You are on page 1of 13

1

ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL)


AMANOTHI OKUHLUZA IZINCWADI ZEMIBHALO YOBUCIKO
INOVELI: ITHEMBA LAMI

1. Umyalezo nendikimba

1.1 Umyalezo yilokho umbhali ahlose ukukwedlulisela kubafundi noma emphakathini


ngombhalo wakhe. Kungaba ukuqwashisa, ukukhuthaza, ukuvula amehlo kubantu ngesimo
esithile nokunye. Lokhu kuvama ukwethulwa ngomusho ophelele.

* Umyalezo wale noveli kungaba okunye kwalokhu:

- Kubalulekile ukwamukela isimo ozithola ukusona. USandanezwe simthola egula kakhulu


kepha engafuni ukwamukela izinsolo zodokotela zokuthi izimpawu zesifo sakhe zikhomba
ukuthi unesifo sengculazi. Unquma ukweqa esibhedlela ayozama usizo lwezinyanga ngoba
kungavumi ukuba amukele lesi simo.
noma
- Kuyingozi ukweqa imiyalelo yodokotela. USandanezwe simthola eqa esibhedlela ngoba
ephikisana nemiyalelo yodokotela abamsola ukuthi kungenzeka ukuthi uphethwe isifo
sengculazi. Lokhu akumsizi ngalutho ngoba kuyadlanga kunoma kwehle ukufa.

1.2 Indikimba yona-ke ngumqondo jikelele noma yilokho indaba ekhuluma ngakho
ngegama elilodwa kumbe ngebinzana nje lamagama.
* Indikimba yale noveli: ISIFO SENGCULAZI/ INGCULAZI ngoba phela indaba yonke ikhuluma
ngokugula kukaSandanezwe okusolakala ukuthi uphethwe isifo sengculazi.

2. Udweshu:

* Lokhu kusho ukungqubuzana kwemibono phakathi kwabalingiswa ababili noma ngaphezulu


kumbe imicabango eyahlukahlukene engenzeka kumlingiswa oyedwa edinga ukuba athathe
isinqumo esithile.

* Ngakho-ke sinezinhlobo ezimbili zodweshu okuyilezi:

2.1 Udweshu lwangaphakathi: Imicabango yomlingiswa ejulile ngenkinga noma ngesimo


esithile okudingeka agcine ethathe isinqumo esithile ngaso.

Isibonelo kule noveli yethu: Imicabango kaSandanezwe ejulile ngengoduso yakhe uNokulindela
ngesikhathi esenyangeni uNonkamfela, lapho ayezama ukuthola icebo lokuthi angacela kanjani
ukuba athi hulukuqu ekhaya ayoyibona ikakhulukazi ngoba wayengalitholanga ithuba
2

lokwedlula kuyona ayazise ngohambo lwakhe. Lokhu-ke kwaphetha ngokuba azijube, ambikele
uNonkamfela ngenkinga yakhe, wamvumela ukuba avakashele ekhaya.

2.2 Udweshu lwangaphandle: Ukushayisana noma ukuphikisana kwemibono okubandakanya


abalingiswa ababili noma ngaphezulu.

Isibonelo kule noveli yethu: Inkulumo-mpendulwano phakathi kukaSandanezwe, unina kanye


noyise, beshayisana ngemibono mayelana nokuthi yikuphi lapho okwakufanele uSandanezwe
aye kofuna usizo khona phakathi kwasezinyangeni nakubathandazi, okwagcina ngokuba
avunyelwe ukuba aye enyangeni uNonkamfela ngoba ithemba lakhe lalibonakala likuyena.

3. Abalingiswa:

* Abalingiswa yibona abaqhuba indaba ngokubamba iqhaza elithile ngamunye kuyona. Lokhu-
ke kwenza ekugcineni sibe nezinhlobo ezahlukahlukene zabalingiswa okuhambisana nendlela
abethulwa ngayo kithina njengabafundi bombhalo.

