Professional Documents
Culture Documents
Isiphetho
Ake sibheke abacwaningi abansundu ababamba iqhaza
nabo ekucwaningweni kwezilimi zabomdabu.
UMagema Fuze, uNdiyane noWilliam Ngidi
Laba bobathathu ngamaZulu okuqala abhala ulimi
lwesiZulu ngeminyaka yawo-1860
Incwadi yabo nakuba yabe ishicilelwe ngeSingisi
yabuye yahunyushelwa esiZulwini
NguMagema Fuze uqobo lwakhe owayishicilela
esiZulwini ngo-1893
Incwadi yabo yayibizwa nge: The three Natives
Yabe ingenabo ubuciko obutheni esesibuthola
namuhla ekubhaleni
Sizoqikelela kakhulu ukuthi yayingenabo ngisho
ofeleba (Capital Letters) emagameni ezinsuku
(Saphuma eKukhanyeni ngomsombuluko
wokuqala ntambama)
Sizoqaphela ukuthi le ncwadi ikhuluma ngohambo
lakwaZulu.
Ngeminyaka yawo-1880-1895 uMagema
waqhubeka nokuzungeza elaKwaZulu esiza
uColenso ngokutolika.
Kwabhalwa nezincwadi ezazixoxa ngobuciko
bomlomo obufana nezinganekwane ngisho
nomlando wamakhosi imbala.
UFuze wabe esebhala eyakhe eyashicilelwa ngo-
1922 neyaba incwadi yokuqala ezimele equkethe
konke ngomlando.
Le ncwadi yayibizwa ngokuthi: Abantu
abamnyama lapa bevela ngakhona.
Leli bhuku lalixoxa ngomsuka nenkaba yezizwe
ezithile njengalezi: aBathwa, amaLawu, amaZulu,
amaHiligwa nezinye.
UFuze uxoxa kabanzi ngamasiko abalulekile
akwaZulu, bese engena ezimpini zikaShaka kanye
namanye amakhosi akwaZulu.
UFuze wagqugquzela abaningi ukuthi babhale
nabo, abantu abafana noPetros Lamula kanye no
M.J. Mpanza.
ULamula wavukwa ugqozi okwathi ngo-1924
wabhala ibhuku eliqukethe umlando elibizwa
ngokuthi: UZulu kaMalandela.
Ngo-1930 wagalela noMpanza wabhala incwadi
ethi: UGaqabadele.
Isikhalo sikaFuze sokubhalwa kwezincwadi
sasihambisana zezikhathi zikaKhongolose ngo-
1912-20 esasigqugquzela ubumbano kubantu
abansundu.
USilomo
Awukho kahle hle umlando otheni ngaleli gama.
Akwaziwa noma kwabe kungelangempela noma
kuyisidlaliso.
Kodwa naye waphosa igalelo elikhulu ekubhaleni
ngomlando wabansundu.
Eminye yemisebenzi yakhe iyavela
ephephandabeni ILANGA LASENATALI.
Yena wayezibhalela okusuka ekhanda,
wayenekhono elikhulu lokuqamba.
Ngo-1925 wabhala incwadi wayibiza ngokuthi:
Indaba kaMbulawa.
Yayithinta izindikimba ezithinta inkolo namasiko,
yayiphinde idingide ngokuluthwa imali
yasemadolobheni nokubhunguka.
Le ncwadi yayibhalwe ngesiNgisi nangesiZulu.
UBenjamin Zikode no-T. Langa
Ngo-1895 uBenjamin Zikode elekelelwa ngu-J.K
Lorimer bahumushela esiZulwini ibhuku likaJohn
Bunyan elithi: Pilgrim’s Progress lwabizwa
ngokuthi UHAMBO LWESIHAMBI.
Ngo-1897 u-T. Langa wahumusha izindaba zenkolo
zesiJalimane wazibhala ngesiZulu.
Wabiza leyo ncwadi wathi: Izindaba Zencwadi
Yezincwadi.
Ngo-1889 wagalela ngokushicilela incwajana ethi:
Incwadi yezifundo zesiZulu no. 1
Wabuye wahlanganisa ndawonye amaculo esonto
wawabiza ngokuthi: Incwadi Yamagama
okuhlabelela abalelwa ukusonta kwebandla
laseRoma.
U-Isaiah Shembe
Leli elinye lamaqhawe elaba neqhaza ekuqanjweni
kwamahubo noma kwezingoma zokuqala
zezinkonzo ezazinobunkondlo bamasiko akwaZulu.
Ukuthi wazalwa nini akekho owaziyo kepha
kucatshangelwa ukuthi phakathi kuka-1860 kuya
ku-1869.
Imbangela ukuthi ngaleso sikhathi abantu baleso
sikhathi babebengafundile.
Naye akazange aye esikoleni kepha lokhu
akuzange kumkhubaze ndawo emisebenzini yakhe
emuva kokuphenduka kwakhe akholwe.
UShembe wabe eziqhayisa ngoba wakwazi
ukubalekela ukungcoliswa umqondo abamhlophe
ngemfundo eyayitholakala ezikoleni zabelungu.
