You are on page 1of 12

IZINDLELA ZOKUFUNDISA

ULIMI

20/03/2023
INCAZELO YEZINDLELA ZOKUFUNDISA
ULIMI
 Uma sikhuluma ngezindlela zokufundisa ulimi, sisho lokho
okwenziwa uthisha ngenhloso yokudlulisela ulwazi oluthile
aluhlelele abafundi bakhe.
 Zingamaqhinga nemigomo yokuxhumana elandelwa uthisha.
 Zisetshenziswa ukuvulela abafundi amathuba okuzakhela ulwazi.
 Ziyimizamo kathisha maqondana nokwethula isifundo.
 Azikhoizindlela ezimiselwe ukungaguquki uma kunesidingo lapho
kubonakala ukuthi azibasizi abafundi.
Izindlela zokufundisa ulimi
1. Indlela yokuxoxa indaba
2. Indlela yokutshela
3. Indlela yokubhunga / yokudingida
4. Indlela yokufundisa ngencwadi equkethe ulwazi
5. Indlela yemibuzo nezimpendulo
6. Indlela yokuphindaphinda
7. Indlela esamdlalo
Indlela yokuxoxa indaba
Le ndlela indala kakhulu, yayisetshenziswa okhokho endulo bexoxa

izinganekwane.

Ithandwa kakhulu emabangeni asakhasayo / aphansi.

Uthisha uqala axoxe eyakhe indaba bese nabo baxoxe ezabo izindaba.

Uthisha uxoxa indaba azisungulele yona ngenhloso yesifundo esithile noma

ayithathe emaphephandabeni nakwezinye izincwadi.

Uthisha angasebenzisa abalingiswa, isizinda, uhla lwezenzeko, iphimbo

elithile lokuxoxa, ulimi olukhethekile njll njll.


INDLELA YOKUTSHELA
 Le indlela ejwayelekile kothisha abaningi futhi esobala.
 Uthishaufika egunjini lokufundela akhulume lokho afisa ukukusho
ngaphandle kokunika abafundi ithuba lemibono yabo.
 Uthisha uthula ulwazi ikakhulukazi ngokukhuluma futhi echaza
lolo lwazi alethulayo
 Esikhathini
esiningi ukhuluma futhi ebhala phansi amaphuzu
amqoka ngaleso sihloko sosuku.
 Le ndlela ikholelwa ekutheni abafundi abazi lutho, uthisha
kuphela owaziyo.
Indlela yokubhunga / yokudingida

 Uthisha wethula isihloko sesifundo esizodingidwa.


 Inika abafundi ithuba lokuveza imibono yabo njengabanolwazi.
 Iyindlela yokuxoxa nidingide ngendlela efanele isihloko.
 Kubhalwa phansi wonke amaphuzu ashiwo abafundi.
 Amaphuzu ayavumelana nesihloko amanye aphikisane.
 Ekugcineni kuvunyelwane ngalokho okuhambisana nesihloko.
Indlela yokufundisa ngencwadi equkethe ulwazi

 Ilapho uthisha efunda okubhalwe encwadini abuye anikeze


abafundi ithuba lokuzifundela.
 Lokhu bayakwenza egunjini lokufunda kanye nasemakhaya.
 Akumele uthisha avele avulise abafundi incwadi kodwa engachazi
lutho ngalokho okubhaliwe.
 Uthisha ukhetha izihlokwana encwadini ezihambelana nesihloko
sosuku azofundisa ngazo.
 Kukhishwa amaphuzu amqoka achazwe ahlotshaniswe nolunye
ulwazi ukweseka isihloko sosuku.
Indlela yemibuzo nezimpendulo

 Le ndlela inika abafundi ithuba lokucabanga ngokujulile.


 Ithwele umqondo othi umfundi naye kukhona akwaziyo.
 Kusungulwa kwethulwe imibuzo ehambelana nesihloko sosuku.
 Abafundi nothisha bangahlanganyela ekusunguleni imibuzo
kanye nezimpendulo.
 Uthishaunikeza incazelo futhi alungise amaphutha lapho
kudingeka khona.
 Imibuzo evalekile nevulekile.
Indlela yokuphindaphinda

 Umfundi uvuselelwa kulokho asuke esekwazi nathulelwe


kona ngaphambilini.
 Iphumuza ingqondo ngoba yenza icabange kancane.
 Ufunda ngokubuka lokho okuphambi kwakho ukwazi
ukukuphimisa noma ungakuqondi.
 Ufundiswaukukwazi ukwenza okuthile kodwa ube
ungakuqondi.
 Igxile kakhulu ekufundeni nasekukhulumeni.
Indlela esamdlalo
 Le indlela endala abantwana abakhula ngayo.
 Isikhathi
esiningi uma bedlala imidlalo basuke
bengaqondi ukuthi kunesifundo kulowo mdlalo.
 Umdlalo uyithuluzi elimqoka ukudlulisa ulwazi kodwa
okumele uqaphele ukuthi uthini umqondo odluliswayo.
 Isebenza kahle kakhulu emabangeni aphansi ngoba
abantwana bathanda ukudlala kanti kusuke kunesifundo
phakathi.
UMSEBENZI WEKILASI

Xoxani emaqenjini enu ngalezindlela


zokufundisa ulimi.
Khiphani ububi nobuhle bazo.
Amaphuzu amahlanu obuhle kanye
namahlanu obubi.
Thulani ekilasini lokho enikubhalile.
Ngiyabonga

You might also like