Professional Documents
Culture Documents
EKUFUNDENI
NASEKUFUNDISENI
th-ZU
181016
ZIMISELE EKUFUNDENI
NASEKUFUNDISENI
—1 THIMOTHEWU 4:13
IGAMA
IBANDLA
1 Isethulo Esiphumelelayo
3 Ukusebenzisa Imibuzo
5 Ukufunda Ngokunembile
7 Iyiqiniso
8 Imifanekiso Efundisayo
10 Ukushintshashintsha Kwezwi
11 Intshiseko
12 Imfudumalo Nozwela
15 Ukukhuluma Ngokuqiniseka
17 Iyaqondakala Kwabanye
18 Iyafundisa
20 Isiphetho Esiphumelelayo
Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
‘Yibani abafundisi.’ (Heb. 5:12) Cabanga nje! UJehova—uMfundisi obedlula bonke emhlabeni na-
sezulwini—umema thina ukuba sifundise abanye ngaye! Noma yiliphi ithuba esilitholayo lokufundisa
abanye iqiniso ngoJehova—kungaba semndenini, ebandleni noma ensimini—liyilungelo esingeke sa-
liqhathanisa nalutho futhi okungafanele silithathe kalula. Singawasebenzisa kanjani amathuba anja-
lo ngempumelelo?
Impendulo siyithola encwadini umphostoli uPawulu ayibhalela uThimothewu, inala mazwi: “Qhu-
beka uzimisela ekufundeleni iningi, ekukhuthazeni, ekufundiseni.” UPawulu wanezela: “Ngokwenza
lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo.” (1 Thim. 4:13, 16) Unomyalezo okumelwe uwutshele aba-
ntu, ongasindisa ukuphila kwabo. Ngakho kubalulekile ukuba uzimisele ukuthuthuka endleleni ofunda
nofundisa ngayo. Le ncwajana izokusiza ukwazi ukukwenza lokho. Nazi ezinye izinto ezihlelelwe uku-
kusiza.
Ikhasi ngalinye linomBhalo okusekelwe kuwo iphuzu elikulelo khasi, noma obonisa
indlela lelo phuzu elisetshenziswe ngayo kulowo mBhalo
UJehova ‘unguMfundisi Omkhulu.’ (Isaya 30:20) Nakuba le ncwajana izokusiza uthuthukise ama-
khono akho njengomfundi nomfundisi, ungalokothi ukhohlwe ukuthi uMthombo womyalezo nguJe-
hova nokuthi nguye odonsela abantu kuye. (Joh. 6:44) Ngakho, ungayeki ukuthandaza ucele umoya
ongcwele. Lisebenzise njalo iZwi likaNkulunkulu. Qikelela ukuthi ngaso sonke isikhathi udumo luya ku-
Jehova hhayi kuwe. Lwela ngaso sonke isikhathi ukusiza izilaleli zakho zijulise uthando ngoJehova.
Umenywe ukuba ufundise abantu umyalezo obaluleke kunayo yonke. Asingabazi ukuthi uzophu-
melela njengoba uncike “emandleni anikezwa nguNkulunkulu.”—1 Pet. 4:11.
˘ Veza ukuthi inkulumo yakho imayelana nani. Qiniseka ukuthi isethulo sakho
senza kucace ezilalelini ukuthi inkulumo yakho imayelana nani, nokuthi yini ofisa
ukuyifeza ngayo.
( ENSIMINI: Ukuze uthole ukuthi yini umuntu oxoxa naye angase akujabulele
ukuyizwa, qaphelisisa izinto omfica ezenza uphawule nezinto ozibona endlini
noma egcekeni. Yibe usuqalisa ingxoxo yakho ngokubuza umbuzo noma
uphawule kafushane ngezinto ozibonayo.
4
Ukukhuluma Ngendlela
Engokwemvelo 2
OKUFANELE UKWENZE: Khuluma ngendlela engokwemvelo eveza
ukuthi uzizwa kanjani ngezilaleli zakho nangendaba oxoxa
ngayo. 2 Korinte 2:17
˘ Zibheke izilaleli zakho. Bheka izilaleli emehlweni uma lokho kwamukelekile kuba-
ntu okhuluma nabo. Lapho ukhuluma, bheka umuntu ngamunye ezilalelini zakho
kunokumane uzijeqeze.
