You are on page 1of 7

TP 120: ISAKHIWO SOHLELO LWESIFUNDO

ULWAZI LWEMISEBENZI NGOKULANDELANA


Lesson Plan No:

ROUTINE INFORMATION
Date: Day:
Ingama Lesikole
Igama nesibongo somfundi:
Ibanga
Isifundo:
Isihloko:
Okuqukethwe:
Ikhasi lika Thafuzwe
Ubude besikhathi besifundo

IZINHLOSO NGQANGI:

(Lezi izinhloso ezimaphakathi zesifundo ngqo zebanga)

IZINHLOSO ZESIFUNDO:

(Ziqanjwa uthisha zibhekiswe kwisifundo ngqo. Lezi izinhloso zesikhathi esifushane noma
zesikhashana ezigxila kulwazi, kumakhono kanye nakumagugu (KSVs) okufanele
abafundi bazithuthukise esifundweni. Imisebenzana, imithombo kanye nezindlela
ezisetshenziswayo esifundweni kanye nasekuhloleni kumele zihambisane nezinhloso
zesifundo).

ULWAZI AMAKHONO AMAGUGU/ISIMO


Abafundi kufanele bazuze Abafundi kufanele bakwazi Abafundi kufanele bazuze
ulwazi kanye nokuqonda ukwenza okulandelayo: amagugu kanye nezimo
okulandelayo: ehambelana
nokuphakamisa:

(Yini abafundi ofuna Hlela Amagugu/Izimo


bayazi kanye nokuthi kabusha/chaze/xoxa/ukubona ezilekelela isifundo sakho.
bayiqonde?) okuthile njl.

1
Izibonelo:

1. Chasisa/chaza……………1. Hlela kabusha ……………… 1. Ukuncoma ………………

2. Chaza ………… 2. Dweba……………… 2. Ubugugu………………

3. Chaza kafushane …… 3. Hlaziya ……… 3. Ukuqwashisa ………….

Izindlela/Amasu Okufundisa:

(Izindlela/amasu okufundisa nazi izibonelo; ukuxoxisana kwekilasi lonke/kwasekilasini;


ukuxoxisana kwamaqembu; ukubonisa; ukubuza; ukudlala; nokunye)

IMITHOMBO:

(Bheka iSitatimende Sokufundisa Nokuhlola sesifundo(CAPS subject document) kukhona


imithombo enconyiwe kuyona uma ufundisa ngesihloko esithile/noma uzibhekele eyakho
imithombo ongayisebenzisa izibonelo: (PHP/Transparency) Ishidi
lokusebenza/Amaphephandaba/Amaphosta noma Izithombe/You Tube clips/Power point
presentation. Kufanele utshengise ukuthi imithombo yolwazi uzoyisebenzisa kanjani
esifundweni).

Amabanga/Amazinga Esifundo:

ISINGENISO:

(Inhloso yesingeniso ukuvusa ilukuluku, ukugqugquzela ngesihloko kanye nokulungiselela


abafundi ngesihloko ozosethula ukuze balandele nokuvukuza ulwazi lwangaphambili
lwabo/nolwazi lwamanje. Isingeniso kufanele sibe sifushane sihehe. Okunye kungafaka

2
lokhu, indaba, amaphephandaba, izinkondlo, ukutshengisa, ukuxoxisana ngemisebenzi
yasekhaya, imisakazo, inthanethi. Okunye chaza izinhloso zesifundo).

UKUTHUTHUKA/UKUTHUTHUKISWA KWESIFUNDO

(Inhloso yaleli banga ukunikezela amathuba okuthuthukiswa kolwazi, amakhono,


amagugu ngokulekelela ukufundisa nokufunda. Leli banga kufanele lakheke ngokuhleleka
ngezinyathelo ezifaka uthisha, imisebenzi yomfundi/izindlela/imithombo kanye nemibuzo
ehleliwe ezobuzwa ukuzuza izinhloso zesifundo. Umongo wokuqukethwe nemicabango
kufanele kwenziwe ngokucacile. Lesi sahluko kufanele sibe ikhasi elilodwa noma uhhafu
wekhasi siqukathe imininingwane eyanele.)

