You are on page 1of 7

IMIQONDO ELETHWA IZAKHI EMAGAMENI

1. IZAKHI ZAMABIZO
Isijobelelo –ana, -azane
 Umqondo wobuncane ngokweminyaka. Indodana ishiywe ibhasi.
 Umqondo wobungako ngokwenani. Imadlana yami iphelile.
 Umqondo wokwedelela. Indojeyana iswele imali yokugibela.
 Umqondo wokuteketisa. Ikhehlana likamama selingcono kakhulu.
 Ngibone intombazane ishayiswa imoto.

Isikhulilso –kazi
 Umqondo wobukhulu bento. Imotokazi izosithwala sonke.
 Umqondo wehaba. Ikhandakazi lakhe liyahlekisa uLungelo.

Ubulili –kazi,-azi
 Umqondo wobulili besifazane. Imvukazi yami izele.
 Inkomokazi iyasengwa

Isijobelelo samabizomuntu –i
 Umqondo wamabizomuntu. Umthungi wezingubo zakhe uzithunga kahle.
 Umakhi wakhe umenzele phansi. Phela kwaZulu isihambi siphathwa kahle.

Isijobelelo samabizonto –o
 Umqondo wamabizonto. Imithungo yakhe mihle kakhulu uyinono akulengi kotini.
 Umthandazo ubalulekile kakhulu.
 Izingane zanamuhla azisayidlali imidlalo yakudala njengokugenda amatshe.

Izakhi eziyiziphongozo (So-, No-, Ka- kanye noMa-)


 Isakhi uSo- simele igama elithi uyise. Siletha umqondo kayise.
 USomatekisi wangakithi unobuntu. (Uyise wamatekisi)
 Konke sikunikela kuSomandla. (Uyise wamandla)
 Isakhi uNo- simele igama ellithi unina. Siletha umqondo kanina.
 UNomvula umntwana oziphethe kahle.( Unina wemvula.)
 Izibulo likamama uNokuthula. (Unina wokuthula.)
 Isakhi uKa- simele umntaka. Usebenza kubantu besifazane asebeganile.
 Sisebenza kakhulu ezibongweni eziqalisa ngoMa.
 UKaMakhathini ushadele kwaZungu.
 UKaMakhanya ungumama onakekelayo.
 Isakhi uMa- naso simele umntaka. Usebenza kubantu besifazane asebeganile.
 UMaZulu uganele kwaZungu. (UmntakaZulu)
 UMaNgubane ugogo wami ozala ubaba. UmntakaNgubane)

 Iziqalo zamabizo
 Umqondo wobunye nobuningi.
 Umuntu uhlakaniphile.
 Abantu bayayisaba isayensi.

2. ISABIZWANA SOKUBALA
Isiqu u-nke-
Siletha umqondo wokudidiyela.
 Zonke izinkomo zami zibuyile emadlelweni.
 Nina nonke nivele ninyamalale.
Isiqu u-dwa-
Umqondo wokwehlukanisa.
 Ngipheke isitambu sodwa namhlanje.
 Ngizohamba ngedwa kusasa.
 Uwena wedwa nje ongikhumbulayo.
Iziqu zesabizwana sokubala : -bili, -thathu,-ne,-hlanu
Umqondo onikeza isibalo sezinto.
 Ngizozikhanda zozine izimoto zami.
 Bobathathu baphumelele kahle.
 Zizonqunywa zozinhlanu lezi zinkukhu.

