You are on page 1of 4

TP 430: ISAKHIWO SOHLELO LWESIFUNDO

ULWAZI LWEMISEBENZI NGOKULANDELANA


Lesson Plan No:
9

ROUTINE INFORMATION
Date: 28 Nhlolanja 2022 Day: uMsombuluko
Ingama Lesikole Bashokuhle Senior Primary School
Igama nesibongo somfundi: Phumla Dladla
Ibanga 1
Isifundo: Isizulu
Isihloko: Umsindo ‘b’
Okuqukethwe: Ukukhuluma nokulalela
Ikhasi lika Thafuzwe 79
Ubude besikhathi besifundo 45 imizuzu

IZINHLOSO NGQANGI:

Ukuxoxisana ngempumelelo besebenzisa imisindo, ukufanekisa ngezimpawu kanye


namanye amakhono olimi ezimweni ezahlukene.

IZINHLOSO ZESIFUNDO:

ULWAZI AMAKHONO AMAGUGU/ISIMO


Abafundi kufanele bazuze Abafundi kufanele bakwazi Abafundi kufanele bazuze
ulwazi kanye nokuqonda ukwenza okulandelayo: amagugu kanye nezimo
okulandelayo: ukubhala ukuzakhela awabo ehambelana nokwazi
umsindo ‘b’ amagama ngomsindi ‘b’ ukwakhwa imisho
ngomsindo ‘b’

Izindlela/Amasu Okufundisa:

 Ukuxoxisana kwekilasi
 Ukubuza
1
 ukubonisa

IMITHOMBO:

 Ibhodi noshokhi
 Ishadi lokusebenzela

Amabanga/Amazinga Esifundo:

ISINGENISO:

Ngizongenisa isifundo ngalesi quphu esilandelayo:

Obaba bahlezi bephuza, kanti bashiye abantwana bodwa

Ababntwana bazi ukuthi obaba bayasebenza!!!!!!!!!!!!!!!

Ngizobuza amafundi ukuba yimuphi umsindo abawuzwayo kulesi siqephu.

Ngibuze ukuthi bacabanga ukuthi bazofunda ngamuphi umsindo kulesi sifundo.

UKUTHUTHUKA/UKUTHUTHUKISWA KWESIFUNDO

Isinyathelo Sokuqala

Ngizoqala ngokunamathisela ishadi lokusebenzela elinomsindi ka ‘b’ bese ngitshele


abafundi ukuthi namuhla sizofunda ngomsindo ka ‘b’. Ngizocela abafundi beze
ngaphambili bezofunda umsindo kanye namagama aseshadini.

Isinyathelo Sesibili

Masikhulume: yisho amagama aseshadini anelemisindo.

ba be bi bo bu

Isinyathelo sesithathu

Ngizobhala amagama anomsindo ‘b’ ebhodini abafundi bebhale azincwadini zabo


zokbhalela.

2
Amagama :

1. baba
2. buza
3. babi
4. bopha
5. bona
6. amabibi
7. babaza
8. baleka
9. bekezela
10. buka

Indlela yokuhlola: Okungamiselwe

Hlanganisa amagama alandelayo:

1. ba+ba >=
2. ba+bi =
3. a+ma+bi+bi=
4. bu+za =
5. be+ke+ze+la=

OKUNGABHEKWA:

 Uthafuzwe wesiZulu Ibanga R-3 ikhasi 79

Professional Practice

ISHIDI LOKUZIBHEKA
3
(Isifundo sangayedwana)

Isihloko:____Ukukhuluma
nokulalela____________________________________________________________

Ibanga:__1________________________________________Usuku:__28 Nhlolanja
2022________________________

Ukuphumelela.. Izinselelo Okuhlangatshezwane


nazo…
Izizathu
Izizathu
Abafundi bakwazile ukuzicabangela Abanye abafundi abakokwazi
awabo amagama anomsindo u ‘b’. ukuphimisa kahle amagama
anomsindo u ‘b’.

Ukubuyekeza okungenzeka… Izehlakalo ezitusekayo…

Ngingaphinde ngibenzise onkamise Abafundi bakwazile ukucabanga


ukuze bezokwazi ukushadisa umsindo ngisho amagama anemisindo ehamba
ka ‘b’ nonkamisa bese bekhipha ngamibili koda enawo umsindo ka ‘b’.
awabo amagama.

Yini oyifundile kulokhu okubonile?

Ngifunde ukuthi abafundi bafunda kangcono uma ubaphathele ishadi


lokusebenzela.

You might also like