You are on page 1of 6

2021

Dkt. P Gumbi
IsiZulu Method
IZIMPAWU ZIKATH ISHA WOLIMI

1. Kufanele abe uchwepheshe/ungoti wolimi


Akulula ukuba uthisha azi konke okumayelana nolimi alufundisayo.
Kulindeleke ukuthi kucace ukuthi uyalwazi lolo limi alufundisayo uthisha.
Akuzwakali kahle uma kubonakala uthisha ehixiza ngenxa yokungabi nalwazi oluphusile ngesifundo sakhe.
Lokhu kungambangela isigcwagcwa, agcine engasalalelwa muntu.
Kungenjalo agcine eseyinsini nje.
Ukugwema lesi simo kuba kuhle ukuthi uthisha azilungiselele kahle njalo nje ngaphambi kokuthi
ayokwethula isifundo ekilasini.
Azilungiselele ngisho ngabe uyofundisa ingxenye ayaziyo.
Uyachwephesha-ke/uba ungoti-ke uma ehlala ngokwenza njalo.
2. Makabe nobudlelwano obuhle nabafundi
Kubalulekile futhi kuyancomeka ukuthi uthisha abe nobudlelwano obuhle nabafundi bakhe(kodwa futhi ningangenani ephaketheni).
Lokho kudala ukuthi kuvunguze umoya omuhle phakathi kukathisha nabafundi bakhe.
Kwenza nokuthi nabafundi bakwazi ukwethula kahle izinkinga zabo kuthisha(Izinkinga zangempela).
Nothisha abe nesineke sokuzicubungula azisombulule lezo zinkinga.
Uvama ukungqubuzani nezinkinga uthisha oyisiqhezeba sesiquzi esingadli nselwa zamuntu.
Akubi izinkinga ezithinta abafundi kuphela, kodwa nalezo ezithinta abanye othisha nabazali imbala.
Kunjalo-nje akamuhle/akafuneki futhi uthisha oyinhlekabayeni.
Lolu hlobo lukathisha lusheshe luphuzeke inyongo,abafundi bese begcagcaza ekhanda, buchitheke bugayiwe-ke ekilasini.

3. Makalwazise ulimi alufundisayo


Kulindeleke ukuthi uthisha wolimi alukhulume, alubhale aphinde alufunde ngendlela efanele nephusile lolo lulimi alufundisayo.
Impimiso, iphimbo, ukushelela, ukugcizelela, ukuqapheleka kwezimpawu kufanele akwazi njengoba ezazi.
Kulindeleke ukuthi ingxoxo yakhe nabafundi igxile kulolo limi alufundisayo.
Sekwandile ukusebenzisa ulimi lwesiNgisi kothisha abafundisa isiZulu.
Lokho kwenza ukuthi kunciphe kuze kugcine sekuphela nya kubafundi ukuzigqaja ngolimi lwabo(nokulufunda).
Kuphinde kubafundise ukuthi aluphusile lolu ulimi lwesiZulu,luze ludinge ukwesekwa nokupheleliswa ngolunye ulimi.
4. Makazwelane nezingqinamba zabafundi esifundweni sakhe
Ngenkathi kufundwa, abafundi baveza izinkinga ezahlukene njengokungingiza ngokweqile uma befunda , Kanye nezinye.
Kuba kuhle-ke ukuthi uthisha abacathulise nje kulezo zinkinga.
Angabi nesankahlu nokubahhahhameza nokuhlekisa ngabo ekilasini.
Lokho kuyabajivaza abafundi, maqede uphele nya umoya wokuzethemba nokuzama ukwenza okuthile
okuhle ekilasini.
Uthisha makaqikelele ukwenza ikilasi lakhe ukuthi libe yindawo yokuzama.

5. Makathuthukise imfundo yakhe


Kuhle ukuthi uthisha wolimi ahlale ephokophelele ukuthi ukuqeqesheka kwakhe kuhambisane nemigomo
ebekwe uMnyango Wezemfundo.
Akahambisane nezinguquko ezenzekayo, ezinye ezimehlela engazelele ngenkathi esephakathi nokhalo efundisa.
Akangabi nenkani yokuthi yena akanamsebenzi nezinto ezivele kamuva esesebenza ngoba lokho kwehlisa
uhlonze lwakhe.
Kule minyaka kuvele izinguquko ze-OBE, i-NCS ne-CAPS, zonke ebeziphoqa ukuthi othisha baziqeqeshe kabusha.
Lokhu kuthinta nokuzithuthukisa nangeziqu zemfundo imbala.
Lokhu kwenza ukuthi uthisha azuze ulwazi olusha kuleso sifundo asifundisayo.
6. Makazikhathaze ngokuzihlanganisa nabanye othisha
Kunezigcawu zothisha zokucobelelana zolwazi ezisemazingeni ehlukene.
Kuqala khona esikoleni ngasinye. Kwedlulele ezikoleni ezakhelene. Kuze kuyofika nakwamanye amazinga.
Uthisha othuthukayo esifundweni sakhe ubonakala ngokubamba iqhaza kulezi zigcawu, ahlangane
nabanye othisha ngenhloso yokucobelelana ngolwazi.
Uthisha oyinkinga ubonakala ngokugweva, angayingeni eyokuhlangana nabanye othisha.
Leyo nkinga yakhe-ke ugcina eseyedlulisela kubafundi bakhe babe ngomvakwezinye.

7. Makakhombise umdlandla wesifundo


Uthisha onempumelelo uhlale enomdlandla nomfutho
Uyazihlupha njalo ngokuthola ukuthi yimaphi amasu amasha angakha ngawo isasasa esifundweni sakhe.
Ubonkala ngisho enyathela ukuthi unomdlandla nempilo.
Uthisha oya ekilasini lakhe ezihudula udala ukuphelelwa uthando lwesifundo kubafundi bakhe.
8. Uyazibhekelela izindlela zokufunda ezahlukene zabafundi
Ngokuvama abafundi banezindlela zokufunda ezahlukene.
Abanye bakubamba ngesivinini lokho okufundwayo, abanye baphakathi nendawo kanti abanye bayanensa.
Abanye bafunda kangcono ngabodwa
Abanye bafunde kangcono nontanga.
Abanye badinga ukumelelwa ukuze bafunde kufundeke.
Akukuhle-ke ukuthi uthisha avele azididiyele ndawonye zonke lezi zinhlobo ezahlukene.

9. Unguchwepheshe ekuhloleni
Uthisha wolimi kufanele akuqondisise ukuthi ukuhlola kuyingxenye ebaluleke kakhulu ekufundiseni
ngempumelelo.
Kufanele ahlome aphelele ngazo zonke izinjongo, izimiso nezidingo zokuhlola.
Akwazi ukufeza izidingo zokuhlola okufushane kwasekilasini kanye nokujana (SBA) aze afinyelelise abafundi
bakhe ekuhloleni
kwangaphandle (lapho okudingeka khona).
10. Kumele azimbandakanye, futhi awazi umphakathi awusebenzelayo kanye nezidingo zawo
Uvama ukubanezinkinga uthisha ongaqapheli ukuthi umphakathi awusebenzelayo unaziphi izingqinamba kanye
nezinkinga.
Lokho kwenza ukuthi aphambane nehlombe njalo ekwenzeni kwakhe.
Noma engakuphika nje ngendlela abuka ngayo, kodwa lokhu kuyomenza ukuthi angamukeleki kahle hle
ekugcineni kulo mphakathi.
References:
1. A.V. Ngwenya elithi; Ubhaqa Lwamathwasa, 1995. Incwadi yesibili, Bard Publishers, Cape Town)

You might also like