You are on page 1of 6

South African Journal of African Languages

ISSN: 0257-2117 (Print) 2305-1159 (Online) Journal homepage: https://www.tandfonline.com/loi/rjal20

Uhlaziyonzulu Lweqoqo Lezindatshana: Inhlamvu


Yelanga

Bhekinkosi Ntuli

To cite this article: Bhekinkosi Ntuli (2017) Uhlaziyonzulu Lweqoqo Lezindatshana:


Inhlamvu Yelanga, South African Journal of African Languages, 37:2, 267-271, DOI:
10.1080/02572117.2017.1378172

To link to this article: https://doi.org/10.1080/02572117.2017.1378172

Published online: 29 Nov 2017.

Submit your article to this journal

Article views: 122

View related articles

View Crossmark data

Full Terms & Conditions of access and use can be found at


https://www.tandfonline.com/action/journalInformation?journalCode=rjal20

Open Rubric
South African Journal of African Languages 2017, 37(2): 267–271 Copyright © NISC (Pty) Ltd
South African Journal
of African Languages
ISSN 0257-2117 EISSN 2305-1159
https://doi.org/10.1080/02572117.2017.1378172

Book Review
Uhlaziyonzulu Lweqoqo Lezindatshana: Inhlamvu Yelanga
Inhlamvu Yelanga, Maphumulo M (ed.). University Press: Nesihloko sayo nje siyakudalula ukuthi nguNgubane lo
University of KwaZulu-Natal. 2016. ongumuntu ongenakwethenjwa. Singathi umbuzwana
okhona ngothi uzobanjwa kanjani. Isiyonke, yindaba ekahle
Iqoqa nje edle ngaso isifundo sokuthi akukho qili lazikhotha
emhlane.
Lo mbhalo ubukeza amaqoqo ezindatshana ezimfishane
ezishicilelwe ngolimi lwesiZulu encwadini enesihloko Ayikhulumeki Le Ndaba (Thokozani Gumede)
esithi “Inhlamvu Yelanga” eshicilelwe i-University Press Kulungiselelwa umngcwabo kamfowabo kaMthengwa
engaphansi kweNyuvesi yaKwaZulu-Natali. Le mibhalo oshone kuhlaselwa abokufika ePhoyinti. Noyise walaba
bekuhloswe ngayo ukuthuthukisa izinga lokufunda bafana, uMbhishobhi Maseko, ushonile. Bekwethenjwa
nokubhala ngolimi lwesiZulu. Izindatshana zibhaleke futhi ukuthi indodana eshonile ingase ingene esikhundleni
zahleleka kahle, zikhombisa amakhono ahlukene ababhali. sikayise. Kuba nemvuselelo, kumbiwe negodi, kodwa
Emva kokuzifunda ngizihlaziye ngithole ukuthi eziyi-15 akupheleli ukumba ngoba kufikwa etsheni kubuye kugcwale
zibhaleke kahle kakhulu. Iningi lazo ziyaheha uma uzifunda amanzi egodini, kudingeke ukuba kumbiwe elinye igodi
zikwenza uzibuze umbuzo othi ‘ingabe iyozala nkomoni’? eceleni.
Lokho kuwuphawu oluhle kakhulu kwezemibhalo ngoba Indaba igxila emalungiselelweni okungcwaba umuntu.
kuveza izinga lobuciko lababhali balezi zindatshana. Iyathinta emikhubeni ethile, njengomkhuba wokuvala
Njengokulindelekile ababhali abekho ezingeni elilinganayo umkhokha ngokufaka isele egodini okungangcwatshwanga
lobuciko. Nakuba kunjalo kulezi zindatshana kutholakala kulo. Yona inakho ukuqoqeka ngesigameko, nendawo,
izifundo ezahlukahlukene ezingaba olukhulu usizo nesikhathi. Nokho akutholakali ukukhula kwendaba iye
