You are on page 1of 6

TP 321: ISAKHIWO SOHLELO LWESIFUNDO

ULWAZI LWEMISEBENZI NGOKULANDELANA


Lesson Plan No:

ROUTINE INFORMATION
Date: 2 kuMfumfu 2021 Usuku: uLwesine
Ingama Lesikole UMzilikazi SS School
Igama nesibongo somfundi: Thenjiwe Dladla
Ibanga 10
Isifundo: IsiZulu
Isihloko: Ukufunda imibhalo yobuciko
Okuqukethwe: Izinkondlo
Ikhasi lika Thafuzwe 58
Ubude besikhathi besifundo Imizuzu engama-55

IZINHLOSO NGQANGI:

Ukufunda ulimi kumele kwelekelele abafundi ukuthi bakwazi uku:

 Thola amakhono adingekayo ekufundeni zonke izifundo ezisoHlelweni LweziFundo.


 Lalela, bakhulume, bafunde/babukele babuye babhale/bethule ulimi
ngokuzethemba nangokulijabulela. Lamakhono kanye nendlela yokubuka izinto
yikho okuyisisekelo sokufunda kwempilo yonke.
 Sebenzisa ulimi ngendlela efanele, kucatshangelwa izethameli, Inhloso kanye
nesimo.
 Veza nokweseka imbono, imcabango nemizwa yabo ngokukhuluma nangokubhala
ngokuzethemba ukuze bakwazi ukuzimela nokucabanga ngokuhlaziya.

IZINHLOSO ZESIFUNDO:

ULWAZI AMAKHONO AMAGUGU/ISIMO


Abafundi kufanele bazuze Abafundi kufanele bakwazi Abafundi kufanele bazuze
ulwazi kanye nokuqonda ukwenza okulandelayo: amagugu kanye nezimo
okulandelayo: ehambelana
nokuphakamisa:
1
Ukufunda nokuxonda Ukufunda ngokuqaqeka Abafundi bazogcina
lokhu enkondlweni- ukulalela kanye nokuhluza sebekwazi ukushelela
Umoya wenkondlo inkondo. uma bekhuluma ulimi
-Indikimba, Isigqi, kanye lwesiZulu, bazokwazi
nomqondo wenkodlo. ukukhuluma
ngokukhululeka

Izindlela/Amasu Okufundisa:

 Ukuchaza
 Ukuxoxa kwekilasi lonke
 Ukubuza
 Ukusebenza ngamaqembu

IMITHOMBO:

 Incwadi
 Amapheshana

Amabanga/Amazinga Esifundo: FET

ISINGENISO:

Ngizonika abafundi inkondlo esihloko sithi ‘NGIBONGA NGIYANCONCOSA’, abafinde


ebese beyifunda ndawonye njengekilasi, ukuze bayiqonde kahle bazoyiphinda kathathu.
Ngizobe sengibafundela okokugcina inkondlo, ebese ngibabuza lemibuzo:

1. Ngabe lenkondlo ikhuluma ngani, iyhini indikimba yayo?


2. Yayikusiphi isimo imbongi ngenkathi ibhala lenkondlo? sekela impendulo yakho.
3. Isigqi senkondlo?

UKUTHUTHUKA/UKUTHUTHUKISWA KWESIFUNDO

Isinyathelo Sokuqala:

2
Emvakokuba abafundi sebengitshelile lokhu abacabanga kuthi inkondlo ikhuluma ngakho,
baveza nemibono yabo. Ngizobe sengibachazela ukuthi ithini indikimba yenkondlo futhi
kungani ngisho njalo.

 Indikimba ilokhu inkondlo ekhuluma ngakho.

Isinyathelo Sesibili:

Ngizobuza abafundi ukuthi yini “iklwa’ leligama lisenkondleni emgqeni wesibili.

Abafundi kuzomele babheke izimvumelwano ezitholakala kulenkondlo. Ngizobabuza


nokuthi iiphi isaga esisetshenzisiwe kulenkondlo.

Isinyathelo Sesithathu:

Ngizonika abafundi ithuba lokuthi bangibuze imibuzo umakukhona lapho abafuna


ngicacise khona, abafundi bazosebenza ngamaqoqo ukufunda baphinde babheke lokho
abangakuqondisisi ngaphambi kokuba babhale umsebenzi wasekilasini.

Ukwandisa/Ukwenza ngcono:

Abafundi ngizobanika amaphepha azobasiza ukuthi bakwazi ukuthi inkondlo ihlaziywa


kanjani, futhi lizobe linamagama abalulekeile achaziwe abafundi okumele bawazi
babefunda inkondlo.

Imibuzo Ehleliwe

1. Yini Inhloso yembongi ngokubhala lenkondlo?


2. Unjani umqondo walenkondlo?
3. Kungani imigqa yalenkondlo ivalekile?
4. Kubaluleke ngani ukuthi inkondlo ungayifundi kanye ebese uphendula imibuzo?

UKUHLOLA:

Uhlobo lokuhlola: Ukuphendula imibuzo

Umsebenzi wasekilasini

Funda le nkondlo ebese uphendula imibuzo elandelayo.

3
NGIBONGA NGIYANCONCOZA – Imbongi ayaziwa

1 Okweguqa lithath' ubunkunzi,


2 Lisacij' izimpond' okweklwa
3 Licijwa ngomlalazi.
4 Okwenzulu yeziziba ngisajula,
5 Nakhu sebengibek' umgqiki
6 Ebandla lezingengelezi,
7 Bengithwesa isicoco
8 Ngokudla umhlanganiso ngezinduku zomsimbithi.
9 Ngincoma ngiyanconcoza kubaciji bezimpondo,
10 Bezicija ngenjulo yenzulu yosikisiki.
11 Ngiphikelele kwelezinyandezulu,
12 Ningadinwa ukulokhu nicija izimpondo;
13 Umkhondo wokhondolo lwamaklume
14 Uyohluma ngengqakazo yemikhondo yanamuhla
15 Ngob' inkunz' isematholeni.

Imibuzo

3.1 Tomula imigqa EMIBILI esebenzise isifengqo esiy Tomula imigqa EMIBILI esebenzise
isifengqo esiyisifaniso etholakala kule nkondlo. (2)

3.2 Chaza kafushane umyalezo oqukethwe umugqa odwetshelwe. (2)

3.3 Chaza ukuthi ukuhleleka kwemigqa ngobude nangobufushane kunamthelela muni


enkondlweni. (2)

3.4 Iyini imbangela yokuthi imbongi iphindaphinde igama elithi 'cija' kule nkondlo? (2)

3.5 Phawula ngokusetshenziswa kwesaga esitholakala emgqeni we-15 kule nkondlo. (2)
[10]

4
[25]

Ithuluzi lokuhlola: Iphepha lesiZulu lesibili lango 2018 Februwari\Mashi

Amathuluzi okuhlola: Amapheshana

OKUNGABHEKWA:

 Izinkondlo
 IsiTatimende seNqubomgomo yoHlelo lweziFundo nokuHlola: Amabanga 10-12
 IsiZulu Esicwengekile Esisha (CAPS): Incwadi yomfundi.

ISHIDI LOKUZIBHEKA

(Isifundo sangayedwana)

Isihloko: Ukufunda imibhalo yobuciko

Ibanga:10 Usuku: 26 kuNcwaba 2021

Ukuphumelela.. Izinselelo Okuhlangatshezwane


nazo…
Izizathu
Izizathu

5
Ukubuyekeza okungenzeka… Izehlakalo ezitusekayo…

Yini oyifundile kulokhu okubonile?

You might also like