3.1 Abalingiswa esibathola kule noveli ngokwezinhlobo zabo:

(i) Abalingiswa ababalulekile neqhaza abalibambile ngamunye endabeni:


* uSandanezwe – Indodana kaMkhumane eyayigula kakhulu, ingelapheki.
* uMkhumane – Ubaba kaSandanezwe
* unina kaSandanezwe
* uNokulindela – Ingoduso kaSandanezwe
* uMaZikalala – Unina kaNokulindela
* uMchunu – Uyise kaNokulindela
* uNonkamfela Mbeje – Inyanga yaseMacekane eyayelapha uSandanezwe
* uZondiwe – Umzala kaSandanezwe
* uZabalaza – Imbangi kaSandanezwe kuNokulindela
* uNomgedla – Iqhikiza likaNokulindela elingukanina kaZabalaza
* uMzungezi Jiyane – Inyanga kaZabalaza
* uMbuyisa – Inyanga yakwaCeza okwayiswa kuyona uSandanezwe ngoba esehlulekile
uNonkamfela.
* uNtshingila – Indoda eyayisebenza kubangcwabi.
* uNomkhizo – Udadewabo kaSandanezwe

(ii) Abalingiswa abangabalulekile:


* uMaNgiba noMaMthembu – Amakhosikazi athanda izindaba ayehleba uNonkamfela
esigamekweni sengozi yebhasi nesitimela.
* uSebenzile – uMngani kaNokulindela owayenesoka elinguKhumbulani.
* uNdebele – Isayoni esasithandazela uSandanezwe
3

* udibi lukaNonkamfela
* umfana kaMbuyisa

(iii) Umlingiswa omkhulu/osemqoka/ oqavile: uSandanezwe ngoba:


- Indaba yonke yakhelwe phezu kwakhe, zonke izigameko zendaba zithinta yena.
- Uyena esimthola esenkingeni yokugula kwakhe, azama ukuyixazulula ngezindlela eziningi
okubandakanya nokuya ezinyangeni ezahlukahlukene.
- Simthola kusukela ekuqaleni kwendaba kuze kuyofika ekugcineni kwayo.

3.2 Ukuvezwa kwabalingiswa:

* Zimbili izindlela zokuvezwa noma zokwethulwa kwabalingiswa.


* Kukhona esamdlalo lapho abalingiswa beziveza bona ngezenzo noma ngendlela abakhuluma
ngayo kumbe kube yindlela abaqanjwe ngayo kanye nechazayo lapho umlandi noma umbhali
kuba nguyena osethulela umlingiswa ngokusilandisa ngezenzo zakhe.

Izibonelo kule noveli yethu: Iningi labalingiswa kule noveli lethuleke ngendlela esamdlalo.
Baziveza bona ngezenzo zabo kanje:
* uSandanezwe - Uvezwe njengomuntu obambelelayo kulokho akholelwa kukhona, onothando,
okholelwa ezinyangeni njll.
* uNokulindela – Uvezwe njengomuntu onothando lweqiqiso, ohloniphayo njll.
* uZabalaza – Ungumuntu oyishinga, oyisishimane, onenhliziyo embi njll.

3.3 Ezinye izinhlobo zabalingiswa:

* Oyisicaba: Ozenzo zakhe aziguquguquki kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.


Isibonelo: uZabalaza, uSandanezwe, uNokulindela nabanye.
* Oyindilinga: Lona ozenzo zakhe ziba nokuguquguquka zihambissane nesimo azithola ekusona.
Isibonelo: UNonkamfela, uZondiwe nabanye.

4. Umsebenzi/ iqhaza lomlandi

* Umlandi angathatha isimo somuntu wokuqala lapho simthola khona ekhuluma ngezigameko
ezithinta yena ngqo, naye abe yingxenye yabalingiswa bendaba. Kuvama ukuba
kusetshenziswe izivumelwano zomuntu wokuqala, u(ngi-/ si-) ezilandisweni zemisho kanye
nezabizwana ezithi mina/ thina njengenhloko yomusho. Inkinga ngale ndlela ukuthi
kuyenzeka umlingiswa angazi ngezigameko ezenzeka kwenye indawo lapho asuke engekho
khona.

* Kungenzeka futhi ukuba umlandi athathe isimo sokuba ngumuntu wesibili lapho esethulela
4

indaba sakukhuluma nomuntu othile. Lapha-ke kuvame ukusebenza kwezivumelwano (u-/ ni-)
ezilandisweni zemisho kanye nezabizwana zomuntu wesibili (wena/ nina) njengenhloko
yomusho.

* Enye futhi indlela okuyiyona eyejwayeleke kakhulu yileyo ethatha isimo somuntu wesithathu
lapho umlandi engusazikonke, iso lakhe libona konke okwenzekayo endabeni ngoba phela
umi eceleni, akazitholi eyingxenye yabalingiswa bendaba naye. Lapha-ke kuvame ukusebenza
kwezivumelwano zomuntu wesithathu okungu-(u-/ -ba-) kanye nezabizwana zomuntu
wesithathu (yena/bona) njll.