empilweni yabantu. Kwezinye zezifundo ezitholakala kuvuthondaba nasesiphethweni. Liyangabazisa igalelo lale
la singabala ubungozi bokuhlukumeza abesifazane, ndaba njengendaba okulindeleke ukuba ithokozise.
ukuba nguthathekile, ubugebengu, ukucwasana ngenxa
yokukhubazeka, ukuhlonishwa kwengalo yomthetho, Ngenxa Yemfihlo (Mhlabuthini Hlengwa)
ukuziphatha kwabantu abasha, isikhwele, ubungozi UNgidi, osebenza ngemithi, kade eyocupha isidumbu
bemfihlo, ukuthukutheliswa into ongenasiqiniseko sayo somfana wakwaBele obulewe ngomunye bebanga intombi.
njalo njalo. Ngingasho ngokungangabazi ukuthi ziwufezile Ubengazi ukuthi lo mfana abeyomcupha uyindodana yakhe,
umsebenzi wazo obekuwufundisa nokuqwashisa abantu uVukani, ebingaziwa lapha ekhaya. Sekuvela kamuva
ngolimi lwabo isiZulu. Lokhu kuphinde kwaba negalelo ukuthi uVukani kanti ubulewe nguDalisu, enye yamadodana
elimangalisayo ekuthuthukisweni kolimi lomdabu kaNgidi. UDalisu uyagula, afe, okusho ukuthi ukucupha
ikakhulukazi emagcekeni ezeMfundo ePhakeme into kukaNgidi kushaye indodana yakhe.
engavamile ukwenzeka. Yindaba ebhaleke ngekhono eliphakeme. Ukwembuleka
kwezimfihlo ezahlukene, eyokuvela kwendodana
Isingeniso kaNgidi nokuba uNgidi ‘abulale’ indodana yakhe engazi,
kuyakuphakamisa ukugculisa kwayo njengomsebenzi
Inhlamvu Yelanga yiqoqo lezindaba ezimfushane wobuciko. Kungaxoxwa kabanzi kube nokwehlukana
ezingamashumi amabili ezibhalwe ngabantu abehlukene. kwemibono ngokwemukeleka komsebenzi kaNgidi
Kulo mbiko sizoyiqoqa ngamafuphi indaba ngayinye, wokucupha ababulali. Yindaba enhle.
bese sithi qaphuqaphu ngolokho okuphawuleka ngayo
njengendaba emfushane nanjengomsebenzi wobuciko. Ubuhle Busemanyaleni (Thandanani Mabaso)
Emva kwalokho kuzolandela umbiko omfushane UMaZuma, inkosikazi elungile, akasanakwa yindoda yakhe,
ngezindaba jikelele, kube nokunye futhi ukuphawula. uGumede. Eqinisweni uGumede usemxosha nasemzini
wabo umkakhe. UGumede usethandana noPretty. UPretty
Izindaba ‘sewatholela’ uGumede indodana. Uma le ndodana isigula
Umuntu Akathenjwa (Melusi Cebekhulu) idinga igazi, uPretty ubiza uMthunzi ukuba azonikela
Kulahleke ingane yakwaSithole. Ibigcine ithunywe esitolo. ngegazi ngoba nguye uyise wangempela wale ndodana.
Umninisitolo, uMfundisi Ngubane, uthi naye akazi ukuthi UMaZuma yena usekhuleliswe ngomunye umuntu
ikuphi. Sekuyatholakala ukuthi nguye uNgubane lo obulele noma kungacacisiwe lokhu: okusho ukuthi nguGumede
ingane ukuyicwiyela imithi yakhe yenhlanhla. Uyaboshwa obengenambewu.
uNgubane. Yindaba ebhaleke kahle. Kuthanda ukwelula ukubalisa
Lena yindaba eqoqekile ngokwesikhathi nokwendawo. kukaMaZuma ngokuhlushwa kwakhe nguGumede, kodwa
Iqala ngomfutho njengoba umfundi ezibuza ukuthi kazi omunye angathi kugcizelela ukukhathazeka kwakhe
ingane elahlekile ishonephi. Kusheshe kudambe nokho ngokwaliwa yile ndoda yena ebeziphethe kahle. Ivela kahle
ukuhuheka ngengane lapho esesheshe asoleke uNgubane. imbibizane eshaya uGumede ekugcineni, okumele ukuba

