You are on page 1of 4

NOLUTHANDO RADEBE

64428036

ISIVIVINYO SESIZULU – AFL 2601

Umbuzo 1

1.1 Cha.
• Esikhathini samanje siphila ngaphansi komuthetho sisekelo onikeza bonke abaphila ngaphansi
kwezwe lethu amalungelo. Uma umzali esekhethela ingane yakhe ukuthi izoshada/ izoshdwa
ngubani lokho sekuwukwephula amalungelo aleyo ngane athe ukuba maningana njengelungelo
lokukhetha ukuthi lithanda bani, ilungelo lokuzihlanganisa nalona efuna yona ukuhlangana naye
kanye namanye.
• Ukukhethela ingane umuntu ezomugana noma ezoganelwa nguye eskhathini samanje akuyo
into efanele lokhu ngikusho ngoba abantu sebe nobulwane, ungathatha ingane yakho uyiganise
ngenkani nomuntu okungekho uthando Phakathi kwabo kugcine kuba ukuthi ihlala
ngokuhlukumezeka ngenxa yokungena ngenkani emshadweni.
• Ungakhethela ingane ezoshada naye kanti ukhetha omkhulu umgulukudu oyimpisi embethe
isikhumba semvu egcine eseyisa kwagoqanyawo ingane yakho.
• Esikhathini esiphila kuso manje umuntu nomuntu wenza akholelwa ukuthi yikho okumfanele.
Ungathi usuyikhethele ingane yakho ukuthi izoshada nobani ikhethe yona ukubaleka ekhaya
iyohlala emgwaqeni ngenxa yokuthi izobona ungayithandi wena njengomzali wayo ukuba
sekungaze uykhethele umuntu.
• Akufanele ngoba lokhu kumosha ubudlelwano bengane yakho nalona esuke yona isizikhethele
yena futhi imuthanda ngempela. Lokhu kungadala ukuthi uthi wena uyiganisa ngapha yona
iqhubeke nokuthanda umuntu way obese kudala izinkinga Phakathi kwemindeni ngoba lokho
kobe sekuba ukuphinga.

Umbuzo 2

2.2.1 UGuma (1967:66) usho lokhu ngesisho: izisho ziyindlela yokukhuluma ngokwendabuko okuthi
incazelo yazo ingeqondeke ngokujwayelekile noma iqondwe ngothathela olwazini lwamagama
ngamanye awazakhile. Zingezokudabuka olimini, futhi zinamandla anesitayela okuzinikeza ubumdabu
boqobo.

Isisho siyisakhiwo esingaguquki noma iqenjana lephethini lamagama ahambisanayo, akhethekile


ebuhlakanini bolimi uma kuthintwa isakhiwo segrama,ukusetshenziswa okwamukelekile,nencazelo
engeke ngokwenggqondo nje noma ukuwathatha njengoba enjalo uwazise uma ususela engxeyeni yawo
ehlangene.(Ntsan’wisi, 1968).

2.2.2 Yebo zisabalulekile.

2.2.3 Izisho zibaluleke ngalezi zindlela ezilandelayo


• Isisho sibaluleke ngenxa yemisebenzi yaso yokuthi siyisakhiwo esisetshenziselwa ukuhlobisa
inkulumo. Ngokwenza kanjalo, siguqula inkulumo yolimu ukuze ibe namandla.

Isibonelo: akulahlwa mbeleko ngakufelwa- lokhu kusho ukungaphelelwa ithemba esimweni esibi

Uma usasizwa lesi sisho okungathi sikhuluma ngokuthi ungalahli imbeleko ngoba nakhu ushonelwe
ngumtwana ngoba kusasa kungahle ube nomtwana omunye bese uyayidinga le mbeleko ongabe
usuyilahlile. Lokhu okuchazwe isisho lesi kunikewa Amandla yilenkulumo esetshenzisiwe othi uma
uyizwa nawe obese ulahlekelwe lithemba ligcine selikubuyela ngempela.

• Izisho zinobugagu bokwethula inkulumo ngendlela egigiyelayo futhi kusetshenziswa nezifenqo


(Msimang 1988)
• Izisho ziyindlela yokubeka inkulumo ngobucwenti futhi zihlale ziphenduphenduka nenkathi

Izbonelo zezisho kanye nezincazelo zakhona

1. Ukhondlela impukane ewewni – ukwenza into engeke yakusiza ngalutho.


2. Ukubeka icala – ukumangalela umuntu.
3. Ukuba nenhliziyo engaphandle – ukuhala.
4. Ukubophela amanqina enyathi – ukwakhela uzungu.
5. Ukuba yinyoka – ukuba nobuqili obufihlakele.

Umbuzo 4

4.1.1 INkosi

Imisebenzi yenkosi ayehlukile kuleyo yenduna, ngaphandle kokuthi ngokwesikhundla inkosi ingaphezulu
kwenduna. Izinduna zingaphansi kwamandla ayo. Njengombusi womphakathi, amandla enkosi eluleka
ayofika kukho konke okuthinta impilo yomphakathi. Ilindeleke ukuba ihlinzekele ngokudla, imvundiso,
isimo sezulu, ukuvikelwa ezitheni nakumashwa, nakuzo zonke izinhlobo zezinto ezithinta impilo.
Ixazulula ukungezwani okuthinta ubuduna iphinde ibeke izinduna esizweni sayo.

