You are on page 1of 12

THEMBI ALICE MASETE

STUDENT NUMBER: 18083242

ASSIGNMENT 21

MODULE: AFL2603

DUE DATE: 26 SEPTEMBER 2023

1
DECLARATION FORM

I THEMBI ALICE MASETE


STUDENT NUMBER: 18083242
MODULE: AFL2603

Declare that……………………………………………………………………..

1. I understand what plagiarism entails and am aware of the University’s


policy in this regard.

2. I declare that this assignment is my own, original work. Where I used


someone else’s work, whether from a printed source, the internet or
any other source, I have given a proper acknowledgement and included
a complete reference list.

3. I did not use another current or previous student’s work, submitting it


as my own.

4. I did not allow and will not allow anyone to copy my work with the
intention of submitting it as their own.

TA.MASETE 20 SEPTEMBER 2023

2
UMBUZO 1

i. UMAZIKODE UNGOMUNYE WABALINGISWA ABATHOLAKALA KULE


NOVELI. PHAWULA UKUTHI NGABE UMLOBI USEBENZISE MAPHI
AMASU UKUSETHULELA YENA.

• UMaZikode uvezwe njengomlingiswa oqavile noma obalulekile


kulenoveli, odlala indima enkulu ekukhuliseni indaba. Umlobi
uMaZikode umveze njengomlingswa ononya kakhulu ngoba
simthola lapha endabeni ehlangana nomnyeni wakhe uMazibuko
ekwakheni itulo lokungudluza umfundisi Sokhele esikhundleni
sakhe sobufundisi. Leli qhinga waqhumuka nalo nomnyeni wakhe
ukuba babhece umfundisi Sokhele ukuthi umdlwengulile. Lokho
sikuthola ngenkathi ecela umfundisi Sokhele ukuba azomsiza
ngokuthize kanti uzofika akhumule isiketi esihlise noziphu
kamfundisi wabese wakhala ethi umfundisi umudlwengulile.
Lokhu kwagcina kuba yitulo elaphumelela ngoba nakhu umfundisi
abazange bamukholwe ngenkathi ethi akanacala kepha bakholwa
uMaZikode, okwagcina umfundisi Sokhele esebhadla ejele ngecala
angalazi. Kwathi noma umnyeni wakhe esephethe ebandleni
uMaZikode waqhubeka nokufihla amahlazo kaMazibuko wokuthi
ucwila ezinkambeni zikaFaro, wayelokhu eme ezifungweni zakhe
zokuthi ebuhleni nasebubini uyohleli emseka umnyeni wakhe.
Noma uMaZikode baveze njengomlingswa ononya, kwelinye
uhlangothi baveze njengonkosikazi othembekile kumnyeni wakhe
futhi ozibamba zishisa, ungulolu hlobo lwamakhosikazi afihla
amahlazo womuzi wabo, izinkinga zabo abazikhipheli ngaphandle.

ii. YISIPHI ISIFUNDO ESITHOLWE UMAZIKODE

• Umuntu nomuntu uzalwa efumbethi okuthize akunikwe umdali,


lokhu kusho ukuthi yaneliseka yilokhu onakho ungazami ukuthatha
ongakuphiwanga yizinyanya zakho, ngoba uma uthatha
okungekona okwakho kungase kukulethele noma kukudalele
uthuthuvi lwezinkinga. Okwenziwe uMaZikode ukhombisa
ngokusobala ukuthi ukuhalela izinto ekungezona ezakho akukho

3
kuhle neze, ngoba ngenkathi umuntu engakhala ngobubi omenze
kona lokho kukulandela izinkinga/imikhokha. Wayenephupho
lokuba umnyeni wakhe uzophatha ebandleni, baphile impilo
emnandi, kodwa lokho kwaba yiphupho nje elingazange lafezeka,
ngoba empilweni awukwazi ukwakha injabulo yakhe
ngezinyembezi zomunye umuntu.

iii. NGABE NGUBANI UMNYENI KAMAZIKODE KULE NOVELI. NGABE


BAYAKHOHLISANA NGOKUTHILE? SEKELA IMPENDULO YAKHO.

