You are on page 1of 12

IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

IBANGA LE-10

ISIZULU ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL)

IPHEPHA LOKUQALA (P1)

3 LWEZI 2023

AMAMAKI: 80
ISIKHATHI: AMAHORA AMA-2
UMHLOLI: NKSZ. H.N MANYATHELA
UMCUBUNGULI: NKSZ. F.N MLONDO

Leli phepha linamakhasi ayi-11.

IKHASI 1 KWAYI- 12
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

IMIYALELO KWABAHLOLWAYO
1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU:
ISIQEPHU A: Isivivinyo sokuqondisisa (30)
ISIQEPHU B: Ukufingqa (10)
ISIQEPHU C: Uhlelo nokusetshenziswa kolimi (40)
2. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha.
3. Qala ISIQEPHU NGASINYE ekhasini ELISHA.
4. Dweba umugqa emva KWESIQEPHU NGASINYE.
5. Bhala izinombolo zezimpendulo kahle ngendlela ezihlelwe ngayo kuleli
phepha lemibuzo.
6. Shiya umugqa emva kombuzo ngamunye.
7. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho.
8. Ungahlukanisa isikhathi obhala ngaso ngokwalezi ziqephu:
ISIQEPHU A: Imizuzu engama-50
ISIQEPHU B: Imizuzu engama-20
ISIQEPHU C: Imizuzu engama-50
9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo

IKHASI 2 KWAYI- 12
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA


UMBUZO 1
1.1 Fundisisa UMBHALO A bese uphendula imibuzo ezolandela.
UMBHALO A (OFUNDWAYO

ISITHINTA SONKE LE NTO!

1. Uke uzwe kuthiwa indaba ixoxwa ngezithombe? Isithombe ungasibuka


silenga odongeni kanti sixoxa indaba. Phela izithombe yizo ezisixhumanisa
nemvelaphi yethu. Zisikhumbuza izinsuku ezimnandi nezibuhlungu, abantu
nezindawo futhi zivusa nemizwa enhlobonhlobo. UKrista Neher ofundisa
ngokuthatha izithombe uthi ingqondo yomuntu ikwazi ukugcina imifanekiso
(images) eyizi-60 000 ukudlula amagama. Zisebenza njengethuluzi
lokudlulisa imiyalezo nokuchukuluza (evoke) imicabango. Into oqalayo
ukuyibona ihlala engqondweni ngokushesha futhi isikhathi eside.
Esikhathini esiphila kusona abantu bathatha izithombe umzuzwana
nomzuzwana.

2. Kukhona izithombe ezithathwa ngoba kunezizathu zokukhombisa umlando


womndeni. Impilo yawo wonke umuntu iqala emndenini. Umndeni ufunda
okukhulu ngomlando wawo ngokubuka izithombe ezathathwa ngokhokho.
Zisifundisa ngomlando wamaqhawe namaqhawekazi asaphila nangasekho
emhlabeni. Sithola nomlando ngezinto ezazisetshenziswa ngezikhathi
ezihlukene kanye nezithombe zabantu abazisungula (invent). Uyakwazi
ukubona impilo eyayiphilwa ngezikhathi ezithile ngisho nendlela
okwakugqokwa ngayo. Kukhona izifundo ezincike emlandweni wezithombe
okungaba nzima kakhulu uma zingekho lezo zithombe njengesifundo
sezoMlando, iSayensi nezinye. Isithombe esifakwa kumazisi womuntu
sinomlando obalulekile ngoba siveza ukuthi ungubani, wakwabani futhi
wakuphi. Yonke le milando esiyethulelwa yizithombe isivula amehlo,
isifundise okukhulu okuphathelene nathi kanye nomhlaba esiphila kuwona.