The South African Journal of African Languages is co-published by NISC (Pty) Ltd and Informa UK Limited (trading as Taylor & Francis Group)
268 Ntuli

yalandelwa ukuzisola selishonile ilanga. Sisobala nesifundo Indaba yonke iqoqekela osukwini olulodwa.
esibhekiswe emadodeni ahlukumeza abantu besifazane Bebungalindelekile ubugebengu nesibindi salo Mfundisi,
ngokungafanele. nokho benza indaba emnandi. Kuyamangalisa kodwa
ukuba uLungile ezwakale sengathi ucela ucansi kuPhoseka
Siyefana (Khethiwe Mkhize) besanda kubulala uNtshangase (ikhasi 65). Ekulesi simo
Lena yindaba kaThandeka nendodana yakhe uSithembiso. pho? Lena ngenye yezindaba ezincomekayo.
UThandeka indaba uyiqala ngenkathi aliwa nguVusi ngoba
esekhulelwe uSithembiso. UThandeka wabuye waxoshwa Isabelo sokugcina (Cebolenkosi Myeza)
nanguyise ekhaya wayohlala endle nengane yakhe. Indaba UGcina uthandana noNoxolo. Uthumela abakhongi
ikhula ize ifike lapho uSithembiso esezokhombisa unina ukuyolobola. Indaba igxila emidatini yezingxoxo zelobolo.
umakoti wakhe, uNolwazi. UThandeka akamfuni lo makoti Uma sebebuyele ekhaya oGcina, kufika umbiko wokuthi
okhubazekile. Kanti naye uThandeka uzokhubazeka kukhona izinsizwa ezithwale uNoxolo. UGcina wethuka
ngemva kokulimala engozini yemoto, afane noNolwazi. ashayeke phansi.
UThandeka uyaxolisa kuNolwazi, baxolelane. Indaba ithanda ukuma inganyakazi lapho sekudonsa
Indaba iyezwakala njengendaba emnandi, kodwa iqhelile izingxoxo phakathi kwabakhongi nabakubo kwaNoxolo –
kokuthathwa njengemigomo yendaba emfushane. Uyacaca amakhasi ayisithupha. Sengathi umbhali ubefuna ukufundisa
umyalezo wokuthi inxeba lendoda alihlekwa, nokho indaba ngaleli siko. Eqinisweni indaba iphela lapho okumele iqale
isithatha iminyaka eminingi sengathi kufingqwe inoveli. ukushisa khona, sekuzolandelwa ukuthi uNoxolo uthunjwe
Uzamile umbhali ukuyiqoqa ngokuba ayiqale kuzofika ngobani, kwaphelelaphi. Indaba igubeke ngokuningi.
umakoti, ayiphethe esefikile; kepha indaba ithanda ukuselula
kakhulu isikhathi. Akasekho (Sifiso Ndimande)
UMaSokhele uyakhandleka ezama ukusiza indodana
Uhlanya Olukhululekile (S’fiso Mkhize) yakhe, uMlondolozi, ukuba ikhule ngendlela efanele ize
UMaNdwandwe wedukelene nendodana yakhe uVusi. ithole nosizo lokuqhuba izifundo zayo. Ubephase kahle
Impilo kaMaNdwandwe ngeyokucacamezela nje ngoba yena, kodwa imali yokufunda aqhubeke ayikho. Kusho
akamile kahle ngasezimalini. Usekwemukele ukuthi ukuthi uMlondolozi uphelelwe yithemba ngoba unina umfica
uVusi uyahlanya, ngeke esasiza ngalutho lapha ekhaya. esezibulele. Kulapho sekuzotheleka khona abenhlangano,
Sekufika uZamantungwa, intombazane eyayifunda noVusi, i-Youth Forward, nezindaba ezimnandi zokuthi uMlondolozi
okubonakalayo nje ukuthi imi kahle yona. Kanti usezofika ubeseqokelwe ukuthola umfundaze.