• Umnyeni kaMaZikode kule noveli uMazibuko. Yebo bakhohlisana


ngokuthi bagudluze umfundisi Sokhele esikhundleni sakhe
sokuhola ibandla ukuze uMazibuko kube nguye osithathayo.
Baqhamuka naleli tulo okwaba yimfihlo yabo, ukuthi bazothi
umfundisi Sokhele udlwengule uMaZikode. UMaZikode wayelokho
eseka umnyeni wakhe ngisho esedicilela isithunzi sebandla phansi,
ecwila ezinkambeni zikaFaro, uMaZikode wakufihla lokho, kwaze
kwafika lapho esegcina ebamba inkonzo umnyeni wakhe engekho,
nalokho wakufihla ebandleni ukuthi kungani engekho. Noma
esenikwe ithuba lokuba akhiphe amahlazo kaMazibuko
akakwenzanga lokho, futhi akukho lapho esongela umnyeni wakhe
ukuba uzozidalula izimfihlo zakhe. Ukukhohlisana kwaba
kukhombisa ukubambisana njengabashadikazi ukuthi okwenze
emshadweni wabo akuphumeli ngaphandle, kuphelela kubona
bobabili.

4
UMBUZO 2
INZIMA LENDLELA

IZIMPAWU EZIGQAMISA UMOYA WOMDLALO

• Umdlalo uhlukile kunenoveli ngoba umdlalo usithulela umlingiswa


ngamunye, sizizwele thina ukuba ungumlingiswa
onjani,bayazikhulumela bona abalingiswa emdlalweni siphinde
sithole neqhaza alibambayo ekukhuliseni indaba. Naba
abalingiswa abatholakala kulo mdlalo nangendlela abathulwe
ngayo :
Mqapheli – umlingiswa oqavile, onomaphupho, kodwa ubhekana
nezinkinga emuva nje kodlula kukayise emhlabeni, sekumele angene
ezincathulweni zikayise aye kothwala.
Khosi – unkosikazi kaMqapheli oziphilela impilo ehlanzekile, ongazi
ukuthi umcebo wasemzini wakhe utholakale kanjani.
Ayanda - yingane kaMqapheli noKhosi enguzinyobulala.
Lindelwa – intombazane esiza kwaGasa, iphinde ibe umqaphi ka-
Ayanda.
Qhilika Gasa – nguyise KaMqapheli, owaye waziwa njengendoda
oqotho emphakathi, kanti impisi embathe isikhumba semvu.
Nhliziyombi – inyanga eyathwalisa uyise kaMqapheli.
Lindokuhle – umfanyana owalandwa uMqapheli kwezenhlalakahle
ukuze abe ngumhlatshelo kuNhliziyombi.
Sakhile – insizwa eyayisebenza kwaGasa, eyabulawa nguMqapheli
ngoba esaba ukuthi kungenzeka umvuleli isifuba ngokuthwala
kukayise.
Thembeka – unkosikazi kaSakhile.
Magqubu – umngane kayise kaMqapheli ongasekho uQhilika.
Dlomo – umngane kaMqapheli, osebenza kwezenhlalakahle.