3. Lingakanani iqhaza elibanjwa izithombe ezimpilweni zethu? Izithombe


ziyakwazi ukwenza ikusasa lomuntu liqhakaze. Kukhona abantu asebethole
ukwaziwa umhlaba wonke ngezithombe abazithumela emaphephandabeni,
ezinkundleni zokuxhumana nakwezinye izindawo. Bagcina sebethandwa
ngisho ngabantu abangabazi. Ngokuthumela lezi zithombe bakwazi
ukuthola amathuba amahle emisebenzi, udumo, nokunye okuhle ngabo.
Bathola abangani, izihlobo kanye nemishado. Omunye uhlangana naye
umjabulele uze ubambe nethambo ngoba ingqondo yakho inesithombe
sakhe. Lesi sithombe esisengqondweni yakho sikwenza kube sengathi
umuntu omaziyo nomjwayele.

4. Ukuthatha isithombe yinto elula neyenzeka ngokuphazima kweso.


Izithombe ziyakha futhi ziyabhidliza. Kwezinye izindawo zokusebenza
kukhona abantu abaningi asebaphelelwa yimisebenzi ngenxa yokuthatha
noma ukuveza izithombe ezingafanele ezinkundleni zokuxhumana.
Siyakhula isibalo sabasebenzi abaphelelwa imisebenzi noma abadilizwayo

IKHASI 3 KWAYI- 12
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

ezikhundleni zabo ngokuthatha izithombe ezingahambisani nemithetho


nemigomo yendawo abasebenza kuyo. Izithombe ezitholakala
kwezokuxhumana njengamaphephandaba namaphephabhuku, zenza
abantu balangazelele/bafise ukuzwa ukuthi kuthiwani ngalowo muntu.
Isithombe esihle nendaba emnandi ngomuntu kwenza athandeke abe
nabalandeli. Uma indaba yakhe iyihlazo, isithombe sakhe sesizohlala
unomphela ezingqondweni zabantu abaningi baze bagcine sebekhuluma
kabi ngaye, abanye bamzonde ngisho bengamazi. Inkinga enkulu
yezithombe ihlasele/ingenile nasezikoleni. Sekukaningi sibona amahlazo
nezimpi ezenzeka ezikoleni ngazo izithombe ezisuke zithathwe abafundi
noma othisha. Ukufaka izithombe zabanye abantu ezinkundleni
zokuxhumana ngaphandle kwemvume yabo kungaba nemiphumela emibi.

5. Ukuthuthuka kwezobuchwepheshe kukhona nasezithombeni ezithathwayo


nezithunyelwayo. Ziningi izithombe ezingakwenza udideke ngendlela
ezisuke sezishintshwe ngayo. Uke ubone isithombe esinabantu
abasezindaweni ezihlukene kodwa besesithombeni esisodwa. Ezinye
zishintsha ubuso noma umzimba womuntu. Omunye umuntu abe
sezindaweni eziningi esithombeni esisodwa. Abanye benza ubugebengu
ngazo izithombe zabantu. Izithombe ziyasetshenziswa uma kuthethwa
amacala ezinkantolo nakwezinye izindawo. Umuntu angaliphika icala
elenzile noma athi ubengekho ngesikhathi lenzeka. Ukuba khona
kwezithombe kungasiza ngoba yizona eziveza amaqiniso kwesinye
isikhathi.

6. Ngakho-ke qaphela izithombe ozithathayo ngoba ungazithola ususendlini


emnyama ngokusebenzisa isithombe somuntu ngaphandle kwemvume
yakhe.

1.1.1. Ubani ositshela ukuthi ingqondo yomuntu inamandla okugcina imifanekiso? (1)
1.1.2. Bhala izinhlobo EZIMBILI zomlando ezibhalwe esigabeni sesi-2 ezethulwa
izithombe. (2)
1.1.3 Zisetshenziswa njengani izithombe ngokwesigaba soku-1 sale ndaba? (2)
1.1.4 Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe.
Ukuba sendlini emnyama kusho ukuba ...
A) Sesikoleni
B) Sejele
C) Senkantolo
D) Sesibhedlela (1)
1.1.5 Ngokwendaba, yimuphi umthelela omubi ekuthathweni kwezithombe ezikoleni
ngokwesigaba sesi-4? (2)
1.1.6 Tomula umusho osesigabeni sesi-3 ositshela ukuthi izithombe zingakwenza
udume yonke indawo. (2)