noVusi achazele unina ukuthi ubenyamalele nje ubeqhuba Ibhaleke kahle nale ndaba. Idingida indikimba esindayo
izifundo zakhe, futhi usezoshada noZamantungwa lo. ngenselelo yabafundi abadikibala bazame ukuzibulala.
Yindaba emnandi. Kumnandi kwakhona ukufika Indaba enjengalena ingalandelwa ngamaxoxo ajulile.
kukaZamantungwa adlaladlale ngamazwi noMaNdwandwe. Nanjengendaba emfushane, iyemukeleka.
Okukhulu ukuthi uMaNdwandwe okade ehlupheka
usezophila impilo engcono. Indaba eqala ngosizi igcina Ukube Ngangazi (Sizwe Ngidi)
ngentokozo. Umbhali ukwazile ukuyiqoqela osukwini Amaphoyisa ahamba noThemba noMaNdlovu, unina
olulodwa, wakusebenzisa kahle ukujeqeza emuva. kaThobile, baya lapho uThemba abehlalisene khona
noThobile. UThobile uxoxela unina ukuthi wangena
Iphupho Nje (Sebenzile Mngomezulu) kanjani emsebenzini wokudayisa ngomzimba enomngani
UNomthandazo washonelwa nguyise. Nokho waqhubeka wakhe uNonku. UNonku wake wathandana noThemba
nezifundo zakhe waze wathola iziqu. Indaba iqala lapho kodwa behlukana lapho uThemba esetakula uThobile,
esezifunela imoto yakhe. Iqhubeka ize ifike lapho eseye laba bobabili bathandana. Sekuzwakala ngokubulawa
ekhaya nale moto nonina, uKaMathenjwa, esejabula. kukaNonku, kwembuleka nokuthi kanti uNonku
UNomthandazo uphaphama athole ukuthi konke lokhu ubengudadewabo kaThemba bengazani.
bekuyiphupho nje. Yindaba ephicwe kahle. Inokujeqeza emuva okuthe
Kuyayilimaza le ndaba ukuba ekugcineni kuthiwe ukweluleka ngenkathi uThobile exoxa ngokuhehelwa kwakhe
iyiphuho. Ukwethulwa kwemidati kuyenza ingakholeki emsebenzini wokudayisa ngomzimba. Omunye angathi
njengokwasemaphusheni. Okuyilimaza kakhulu ukuthi lokhu kwelula kuwukuchaza okudingekayo okusiza abangazi
kwezinye izindawo nguye uNomthandazo oxoxa ukuthi abantu bahehelwa kanjani kulo msebenzi. Inhle
ngokwenzeka kuye, kwezinye kuxoxe ‘umuntu wesithathu’ nengwijikhwebu yokuthi kanti uThemba wasizwa nguThobile
ngalokho okwenzeka kuNomthandazo. Ekhasini 51 nje kuthi: ukwehlukana nokuthandana nodadewabo uNonku.
‘…kukhuluma uNomthandazo’ esikhundleni sokuthi: ‘…
kukhuluma mina’. Kuningana okuyenza ingaphumeleli kahle Ngiyofa ngizilanda (Mazwi Ngubane)
le ndaba. USibusiso ubekwe icala lokubulala umuntu, kodwa
kunobufakazi bokuthi uSibusiso nguye owayehlaselwe.
Ungehlule Singalwanga (Phumlani Mthembu) Uphinde ahlaselwe ngesinye isigebengu, sife,
Kule ndaba uNtshangase uvakashelwa nguMfundisi kucatshangwe ukuthi kufe yena ngoba kutholakale
Phoseka. UmkaNtshangase, uLungile, kwaziwa ukuthi umazisi wakhe nokunye eduze kwaso. Lapho abakubo
uyinyumba, kodwa utholakala esekhulelwe, kanti sebelungisela ukumngcwaba uSibusiso, atheleke, okusho
ukhuleliswe nguye uMfundisi lo. Izithandani ziyambulala ukuthi bekufe umhlaseli wakhe.
uNtshangase. UMfundisi ugcina eseboshiwe.
South African Journal of African Languages 2017, 37(2): 267–271 269

