You are on page 1of 4

IZWI LEZULU PART 4 Ngaphambilini ngike ngachaza ukuthi ubuNazaretha njengenkolo akunawo umlando wakwaZulu, kepha kunomlando weBhayibheli.

. Lokhu kudalwa ukuthi kuzozonke izimfundiso zikaShembe uMprofethi, wabeka phambili umthetho kaMose. Emthandazweni weSabatha uShembe wathi uma eqala efundisa ngezimiso zomthetho wenkolo ku-verse 3-4 wathi: 3. Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane nigcine imithetho yakhe anilobela yona uJehova ngeNceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi; 4. Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe akayikuyamukela imithandazo yenu, akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine. UMTHETHO KA-MOSE UYISISEKELO SOBUNAZARETHA Lamavesi amabili ayisisekelo senkolo yobuNazaretha; awukwazi ukuweqa. Uma ethi uShembe imithetho kaJehova kumele siyilalele bese siyayigcina usho ukuthi umthetho kumele siwufunde siwuqonde ukuthi uthini bese sihambisa ngokuyala kwawo. Inkinga ebakhona-ke kumaNazaretha ukuthi eBhayibhelini noma emthethweni kaNkulunkulu ahamba eyeqa, kubekhona ayigcizelelayo, bese kubakhona angafuni nokuyizwa ukuthi ifundwe igcinwe. Kunemithetho eyashiwo nguNkulunkulu etshengisa ukuthi uma ungayigcini ufanele ukufa nokufa, kepha amaNazaretha esizukulwane samanje akayishayindiva lemithetho yize ethi uma eshumayela afunde iBhayibheli okubhalwe kulo lemithetho. Lemithetho engikhuluma ngayo ilena elandelayo: a) Eksodusi 22:20: Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa b) Levi 19:31: Ningaphendukeli kwabanamadlozi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo, nginguJehova uNkulunkulu wenu. c) Levi 20:27: Owesilisa noma owesifazane elikubo idlozi bobulawa nokubulawa bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo d) Duteronomi 18:10-12: Makungafunyanwa kuwe umuntu ongumbhuli noma ohlola imihlola noma obhula emadlozini Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho, akakuvumelanga ukwenza kanjalo e) Izikronike I 10:13-14: Wafa kanjalo-ke uSawuli ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga, nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye engabuzanga kuJehova; ngalokho-ke wambulala, wabuyisela umbuso kuDavide indodana kaJese. Uma ethi uNkulunkulu into ayingenziwa ungase ucabange ukuthi uma umuntu eweqa umthetho lokho uzokufihla; kodwa lezizono zenziwa eBandleni kube sengathi ziyinqubo yeBandla. Okuseqinisweni amaNazaretha asanda kukholwa ayaye acabange ukuthi lezizinto
1|Page