IKHASI 4 KWAYI- 12
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

1.1.7 Kungani kubalulekile ukusetshenziswa kwezithombe enkantolo? (2)


1.1.8 Chaza lezi zimo zokukhuluma ezilandelayo ezibhalwe ngokugqamile kule
misho ecashunwe endabeni.
(a) Umuntu umjabulele uze ubambe nethambo. (2)
(b) Ukuthatha isithombe into elula neyenzeka ngokuphazima kweso. (2)
1.1.9 Kungaba namuphi umphumela ukuthumela/ukufaka izithombe ngaphandle
kwemvume yomnikazi wazo? (2)
1.1.10 Qhathanisa (compare) indlela abantu abenza ngayo uma bebona isithombe
esihle noma esibi kwezokuxhumana. (2)
1.1.11 Chaza isihloko sale ndaba ngawakho amazwi. (2)
1.1.12 Ngokucabanga kwakho izithombe zomndeni zingakwazi yini ukusiza
isizukulwane(generation) esizayo? Sekela impendulo yakho. (2)

1.2 Bukisisa UMBHALO B bese uphendula imibuzo ezolandela.


UMBHALO B (OBUKWAYO)

1.2.1. Bangaki abafundi kuleli kilasi? (1)


1.2.2. Yini engavumelekile kuleli kilasi? (1)

IKHASI 5 KWAYI- 12
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

1.2.3. Uthisha ufundisa siphi isifundo? (1)


1.2.3. Ngokwesithombe yikuphi okwenziwa nguNoni ukuphazamisa ukufunda
kwekilasi? (1)
1.2.4. Phawula ngobuhle kanye nobubi bokusetshenziswa kwama-tablets
emakilasini. (2)
AMAMAKI ESIQEPHU A: [30]

IKHASI 6 KWAYI- 12
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

ISIQEPHU B: UKUFINGQA
UMBUZO 2
Fundisisa UMBHALO C ongezansi bese uwufingqa ngamaphuzu ayi-7, ubhale
ngezindlela zokonga imali.
IMIYALELO
1. Bhala ngemisho ephelele. Amagama angeqi/angadluli kwangama-60.
2. Imisho yakho mayibe nezinombolo kusukela kweyoku-1 kuya kweye-7.
3. Bhala iphuzu elilodwa emshweni ngamunye.
4. Ekugcineni kwamaphuzu wonke owabhalile bhala inani lamagama
owasebenzisile.
UMBHALO C (OFUNDWAYO)

UKUPHATHWA KWEMALI KWENZIWE LULA

Ukonga imali kungenye yezinto ezibalulekile ekuqinisekiseni impumelelo


kwezezimali. Akusiyena wonke umuntu ozalwa esenakho konke, kanti futhi imali
ayimili neze ezihlahleni, kodwa lokhu akusho ukuthi angeke ukwazi ukuphila impilo
esezingeni eliphezulu. Ziningi izindlela ongalondoloza ngazo imali ukuze uqiniseke
ukuphila impilo yokunethezeka ngokwezezimali.

Zibekele imigomo (terms) yokugcina imali ezokuphoqa ukuthi ukwazi ukuzikhuza


ungasebenzisi imali ngokweqile. Ungakhetha ukuzibekela imigomo yokonga imali
ukuze ufeze izifiso zesikhashana esifushane njengokuthenga umakhalekhukhwini
kanjalo ungazibekela futhi umgomo wokonga imali isikhathi eside ukuze
uzothenga umuzi. Okunye ongakwenza ukuba nesabelomali (budget) sanyanga
zonke esizokugada ukuthi imali uyisebenzisa kanjani. Lokhu kusiza ukugwema
ukusetshenziswa kwemali ngokweqile.

Yehlisa izikweletu ozenzayo lokhu kuyasiza ukuthi ube sesimeni esihle


ngakwezezimali. Ukwehlisa izikweletu kunganciphisa inzalo oyikhokha nyanga
zonke, lokhu kungaholela ekongiweni kwezinkulungwane zamarandi. Uma
unezikweletu eziningi qala ngokukhokha lezi ezincane uye ngokukhuphuka nazo.