Yindaba ebhaleke kahle. Okunye kushiyelwa umfundi umuthi wesichitho ukuze kuchithwe uZakithi. Manje
ukuba ayifunde ivaliwe. Inhle nengwijikhwebu yokufika uMhlekwa ufuna ukuba bobabili bamkhokhele namhlanje.
kukaSibusiso bese kuthiwa ufile. Angabuza phela omunye UMfundisi nomkhokheli ebebezothandazela uZakithi,
ukuthi sasingahlolisiswanga ngani isidumbu ngaphambi bavele babaleke. Uma ezwa ukuthi ubethakathwa kanjani
kokuba kwemukelwe ukuthi nguSibusi ofile. Yindaba enhle uZakithi ‘ufumbeka phansi’.
nokho. Lena ngenye yezindaba ezincomekayo ezithungwe
ngobuchule. Imbangela yokulwa kukaKhomba noZakithi
Indandatho Yesethembiso (Sthembiso Nxumalo) ize ivele ngomlomo wenyanga uMhlekwa. Kungachazwa
ngezindlela ezahlukene-ke ukubaleka kukamfundisi
UMtsheleni sekuyisikhathi eside engaxhumani nesithandwa nomkhokheli lapho esefakazeleka amandla enyanga
sakhe, uNtongolozi. Abatholani nangezingcingo enguMhlekwa. Kokunye umbhali uyakhombisa nje
nangezincwadi. Kodwa manje uphikelele kubo kwale ukuthi ayasebenza namandla enqubo yomdabu kulabo
ntokazi, uphethe indandatho azoyethembisa ngayo abethembele kuwo.
umshado. Kanti uzofika ngosuku lapho uNtongolozi eshada
khona nomunye umuntu. Emlonyeni wengwenya (Lindiwe Shandu)
Yindaba eqoqekile ngokwesikhathi nokugxila UNomkhosi uthola isimemo ku-face book sivela kuZwelethu
esigamekweni esisodwa. Yona iqhubeka ngokuphindwa Ndlovu ofuna ukuba ngumngani wale ntokazi. UZwelethu
kwexhala nokulangazela kukaMtsheleni ukubonana uthi ungudokotela wezilwane esiqiwini saseHluhluwe.
noNtongolozi. Nokho ithanda ukuba lulana ngoba kofundayo Baze bathandane. Noma uNomkhosi esekhuzwa
kuvele kusoleke ukuthi uMtsheleni uzofica uNtongolozi ngumngani wakhe ukuba angajahi, akasezwa lutho. Uthola
esethanda omunye noma esefile. Nangempela kuba njalo. esevakashele lo Zwelethu ukuthi yisigebengu lesi, besihlele
ukumdayisa. Ngenhlanhla aphunyuke.
Ukungazi kufana nokungaboni (Lindiwe Nyathikazi) Yindaba emnandi evusa ilukuluku yonke indawo. Ofundayo
Indaba iqala lapho esithola khona uBonisiwe esephatheke uyasola ukuthi kungenzeka ukuba uNomkhosi uyakhohliswa,
kabi ngoba engaphumelelanga esikoleni. Emqondweni bese umfundi ezibuza ukuthi kazi uyophunyuka yini. Indaba
wakhe kubuya uhambo olude kusuka eqala ukufunda. ifika kuvuthondaba lapho uNomkhosi esevalelwa ehlathini,
Eseqhubekile wathandana nomfana, uThemba Ndlovu, eshaywa, naye esezisola. Indaba ibhaleke kahle, sicacile
owayempofu. Wamala lo mfana lapho esetholana noXolani nesifundo esibhekiswe kothathekile.
Zungu aweyecebile. Wakhulelwa uBoniswa. UXolani,
wayesevele eganiwe, izingane zakhe zikhubazekile Inhlamvu yelanga (Mjikeleni Shange)
ngokomqodo. Kwakungenzeka ukuba nekaBoniswa USimangele ubika kuMgawuleni ukuthi uGogo uMaNdlovu,
izozalwa ikhubazekile ibe ngumthwalo kunina. umakhelwane uphoqwa nguMlindeli ukuba akhiphe yonke
Yelulekile yona le ndaba njengoba iqala intombazana imali yempesheni uma esafuna ukuphila. Uyagijima
isaqala ukufunda ize ifinyelele kumatikuletsheni. uMgawuleni ayolamulela isalukazi, abaleke uMlindeli. Kanti
Umbhali uzame ukuyiqoqa indaba yakhe ngokuba usezohlaselwa yizinja ebezilandela uMgawuleni, zimbulale.
kube yinto ekhunjulwa nguBoniswa ngenkathi ebalisa Eduze kwesidumbu sakhe kutholakala ivolovolo.
ngokungaphumeleli kwakhe. Yindaba edla ngazo izifundo Inhle le ndaba. Konke kwenzeka esikhathini esingaphansi
ngokuziphatha, ezibhekiswe ikakhulu kwabasha. kwehora, kodwa indaba iphelele. Ziningi izindlela
zokuhumusha ukubulawa kukaMlindeli yizinja; kusobala
Inkambabeyibuza (Mbongeni Nzimande) ukuthi bekungase kudutshulwe umuntu ukuba izinja
UPuleng usola ukuthi uCilo, isoka lakhe eliyingane kuye, azifikanga. UGogo uvikelwe ngamandla abengawalindele.
lilele nentombi yalo endlini yakhe. Ushiya umsebenzi
acathame aze afike athele uphetroli endlini, ayithungele Seligaya Ngomunye umhlathi (Ntombi Xulu)
ngomlilo, abuyele emsebenzini. Uyamangala uma Kuzokwembulwa itshe emzini wakwaXulu. Sekutheleka
sekufika uCilo emsebenzini ezobika ngomlilo oshise amaphoyisa ngeveni athi azobopha ubaba walapha
indlu nabebephakathi, obekungabazali bakaPuleng ekhaya ukuba ayophendula ngezinsolo zokuthi nguye
ababengenise ekhaya, kanye nendodakazi yakhe uPuleng, obulele izimbuzi zabantu abeze ngeveni yamaphoyisa.
uNomali. Lokhu okwenziwa ngamaphoyisa kubonakala kuyimpoxo
Lena ngenye yezindaba eziphambili kuleli qoqo. Kusuka enkulu ikakhulu ngoba ubaba walapha ekhaya yindoda
phansi ivusa ilukuluku elikhulu lapho sithola uPuleng ehlonishwayo, ewusizayo nomphakathi. Emva kwalokhu
esethukuthele ngobusoka bukaCilo ogangela endlini yakhe. kulandela umlando wokuhlalisana kukaXulu nabantu
Igcina ngenkulu ingwijikhwebu lapho sekutholakele ukuthi bakule ndawo. Amaphoyisa avume lapho kucelwa ukuba
uPuleng uzigwaze ngowakhe wabulala izihlobo zakhe ubaba wasekhaya angaboshwa, aze alethwe ngakusasa
wasinda uCilo. Inhle le ndaba. emaphoyiseni.
Wuhlotshana olungejwayelekile lwendaba. Ingabhekwa
Umandangaphakathi (Thabo Raboteng) ngezindlela ezahlukene. Noma bekhononda abanye
UKhomba nomkakhe uZakithi balwa kanzima. UKhomba ngokungafakwa evenini kukaXulu, likhona elithi
akasamfuni emzini wakhe uZakithi Sekufika inyanga, ukuhlonipheka kwakhe akungcoliswanga yilutho.
uMhlekwa, ifika noTozo, ichaza ukuthi uTozo wacela kuyo Kungaphikiswana-ke ngokuthi umuntu ohloniphekile
umuthi wentando wokudlisa uKhomba. Ngemva kwalokho ungaphezu komthetho yini uma engasaboshwa nje.
babefike kuyo inyanga bobabili uTozo noKhomba bezofuna Akuchazwanga lapha okwenzeka emaphoyiseni ngakusasa.
270 Ntuli