eziyisinengiso kuJehova ziyingxenye yobuNazaretha ngoba zenziwa ngisho abagcotshwa umgangela, kushunyayelwe ngazo eBandleni. Thina esakhula ngaphansi kwabazali abakhuliswe nguMprofethi sasifundiswe ukuthi uMnazaretha akawahlabeli amadlozi ngoba uMprofethi wabe engeke afundise amaNazaretha ngokuthi akesabe uJehova ngokugcina umthetho wakhe bese futhi afundise amaNazaretha into ephambene nomyalo kaJehova. Ekukhuleni kwethu sasifundiswe ukuthi umuntu onguMnazaretha akabhuli, ngingasayiphathi-ke eyobungoma. Lapho uMprofethi ebhala ikhathekhizimu lamaNazaretha, washo lamazwi kuverse 74: Zilotshiwe zonke izinto ezingcolisa umuntu noma eziphatha ngezandla zakhe. Ungazingcolisi ngemithi yezinyanga, nezangoma, nengulube notshwala. UShembe uveza lezizincwadi; Levi 19:31; 11:7; Petro 4:3. Incwadi kaPetro ifundeka kanjena: Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza. IZINKINGA ZOKUHLABELA AMADLOZI Into ebuhlungu ukuthi yize uJehova ethi uma umuntu ehlabela abanye onkulunkulu uyakubhubha nokubhubha, amaNazaretha anazo zonke izinto noma izizathu zokuzivikela kulezizono. Lemihlatshelo isikhathi esiningi eminye ithi ingaqalwa kuvele zonke izinhlobo zezigameko; eminye ithi iqedwa kube kuphuma izidumbu zabantu, kufe lezompahla noma abantu bevelelwe yilokhuya nalokhuya. Umbuzo uthi, uma ulikholwa bese ethi uNkulunkulu uma wenza into ethize uzobhubha nokubhubha, kungenzeka kanjani ukuthi bese kuthi uma usuwenze leyonto ukuvela kokuhlupheka namashwa kukumangalise? Inkinga enkulu ukuthi ngaphambi kokuba amakholwa enze lento aqale ayobuza konedlozi. Okuseqinisweni lemisebenzi bayenzelwa yibo abanedlozi. Uma ingasalungi lento idlozi likhombe lokhuya nalokhuya okuzokwenza ukuthi ubuye uzame futhi. Lesisimo siyaye singehluki kwesabantu abadlala amaphepha kumbe ababhejela amahashi. Isono umuntu onguMnazaretha uqala ukusenza ngenkathi eyobhula. Uma ngabe uJehova ambulala uSawuli, wamephuca nobukhosi wabunika uDavide, kuyokwenzeka kanjani ukuthi uma nawe ulikholwa wenza lento uJehova angakubulali? Uma wenza into eyisinengiso kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyasuka kuwe bese izitha zikufumana. Ulokhu uthi unoNkulunkulu kanti kade uJehova esukile kuwe (Abahluli 16:20) Into ebuhlungu ukuthi athi amaNazaretha enza lezizinto ebe efake ingubo emhlophe ecula amaculo abekelwe imikhosi eyingcwele kaJehova. Lemikhuba iqala iba isinengiso kuNkulunkulu umuntu esayobhula noma eyohlola, yonke-ke into ezokwenziwa lapho ayikho ngaphansi kobungcwele; yobakhona kanjani uma uJehova engayamukelanga kuSawuli! Ngenkathi uthatha ubungcwele ubuhlanganisa nezinto eziyisinengiso kuJehova, uNkulunkulu uyathukuthela, asuke
2|Page

