Professional Documents
Culture Documents
(One bedroom house and a kitchen without electricity, and we fetch water from far away)
Personal and social history continued
Doctor: Kulungile. Uyabhema noma uyaphuza utshwala?
(Do you smoke or drink?)
Patient: Yebo, dokotela, kodwa hhayi njalo mangabe ngithole imali ngiye ngiphuze ngibheme.
(Yes doctor but occasionally, I drink and smoke only if I get money)
Doctor: Ngitshele ngenhlobo yokudla okudlayo. (Tell me about your diet).
Patient: Ekuseni ngidla isinkwa netiye, bese ngidla ntambama ilayisi/noma uphuthu
okunenyama izaqathi angizithandi.
(I eat bread and tea in the morning, and eat rice/maizemeal with curry in the afternoon. I
don’t like vegetables)
Doctor: Uyaxivocavoca? (Do you exercise?)
Patient: Cha, anginawo amandla
(No, I don’t have strength)
Patient’s perspectives
Ideas and thoughts
Doctor: Ucabanga ukuthi yini imbangela yalokhu kugula kwakho?
(What did you think might have caused your problem?)
Patient: Ngicabanga ukuthi umama njengoba enesifo sesifuba nje, usengithelelile nami.
(I think as my mother has TB, I have caught it from her).
Concerns
Doctor: Yini ekuphatha kabi?
(What are your concerns?)
Patient: Dokotela ngiyesaba, njengoba ngikhwehlela nje Dokotela ngicabanga ukuthi
nginesifo sesifuba manje ngithuke kakhulu
(Doctor I am scared, as I am coughing I think I have TB so now I am scared)
Patient perspectives continued
Expectations
Doctor:Ufisa ukuba ngikwenzeleni ngalokhu kugula kwakho?
(What are you hoping for?)
Patient: Ngifisa ukuthola usizo namaphilisi.
(I hope to get help and treatment)
Feelings
Doctor: Uzizwa kanjani ngalokhukugula kwakho?
(How are you feeling about it all?)
Patient: Ngizizwa ngikhathazekile ngoba angilali kahle ebusuku, ngiyakhwehlela kakhulu,
ngiyajuluka isimo sami sempilo asikho kkahle.
(I am feeling worried because I don’t sleep properly at night, I am coughing a lot, sweating
and my health condition is not good)
Patient perspectives continued
Effects on life
Doctor: Lokhu kugula kwakho kunamiphi imiphumela empilweni
yakho?
(What effects is this having in your life?)
Patient: Angisakwazi nokuhamba ngiyozifunela amatoho njengoba
ngigula futhi angisebenzi.
(I am not able to go and look for temporal jobs as I am ill and
unemployed)
Preliminary explanation
Doctor: Ungakhathazeki ngizokusiza
(Don’t worry, I will help you)
Doctor: Ngicela ushaye isithombe. Ngabe kulungile?
(Please go to Xray. Is it fine?)
Patient: Yebo kulungile
(Okay it’s fine)
Doctor: Ngizokunika amaphilisi, kufanele uthathe lamaphilisi ekuseni
nasebusuku
(I will give you medication. You must take these pills morning and evening)
Patient: Ngiyabonga kakhulu
(Thank you very much)
Closing the session
Doctor: Unawo umbuzo?
(Do you have any question?)
Patient: Cha dokotela anginawo umbuzo.
(No doctor I don’t have a question)
Doctor: Ngicela ubuye mhlaka ………
(Please come back on……..)
Patient: Ngiyabonga dokotela
(Thank you, doctor)
Doctor: Ngiyabonga. Uhambe kahle
(Thank you. Goodbye)