Isibonelo: Umlandi kule noveli ungumuntu wesithathu. Usilandisa indaba ukusuka nokuhlala.
Iso lakhe libona yonke indawo. Usethulela okwenzeka kuSandanezwe ekhaya kubo, enyangeni
uNonkamfela, nakuzo zonke izindawo ngaphandle kwenkinga. Siyazithola futhi izivumelwano
zomuntu wesithathu okungu(u-/ ba-) zisetshenzisiwe kakhulu endabeni.

5. Isizinda

* Lokhu kusho indawo, isikhathi nesimo senhlalo (okwenzekayo endabeni) enovelini.

* Mayelana nendawo kuqondwe ukuthi eyasemakhaya noma eyasedolobheni yini, ngesikhathi


sona-ke kuqondwe ukuthi esakudala noma esoshintsho noma esanamuhla yini?

Isibonelo: Isizinda sale noveli singachazeka ngale ndlela:

* Indawo: Kusemakhaya. Sithola uNokulindela eyokha amanzi emfuleni, amaqhikiza aluleka


izintombi, ukweshela kwezinsizwa emfuleni (uZabalaza eshela uNokulindela), isiqhimuqhimu
somuzi kaNonkamfela owakhiwe ngolawondi botshani nezindlu zokhethe njalonjalo,
ukuthethwa kwamacala esigcawini, ukubusa kwamakhosi (inkosi uZungu) njll.

* Isikhathi: Le ndaba yenzeka esikhathini sanamuhla. Sekukhona odokotela, izibhedlela,


izimoto, amabhasi, izitimela, abangcwabi, ukusebenza emikhunjini nokunye.

* Isimo senhlalo: Simuncu kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. USandanezwe uyagula,
uhamba izinyanga ezahlukahlukene kepha lutho ukusinda. Abantu bakule ndawo bakholelwa
ekwelapheni kwendabuko okubandakanya izinyanga nabathandazi. Kufuyiwe lapha,
uZabalaza uqhosha ngesibaya sikayise esigcwele izinkomo angakwazi ukukhokhela kalula
ngazo inyanga yakhe uZibane uma izomsiza ukuba anqobe uNokulindela. Izinsizwa
ziyashayana, zibangisane ngentombi emfuleni. Konke lokhu kuxhumana kahle nendawo
yasemakhaya.
5

6. Isakhiwo senoveli:

* Lokhu kusho ukuhleleka kwezigameko ngendlela enokuxhumana ngokwembangela


nomphumela kusukela esingenisweni kuze kuyofika esiphethweni sendaba.

* Ngakho-ke isakhiwo senoveli sinamabanga amathathu alandelayo:

6.1 Isingeniso: Lapha sethulelwa umlingiswa omkhulu nenkinga abhekene nayo kanye nabanye
abalingiswa abaqavile ababambe amaqhaza ahlukahlukene. Isizinda sendaba kumele sicace
naso kulo leli banga.
Isibonelo: Esingenisweni sale noveli sethulelwa umlingiswa osemqoka/omkhulu
onguSandanezwe nenkinga yakhe okungukugula kakhulu engasindi. Sithola abanye abalingiswa
abaqavile ababambe iqhaza endabeni okungunina kaSandanezwe, uyise uMkhumane,
uNonkamfela, nabanye abelekelela uSandanezwe ukuxazulula inkinga abhekene nayo nabo
bayethuleka esingenisweni. Kusuka udweshu phakathi kwalaba balingiswa: uSandanezwe,
unina kanye noyise uMkhumane kuphikiswana ngokuthi ngubani okumele elaphe uSandanezwe
phakathi kwezinyanga, abathandazi nodokotela.

6.2 Umzimba: Lapha-ke umlingiswa omkhulu simthola ewa evuka nokuxazulula inkinga yakhe.
Kwethuleka nabalingiswa abanye abaqavile nabangaqavile, bebambe iqhaza ngezindlela
ezahlukahlukene. Kukhona abeseka umlingiswa omkhulu ekuxazululeni inkinga yakhe nalabo
futhi abaphikisana naye, abambangisayo, abemi endleleni yesixazululo senkinga yakhe
ngakolunye uhlangothi. Udweshu olusuke esingenisweni luyabhebhetheka ngesikhathi
abalingiswa bekhuluma bephendulana. Ngaleyo ndlela-ke kudaleka uhide lwezigameko
ezinokuxhumana, lapho uthola esandulelayo siyimbangela yesilandelayo, kanjalo futhi
esilandelayo siba ngumphumela wesandulelayo. Umbhali uye asebenzise amasu afana
nalana alandelayo ukugcina ilukuluku liphezulu kumfundi ngesikhathi efunda indaba:

* Isu lokujeqeza emuva nelokubikezela:

(i) Ngokujeqeza emuva kuqondwe isu elisetshenziswa ngumbhali noma umlandi lapho
esethulela khona isigameko esenzeka esikhathini esedlule ngenhloso yokuba sikwazi
ukuqondisisa kahle isigameko sangaleso sikhathi.