5
Mbhele – isikhulu sezenhlalakahle
Mrs Dupreez – imantshi yenkatolo yabantwana.
Sandra – intombazane esebenza ehhotela laseNairoba.
Mfundisi – insizwa endala, ephethe ibandla lapho kusonta khona
abakwaGasa.
Umfundisikazi – unkosikazi kamfundisi ohloniphekile.
Mshumayeli – isiyothongwana sendoda esidume ngokushaya umhlalo
esontweni.
Weta – insizwa esebenza ehhotela laseMgungundlovu.
Thisha – uthishela ofundisa uAyanda esikoleni.
Gubese – insizwa ewuhlaka lwenyanga uNhliziyombi.
Lo mdlalo kungenzeka kube umdlalo obhalwe phansi, ofundekayo
(osencwadini) kodwa ubuye ube umdlalo oqhoshiwe osakazwa
nasemsakazweni, lapho singeke sibone abalingiswa njengakumabonakude
kodwa sizwe ngezindlebe ukuthi ngabe umlingiswa othize uthini, nokuthi
uphatheke kanjani. Izindlebe yizona esizwa ngazo ukuthi kwenzakalani
emdlalweni.
Amaphimbo abalingiswa abakhuluma ngawo awafana, lokhu kusiza ekutheni
sikwazi ukuhlukanisa abalingiswa ngamaphimbo abo. Isbonelo - uMqapheli
ephendulana noMagqubu.
Magqubu : ngingakakhohlwa- ke nje ndodana, uyazi kukhona ibhokisi
elilaphaya ekhaya elashiywa nguyihlo.
Mqapheli : (ethukile) ibhokisi?
Magqubu : yibhokisana nje ndodana. Uyihlo wangiyela ukuba ngikunike lona
mhla edlula kulo mhlaba.
Kumdlalo kuba khona isizinda lapho sithola khona ukuthi kungaba indaba
iyenzeka kuphi. Isizinda sihlukane kathathu lapho sithola khona indawo, inkathi
kanye nesimo senhlalo. Uma sikhuluma ngendawo sisuke sibheka ukuthi ngabe
indaba yenzeka kuphi, ngabe isemakhaya noma edolobheni. Kulo mdlalo
lendaba yenzeka endaweni yasedolobheni eMgungundlovu, ibuye ithuthe
indaba iye endaweni yasemakhaya kwaMhlaba uyalingana lapho kuhlala khona

6
inyanga eyathwalisa uQhilika. Inkathi sisuke sibheka ukuthi ngabe indaba
yenzeka kweyiphi inkathi, eyamanje noma eyakudala, nokuthi yini ekhomba
leyo nkathi. Le ndaba yenzeka enkathini yamanje, lokhu sikubona ngokuthi
abantu abamnyana sebenamabhizinisi amaningi, izimoto zikanokusho futhi
bahlala nasemadolobheni. Isimo senhlalo sibheka ukuthi ngabe abalingiswa
baphilisana kanjani. Kuba khona ukungqubuzana phakathi kwaMqapheli
noNhliziyombi, lapho ephoqelela uMqapheli ukuba anikele ngengane yakhe
enguzinyobulala ukuze ibe ngumhlatshelo. Lokho kukhomba ngokusobala
ukuthi abalingiswa abahlalisene kahle.
Kulo mdlalo siyakwazi ukuthola umoya womdlalo ngokuba ngaphambi ngokuba
umlingiswa othize akhulume, umxoxi uqale asithulele ukuthi ngabe
sekwenzakalani manje, lokhu sikubona ngamagama akubobakaki. Isbonelo
sisithola ekuqaleni kwendaba lapho umxoxi esetshela ukuthi ‘’kusemngcwabeni
kaQhilika Gasa’’. Lokhu ngokungananazi sesiyazi ukuthi indaba yenzeka kuphi.

7
UMBUZO 3

a) NGABE ISIHLOKO SALE NKONDLO SIYAHAMBISANA YINI NAYO.