Kokunye kushiyelwe umfundi ukuba aziqagelele ukuthi le ukwenzile obuthengelwe khona. Kodwa okuziphakamisayo
ndoda iyophuma phambili. lezi zindaba ngamangwevu athile akhishwa ngumbhali.
Kulena ethi: ‘Ngenxa yemfihlo’ kuvela njengengwijikhwebu
Ngikufisela Inhlanhla Phetheni (Sizwe Zakwe) enkulu ekugcineni ukuthi uNgidi ubulele ingane yakhe
UNdiza uzwa isimemezelo emsakazweni sokuthi uzoshada ngomuthi wakhe.
uPhetheni abethemba ukuthi kuzoba ngumkakhe. UNdiza Zikhona izindaba ezixwayisa ngezinkinga zanamuhla.
wayeyixhasile nasezifundweni zayo le ntokazi. Usezama Indaba ethi ‘Emlonyeni wengwenya’ nje, noma
ngemithi nodlame ukwehlukanisa uPhetheni nesoka lakhe, kungeyendikimba yothando, ixwayisa abangaze bathandane
uyehluleka. Indaba iphela uNdiza eseshade kamnandi nabantu abangabazi ku-facebook, kanti bazoholelwa
nomunye umuntu. Uzwa ukuthi uPhetheni uboshelwe ophathe. Indaba ethi: ‘Ukube ngangazi’ ixwayisa
izidakamizwa eBrazil. UNdiza ubhuqa ngokuthi umfisela ngokuyengelwa kwabantu emsebebenzini wokudayisa
inhlanhla uPhetheni noma eselapho ejele. ngomzimba bengaqondile.
Yindaba enobuyaluyalu. Kuyaluza kakhulu uNdiza, aze Kuyangenwa nasezinkingeni ababhekana nazo
enze ubulima ngoba esethemba ukuthi uzobuyela kuye abantwana abaphumelela kahle kodwa bangalutholi usizo
uPhetheni. Okuvela ekugcineni ukuthi wayevele engemuntu lokuqhubeka nezifundo zabo. Usizo kuzwakala ngalo
uPhetheni njengoba eseze eboshelwa izidakamizwa esezibulele uMlondolozi endabeni ethi: ‘Akasekho’. Indaba
nje. Yindaba emhehayo oyifundayo ozolokhu edabukela enje ithinta umphakathi wonke ukuba ube nezindlela
uNdiza okusengathi uyasangana. Kungaxoxwa kabanzi zokuvimba ukugebela ekuzibulaleni okunje.
ngokuziphatha kukaPhetheni okubuye kungaqondakali Lapha sithinta kokumbalwa nje okuyizihloko okubhalwe
kahle. Iyagculisa-ke indaba uma uNdiza esengumuntu ngazo kuleli qoqo. Singake sithinte kancane emaswini
ojabule ekugcineni. Yindaba emnandi. ababhali. Nakhona sizothi hloko. Kusobala ukuthi ababhali
bathi beqala ukubhala lezi zindaba babe sebenaso
Iqoqa lokuphawula ngezindaba isisekelo semigomo ezimele ukuyilandeka. Omkhulu yiwo
owokuqoqeka mayela nesigameko, isikhathi, indawo
Kwakhona nje ukubona iqoqo lezindaba eziningi kangaka nabalingiswa.
ezibhalwe ngabalobi abehlukene kusenza silindele Izindaba eziningi ziyilandela ngezindlela ezahlukene le
ukuthola izindikimba ezahlukene ezibhalwe ngamakhono migomo. Zenzeka esikhathini esifushane, nasendaweni
ehlukene. Kodwa futhi asilindeli ukuthi bonke laba babhali eqoqekile nje izindaba ezifana nalezi: ‘Umuntu akathenjwa’,
bangaba sezingeni elifanayo ngekhono lokubhala. Kunjalo ‘Ungehlule singalwanga’. Konke kwenzeka ngosuku
nangempela kuleli qoqo. olulodwa. Kukhona ezenzeka ezinsukwini ezimbalwa, kodwa
Kuyathokozisa ukuthola ababhali bedingida izihloko zibe ziqoqekile.
ezahlukene. Okuphawulekayo yikho ukuthi izihloko noma Ezinye ziyala ukumpintshekela esikhathini esifushane.