Isibonelo: Isigameko sokuqala kokugula kukaSandanezwe, eze ephoqwa ngumzala wakhe


uZondiwe ukuba aye esibhedlela. Lesi sigameko sizwa ngaso indaba isiphakathi, umbhali
esesivezela ukuthi kwakusuke kanjani lokhu kugula esikuthola sekudlangile.

(ii) Ukubikezela kona-ke kusho ukwethulwa kwesigameko noma kwemininingwane


ephathelene nokusazokwenzeka ngaphambili ngenhloso yokuheha nokuvusa ilukuluku
6

lokufunda indaba.

Isibonelo: Uma indaba iqala sethulelwa uSandanezwe ekwaNonkamfela okuyisigameko


esisazokwenzeka maphambili nendaba.

3.3 Isixakaxaka: Izigameko ziyakhula-ke ngenxa yabalingiswa ababambe iqhaza


ngokwahlukahlukana endabeni, nomlingiswa omkhulu engazibekile phansi, kubhebhetheke
udweshu, kusuke uthuli, lukhule luze lufike esicongweni, lapho inkinga yomlingiswa
ingasaqondakali izoxazululeka kanjani. Imibuzo isuke isiminingi kakhulu, iphithene ekhanda
lomfundi, nelukuluku lokufunda incwadi selikhule ngenye indlela. Lelo banga-ke libizwa
ngokuthi isixakaxaka. Ngalesi sikhathi-ke indaba isuke isiphikelele kuvuthondaba.

Isibonelo: Isikhathi lapho sithola khona uNonkamfela esephelelwa yithemba emveni kokuba
esezame konke kepha lutho ukuphumelela ukuthola isitho sangasese, esegcina ngokuthi
ambuyisele ekhaya uSandanezwe. Nakhu futhi esefika ekhaya ethathwa eyiswa enyangeni
yakwaCeza, nayo enikeza ithemba lokuthi izosinqoba isifo. Nangu noNokulindela ngapha
uyasinda ekuguleni kwakhe. Konke lokhu kuletha ukudideka kumfundi mayelana nokuthi le
ndaba izophetha kanjani. Ngabe uzosinda uSandanezwe noma cha? Ngabe uzogcina
egcagcelwe nguNokulindela noma uzokufa? Sekunesixakaxaka emqondweni womfundi,
ilukuluku lokufunda indaba likhulile, liphezulu manje, ufisa ukuthola ukuthi indaba izophetha
kanjani.

3.4 Uvuthondaba: Kulapho kugqabuka khona igoda, kuphenduleka imibuzo ekade ixakanise
ekhanda lomfundi mayelana nomzila ozothathwa yinkinga yomlingiswa omkhulu.
Kungenzeka ixazululeke kumbe ingaxazululeki inkinga yomlingiswa omkhulu. Okubalulekile
kakhulu, ukuphenduleka kwemibuzo kumfundi mayelana nenkinga yomlingiswa kuleli zinga
lendaba. Lapho indaba isuke isiphezulu esicongweni sezehlakalo, kungasekho ukuba
iqhubeke.

Isibonelo: Ekugcineni uSandanezwe akasindi, kunoma asinde ukugula kuyenyuka kuthatha


izinga eliphezulu. Iyaphenduleka-ke manje imibuzo yomfundi mayelana nokuthi uzosinda
noma ngeke asinde yini uSandanezwe. Inkinga yomlingiswa omkhulu ayixazululekile, kunoma
ixazululeke iyakhula, ukufa kuyadlanga kunakuqala.

3.5 Isiphetho: Leli banga kuba kuhle uma livela kulona ngqo uvuthondaba, kusale
imibuzwana ethile kumfundi mayelana nokuzoqhubeka kwenzeke. Isiphetho siba sihle futhi
uma sizokuba nengwijikhwebu kuthi besilindele ukuba indaba iphethe ngendlela ethile
kuvele kuthi gwiqiqi, ithathe omunye umzila.

Isibonelo: Indaba iphelela kuvuthondaba. Akukho ukuthemeleza. Imibuzo iyasala kumfundi.


