You are on page 1of 3

IZWI LEZULU: 7 NGOKWEBHAYIBHELI AMADIMONI noSATHANE AKUZONA IZIDALWA EZAHLUKILE EZINGELOSINI.

Ingihlabe umxhwele inkulumo ka-Zaid Muslim lapho echaza khona okuningi ngedlozi, amadimoni nezingelosi. Akukuningi esehlukana kukho njengabantu beBhayibheli kanye neKuran. Siyavumelana ngokuphelele ukuthi uMdali (Allah noma uJehova) asikho isidalwa esisemhlabeni nasezulwini esingalinganiswa naye. Noma kungekho lapho siphikisana khona ne-Islam, kodwa kukhona lapha sehlukana khona ngendlela esichaza ngayo izinto ezithize njengabafundi nabalandeli beBhayibheli. Ngizogxila enkulumeni kaZaid Islam yomhlaka 21-27 October 2011 lapho ethi khona: Ngaphandle kwezinye izidalwa, njengezihlahla, umhlaba nokunye, kunezidalwa ezintathu ezibalulekile. Wumuntu, yizingelosi, nama-Jinni (imimoya). Umuntu wabunjwa ngomhlabathi. Inhloso yakhe ukuvivinywa azizuzele iZulu noma isihogo. Izingelosi zona zadalwa ngokukhanya (light) azifi, ziphila undendende. Zadalelwa ukuba zikhonzi zikaMvelinqangi kuphela. AmaJinni ngesizulu kuthiwa imimoya, ngesilungu amadimoni (demons), wona adalwa ngomlilo ongenantuthu (smokeless fire). Ayazalwa ngamanye. Aphila isikhathi eside njengomuntu; nawo enza okukhethwe yiwo. Ayongena eZulwini noma esihogweni, kuye ngokwenza. Ngokwemfundiso yeBhayibheli izidalwa ezingumfanekiso kaNkulunkulu zahlukaniswe kabili. Asikho isidalwa okuthiwa iJinni noma yi-dimoni. Isidalwa sokuqala yingelosi okuyisidalwa sasezulwini, Isidalwa sesibili ngumuntu oyisidalwa sasemhlabeni. USathane nedimoni ngokweBhayibheli akuzona izidalwa ezehlukile kwingelosi. Awukho umlando weBhayibheli othi uNkulunkulu wadala uSathane noma idimoni njengezinto ezehlukile ezingelosini ngokudalwa. Futhi iBhayibheli alifundisi ukuthi izingelosi azisenzi isono:Bheka incwadi ka-Enoch (ayifakiwe eBhayibhelini) neSambulo. UZaid Islam uthi: USathane uDeveli, abangazi bathi engakaxabani no-Allah wayeyingelosi. Chabo bo! USathane ndini lo yi-Jinni (umoya). IKurani imbiza ngo-Iblis kodwa kuthiwa wayenguAzazel kuqala, babe ngamathe nolimi no-Allah.Waze wamnika isikhundla sokuba nguthisha wezingelosi. Ukuthi uSathane wabe eyingelosi akuyikho ukungazi, kodwa imfundiso yeBhayibeli. USathane wabe eyingelosi njengazo zonke izingelosi, enguLucifer. Wavukela uNkulunkulu ekanye nezinye izingelosi, kwaba nokulwa ezulwini kodwa yena wehlulwa, wabe eseba ingelosi ephika uNkulunkulu. Ngokwemfundiso yeBhayibheli uSathane akadalwanga ngokwehlukile ezingelosini, kodwa zingelosi ezahlubuka zamelana noNkulunkulu. Njengoba-ke uNkulunkulu
1|Page