izindikimba lezi zithintana ngqo nempilo yabantu banamuhla. Imvamisa-ke umbhali angabeka umlingiswa endaweni
Zikhona phela izindikimba okungasoze kwayekwa ukubhala eyodwa, bese yethulwa njengokujeqeza emuva yonke indaba
ngazo ngoba zihlale zisithina isintu. kokunye eyenzeke esikhathini esithe ukweluleka. Indaba
Uthando nesikhwele ngeke kwaphela esintwini. Nakho ethi: ‘Ukungazi kufana nokungaboni’ iqala lapho uBoniswa
endabeni ethi: ‘Ngikufisela inhlanhla Phetheni’ uNdiza ekhala ngoba engaphumelelenga, bese ihlehlela kukho
ebhokelwa yisikhwele uma ezwa ukuthi iyashada intombi konke okwenzeka empilweni yakhe ngaphambi kwalolo
ayithandayo aze azidele ayokulwa nesoka layo. Endabeni suku, ize igcine kulolu suku abuka ngalo imiphumela. Uma
ethi: ‘Inkambabeyibuza’ uPuleng usola ukuthi isoka lakhe kwenziwe ngobuciko lokhu, iba nohlobo oluthile lokuqoqeka
lizwana nenye intombazana, ayoshisa indlu acabanga indaba ebingase isabalale.
ukuthi bakuyo kanti kuzosha abazali bakhe abebengenise Izindaba eziningi zidla ngeziqalo ezinomfutho. Indaba ethi:
kuyo. Ezindabeni ezinje ababhali kusobala ukuthi bafaka ‘Umandangaphakathi’ ingeniswa ngamazwi athi: ‘Kwasuka
isixwayiso ukuba abantu bangahluthukelwa yizinhliziyo lokho! Base begonyozene. Kazi kwakhala nyonini emzini
benze okungafanele. kaNdelu?’ Lokhu kuvusa umdlandla ukuba umuntu afise
Ukuganga okunhlobonhlobo kuyode kubhalwa ngakho. ukwazi ukuthi kuliwa nje kubangwani, nokuthi kuzolandelani.
Ababhali balezi zindaba benze kwaze kwaganga nabefundisi, Akuyibo bonke ababhali abayiqala ekuqaleni indaba.
abantu abahloniphekile. Nakhona phela endabeni ethi: ULindiwe Shandu nje indaba ethi: ‘Emlonyeni wengwenya’
‘Umuntu akathenjwa’ kuba ngumfundisi obulala ingane ukuze uyiqala kuvuthondaba: ‘Engabe Nkosi yami bengisukwe yini,
ayicwiyele umuthi. Endabeni ethi: ‘Ungehlule singalwanga’ sengizophuma kanjani manje lapha? … Uma ngabe egcine
nguMfundisi Phoseka okhulelise umkaNtshangase. Uze ephumile akazi nokuthi uzophuma abheke ngaphi kuleli
ahlangane nalo mama ekubulaleni uNtshangase. Lezi hlathi elingaka….’ Kube yima eyochaza ukuthi uze kanjani
zigangi ziyazithola izijeziso zazo ezifanele. kuleli hlathi. Izindledlana ezehlukene zokwethula indaba
Ukusetshenziswa komuthi ngeke kuphele kwabamnyama. zenza iqoqo lingabi nesicefe kofundayo.
Yikho lokhu okwenze uMfundisi Ngubane abulale ingane Nakulo imaphakathi lezindaba kukhona ukwehlukahlukana.
endabeni esiyiphawule ngenhla. Umuthi uyasebenza Enye indaba iyaqala nje ibheke phambili kube kuncane
njengoba kunobufakazi endabeni: ‘Ngenxa yemfihlo’ lapho ukujeqeza emuva, njengakulena ethi: ‘Ngikufisela inhlanhla
uNgidi eyocupha isidumbu somfana wakwaBele, kanti Phetheni’. Kwezinye izindaba indaba iyaqala, kuthi
ozocupheka afe yindodana yakhe abengayazi uNgidi. ‘umzimba’ wayo ube ukujeqeza emuva, njengasendabeni
Uyasebenza umuthi nasendabeni ethi: ‘Umandangaphakathi’ ethi: ‘Siyefana’.
ngoba kuba nobufakazi bokuthi umuthi othengwe kuMhlekwa
South African Journal of African Languages 2017, 37(2): 267–271 271