Isibonelo endabeni engiyifundile

uMukonḓeleli kanye noLondolani bavakashela inkosi uThavhakhulu. Lokhu kulandela ingxabano


mayelana nobuduna eNgwenda obutholwe yindodana kamufi, uNdaendzo. UNdaedzo akuyona indlalifa
efanele. Indlalifa efanele nguMulindathavha. La makhosikazi amabili afuna ukuba kwenziwe
ubulungiswa. UKhotsimunene Mantsha udukisa inkosi mayelana nokukhethwa kwendlalifa.
Njengodadewabo omdala kanye nendodakazi endala kamufi, uMukonḓeleli noLondolani yibona okumele
kuthathwe izwi labo lokugcina. Kwinkulumompendulwano phakathi kwabalingiswa ungabona ukuthi
indima yenkosi ukuxazulula ukungezwani ngokubeka umuntu ofanele esikhundleni sokuba yinduna.
Indima yenkosi iphinde yavezwa emisebenzini yombhalo wesiZulu Mageba Lazihlonza ka B B Ndelu
kanye nethi Ukufa kukaShaka ka E Zondi. Khomba imisebenzi yombhalo olimini lwase-Afrika eveza
ingxabano mayelana nobuduna kanye nendima yenkosi ekulungiseni isimo.
4.1.2 Inhloko yomndeni

Inhloko yomndeni inendima eyidlalayo ekuphathweni komndeni. Ihlinzekela amakhosikazi kanye


nezingane, iyabavikela isingathe nemisebenzi yabaphansi. Iphinde ibukane nokuthathwa kwezinqumo
ezimayelana nokuphathwa komndeni ezindabeni eziningi, okufaka phakathi kwazo ukukhethwa
kwabalingani kumadodakazi namadodana akhe. Ingakhethela izingane imisebenzi ekumele ziyenze.

Isibonelo endabeni engiyifundile


Elelwani: ngakutshela kudala ukuthi angimthandi lo Ratshihule eningiphoqelela kuye.
Inhloko yomndeni: uma ngabe uyindodakazi yami uzokuya emzini wenkosi. Leli yizwi lami lokogcina.
Kulesi sibonelo esingenhla sizwa inhloko yomndeni ikhethela indodakazi yayo umyeni wayo.

4.1.3 Unkosikazi

Kungumsebenzi womfazi omkhulu ukusiza umyeni wakhe ekuphatheni umndeni. Phakathi kwemisebenzi
eminingi unkosikazi omkhulu anagayenza ekephathweni komndeni kungaba yilowo wokuhlanganisa
amanye amakhosikazi kanye nokukhethela indoda amakhosikazi amancane.

Isibonelo endabeni engiyifundile


Endabeni ka Latani, uMukumela kanye no Malilele. Lapha sithola uLatani ememe uMukumela ukuthi
azomsiza ngokuvubela utshwala buka Mililele umyeni ka Latani njengoba nakhu ezobuya esilungwini.
Umyeni ka Latani uyesaba ukutshela unkosikazi wakhe ukuthi useyamthanda uMukumela, ngokwesiko
lama-Afrika, indoda ayikwazi ukukhetha umfazi wesibili ngaphandle kwezibusiso zikankosikazi wokuqala.
ULatani ngakolunye uhlangothi udinga umuntu azomsiza ukwenza imisebenzi yasekhaya. Ngesikhathi
ekhuluma no Mililele, uLatani wenza isiphakamiso sokuba uMalilele athathe uMukumele
njengonkosikazi wakhe wesibili.

Kulendaba engenhla sithola ukuthi unkosikazi wokuqala uyena okhethele indoda noma umyeni wakhe
unkosikazi wesibili.

4.1.4 Udadewabo mkhwenyane/ ubabekazi

Udadewabo wendoda uthathwa njengomuntu obalulekile emndenini, ikakhulukazi udadewabo omdala


wendoda. Ubabekazi okubhekiswe kuye lapha, ngubabekazi owaziwayo ngokombono wama-Afrika.
Ngobabekazi kulengxoxo kushiwo udadewabo kababa, noma udadewabo wendoda. Kunoma yisiphi
isinqumo esibalulekile esithathwayo emndenini, udadewabo wendoda kumele athintwe. Lezi zinqumo
zingaba sekuhanjisweni kwelobolo, ukwenziwa kwemisebenzi yesintu, noma ukuya esikoleni
sokuthwasela ukukhula. Ubabekazi unikwa amandla okuxazulula ukungezwani emndenini.

Isibonelo endabeni engiyifundile


Endabeni engiyifundile kuno Rasila oshenelwe indodana yakhe, yashiya umfelokazi uMaria. URasile
kanye no nkosikazi wakhe uMuhanelwa bakhathazekile ngekusasa lika Maria. Ngokwesiko lama-Afrika,
uma indoda ishona emndenini, umfelokazi wayo unikezwa umfowabo ukuba abheke izingane. Inkinga
kaRasila ukuthi okuyiyona ndodana yakhe esele isencane kakhulu ukuthi inganikezwa uMaria
njengonkosikazi. Ngeke akwazi ukuxazulula loludaba eyedwa. Lena inkinga yomndeni, kanti idinga
amalunga omndeni ukuba ayixazulule. Ngokwesiko lama-Afrika, udaba olunjalo alukwazi ukuxazululwa
ngaphandle kadadewabo wendoda (ubabekazi).
Kelendaba engenhla sithola kunenkinga engaxazululeki kalula ngenxa yokuthi ubabekazi akekho.

You might also like