• Yebo isihloko siyahambisana nale nkondlo. Uma sibheka isihloko


senkondlo nayo inkondlo siba nakhu ukuqonda ukuthi kungase
inkondlo ikhulume ngani. “Emva kothando” sesiyazi ukuthi
inkondlo ikhuluma ngothando, kodwa asazi ukuba ngabe lunjani
lolu thando imbongi ekhuluma ngalo. Imbongi inokubalisa noma
ukukhononda ngendlela uthando lwamanje lungasekho luhle
noma lungasathembekile ngakhona. Uthando “lulutha izintokazi
zakithi” lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi uthando lwamanje
alusenaqiniso, namhlanje ungahleka kube mnandi, kusasa
sewukhihla esikanandi, ayisekho injabulo othandweni. Emgqeni
wesithathu kwistanza sokuqala sithola lapho imbongi ikhuluma
ngokufa ngenxa yothando “saphela isizwe sibulawa ukujula
kothando”. Isihloko isono esenza ukuba sikwazi ukuthola
umqondo wenkondlo nokuhambelana kwesihloko kanye
nenkondlo.

b) NGABE IMBONGI IBIKUSIPHI ISIMO NGENKATHI IBHALA LENKONDLO.

• Imbongi ibinokukhathazeka noma ibikhathazekile ngenkathi ibhala


lenkondlo. Lokhu sikubona ngokuthi imbongi isibalisele ngendlela
uthando lungasekho yimpumelelo ngakhona. Lokhu kugqama
ngenkathi imbongi ithi “bashiya amakhaya bethi balandela
ubumnandi, thando, kanti kukhonani emva kwakho”, ngaphandle
kokunanaza sesiyabona kule migqa yomibili ukuthi imbongi
ibikhathazekile. Ukukhathazeka kuphinde kuvela nangenkathi
imbongi ikhuluma ngokushabalala kwesizwe ngenxa yothando.
Ngalokhu sesiyakwazi ukuthola ukuthi imbongi ibingajabulile
ngenkathi ibhala lenkondlo.

c) IZINHLOBO ZEZINKONDLO EZINE NEZINCAZELO ZAZO.

8
• Elandayo – inkondlo exoxa indaba. Iba nomlingiswa oqavile
okukhulunywa ngaye.
• I-eleji – ikhuluma ngokufa, lapho imbongi ilila khona
ngokulahlekelwa umuntu emthandayo.
• Isonethi – le nkondlo yimfishane, inemigqa ewu-14. Yona ilandela
izidingo ezithile ezimaqondana nesakhiwo sayo.
• Ilirikhi – inkondlo equkethe imizwa nemicabango yombhali wayo.

d) UHLOBO LWESIFENGQO ESITHOLAKALA ESISTANZENI SOKUQALA.

• “Lulutha izintokazi zakithi” (stanza 1 umugqa 3)


Isenzasamuntu
Uma sikhuluma ngesenzasamuntu sisuke sinikeza into engaphili
izimpawu zento ephilayo, okungaba yinto ekwazi ukwenziwa
umuntu.

e) TOMULA IMISHO EMITHATHU ESENKONDLWENI UBHALE IMISHO


EYAHLUKENE EVEZA OKULANDELAYO:

• Impindwa : Letha, Letha, Letha (stanza sesihlanu imigqa


yomithathu ngokulandelana kwayo)
• Impindamqondo : (stanza sesibili kumugqa wesithathu nowesine)
Safihl’ okuqala
Salandela ngomakoti
• Ufanamsindo nowonkamisa: ( stanza sesihlanu umugqa wesine)
ifanamsindo o-e no a, wonke amagama akulowa mugqa ano e no a
kuwo.
• Ufanamsindo wongwaqa : (stanza sokuqala umugqa wokuqala)
Nant’ uthando lonakala (ongwaqa o-a)

9
UMBUZO 4

a) NGOKUBONA KWAKHO, KUNGANI IMIBHALO YEZINGANE


EZILIMINI ZASE-AFRIKA IBUKEKA ISHICILELWA KAMUVA NJE?