SesiphawuIile ngokuphetha kwendaba ngengwijikhwebu baphumelele ekufezeni okuthathwa ngokuthi yimigomo


njengasendabeni ethi: ‘Ngenxa yemfihlo’. Endabeni ethi: yalolu hlobo lombhalo. Abagqugquzela lo mkhankaso
‘Uhlanya olukhululekile’ uMaNdwandwe uyakhala ngoba siyabakhuthaza ukuba baqhubeke ngoba abakwenzayo
esethatha ngokuthi iyahlanya indodana eseyanyamalala, kungukuphonsa itshe esivivaneni semibhalo emisha
ayethembele kuyo. Nanso-ke isifika ichaza ukuthi ibicashile yesiZulu.
nje, ibizithuthukisa ezifundweni zayo, isizomthwala
ngokuphelele. Eziningi izindaba zinezinhlobo ezahlukene Book Abstract (English)
zengwijikhwebu. Kulena nje ethi: ‘Ngikufisela inhlanhla
Phetheni’ uNdiza wayephatheke kabi ngokulahlekelwa This book review assesses a collection of twenty isiZulu
yintokazi ayeyithanda, wezwa kamuva ukuthi yaboshelwa short stories that were selected for publication after
izidakamizwa. Kusho ukuthi uNdiza wayephunyukile a competition. The short stories were published in a
ehlazweni lokuxhumana nomuntu wezidakamizwa noma book titled Inhlamvu Yelanga (Maphumulo, 2016) by
yena wayengazi. the University of KwaZulu-Natal Press. The aim of this
Zibhaleke kahle eziningi zalezi zindaba. Yebo phela, competition was to inculcate the culture of reading and
zikhona ezinye ukuphumelela kwazo okungafinyeleli writing in isiZulu. The stories have been well written and
kokwezinye ngezizathu ezithile. Lena nje ethi: ‘Isabelo arranged, and showcase a variety of literary techniques
sokugcina’ ixoxa ngoNoxolo olotsholwayo, emva kwalokho by the writers. After the reading and reviewing process, I
kufike ezinye izinsizwa zimthwale. Kanti nakuwo nje discovered that the majority of the short stories are catchy
‘umzimba’ wendaba besinikwa imidati yezingxoxo and employ suspense as a narrative technique. As one
zokulobolisana ezingasisizi kangako isakhiwo sendaba. reads, one is made to ask oneself what the end result
Ezindabeni eziningi ‘umxoxi’ wendaba kuba ngumuntu would be. This is a great sign in literary writing because it
wokuqala noma wesithathu. Akuvamile ukuba besebenze highlights the various levels of skills of the different authors.
kahle kanyekanye laba baxoxi. Endabeni ethi: ‘Iphupho As expected, the writers are not at the same level of
nje’ kuqale kusebenze umxoxi wokuqala, kuthi lapho experience, but despite this, there are various lessons that
indaba iqhubeka (ikhasi 51) kugaxele owesithathu. are learnt in these stories which can be useful in people’s
Kunokushayisana lokhu. Kusobala ukuthi zehlukene lives. Among some of the lessons that are embedded in
izindaba nangamazinga okuphumelela kwazo. these stories, there are contemporary issues around the
abuse of women, abduction, crime, discrimination against
Ukuphawula ngokuhleleka disabled people, respect of the rule of law, the behaviour
Abacaphuni of the youth, jealousy, the dangers of secrets, unwarranted
Emibhalweni eminingi yephrozi inkulumo yomuntu anger, etc. I can quite confidently say that these stories
ngamunye iba sesigabeni (ipharagrafu) sayo. Ezindaweni have served their purpose in creating awareness and
eziningi kuleli qoqo kukhuluma abantu abaningi esigabeni educating the readership through the medium of isiZulu.
esisodwa, kodwa akwenziwa lokhu kuzo zonke izindaba. This publication will have a tremendous impact on the
Izibonelo zabaningi abaphendulana esigabeni esisodwa development of an indigenous language, especially in
zisemakhasini 1, 33, nakwamanye. the higher education space, which is a very unusual
occurrence.
Ukubhalwa kwamagama
Kukhona lapho okuke kuphunyuke khona: isib. Kuyisonto Reference
> kuyiSonto; wensizwa > we nsizwa (ikh.15); uzithwele >
Uzithwele (ikh. 28); vele bengisukile > Vele …; iSingisi > Maphumulo M. (ed.) 2016. Inhlamvu Yelanga. University Press:
isiNgisi (ikh. 51); sizokhokha umlilo > sizokokha …(ikh. 74); University of KwaZulu-Natal.
agwaza nguyena > agwaza …kuyena (?) (129); uPhetheni
> UPhetheni (ikh.181); manje ubufisa > Manje ubufisa (ikh. Bhekinkosi Ntuli
184) (Kuningana okunje).
University of KwaZulu-Natal
Amapharagrafu amade kakhulu Email: ntulidb@lantic.net
Kunezindaba ezinamapharagrafu asemade kakhulu, izib.
amakhasi 29, 30, 32, 34. 103, 104, 109, 111, 113.
Noma kukhonyana lokhu kusoba ukuthi abebecubungula
lo mqulu ungakashicilelwa bazikhandlile ukuba kuphume
umsebenzi ocolekile. Siyahalalisa.

Elokuphetha

Noma sesiphawulile ngalezi zindaba, besikha phezulu nje.


Kuningi okungase kushiwo kabanzi ngendaba ngayinje.
Ngumzamo omkhulu lo ikakhulu uma kukhunjulwa ukuthi
ngowabalobi abavunjululwe ngumkhankaso wokukhuthaza
ababhali. Bafinyelele emongweni womsebenzi wobuciko,
okuthi uthokozisa ube ufundisa noma weluleka. Abaningi

You might also like