Gwema ukuchitha imali eningi ezimpahleni ezinamalebuli (branded products)


kunaloko khetha izimpahla ezibiza kahle ezinhle. Ikakhulukazi izinto zokukilina,
ezobuso, noncamnce. Yazi yonke imali ukuthi uyisebenzise kuziphi izinto ngokuthi
ubhale phansi, bhekisisa iziliphu zasezitolo uphinde ubheke nesitatimende sakho
sasebhange.

Ukuthenga nabangani kungakwenza ugcine ususebenzise imali engaphezulu


kungenasidingo. Gwema ukulingeka ungahambi nabangani uma uya ezitolo,
kunalokho zihambele wedwa. Iba nemibandela yokusebenzisa imali ngokuthi
uzibekele iphesenti lemali ozolisebenzisa ezintweni zokuzijabulisa bese kuthi imali
ezosala yongiwe.

AMAMAKI ALESIQEPHU: [10]

IKHASI 7 KWAYI- 12
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

ISIQEPHU C: UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI


UMBUZO 3
Bukisisa UMBHALO D bese uphendula imibuzo ezolandela.
UMBHALO D (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)

3.1. Ngokwalesi sikhangisi abanjani abangathola usizo? (1)


3.2. Bhala indlela EYODWA ongaxhumana ngayo ne-Business Finance yaleli
bhange. (1)
3.3. Bhala uphawu lokuloba olufanele kulo musho ocashunwe esikhangisini:
Ngabe unesifiso sokuvula ibhizinisi le-Franchise (1)
3.4. Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe ukuchaza uhlobo lolimi
oluqukethwe yilo musho olandelayo
Sicela ukhulume nathi:
A. Ulimi ouphoqayo
B. Ulimi olukhohlisayo
C. Ulimi oluchwensayo
D. Ulimi oluncengayo (1)

IKHASI 8 KWAYI- 12
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

3.5. Lungisa amaphutha kulo musho olandelayo. Bhala wonke umusho.


Sizakala ngokuxhumana ne-Business Finance yaseIthala kulenombolo. (2)
3.6. Caphuna imisho EMIBILI enomqondo/enencazelo yokuthi abanikazi balesi
sikhangisi basebenza njengeqembu, hhayi njengomuntu oyedwa. (2)
3.7. Kungabe lesi sikhangisi siyilandelile yini imigomo yokukhangisa? Sekela
impendulo yakho ngamaphuzu AMABILI. (2)
[10]
UMBUZO 4
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo ezolandela.
UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)

4.1. Yini eyenza uSofi ajabule kule khathuni engenhla? (1)


4.2. Guqula lo musho olandelayo ube sebunyeni
Baphumile okhiye bezindlu zabantu. (2)
4.3. Caphuna amazwi aqukethe ulimi lokufengqa (isifaniso) enkulumeni kaJoe. (2)
4.4. Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe:
Igama elithi ‘umxhaso’ lisho…
A) Okwebiwe
B) Okunikeliwe

IKHASI 9 KWAYI- 12
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

C) Okubizayo
D) Okungaphelele. (1)
4.5. Sebenzisa igama ‘imithi’ emshweni ozakhele wona ukuze kuvele umqondo
owehlukile kulona osenkulumweni kaSofi. (2)
4.6. Ngokucabanga kwakho ngabantu abanjani bathola izindlu zomxhaso? Sekela
impendulo yakho. (2)
[10]

UMBUZO 5
5.1 Fundisisa UMBHALO F bese uphendula imibuzo ezolandela.
UMBHALO F (OFUNDWAYO)

ISOMISO

Isomiso esihlasela amazwekazi amaningi senza isimo somnotho sibe sibi. Izwel
lethu i-RSA nalo lidonsa kanzima. Isimo sezulu naso siyanezezela kule nkinga.
Ukushoda kwamanzi kwenza imifula yome nkwe. Abalimi abasakwazi ukutshala.
Umhlabathi womile kakhulu. Izilwane ziyafa bese abalimi bengakwazi ukuthumela
inyama emazweni. Abalimi basebenza kanzima emapulazini ukulungisa isimo.

