You are on page 1of 3

INJULALWAZI YOKUCATSHANGWA WUMFUNDI

(I-READER RESPONSE CRITICISM)

2023
I-Reader Response Criticism (Roland Barthes, Norman
Holland, Stanely Fish )
Isukela enjulalwazini ye-reader response (Reader Response Theory), ebuka
umbhali noma umfundi wombhalo.
Ingani umbhali okwakhe ukubhala umbhalo bese ezihambela, awushiye nomfundi
wombhalo, okunguyena osezozakhela esakhe isithombe, afake umqondo,
awuhumushe ngendlela yakhe.
Umbhali akafunzi umfundi wombhalo ngafuna umfundi wombhalo akuzwe, kukuye
umfundi wombhalo ukuzihumushela, azakhele esakhe isithombe.
 Ngakho-ke uma sisebenzisa le ndlela yokuhlaziya imibhalo, sibheka lokhu:
• Sizama ukubheka ukuthi kusuke kwenzekani ekhanda lomfundi wombhalo ngenkathi
ezama ukucubungula umbhalo lowo.
• Umbhalo ngeke ube ngumbhalo engekho umfundi wawo futhi owucubungula
ngendlela yena awubona ngawo.
• Kufana nokuthi umbhalo awuphelele uma ungazange ufundwe futhi ucutshungulwe.

• Kumele kuhlonzwe konke ukungqubuzana kwemibono okuvezwa yilowo mbhalo.


• Le ndlela yokucubungula imibhalo iyaphikisana nalabo abathi umbhalo lowo unganikeza
incazelo eyodwa. Nokho akushiwo ukuthi kuvunywa noma yini nje eshiwo ngumfundi
wombhalo, uma akushoyo kungenabudlelwane nombhalo awufundayo.
• Umfundi kumele akusekele ngezizathu ezinqala lokho athe uma efunda umbhalo wakuhlonza
njengencazelo.
• Okubalulekile ukuthi umfundi wombhalo yena ngokwakhe uwubuka kanjani umbhalo lowo
awufundayo, akhe siphi isithombe ngawo, ngamanye amazwi lokhu yimpendulo yakhe
ayivezayo ngombhalo awufundayo.
• Yingakho nje kuye kuthiwe ekuhlaziyeni umbhalo, ayikho impendulo eyisimbelambela, ngoba
kuya ngokuthi owufundile umbhalo uwuzwe kanjani, wakha siphi isithombe. Ngeke-ke abantu
bacabange into efanayo, abasiye umuntu oyedwa. Okubalulekile ukuthi umfundi wombhalo
lapho esewuhlaziya, asekele kuzwakale, nolalele ezwe ngempela ukuthi iyashaya le ntombi/ le
nsizwa.
• Ingani kuye kwenzeke uthisha anakiswe wumfundi into ethile abengayinakile embhalweni,
futhi athi uma emlalela umfundi, avumelane naye, ngenxa yokuthi into ayishoyo inomqondo,
ikhaliphile. Asicabangi phela ngokufanayo.

You might also like