Engabe kwahamba kanjani ngokugula kukaSandanezwe ngokuqhubeka? Ingwijikhwebu
7

iyatholakala, besilindele ukubona uSandanezwe esinda emveni kokwethembisa kwenyanga


uMbuyisa nesimo sakhe esase sibonakala sesingcono kakhulu kepha gwiqiqi, nakhu unina ethi
uyombona ethola ukuthi ukufa (ukugula) sekudlange kakhulu kunakuqala.

* Ipholavuthondaba (ibohlololo): Lokhu kusho ukuthemeleza kombhali ngemuva


kwesiphetho sendaba, esenikeza imininingwane ethile mayelana nokwasale kwenzeka
umlingiswa omkhulu. Lokhu-ke kuyayidambisa indaba, ingabe isaba mnandi.

Isibonelo: Ipholavuthondaba (ibohlololo) alikho kule noveli ngoba konke kuphelela


kuvuthondaba. Akukho okunye okuchazwayo ngemuva kwesiphetho.

7. Isakhiwana

* Lokhu kusho isigameko esakha indatshana eba nesakhiwana esincane esiba ngumxhantela
wesakhiwo esikhulu sendaba.

* Inhloso yesakhiwana ukunikeza imininingwane ethile ngomlingiswa othile endabeni


nokubambezela ukukhula ngokushesha kwesakhiwo sendaba ukuze ingasheshi iphele.

* Isakhiwana siba nomlingiswa omkhulu othile nesigameko esakhelwe phezu kwaso


kanye nala mabanga atholakala esakhiweni esikhulu: isingeniso, umzimba nesiphetho.

Isibonelo: Isakhiwana kule noveli


* Isigameko lapho uZabalaza ethatha uhambo eya enyangeni uJiyane eyofuna umuthi
wokuthambisa uNokulindela ukuba athobele umthetho wakhe kuze kuyofikwa lapho kugula
khona uNokulindela.

* Le ndatshana inomlingiswa omkhulu okunguZabalaza ebhekene nenkinga yokweshela


uNokulindela isikhathi eside kepha lutho ukumnqoba.

Isingeniso: Indaba ingenisa ngoZabalaza enquma ukuya enyangeni uJiyane.

Umzimba: Uyahamba ngempela uya khona. Isigameko siyakhula ngesikhathi esemnikeza


amakhathakhathana, esencenga ukanina wakhe uNomgedla ukuba amsize amsebenzisele wona
ngoba yena usondelene kakhulu noNokulindela. UNomgedla esewusebenzisile umuthi
seziyashintsha izinto. Ngeshwa kunoma aphumelele uZabalaza konakala kakhulu, uNokulindela
ugulela ukufa.

Uvuthondaba: Uyaphoqeleka ukukhuluma iqiniso uNomgedla uma sekuphathwa eyokuba


kuyiwe emhlahlweni. Uyasho ukuthi ubethunywe nguZabalaza.
8

Isiphetho: Ukuthethwa kwecala enkosini nokuhlawuliswa kukaZabalaza noNomgedla kanye


nenyanga uJiyane.

UMDLALO/ IDRAMA: ICALA KALIBOLI

A. IZIGAMEKO/ IZEHLAKALO

1. USonto uhlaselwa uMthofi ngesibhamu emzini kwakhe. UMthofi ufuna imali yakhe
yenkokhelo ngokumbulalela owayeyinkosikazi yomyeni wakhe uMbhele lo ayeseshade naye.
Uyaphoqeleka ukuba amethembise ukuthi uzomnika kodwa ucela ukuba ake amnike
isikhashana ukuze ayizame bese eyamkhokhela ngoba akanayo.

2. Umfundisi, uMaNsibande noSonto bahlangana ekhaya kwaMbhele bebala imali yimnikelo


okwagcina ngokuba inikezwe uMfundisi ngokuvumelana kwabo bobathathu ukuba ayifake
ebhange.

3. USonto uhlasela umfundisi kwakhe emishini, umbamba inkunzi, uyamdubula, umshiya ethi
ufile.

4. USonto ubiza uMthofi ukuba azolanda imali yakhe ekhaya kwakhe. Kuvela ukuthi imali
isidukile, ayisekho lapho abeyifihle khona.

5. Kufika umseshi uNhleko kwaMbhele ezofaka imibuzo ethile kuSonto mayelana nokufa
kukamfundisi.

6. USonto nomseshi bagasela kwaMaNsibande, umseshi elandelela udaba lokufa kukaNhleko.

7. UMaNsibande uyaboshwa ngoba izinsolo zibonakala zisondele ngakuyena kakhulu mayelana


nokufa kukamfundisi.