Amahlathi ayasha bese kuncipha izingodo zokwenza izinto ezifana nezicathulo,


nokunye. Izinkampani ziyavalwa yonke indawo. UHulumeni uyazama ukusiza
kulesi simo. UHulumeni uxhasa abalimi ngezimali zokutshala izihlahla. Kukhona
abantu abaqala imililo ngokulahla umentshisi phansi. Fundani ukonga imvelo.
Impilo yezilwane nabantu incike kuyona imvelo.

Umlimi uNomzamo uthe, “Ngiyabonga ukuxhaswa nguHulumeni.”

5.1.1. Hlobo luni lwesijobelelo esibhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo?


Isomiso esihlasele amazwekazi amaningi sibi. (1)
5.1.2. Bhala le akhronimu elandelayo ngamagama agcwele:
i-RSA (1)
5.1.3. Phinda ubhale lo musho olandelayo ukhombe ukulandula/ ukuphika:
Isimo sezulu siyazenzela kule nkinga. (1)
5.1.4. Khetha impendulo efanele kulezi ozinikeziwe. Bhala indlela yesenzo yaleli
gama elibhalwe ngokugqamile kulo musho olandelayo:
Fundani ukonga imvelo:
A. Indlela yenhloso

IKHASI 10 KWAYI- 12
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

B. Indlela eyamile.
C. Indlela esabizo
D. Indlela ephoqayo. (1)
5.1.5. Tomula isenzukuthi esitholakala emgqeni wesi-3 esiqeshini esingenhla. (1)
5.1.6. Bhala isandiso sesimo esitholakala kulo musho olandelayo bese usisebenzisa
emshweni ozakhele wona:
Abalimi basebenza kanzima emapulazini ukulungisa isimo. (2)
5.1.7. Hlanganisa le misho elandelayo ngesihlanganiso esifanele ukuze kuzoba
umusho ombaxa.
Abalimi abasakwazi ukutshala.
Abalimi bakhala ngesomiso. (2)

5.1.8. Bhala impambosi yokwenzayenza esikhundleni segama elikubakaki.


Uhulumeni (uyazama) ukusiza kulesi simo. (1)
5.1.9. Tomula ibizomfakela kulo musho olandelayo:
Izinkampani ziyavalwa yonke indawo. (1)
5.1.10. Shono ukuthi hlobo luni lwezakhi ezibhalwe ngokugqamile kule misho
elandelayo:
A. Isimo sezulu naso siyanezezela kule nkinga. (1)
B. Abalimi abasakwazi ukuthumela ukudla emazweni. (1)
5.1.11. Guqula lo musho olandelayo ube inkulumo-mbiko.
Umlimi uNomzamo uthe, “Ngiyabonga ukuxhaswa nguhulumeni.” (2)

IKHASI 11 KWAYI- 12
IsiZulu Ulimi Lokuqala Lokwengenza(Fal)P1 NOVEMBA 2023

5.2 Bukisisa UMBHALO G bese uphendula imibuzo ezolandela.


UMBHALO G (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)

MAKUNAKEKELWE LEZI ZILWANE EZIFUYWA EMAKHAYA NGOBA


ABANGANI BEQINISO BAYANAKEKELANA

5.2.1. Lungisa igama elikubakaki ukuze liveze umqondo wekwenzisa:


Umngani weqiniso (hamba) inja kudokotela uma igula. (1)
5.2.2. Tomula ongumnini kulo musho ongenzansi bese uzakhela umusho wakho:
Mina ngiyayinakekela inja yami ngoba ngiyayithanda. (2)
5.2.3. Tomula isabizwana esitholakala kulesi sithombe. Shono ukuthi hlobo luni
lwesabizwana (2)
[20]
AMAMAKI ESIQEPHU C: [40]
AMAMAKI ESEWONKE: [80]

IKHASI 12 KWAYI- 12

You might also like