezingakududuza futhi zikukhuthaze
njengoba uzivuselela ngokomoya.
UJah waninik’ iqiniso ngenjongo
Ngokwesibonelo, cabanga ngama-
Wanibizela ekukhanyeni.
zwi engoma 38. Le ngoma isekelwe
Ngezinhliziyo nanilangazelela
emazwini atholaka kweyoku-1 Petru
Ukumfuna nokwenza okuhle.
5:10, inesihloko esithi “Uyonenza
Ngomthandazo nathi n’yomlalela;
Nibe Namandla.”
Wanisiza, usazonisiza.

UJah wayidela iNdodana yakhe;


Ngoba efuna nizuz’uk’phila.
Uma engay’godlang’ iNdodana yakhe,
Khonake uyonipha amandla.
Ngeke al’khohlwe ukholo lwenu;
Uyonakekela bonk’ abakhe.

(CHORUS)
NgoKristu wanithenga, seningabeNkosi.
Uyonenza nibe namandla, niqine.
Usazoqhubek’ elokhu enivikela.
Uyonenza nibe namandla, niqine.

Ukuze ulalele le ngoma eculwa


ikhwaya kanye nezinye izingoma
zoMbuso, skena ikhodi noma
ungene ku-www.jw.org/zu. Bheka
ngaphansi kwesithi IZINCWADI
38 UMCULO.

15
Ingabe uke ucabange ngezikhathi ezimnandi owa- Le ncwajana ayidayiswa. Ilungiselelwe
njengengxenye yomsebenzi wokufundisa
ngeBhayibheli owenziwa emhlabeni wonke
wuzijabulela nabantu bakaJehova—imihlangano yeba- osekelwa ngeminikelo yokuzithandela.
Ukuze unikele, sicela ungene
ndla ekhuthazayo, umhlangano omkhulu ovusa amadli- ku-www.jw.org/zu.
ngozi, okuhlangenwe nakho okujabulisayo ensimini noma Ngaphandle kokuba kuboniswe ngenye
indlela, izingcaphuno zemiBhalo zithathwe
kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo
ingxoxo emnandi nomunye okholwa naye? Awukamkho- Engcwele yolimi lwanamuhla.
Buyela KuJehova
hlwa uJehova futhi naye akakukhohliwe. Uyayikhumbula Return to Jehovah
Inyatheliswe ngoNovemba 2018
inkonzo yakho yokwethembeka. Uyakulangazelela ukuku- Zulu (rj-ZU)
siza ubuyele kuye. ˘ 2015
WATCH TOWER BIBLE AND TRACT
SOCIETY OF PENNSYLVANIA
UJehova uthi: “Mina uqobo, ngiyozifuna izimvu zami Abanyathelisi
PRINTED BY WATCH TOWER BIBLE AND
ngizinakekele. Indlela anakekela ngayo owondla umhla- TRACT SOCIETY OF SOUTH AFRICA NPC
1 Robert Broom Drive East, Rangeview,
mbi wakhe ngosuku lokuba kwakhe phakathi kwezimvu Krugersdorp, 1739, R.S.A.
Made in the Republic of South Africa
zakhe ebezihlakazekile, yileyo ndlela engiyozinakekela
ngayo izimvu zami. Ngiyozikhulula kuzo zonke izindawo
ebezihlakazekele kuzo.”—Hezekeli 34:11, 12.

s Iwebusayithi Esemthethweni Skena ikhodi


181122

noma ungene
YoFakazi BakaJehova
rj-ZU

ku-www.jw.org/zu

You might also like