UKUFUNDISA 5
3 Ukusebenzisa Imibuzo
OKUFANELE UKWENZE: Buza imibuzo ecatshangelwe kahle
ezokwenza izilaleli zakho zifise ukwazi okwengeziwe, ziveze
Mathewu 16:13-16 imibono yazo, noma ukuze ugcizelele amaphuzu abalulekile.
˘ Sihlaziye kahle isihloko sakho. Siza izilaleli zakho zithole umqondo ophelele
wephuzu okhuluma ngalo, ngokubuza imibuzo ezisiza zifinyelele eziphethweni
ezinengqondo.
( ENSIMINI: Cela umuntu oxoxa naye ukuba aveze umbono wakhe ngendaba.
Lalelisisa lapho ephendula. Yibe usucabangela indlela engcono ongabuza
ngayo imibuzo eyengeziwe nengeke imphoxe.
6
ImiBhalo Yethulwe Kahle 4
OKUFANELE UKWENZE: Ngaphambi kokufunda umBhalo,
siza izilaleli zakho zazi ukuthi uwufundelani.
Mathewu 22:41-45
UKUFUNDISA 7
5 Ukufunda Ngokunembile
OKUFANELE UKWENZE: Kufunde njengoba kunjalo
nangokuzwakalayo lokho okubhalwe phansi.
1 Thimothewu 4:13
˘ Phimisela kahle igama ngalinye. Uma ungazi ukuthi igama liphinyiselwa kanjani,
hlola isichazamazwi noma ulalele leyo ncwadi uma irekhodiwe noma ucele
umuntu ofunda kahle ukuba akusize.
8
Iphuzu ElisemBhalweni
Licacisiwe
OKUFANELE UKWENZE: Ungagcini ngokufunda umBhalo nje
6
bese udlulela ephuzwini elilandelayo. Qiniseka ukuthi izilaleli
zakho ziyakuthola ukuhlobana komBhalo owufundile nephuzu
Johane 10:33-36
okhuluma ngalo.
UKUFUNDISA 9
7 Iyiqiniso
OKUFANELE UKWENZE: Sebenzisa imithombo enobufakazi
obunokwethenjelwa ukuze izilaleli zakho zikwazi ukufinyelela
Luka 1:3 iziphetho ezikahle.
10
Imifanekiso Efundisayo 8
OKUFANELE UKWENZE: Thuthukisa indlela ofundisa ngayo
ngokusebenzisa imifanekiso elula nezozikhanga izilaleli zakho
futhi ifundise amaphuzu abalulekile. Mathewu 13:34, 35
UKUFUNDISA 11
Ukusebenzisa Kahle
9 Izithombe Nezinye
Izinto Zokufundisa
OKUFANELE UKWENZE: Sebenzisa izithombe nezinye izinto
zokufundisa ezizosiza izilaleli zakho ziyikhumbule kalula
Genesise 15:5 indaba oxoxa ngayo.
12
Ukushintshashintsha
Kwezwi 10
OKUFANELE UKWENZE: Dlulisela amaphuzu ngendlela ezothinta
imizwa yezilaleli ngokushintshashintsha umsindo wezwi,
iphimbo nejubane. IzAga 8:7
UKUFUNDISA 13
11 Intshiseko
OKUFANELE UKWENZE: Khuthaza izilaleli zakho ngokukhuluma
ngentshiseko.
Roma 12:11
14
Imfudumalo Nozwela 12
OKUFANELE UKWENZE: Khuluma ngokusuka enhliziyweni, ubonise
ukuthi unendaba nezilaleli zakho.
1 Thesalonika 2:7, 8
UKUFUNDISA 15
13 Izinzuzo Zokusebenzisa
Amaphuzu Zicacisiwe
OKUFANELE UKWENZE: Siza izilaleli zibone ukuthi indaba oxoxa
ngayo ikuthinta kanjani ukuphila kwazo, uzibonise nokuthi
IzAga 3:21 yini okufanele ziyenze ngolwazi ezilutholile.
