You are on page 1of 2

Amasu Okuhlola

Ziningi izingqinamba othisha ababhekene nazo ezikoleni ezigcina ziholela ekungaphumeleleni kahle
kwabantwana .Nakuba kunjalo sikubeka ngembabe ukuthi akubona Othisha abaholela
ekungaphumeleleni kwezingane kodwa kungaba ezinye zezinto ezibalulekile Othisha abangazinaki
,njengendlela aabthula ngayo izifundo zabo ,izindlela abazisebenzisayo zokufundisa,amasu okuhlola
nokunye okuningi .Kule athikili sizogcina ezinhlobeni ezinhlanu zamasu ebesizisebenzisa ezikoleni
nesibone zenza umehluko omkhulu ekuhloleni abafundi .

Kuke kuhluke kuthisha nothisha ukuthi yena usebenzisa maphi amaqhinga okuhlola .Isinqumo
sathisha sisekelwa kakhulu ibanga labafundi abahlolayo kanye nesikole leso afundisa kusona
.Nezinsizakusebenza ezitholakalayo kuleso naleso sikole kuba nomthelela omkhulu esinqumeni
sikathisha.

Kule athikili sizogxila kakhulu kumasu esiwasebenzise endaweni yaselokishini lakhona la ePitoli
elibizwa ngokuthi I Mamelodi.Igama lesikole iZakhele okuyisikole samabanga aphansi .Lesi isikole
sikahulumeni ngakho-ke lonke uxhaso luvela kuhulumeni .Nakuba beziziningi izinsiza ebezishoda
ngenxa yesimo sesikole kodwa sikwazile ukufundisa ngempumelelo sisebenzisa ebesinako ukwenza
izifundo zethu zibe impumelelo.Nabantwana bakhona bebekhombisa ukuthi beze esikoleni
bezofunda ,bebelangazelela njalo uma ufundisa .

Sibe sesisebenzisa amasu ahlukene ukuhlola ulwazi esilufundisile kubafundi .Lokho bekusisebenzela
ngoba besikwazi ukubona lapho abafundi bekhombisa ukusala khona bese sikwazi ukulungisa
.Siyakholelwa ekutheni lamasu esiwasebenzisile ayasiza kakhulu ngempumelelo yabafundi lokho
sikubonile .Ngakho besingathanda nabanye Othisha abebengakawasebenzisi bawazame ikakhulukazi
ezikoleni ezifana neZakhele .Okulandelayo amasu amahlanu esiwasebenzisile.

Ukuzihlola Komfundi (Self Assessment)

Kubalulekile ukuthi abafundi bakwazi okulindeleke kubo njalo ngasekuqaleni kwesifundo .Yonke
imiphumela yokufunda namazinga okuhlola ibonakele futhi icace.Ngalokho abafundi babamba iqhaza
elibalulekile ngokuthi azihlole yena ekuhloleni kwangaphambili ngaphambi kokuba uthisha enze
ukuhlola kokugcina ukuqinisekisa ukuthi umfundi wenze kahle .

Ukuzihlola komfundi kwenzeka lapho bezihlolela owabo umsebenzi .Lokhu kubanikeza ithuba lokuba
babuyekeze inqubekela phamnilo yabo futhi bakhombise ukuthembeka kubona qobo lwabo ngalwazi
abanalo ngaleso Sifundo.

Ukuzihlola komfundi iqhinga elihle yikufundisa umfundi ukuthi akwazi ukuzimela emfundweni yakhe
athembeke futhi nangomsebenzi wakhe .Kusiza ukuthi azibone yena kuqala ukuthi wenze
kanjani.Abone lapho kumele alungise khona ngaphandle kokutshelwa uthisha .Kanti futhi kuphinde
kumgqugquzele ukuba enze kahle ngokulandelayo .Ngikhumbula ngezikhathi zokufunda kwethu
.Kwakuba buhlungu kabi uma sekusetshenziswa leqhinga ukuzibona ungatholi konke .Ngoba
sasijwayele ukukhombisana ekugcineni nabangani bethu ukuthi sense kanjani .Ngokulandelayo
wawenza isiqiniseko sokuthi wenza kahle ukuthi noma usukhombisa bangani ubakhombise
ngokungasasi.

Ukuhlolwa Ngokwamaqembu

Ikhona lokusebenza ngempumelelo emaqenjini kungomunye wemiphumela esemqoka.Ukuhlola


umsebenzi weqembu kubandakanya ukufunda ubufakazi bokuthi ngabe abafundi bayakwazi yini
ukusebenzisana eqenjini,bayakwazi ukulekelelana, bahlukaniselane basizane ekwenzeni umsebenzi.
Ukuhlanganisa imibono ehlukene ibe wumkhiqizo owodwa oyingxubevange ohlolekayo.Ukuhlolwa
kweqembu kusuke kugxilwa kwinqubo kanye nomkhiqizo.Kubandakanya ukuhlola amakjono
okuhlalisana,ukusebenzisana,ukuphathwa kwesikhathu kanye nokubheka ubunjalo bemibono
ekhishwa yiqembu.

Ukuhlolwa Komfundi Ngontanga

Ukuhlolwa kontanga kwenzeka lapho abafundi behlola umsebenzi womunye nomunye bebhekisisa
amaphutha kulabo abahlolwayo,bekhuluma ngawo baphinde banikeze izimpendulo okuyizo.

Ukuhlolwa komfundi ngontanga ilapho sibheka khona uhlu lokubona okukhona nokungekho lapho
kungasetshenziswa I rubrikhi ukwelekelela abafundi okuhlolwa umsebenzi wabo nalabo
abahlolayo.Lokhu kwenza kube lula ukuthi labo abahlolayo babone amaphutha nokungenziwanga
kumsebenzi obuwenziwa.Ukwabelana ngezici okubonwa ngazo kuthuthukisa abafundi ekuhloleni
ukusebenza kwabi nokwabanye.

Lendlela isiza abafundi ukuthi bakwazi ukwabelana imibono ngesifundo esithile,basizane


nangempumelelo babe nobudlwelwane obuhle kwezemfundo.Lokhuhlola Othisha bangakusebenzisa
ikakhulukazi emakilasini anabafundi abaningi ukonga isikhathi.

You might also like