• Ngokucabanga kwami, ngicabanga ukuthi esikhathini


sakudala babengasiboni isidingo sokufundela abantwana
izincwadi ngoba kwakunekholelo yokuthi ingane ifunda
kunina ayidingi isikole futhi babengekho abantu
abanemakhono okushicilela lezincwadi. Ukushicilelwa
kwezincwadi zabantwana kamuva kokhombisa iphucuzekezo
nokuphila esikhathini samanje. Okunye okwakwenza kube
yibida ukuthi imibhalo yabantwana ichishe ifane ncamashi
nezinganekwane.

b) MEHLUKO MUNI EKHONA PHAKATHI KWEMIGOMO/IZIMPAWU


ZEZINCWADI ZABANTWANA NEZABANTU ABADALA?

• Izincwadi zabantwana zibhalwa ngamagama alula


okwenzelwa ukuba izingane zikwazi ukuthola ukuba ngabe
kukhulunywa ngani encwadini. Isingeniso sisuke silula
kwazise phela imiqondo yabantwana isuke ingakahluzeki
noma ingakavuthwa ngokugcwele. Izincwadi abazifundayo
kumele zihambelane neminyaka yabo.
• Izincwadi zabantu abadala zibhalwe ngokujula, kwazise
imiqondo isuke seyivuthiwe, sewukwazi ukucabanga noma
ukudlala ngomqondo, ukufuna umqondo ochashile. Lezi
zincwadi zishicilelwe ngokuhambelana neminyaka yabo.

c) PHAWULA NGAKHO KONKE OKWAZIYO OKUMAYELANA


NOMEHLUKO OKHONA PHAKATHI KWEMILOLOZELO, IZILANDELO
NEZIDLALISO/ZANGELO.

10
• Umlolozelo: umculo othize osetshenziswa uma ufuna
ukuthulisa umntwana okhalayo. Ngokuvamisile iculwa
womama, umlolozelo ubamba iqhaza elikhulu ekukhiliseni
abantwana, ngokuthi ingane iyakwazi ukuhlukanisa iphimbo
likanina nelomunye umuntu. Umlolozelo uculwa ngezwi
eliphansi, elizothile, elifudumele. Isentshenziswa ukufundisa
izingane kabanzi ngomculo.
• Izilandelo: ishukumisa ingqondo yomntwana ukuze akwazi
ukucabanga ngokuhlelekile. Zenzelwe izingane ezekhulile,
ekwizingane esezikwazi ukuzikhulumela.
• Izangelo: amaculo omdlalo, aculwa umama kanye
nabantwana bakhe.

d) IZINHLOBO EZINTATHU ZEZINCWADI ZABANTWANA.

• Izincwadi zezihlamvu: umsebenzi walezi zincwadi


ukufundisa abantwana ngendlela elandelekayo
ngezinhlamvu kusukela ohlamvini lokuqala u-A kuya ku-Z. Le
ncwadi ifundisa abantwana ikhono lokwazi lokuhlakanisa
uhlamvu, umsindo nokuzakhela bona amagama.
• Izincwadi zokubala: lezi zincwadi zifundisa abantwana
ukukwazi ukubala kusukela enombolweni yokuqala.
Zakhelwe ukushukumisa imiqondo yabantwana.
• Izincwadi zezindaba ezinezithombe: lezincwadi zakhelwe
ukuthokozisa abantwana ngenkathi befunda, ngoba
zinokuhehana, ngenxa yobuhle bezithombe. Ziphinde
zakhelwe ukuthuthukisa amakhono athinta ukukhula kolimi
nokusetshenziswa kwalo.

11
BIBLIOGRAPHY

❖ Ndlovu M.M. 2007. AMATHONSI ABANZI. M.M LONGMAN, CAPE TOWN


❖ SITHOLE Z.E & MAHAYE N.A. 2015. UJU LWEZINKONDLO. MIDRAND
❖ MADLALA N.P. 2009. INZIMA LENDLELA. SHUTER & SHOOTER. CAPE
TOWN
❖ AFL2603 ISIZULU 2023 STUDY GUIDE
❖ ZUL1509 STUDY GUIDE.

12

You might also like