8. Umseshi ugasela kubo kwaSonto, ufica uMaMkhize, unina kaSonto. Uthola ukuthi uSonto
akakaze avakashele ekhaya njengoba esho futhi akakaze agule unina ngalezo zinsuku
azishoyo.

9. USonto uhlela noMthofi ukuba amenzele umsebenzi wokubulala umyeni wakhe uMbhele.

10. UMbhele uvuswa uDlamini mayelana nengozi okumele ayiqaphele njengoba emzini wakhe
kuhlale kugcwele abafana abathile bephethe izibhamu emini uma engekho.
9

11. UMbhele udutshulwa yizigebengu, uyafa.

12. USonto uhlangabezana nenkinga ekutholeni imali yefa likaMbhele kummeli wakhe
uNtshangase ngenxa yemibandela eyayibekwe umufi.

13. UMthofi ushayela ucingo uSonto, ufuna imali yakhe, umesabisa ngokumbulala uma
engayikhokhi.

14. USonto uyabaleka, uyeqa nengane yakhe uZinhle uya ekhaya kubo ngenhloso yokuyobeka
ingane kunina bese eduka nezwe ukuze angatholakali.

15. Uba neshwa lokuba umseshi uNhleko amlandele, amfice ekhaya engakahambi. Ngaleyo
ndlela uyaboshwa.

15. Icala liyathethwa, ugwetshwa udilikajele uSonto ngamacala akhe okubulala.

B. IZIMPAWU ZEMIBHALO YOBUCIKO: UMDLALO

1. Umyalezo nendikimba

1.1 Umyalezo/ isifundo: Yini umbhali ahlose ukuyedlulisela emphakathini njengesifundo sale
ndaba?
Umyalezo walo mdlalo: Kungaba okunye kwalokhu: Akukho qili lazikhotha emhlane./
Akukho okufihliwe okungeyikwembuleka./ Ingalo yomthetho inde. njll
* Ziningi izigigaba zobugebengu ezenziwe nguSonto ebezifihlakele emphakathini
okubandakanya ukwakha uzungu lokubulala unkosikazi womyeni wakhe uMbhele kanye
naye uMbhele uqobo, kanjalo nokubulala umfundisi.
* Ekugcineni konke lokhu kuhlala obala ngosizo lomseshi uNhleko.
* Uphetha ngokuboshwa agwetshwe udilikajele.
* Ngakho-ke bonke ububi bakhe abezitshela ukuthi bufihlakele, ngeke baziwe umphakathi
bugcina kuhleli obala.

Nokunye okuhambisana nendaba okungashiwo abafundi njengomyalezo walo mdlalo bese


beyakwesekela.

1.2 Indikimba yomdlalo: Ikhuluma ngani indaba ngegama elilodwa noma ngebinzana
elifushanyana nje?
Indikimba yalo mdlalo: Ubugebengu
* Zonke izigameko zale ndaba zithinta ubugebengu obenziwa uSonto ngenhloso yokuzuza
umcebo kaMbhele.
10

2. Abadlali (Abalingiswa):

2.1 Naba abadlali neqhaza abalibambile kulo mdlalo:


* uSonto: Unkosikazi kaMbhele ashade naye emveni kokushona komkakhe omdala.
* uMbhele: uMyeni kaSonto.
* uZinhle: Indodakazi kaSonto.
* uMaMkhize: Unina kaSonto.
* uMthofi: Isigebengu esasetshenziswa nguSonto ukubulala umka Mbhele kanye naye
uMbhele uqobo lwakhe ngokuqhubeka komdlalo.
* uToronto: Isigebengu esasisebenzisana noMthofi.
* uMfundisi: Nguyena owabulawa nguSonto ngenhloso yokuthola imali yokukhokhela
uMthofi.
* uMaNsibande: Omunye wamalungu ebandla osekomidini lezimali kanye noSonto.
* uNhleko: Umseshi ophenya icala lokubulawa komfundisi.
* uNtshangase: Ummeli kaMbhele.
* uDlamini: Umakhelwane kaMbhele.
* Unesi: Wayesebenza esibhedlela okwakulaliswe kuso umfundisi.

2.2 Izinhlobo zabalingiswa nokwethuleka kwabo:

(a) Ummeleli: uSonto


* Indaba yonke yakhelwe phezu kwakhe.
* Nguyena obhekene nenkinga yokuzama ukuzuza umcebo kaMbhele ngokusebenzisa
izindlela zobugebengu obubandakanya ukubulala ngesihluku.
* Zonke izigameko zendaba zithinta yena.

(b) Imbangi: umseshi uNhleko


* Nguyena omi endleleni yempumelelo kaSonto ngokuphenya amacala obugebengu bakhe
okugcina ngokuba ahlale obala bha bese eyaboshwa. Ngakho-ke uyambangisa
ezinhlosweni zakhe.

