You are on page 1of 5

UNIVERSITY OF JOHANNESBURG - FACULTY OF HUMANITIES - DEPARTMENT OF AFRICAN LANGUAGES

UHLELO LWESIFUNDO

Igama Lesikole Emasangeni Secondary School Igama Likathisha


Wekilasi
Isihloko Sesifundo
Isifundo esifundiswayo Okuqukethwe
Ibanga Usuku Ubude
Besifundo
Inombolo Yomfundi Igama Nesibongo Somfundi

INGXENYE 1: IMIBUZO EHOLAYO


OBANI? Ngobani
abazohlanganyela
kulesi sifundo?
YINI? Iyini inhloso kanye Ihloso
nalokhu
okuphokophele
ngalesi sifundo? Impokophelo

NINI? Sizofundiswa nini lesi


sifundo? Kungakanani
okuzofundwa ngaleso
sikhathi esikhona?
KUPHI? Sizofundiselwaphi lesi

1
sifundo? (ekilasini,
etc.)
YINI? Yini equkethwe yilesi
sifundo? Bheka
uTAHFUZWE.
KANJANI Sizofundiswa kanjani
? lesi sifundo?
[Izindlela zokufundisa
nemithombo]

INGXENYE 2: IZINYATHELO ZESIFUNDO (PHASES OF THE LESSON)


IZINYATHELO ZESIFUNDO (Phases of the Iqhaza elibanjwa nguthisha (Imisebenzi kathisha) Iqhaza elibanjwa ngumfundi (Okwenziwa
lesson) (kulesi sigaba cacisa kahle ngokusobala ukuthi ngumfundi) (kulesi sigaba cacisa ngokusobala
uthisha kumele ukuba enzeni) ukuthi umfundi kulindeleke ukuba enzeni)
Isimemo (Isingeniso sesifundo)

Kulesi sinyathelo abafundi bamenywa ukuba baninge


(bacabange) ngezinto eziphathelene nolwazi lwabo
oluqondene nalokhu okuqukethwe isifundo. Ulwazi
lwangaphambili lwabafundi lubamba iqhaza elibalulekile
ekufundeni. Inhloso yalesi sinyathelo ukuheha umfundi
ukuba alalelisise abuye abe nothando lokufunda.

Umzimba Wesifundo (Kudingidwa ulwazi


olusha)

Kulesi sinyathelo kwethulwa ulwazi olusha lubuye


lusetshenziswe. Imisebenzana iyenziwa ekwethuleni
ulwazi olusha. Lokhu kungenziwa ngendlela
yokuzibandakanya kwabafundi ekufundeni ulwazi olusha
noluqukethwe. Kule ngxenye yesifundo uzobuye usho
ukuthi iyiphi noma yiziphi izindlela zokufundisa
ozozisebenzisa.

2
Ukufingqa Nokudidiyela (Isiphetho sesifundo)

Imisebenzana yokufingqa ibandakanya ukuqoqa


umsebenzi ngamaphuzu abalulekile noma ukuninga
ngalokhu okufundiwe. Imisebenzana yokudidiyela ingahle
idinge abafundi badidiyele lokhu abakufundile babuye
bakusebenzise ekuxazululeni inkinga noma basebenzise
ulwazi olusha empilweni yabo.

INGXENYE 3: IZINSIZAKUFUNDISA
Yisho ukuthi yiziphi izinsizakufundisa ozozisebenzisa kulesi sifundo. Kumele ubuye uchaze usho ukuthi kungani ukhethe lezi zinsizakufundisa.

INGXENYE 4: UMSEBENZI WASEKHAYA NOKUHLOLA


Uyanxuswa ukuba ulandele uTAHFUZWE lapho uhlela umsebenzi wokuhlola abafundi kanye nomsebenzi wasekhaya.

UKUHLOLA OKWAKHAYO
(Ukuhlola okwakhayo kumayelana nokuhlola ukuze kubonakale ukuthi kukhona abafundi abakufundile. Lokhu kungaba ukuhlola okunganganyelwe
imithetho kuye ekuhlolweni okunganyelwe imithetho. Lokhu kuhlola kunikeza umfundi ithuba lokubona inqubekelaphambili yakhe. Kumnikeza
isiqiniseko sokuthi usengaqhubekela phambili noma kukhona amaphutha okumele alungiswe. ( Chaza usho ukuthi abafundi bazonikezwa umsebenzi

3
onjani wokuhlola okwakhayo. Yini okumele bayenze. )

UKUHLOLA OKUQOQAYO (Ukuhlola okuqoqayo ukuhlola kokugcina. Isibonelo salokhu ukuhlolwa ekupheleni konyaka noma ekupheleni kwethemu.)
(Uyanxuswa ukuba usho ukuthi abafundi bazonikezwa amathuba anjani okuhlolwa okuqoqayo. Yini okulindeleke ukuba bayenze).

INGXENYE 5: UKUNINGA NGESIFUNDO

Ukuninga ngokuzokwenziwa [Lokhu kusho ukuhlelela ngaphambili. Lokhu kusho ukucabanga ukuthi yini ongahle uhlangabezane nayo? Yini engahle
yenzeke? Yini okungalindeleka ukuba uyenze?]

Ukuninga ngokwenzekayo [Lokhu kusho ukucabanga ngalokho okwenzekayo lapho ufundisa ekilasini. Lokhu kusho khona ukuthi uba ulokhu uzibuza
imibuzo ngokuthi isifundo sakho siyimpumelelo na? Kokunye kuzodinga usheshe ushintshe okwenzayo noma indlela ofundisa ngayo ukuze usize abafundi
ubuye uhlangabezane nezidingo zabo.]

Ukuninga ngokwenzekile [Ninga ngesifundo sakho ubheke ukuthi abafundi bafunde okuthile na? Zihlole ukuthi yini okumele uyithuthukise noma
uyishintshe ukuze isifundo sakho sibe impumelelo esikhathini esizayo uma ungaba nethuba lokufundisa leso sifundo futhi.]

4
5

You might also like