Isinyathelo Sokuqala

Isinyathelo Sesibili

Isinyathelo Sesithathu

3
Ukwandisa/Ukwenza ngcono

(Lokhu okwabasheshayo ukuqeda. Lokhu kungafaka ukuqoqa ulwazi ngokusebenzisa


amaphepha emibuzo noma i-eseyi/inkondlo/imisebenzi/ukucwaninga nge-inthanethi njl.)

Imibuzo Ehleliwe

(Imibuzo ehleliwe yesifundo ingabhalwa ephepheni eliseceleni noma ngaphakathi kulelo


lesifundo. Khumbula ukuthi umbuzo kufanele kube olula, ophakathi kanye nolukhuni.
Bheka indlela ka(Blooms Taxonomy ukwenza imibuzo).

UKUZIBHEKA KUKATHISHA ESIFUNDWENI ESIFUNDISIWE: KUFANELE


KUGCWALISWE EMVA KOKUFUNDISA ISIFUNDO)

(Lokhu kubhalwa emva kokwethula isifundo. Inhloso yokuzibheka noma yokuzibuka


ukubheka ngeqiniso indlela owenze ngayo nokucabanga ongakushintsha ukuzithuthukisa
ekwethuleni isifundo. Cabanga nongeke ukushintshe nokuthi yini ezokwenza lokho.
Ukuzibheka ngenkathi uthula isifundo sonke. Bheka ithempulethi ongayisebenzisa
efakiwe).

4
UKUQINISA NOMA UKUGXILISA ISIFUNDO/ISIPHETHO

(Inhloso yaleli banga lesifundo ukugxilisa ulwazi, ikhono, namagugu (KSV’s) okulekela
isifundo. Ngabe ulwazi, ikhono namagugu kuzomlekelela kanjani umfundi endleleni
acabanga ngayo noma ukuthatha izinqumo noma indlela abuka ngayo impilo. Imisebenzi
ingafaka lokhu izibonelo: amaphepha okusebenza, ukubuza ukuxoxisana ngokufundiwe.
Ukuxoxisana ngemisebenzi yasekhaya nakho kungafakwa. Khumbula isiphetho sesifundo
akukona ukufingqa isifundo).

UKUHLOLA

(Uhlola kanjani uma izinhloso zesifundo kanye nezokufunda sezizuziwe. Lokhu


okulandelayo kufanele kungene):

Uhlobo lokuhlola:

Iphrojethi/umsebenzi wsekilasini/wasekhaya, ukuhlolana kontanga ngokuthula ngomlomo


(Bheka kuCAPS document):

Ithuluzi lokuhlola:

Ukuhlola ngegridi (akuphoqelekile kuncike kuhlobo lokuhlola olusetshenziswayo):

5
Indlela yokuhlola:

(Okumiselwe /okungamiselwe/Ukuhlola okwakhayo/Ukuhlola okuqoqayo)

Ithaskhi yokuhlola kanye nemiyalelo:

Amathuluzi okuhlola:

ukuhlola ngegridi (akuphoqelekile kuncike kuhlobo lokuhlola olusetshenziswayo):

OKUNGABHEKWA:

(Izincwadi ezibhaliwe/(websites ebhekiwe noma esetshenzisiwe ukulungiselela isifundo).


Amaphephandaba

6
Professional Practice

ISHIDI LOKUZIBHEKA

(Isifundo sangayedwana)

Isihloko:________________________________________________________________

Ibanga:__________________________________________Usuku:_________________
_________

Ukuphumelela.. Izinselelo Okuhlangatshezwane


nazo…
Izizathu
Izizathu

Ukubuyekeza okungenzeka… Izehlakalo ezitusekayo…

Yini oyifundile kulokhu okubonile?

You might also like