(c) Abaqhathi: uMthofi noDlamini


* UMthofi: Ukufuna kwakhe imali yakhe kuSonto nokumesabisa kubangela ukuba uSonto
abulale umfundisi aphinde futhi akhe uzungu lokubulala umyeni wakhe
uMbhele. Ngakho-ke nguyena oweqhatha uSonto nomfundisi kanjalo futhi
noMbhele.

* UDlamini: Weqhatha uMbhele nonkosikazi wakhe uSonto ngokumhlebela ngezigameko


zokuvakasha kwabafana abaphatha izibhamu emzini wakhe uma engekho.
11

(d) Umlamuli: uNtshangase


* Nguyena ohlenga ifa likaMbhele ukuba lingaweli ezandleni zeqili elingumkakhe uSonto
ngokumbhalela incwadi yalo.

3. Isakhiwo somdlalo:

* Lokhu kubandakanya isethulo, ukubhebhetheka kodweshu, isixakaxaka, uvuthondaba kanye


nesiphetho. Kwesinye isikhathi kungaba khona nepholavuthondaba.

* Isakhiwo salo mdlalo:

(i) Isethulo:
* Sethulelwa abadlali abaqavile, uSonto, uMthofi akanye noMbhele.
* Inkinga yommeleli okunguSonto yemali ayikweleta uMthofi ngomsebenzi amenzela wona
ebulala unkosikazi omdala kaMbhele nayifuna kumnyama kubomvu iyethuleka nayo.
* Udweshu olubandakanya uSonto noMthofi kanjalo naphakathi kukaMbhele noSonto ezama
ukuthola ukuthi uMthofi ubezokwenzani emzini wakhe njengoba ephethe isibhamu nje
luyasuka khona esethulweni somdlalo.
* Isizinda siyethuleka naso. Kuyacaca ukuthi indaba yenzeka ngesikhathi sanamuhla kanti
nesimo senhlalo sibandakanya ubugebengu.

(ii) Ukubhebhetheka kodweshu:


Udweshu olusuke esethulweni luyakhula luthatha amazinga ahlukahlukene kanje:
* USonto ubulala umfundisi ngenhloso yokuthola imali yokukhokhela uMthofi.
* Lokhu kuholela kolunye udweshu phakathi kukaSonto nomseshi uNhleko ngesikhathi
emphenya ngecala lokufa kukamfundisi.
* Sithola futhi udweshu phakathi kukaMaNsibande nomseshi uNhleko okuholela ekuthini
agcine eboshiwe uMaNsibande ngecala angalazi.
* Udweshu phakathi kukaSonto noMthofi lubuya kaninginingi ngoba phela imali
yokumkhokhela ayitholakali nakuba sekwenziwe imizamo eminingi ebandakanya
ukubulawa kwabantu ngesihluku.
* Zonke lezi zigameko ezibandakanya udweshu ziholela ekudalekeni kochungechunge
lwezigameko ezikhulisa indaba iphikelele esicongweni okunguvuthondaba.

* Ukujeqeza emuva: Isigameko sokubulawa kukankosikazi kaMbhele ngozungu


olwalwakhiwe nguSonto noMthofi sivela ngenkulumo mpendulwano phakathi kwabo
bobabili oSonto noMthofi ngesu lokujeqeza emuva.
12

(iii) Isixakaxaka:
* Ziningi izigameko ezenzekayo endabeni ezenza sigcine singasaqondi ukuthi indaba
izophetha kanjani. Ngabe uzobanjwa uSonto emacaleni akhe noma uzophumelela agcine
eyitholile imali eyifa likaMbhele?
* Ukuvela kwendaba yokuthi uMbhele wasayina iwili equkethe ukuthi ifa lakhe lingabelwa
muntu kuze kucace ngababulali bakhe kuqala uma efa kudala isixakaxaka kithina
njengabafundi. Kudaleka imibuzo eminingi mayelana nokuzokwenzeka endabeni. Sifisa
ukwazi ukuthi kuzokwenzekani phakathi kukaSonto noMthofi mayelana nemali
amethembisa yona uma ebulala uMbhele.
* Ukuphumelela kukaSonto ukubaleka nendodakazi yakhe uZinhle aye kubo kwenyusa
ilukuluku lokufunda indaba. Sifuna ukwazi ukuthi kuzogcina kwenzekeni ngoSonto
namacala akhe abandakanya ukubulala.