3. ISICHASISO
Uhlu lweziqu zesiphawulo
 -bi, -de, -nci,-sha,-fuphi,-ncane,-dala,-khulu,-hle,- fishane,- ngaki,-ningi,- ncinyane,-
bili,-thathu,-ne ,-hlanu.
Uhlu lweziqu zesibaluli zemvelo nezikhomba umbala
 -qotho,-qatha,-banzi,-muncu,-mnandi,-ngcono,-mbalwa,- nqunu,- mthuku,- mqoka,-
mhlophe,- mnyama,-nsundu,-nkone,-phuzi,-bomvu.
 Ezinye iziqu zesibaluli zisuselwa kwezinye izingcezu zenkulumo njengasezenzweni.
 Isibonelo. Umuntu (-buza) obuza nento esobala angimthandi.
 Umfundi obuzayo ngiyamthanda. Isijobelelo eselulayo u-yo- sisebenza nesibaluli.

4. ISILANDISO
Izijobelelo zesenzo
Isijobelelo u-an-
 Siletha umqondo wokwenzana kwezinto ezimbili noma eziningana..
 Abantwana bashayana ngemicamelo.
 Izingane zithelana ngamanzi.
 Abashayi sibhakela bayashana.
 Siletha umqondo wokuphikelela noma wokuphindaphinda.
 Ukwenza isenzo esithile njalonjalo.
 Esikoleni sifundana nezincwadi njalo.
 Ushiywe yitekisi elibele ukucwalana nezinwele zakhe.
 Balibele ukushayana nogubhu, manje umile umsebenzi.

Isijobelelo u-is-
Siletha umqondo wokwenzisa noma owokubangela ukwenzeka kwento ethile.
 Ngizokugijimisa uze ujuluke.
 Uboyiphuzisa umuthi inkomo.
 Ubaba ukhalisa ingane.
Siletha umqondo wokusiza noma wokwelekelela.
 Izingane zizongilimisa kusasa.
 Ingabe ithuthisa unina amanzi.
 Sizokuhlinzisa uma usuyihlabile.

Isijobelelo u-ek-
Siletha umqondo wokwenzeka.
 Le ndaba ayixoxayo iyakholeka.
Siletha umqondo wesimo.
 Usengconywana ngoba nakhu sekuyadleka.
 Kuyadleka lokhu kudla akukubi.

Isijobelelo u-el-
Siletha umqondo wokwenzela umuntu into ethile.
 Umakoti ugayela uyisezala umcaba.
 Umfana ufundela ugogo incwadi.
Siletha umqondo wenhloso.
 Abazali basebenzela izingane zabo.
 Mina ngifundela ubuhlengikazi.
Siletha umqondo wokusiza noma wokwelekelela.
 Ingane ingiphathela izimpahla.
Umqondo wokukhomba umsebenzi wento.
 Kungcolile endlini yokufundela.
 Khiphani izincwadi zokubhalela.
Isijobelelo u-w-/-iw-
Siletha umqondo wokwenziwa.
 Umjovo uthandwa ngogogo.
 Ingane ishaywa ngunina.

Isijobelelo u-isis-
Siletha umqondo wokwenzisisisa.
 Bayazigezisisa izandla uma bezohlinza isiguli.
 Nginike isikhathi-ke ngimbukisise.
 Ngizoyiwashisisa imoto.
 Ubokuhlafunisisa ukudla uma udla.

IZINKATHI ZESENZO
Isijobelelo u-a
Siqukethe umqondo wenkathi yamanje.
 Umama uhamba ngebhasi.
Isakhi u-ya-
Siqukethe umqondo wenkathi yamanje eqhubekayo.
 Izingane ziyadlala ezinkundleni zemidlalo.
Isijobelelo u-e/-ile
 Wedlule ekuseni umfana.
 Uyithathile imali yami.
Isakhi u-zo-
Siqukethe umqondo wenkathi ezofika noma okuzokwenzeka.
 Uzohamba ngebhasi.
Isakhi u-yo-
Siqukethe umqondo wenkathi eyofika noma okuyokwenzeka.
 Ibhasi liyobuya ngesonto elizayo.
Isakhi u-a-
Siqukethe umqondo wenkathi edlule.
 Bahamba nyakenye labo.