engamdalanga uSathane namadimoni ngokwehlukile ezingelosini, kanjalo uNkulunkulu akasidalanga isihogo, kodwa isihogo savela ngokuhlubuka kukaSathane.IBhayibheli lisifundisa ngokudalwa kwezulu nomhlaba kuphela. Kanjalo nalapha emhlabeni, isono sasingekho, isono sabakhona mhla uSathane esuka esihogweni ezodukisa u-Adam no Eva. IDIMONI UMENZI WOBUBI KANTI INGELOSI UMENZI WOBUHLE. Ngokwemfundiso yeBhayibheli idimoni alisoze langena ezulwini ngoba liyingelosi ehlubuke kuNkulunkulu, limelene noNkulunkulu. Uma idimoni lingabuyela kuNkulunkulu noma lingene ezulwini, ngeke libizwe ngokuthi idimoni, kepha lingabizwa ngengelosi. Ngokwe mfundiso yeBhayibheli mibili imimoya (Spirits) ebusa umuntu, uMoya oNgcwele ovela kuNkulunkulu noma umoya omubi olawula umuntu ukuba enze okufunwa nguSathane. Ngasosonke isikhathi ingelosi igqugquzela umuntu ukuba enze okuthandwa nguNkulunkulu kanti idimoni (ingelosi yobumnyama) igqugquzela umuntu ukuba enze lokho okufunwa nguSathane. Uma umuntu enza lokho okugqugquzelwe nguMoya oNgcwele, uma efa uya eZulwini, kanti uma enza lokho okugqugquzelwe ngumoya omubi, uma efa uya esihogweni. Uma umuntu ofile engayanga ezulwini ukusebenza komoya wakhe kuba ngokwedukisayo. Uma umoya (Spirit) usebenza imisebenzi ephambana noNkulunkulu ubizwa ngokuthiwa lidimoni, kanti uma umoya usebenza okuhle nokufunwa nguNkulunkulu ubizwa ngokuthi ingelosi. Ngakho-ke akusiyo imfundiso yeBhayibheli ukuthi ingelosi ayoni, ngoba uSathane wabe eyingelosi eyahlubuka nezinye izingelosi. UBUNGELOSI NOBUDIMONI BOMUNTU OFILE Siyavumelana ukuthi ngokwencazelo (definition) eseBhayibhelini umoya womuntu osewafa ubizwa ngokuthi idlozi, nanokuthi idlozi lingumoya ophilayo kodwa osewaba nesidumbu (body) esesafa. Ngokwemfundiso yeBhayibheli neyobuNazaretha asikwazi ukuchaza konke ngesimo somuntu ofile, lokho kuyimfihlo kaNkulunkulu. UShembe uthi uma umuntu engcwatshwa ukuqonda kwethu ngaye kuyaphela, kodwa esikukholwayo ukuthi umoya wakhe usuke usukuNkulunkulu. Nokho kukhona esikwaziyo ngomuntu ofile ngokwembulelwa nangezimfundiso zokukholwa. UMoya womuntu ofile kuyenzeka ubuye uzohlala kumuntu ophilayo umlawule. Umoya womuntu ofile uyafika ngamaphupho noma ngezibonakaliso kumuntu ophilayo umlawule. Uma umoya womuntu osewafa ungena kumuntu kuthiwa lowo muntu ungenwa lidlozi. Umuntu uma efa umoya wakhe uqhubeka nesimo (character) abe yiso esaphila, futhi uma esebuya elidlozi
2|Page

engena kophilayo, ungena kuye eseyileso simo, bese enza ophilayo ethatha isimo salowo olidlozi. Uma umuntu efe enenhliziyo embi engumbulali, ubuya elidlozi ekuleso simo bese kuthi lowo ongene kuye naye ehlelwe yileyo nhliziyo yokubulala, abe nequnga abulale. Uma umuntu efa entshontsha nakhona futhi kuba njalo. Uma umuntu efa eyinyanga idlozi lakhe lobuya limenze umuntu aphathe imithi. Noma yisiphi isimo umuntu ofa ekuso, umoya wakhe uyabuya ungene kuye uma ewamukele lomoya bese ethatha isimo (character) wawo. Lesi isizathu sokuqala esenza uNkulunkulu ku-Duteronomi 18:12, ethi umuntu onedlozi uyisinengiso kuye bese ethi ku-Levi 20:27 umuntu onedlozi akabulawe. Isizathu sesibili esokuthi umoya obuye uhlale kumuntu usuke lowo moya ungazange wangena eZulwini, uphila impilo yokuzimela. Umoya ozimele uyisitha kuNkulunkulu ngoba uyaye ufune umuntu aphile impilo yawo engalawulwa nguNkulunkulu. Uma umuntu ebhema insangu bese ebuya engena kumuntu elidlozi, lomuntu naye uzobhema insangu. Noma uNkulunkulu engathi umuntu olikholwa angayibhemi insangu, kodwa uma lomuntu ewamukela lomoya uzoyibhema insangu ngoba vele lomoya omembethe awulawulwa nguNkulunkulu. Ekugcineni ukwanda kwabantu abalawulwa imimoya kusho ukubukela phansi uMoya oNgcwele, nokuhlamuka uNkulunkulu. Ubudimoni bedlozi buqala uma idlozi selingena kumuntu limlawula. Lomuntu usephule umthetho othi ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Njengoba sengishilo umuntu olikholwa ulawulwa umthetho kaNkulunkulu; noma efa umoya wakhe ulawulwa nguNkulunkulu. Umoya womuntu ofe elikholwa awuhlali kumuntu ophilayo, uhlala kuNkulunkulu, bese uthatha isimo sobungcwele, isimo sobungelosi (Mat.17: 2-3; 22:2930). Uma lomoya uza kumuntu ngephupho usuke uthunywe nguNkulunkulu, uyosebenza umsebenzi kaNkulunkulu.

3|Page

You might also like