16
Amaphuzu Ayinhloko
Acacisiwe
OKUFANELE UKWENZE: Siza izilaleli zakho ukuba zihambisane
14
nawe njengoba ukhuluma, ucacise ukuthi iphuzu ngalinye
lihambisana kanjani nesihloko kanye nomgomo wenkulumo
Hebheru 8:1
yakho.
UKUFUNDISA 17
15 Ukukhuluma Ngokuqiniseka
OKUFANELE UKWENZE: Bonisa ukuthi uyakholelwa ukuthi indaba
okhuluma ngayo iyiqiniso futhi ibalulekile.
1 Thesalonika 1:5
18
Iyakha Futhi Iyakhuthaza 16
OKUFANELE UKWENZE: Gxila ezintweni ezikhuthazayo futhi ezenza
izilaleli zibe nethemba.
Jobe 16:5
UKUFUNDISA 19
17 Iyaqondakala Kwabanye
˘ Yilungiselele kahle indaba yakho. Yiqonde kahle indaba okhuluma ngayo ukuze
ukwazi ukuyichaza ngendlela elula nangamazwi akho.
20
Iyafundisa 18
OKUFANELE UKWENZE: Yenza izilaleli zakho zicabange
ngendaba oxoxa ngayo, uzishiye zanelisekile futhi zizuzile.
1 Korinte 9:19-23
UKUFUNDISA 21
19 Ukuzama Ukufinyelela
Inhliziyo
OKUFANELE UKWENZE: Siza izilaleli zakho zikujabulele lokho
ezikufundayo futhi zizimisele ukukwenza.
IzAga 3:1
˘ Siza izilaleli zakho zizihlole. Sebenzisa imibuzo ezokwenza izilaleli zakho zihlole
imizwa yazo ngokuqondene nendaba okhuluma ngayo.
˘ Bonisa ukubaluleka kokuba nezisusa ezinhle. Khuthaza izilaleli zakho ukuba zizi-
hlole ukuthi kungani ngempela zenza imisebenzi emihle. Zisize zifune ukwenza
okuhle ngoba zithanda uJehova, omakhelwane nezimfundiso zeBhayibheli. Boni-
sana nezilaleli zakho; ungazishumayezi. Kunokuzibangela amahloni noma uzenze
zizizwe zinecala, inkulumo yakho mayishiye izilaleli zikhuthazekile futhi zifuna
ukwenza nakangcono.
22
Isiphetho Esiphumelelayo 20
OKUFANELE UKWENZE: Lapho usuphetha, khuthaza izilaleli zakho
ukuba zikwamukele futhi zikusebenzise ezikufundile.
UmShumayeli 12:13, 14
˘ Isiphetho sakho masibe lula futhi si- Ungakhulumi usheshe, kodwa futhi
ngabi side. Ungafaki amaphuzu ama- izwi lakho maliphile. Imisho yokugci-
sha esiphethweni. Usebenzisa amaga- na mayibonise izilaleli ukuthi usufike
ma ambalwa, khuthaza izilaleli zakho esiphethweni.
ukuba zenze lokho okufanele zikwenze.
( ENSIMINI: Njengoba uphetha ingxoxo, phinda iphuzu ofuna lowo oxoxa naye
alikhumbule. Ngisho noma ingxoxo yenu iphela ngokungalindelekile, yiphethe
ngendlela enhle. Ngisho noma umuntu oxoxa naye edelela, mphendule
ngendlela ezomenza alalele ngesikhathi esizayo.
UKUFUNDISA 23
B O N A I N T U T H U KO YA K H O
U S U KU
1 Isethulo Esiphumelelayo
3 Ukusebenzisa Imibuzo
5 Ukufunda Ngokunembile
7 Iyiqiniso
8 Imifanekiso Efundisayo
10 Ukushintshashintsha Kwezwi
11 Intshiseko
12 Imfudumalo Nozwela
15 Ukukhuluma Ngokuqiniseka
17 Iyaqondakala Kwabanye
18 Iyafundisa
20 Isiphetho Esiphumelelayo