(iv) Uvuthondaba:
* Imibuzo eminingi ebesinayo mayelana nokuzokwenzeka kummeleli onguSonto
iyaphenduleka. Uyabanjwa engakeqi, uyaboshwa ngamacala akhe okubulala.
* Zonke izenzo zakhe zobugebengu ebezifihlakele zigcina zihleli obala emphakathini.

(v) Isiphetho:
* USonto uyaboshwa.
* Kusala imibuzo ethile engaphendulekile. Sifisa ukwazi ukuthi kwagcina kwenzekeni ngefa
likaMbhele. Sifisa ukwazi futhi nangempilo kaZinhle ngesikhathi unina eseboshiwe. Yonke
le mibuzo ishiya umfundi esafisa ukuqhubeka nokufunda indaba.
* Isifundo siyacaca: Ayikho impunga yehlathi./ Akukho qili lazikhotha emhlane./ Ingalo
yomthetho inde./ Akukho okufihlakele okungeyikwambuleka. Nokunye.
* Isiphetho siyaxhumana nesihloko sendaba esithi ‘Icala Kaliboli’. Sithola uSonto egwetshwa
ngecala lokubulala unkosikazi kaMbhele okuyinto ayenza eminyakeni eminingi edlule.
* Ingwijikhwebu: Besilindele ukubona uSonto eshiya uZinhle kunina uMaMkhize bese yena
eqa aduke nezwe njengokwenhloso yakhe kepha gwiqiqi, ubanjwa ngumseshi uNhleko
engakeqi, uyambopha.

4. Okwenzeka enkundleni yokudlalela (stage directions):


Lokhu kusho imiyalelo mayelana nesimo senkundla esihlelwa ngasekuqaleni ngamagama
akubakaki andulela isigcawu ngasinye somdlalo ngenhloso yokwethula abadlali nesimo
sendawo abatholakala kuyo kanye nezinto ezitholakala khona.

Imiyalelo yokwenzeka enkundleni yokudlalela kulo mdlalo:


* Siyayithola ngasekuqaleni kwezigcawu zonke zomdlalo.
* Sethulelwa abadlali abatholakala kuleso sigcawu, abaxoxa ngakho kanye nesimo sonke
sendawo abatholakala kuyo kubandakanya nezimpahla kumbe izinto ezitholakala khona.
13

5. Isigameko esifihlelwe umlingiswa othile:


Lokhu kusho izigameko ezithile ezifihlekayo kumlingiswa othile ikakhulukazi ummeleli
ngenhloso yokuba indaba iqhubeke, kudaleke uchungechunge lwezigameko ezizokhulisa
indaba. Lokhu kuvama ukuba kube isigameko esingumgogodla wendaba esiyingxenye
yenkinga yomlingiswa omkhulu (ummeleli) okungathi uma sambuleka kuye, indaba
iphazamiseke kumbe ivele iphele nya.

Izibonelo zezigameko ezifihlelwe abalingiswa kulo mdlalo:


* Isigameko sokubulawa kukankosikazi kaMbhele nguSonto sifihlakele kuMbhele. Ukuba
sisheshe sambuleka kuyena, indaba ibingavele ibingaphazamiseka kumbe iphele kanjalo.

* Isigameko sokuhletshelwa kukaMbhele nguDlamini ngemikhuba egilwa nguSonto uma


engekho emzini wakhe sokufika kwabafana abaphethe izibhamu sifihlakele kuSonto, akazi
lutho ngaso. Ukwambuleka kwaso kuyena kwakungasho ukuphazamiseka kwendaba kumbe
ukuphela nya kwayo.

6. Isizinda: Indawo, isikhathi kanye nesimo senhlalo.

(i) Indawo: Kusedolobheni


* Sithola ukwakhelana ngokusondelana kwemizi.
* Amahhovisi abameli.
* Indawo enemigwaqo eminingi uMbhele alokhu ejika kuyona, athole ukuthi imoto
yezigebengu iyamlandela kanye nezimoto eziningi ezedlulayo.

(ii) Isikhathi: Esanamuhla/ esamanje.


* Sithola izimoto, izindlu zesimanje ezinamakamelo, izibhamu, izitolo, abameli, izibhedlela
nokunye.

(iii) Isimo senhlalo: Asisihle, sinomunyu, ubugebengu kanye nesihluku.


* Sithola uSonto ebandakanyeka ezigamekweni zobugebengu obunhlobonhlobo
obuphathelene nokubulala ngesihluku.
* Sithola umthetho ubamba iqhaza elikhulu ekuphenyweni kwamacala akhe okuphetha
ngokuba aboshwe.

You might also like