IZINSIZASENZO
Izinsizasenzo zisebenza nesilandiso (Isenzo noma isibanjalo), ukuveza imiqondo
eyahlukene yesilandiso.
Isakhi u-se-
Siletha umqondo wosekwenzeka.
 Angeke ungithole ngoba sengiyasebenza.
 Muva nje sekukhona izindlela ezintsha zokweba izimoto.
Isakhi u-be-
Siletha umqondo oveza obekwenzeka.
 Izolo bekukhona abadayisa ngomshuwalense wokonga imali.
 Bengigula kabi kuthangi.
Isakhi u-zo-
Siveza umqondo wokuzokwenzeka.
 Uma ungabhekile uzokhala ezikhindini.
 Uzofika kusasa umalume.
Isakhi u-ya-
Umqondo wokwenzeka manje.
 Ake uyeke ingane iyadlala.
 Bayadansa omajayivane ezitolo.
Isakhi u-ka-
Umqondo wokulandula.
 Abadayisa izimoto kabaliyeki ithuba lokushela.
 Kulungile ngizokuphelekezela ngoba nakhu angikasebenzi.
Isakhi u-sa-
Umqondo oveza okusenzeka.
 Izindawo zasemakhaya zisaphephile.
 Balindeni phela, basashanela.
Isakhi u-ma-/a-/ka-
Umqondo wokuncika.
 Asifundeni/Masifundeni/ Kasifundeni liyasishonela ilanga.
 Asiyiphathe/Masiyiphathe/Kasiyiphathe kahle intuthuko.
Isakhi u-nga-
Siqukethe umqondo wokungenzeka/wamandla.
 Akekho ongaduka ngoba bakhona abaqaphe ezokuphepha.
 Ingayithatha indebe yehlabathi iBrazil.
Isakhi u-nga-
Umqondo wokulandula/wokuphika
 Ningahambi ngaleyo ndlela yenile.
Isakhi u-nge-
Umqondo wokungenzeke.
 Angethokoze ngani umzali ebona ingane yakhe ijabule.
 Ngingelalele umbhedo onje mina.
Isakhi u-a-
Umqondo wokulandula.
 Asiboni kahle uma liguqubele.
 Asihambi namuhla ngoba liyana.

Isakhi u-i-
Umqondo wokulandula.
 Asiboni kahle uma liguqubele.
 Asihambi namuhla ngoba liyana.

IZAKHI ZESIBANJALO
Isakhi u-ng-, ngu-, y-, yi-, w-
Ngaphandle kokwehlisa iphimbo ohlamvini lokuqala, zikhona ezinye izindlela
esinokuguqula ngazo amabizo siwenze izibanjalo ngokuphongoza izakhi
zesibanjalo.
Lezi zakhi yizona eziletha umqondo wokulandisa.
 Uthisha wami lona.
o Nguthisha wami lona.
 Ohambayo uwena.
o Ohambayo nguwena.
 Mina ngihlala lapha.
o Yimina engihlala lapha.
 Umuthi wami uyababa.
o Wumuthi wami obabayo.
 Elami ipeni.
o Ngelami ipeni.

5. ISIKHANYISO
Izakhi zesandiso sendawo.
Ziletha umqondo wendawo/kandaweni
 Musa ukuhamba emgwaqeni wena.
o e…… eni
 Izilwane zihlala ehlathini.
o e……ini
 Ubaba wakhulela KwaZulu.
o kwa-
 Asimuyise kuzona izingane zakhe.
o ku-
 Lo mfana uhlala oPhongolo.
o o-
 Mina ngisebenza eGoli.
o e-
 Thela utshwala okhanjeni oluncane.
o o…..eni
Izakhi zesandiso sesimo.
Ziletha umqondo wesimo.
 Le mali ngiyisebenzele kanzima.
o ka-
 Zama ukudla ngokushesha wena bo.
o nga-₊ ukushesha ₌ngokushesha
 Le ngane yedelela buthule.
o bu-

You might also like