akushiye bese amadimoni ezenzela kuwe. Lapho-ke usuyahlupheka uze ufune ukuthatha intambo uzibulale. ALIKHO IZULU LOMNDENI Kunezinto eziningi ezixakile kulemisamo. Mhlawumbe aziyona inkinga kubantu abangesiwo amaNazaretha, kodwa umuntu onguMnazaretha kumele abe nokuqonda ukuthi ukuhlanganisa umsamo nobuNazaretha ukuzidonsela amanzi ngomsele. Imfundiso kaNkulunkulu ithi imimoya yabantu abafile ayihlali ngobundeni, kepha ihlala ngokwemisebenzi yabo abayenza bese lapha emhlabeni. Uma umuntu ephila impilo yobuNazaretha lapha emhlabeni, uma esengumoya uyohlala emzini wamaNazaretha, ahlulelwe ngemithetho kaNkulunkulu. Awukwazi ukuthi uthi kade uphila impilo yobungcwele bese kuthi uma usufa bese uyohlaliswa nababulali, abathakathi, nabaphuza utshwala, neziqhwaga kanye nabobonke abantu ebebephila impilo yobumnyama, ngokuthi nje abomndeni wakho. Ayikho imfundiso enjalo ekukholweni (Isambulo 22:14-15). Uma ikhona pho sikholelwani, sizihlukaniselani nalababantu abenza izinto zobumnyama lapha emhlabeni ekubeni kuzothi uma sesifile siye kubo? Umuntu olikholwa kumelwe atshwelwe ngeZulu likaNkulunkulu ngoba uyakulo. Umuntu obephila impilo yobungcwele akathi uma esefile bese ebuyela emhlabeni azofuna ukulawula emhlabeni esengumoya. Umoya womuntu obephila impilo yobungcwele uba yisimo sengilosi, ulawulwa nguJehova kuphela, uthunywa lapho okumele uthunywe khona nguJehova. Akukho kudla okucela kubantu basemhlabeni, akukho kuganwa okudingayo ngoba ukuganwa nokugana isimo esiphelela emhlabeni (Matewu 22:30). Imimoya ebuya izohlala kubantu imimoya engekho eZulwini, engekho ebungcweleni. Ngenxa yokuthi lemimoya ihamba ihlala amaqoqwana, ihluphekile, iyabuya izohlala kubantu bese ifuna ukondliwa kabili, yondliwa isaphila isahlangene nenyama bese ifuna ukondliwa ngabantu basemhlabeni noma isiyaba imimoya. Wona lomoya uma usuhleli kuwe uyakugulisa, ukuhluphekise, kwesinye isikhathi ugcine ukubulele. UMoya oNgcwele kuphela othi uma uhlala kumuntu umphilise, umuphe konke okuhle, umvikele nasezitheni zakhe. Umoya wamadlozi uletha ukuhlupheka nokugula; uMoya oNgcwele uletha ukuphila nokunethezeka lapha nakwelizayo. Yikho-ke uNkulunkulu ethi uma uhlabela omunye umoya ngaphandle kwakhe umele ukubhujiswa. Asinakukuphikisa okushiwo nguJehova. AMANAZARETHA ABIKA USIZI LWAWO KU-SHEMBE Thina maNazaretha uNkulunkulu wasinika uShembe ukuthi konke ukuhlupheka kwethu sokwethula kuye. Noma sikhumbule izihlobo zethu sizinikelela kuShembe. Noma senza imisebenzi siyenza egameni likaShembe. Esikhundleni sokuthi sishise impepho sikhulume
3|Page

nedlozi sithandaza kuShembe sibike lokho esikubikayo noma esikuhlambululayo bese sicela uShembe asidluliselele emindenini yethu engasekho ngoba yena uyayazi ukuthi ikuphi. Uma uShembe echaza idlozi kwi-khathekizimu uthi: 80. Imfundiso enkulu eyafika noShembe ngeyokuthi uma sikholwa noma sithandaza masokhumbula obaba nobabamkhulu namakhosi ethu angasekho, singababizi ngokuthi bangamadimoni. Masibakhulekele kuNkulunkulu aze abakhumbule. 81. Abathethelele ezonweni zabo abazenza besesemhlabeni. 82. Uma sebethethelelwe siyobabona ngokuthi uma sibaphupha noma besigula bese siphila. 85. Uma sithandaza kumele sikhonze uNkulunkulu ngokumdumisa nokumthanda, hayi obaba. Obaba abanamandla okuba basibheke uma bengathunyiwe nguye uNkulunkulu. Njengoba uMprofethi echaza, obabamkhulu abangasekho sithintana nabo ngokuba sithandaze kuNkulunkulu noma sibanikelele ukuze uNkulunkulu abakhumbule. Uthi uShembe uma sebethethelelwe izono sobabona ngokuthi uma sibaphupha sivelelwe izinhlanhla, siphile noma besigula. Yonke indaba yokuxhumana kwethu nabangasekho nanokuthi singabahlabela uma kwenzenjani, kanjani, lokho ngizokuchaza esiqephini esilandelayo, ngoba kuludaba olude kakhulu. Ngiyabonga Email:newnazarethbaptistchurch@gmail.com Fax:086 528 1956 www.newnazareth.co.za Cell:071 219 8223

4|Page

You might also like