Kukhona lapho eshumayela khona ekhuluma
ngaye kepha enza sengathi ukhuluma nomunye
umuntu:
Le ntshumayelo (Gerad 1971: 187) yayithatha ithi:
Ukuba nanimfundise ezikoleni zenu ngabe
nathola ithuba negunya lokuthonya umqondo
wakhe ukuze nikwazi ukuchachaza umathanda
ekhanda lakhe. Kwathi uNkulunkulu owazi konke
okusemfihlakalweni nokungaziwa muntu
wenyama, wathumela uShembe, umntwana
osemanzi te, kodwa okhulile ngomqondo ukuthi
azokhuluma, ashumayele njengosolwazi
nesifundiswa esikhulu.
Ekukhuleni kwakhe waboniswa isiphiwo nekhono
lokulapha nokusindisa abantu yize wayesemncane
ngeminyaka.
Wathola ukuxhumana nabaqhubi benkonzo
yaseBptist.
Emva kancane kwalokho uShembe wafikelwa izwi
likaJehova lameluleka ukuba akaphenduke.
Waphenduka, wabhabhadiswa wazinqumela
nokuthi uhlukana nesithembu njengoba
wayenamakhosikazi amane.
UJohn L. Dube wabhala ngomlando kaShembe
wagcina esebhala nangaso lesi sinqumo
sikaShembe.
UShembe wakholwa kuleli bandla lamaBaptist
okwathi ngo-1911 washiya kulo.
Ngo-1913 waziqalela elakhe ibandla walibiza
ngokuthi: iBandla lamaNazaretha.
Isizinda saleli bandla saba sentabeni iNhlangakazi
Ngo-1914 wakha isithabathaba somuzi
wamaNazaretha owawufana nedolobha,
wawubizwa ngokuthi kuseKuphakameni.
Lazinza lapho-ke leli bandla okwathi ngo-1935 u-
Isaiah Shembe wedlula emhlabeni.
Ekudluleni kwakhe indodana yakhe uJohannes
Galile wathatha isikhundla sakhe.
UShembe uthathwa njengomuntu owadlala indima
enkulu uma kukhulunywa ngomlando wamaZulu.
Okuningi siyakubona njengoba ibandla lakhe
lingahlukani nezinto ezithinta isintu. Waqamba
amahubo amaningi ayedluliselwa kwabanye
ngomlomo.
UShembe wuye owaqamba amahubo aculwa
kwaShembe.
Ngo-1930 uDube wabhala ibhuku ngomlando
kaShembe wahlanganisa namahubo athile
awaqamba.
Leli bhuku laphuma ngo-1936 liqukethe
nezihlabelelo ezaqanjwa nguye uShembe
nendodana yaye uGalile.
UDube wakhetha ukubiza leli bhuku ngokuthi:
Izihlabelelo ZamaNazaretha.
John Langalibalele Dube.
Wazalelwa endaweni yaseNanda ngo-1870. Uyise
kwabe kunguJames wesizwe samaQadi, ezalwa
endlini yasebukhosini bakwaNgcobo.
Noma wayezalwa ebukhosini wagcine
esephendukile esekholwa.
Uyise wabe eyikholwa elagcina lingumfundisi
ngengoba negama lizisho ‘JAMES’
Waqala ukufunda kwenye imishini yama-American
Board, eyabe iseManzimtoti, eyayibizwa nge-
Adams College.
Ngo-1888-1889 waqhuba izifundo zakhe wawelela
kwelaseMelika.
Ilapho aqala ukuvuleka ingqondo ngezimpilo
zabantu abansundu.
Wabuya phesheya wafundisa njengothisha abuye
ashumayele nevangeli okwamenza agcine
esegcotshwe njengomfundisi.
Waphinde wabuyela phesheya eseyofunda
aqeqesheke ngobufundisi okuthe ngo-1901
wabuyela kuleli.
Wafika waqamba isikole sokuqala esizimele igama
laso iso-OHlange bude buduze neTheku. Lesi sikole
wasibiza ngokuthi yiZulu Christian Industrial
School.
Inhloso yakho konke lokhu kwabe
kuwukuthuthukisa abantu abansundu.
Akagcinanga ngobufundisi wabhala imibono eyabe
ihlaba inkambiso yabamhlophe.
Lokhu ukwenza ngo 1900-1910. Ngo-1909
wazihlanganisa nenhlangano eyabe ilwela
inkululeko iNative Convention.
Yiyo le nhlangano okwathi ngo-1912 yabizwa nge-
South African Native National Congress. Okuthe
ngemuva kwalokho yabizwa nge-African National
Congress.
UDube wakhethwa waba nguMongameli wokuqala
wale nhlangano. Wadlondloba kwezombusazwe,
kwezemfundo, kwezemibhalo nokunye waze
washona ngo-1949.
UDube wabhala izincwadi lapho ezinye ayehlaba
khona abantu abangakholwayo. Kwezinye azibhala
wabhala ngokujivazwa kwesizwe sabantu
abansundu.
Ngo-1903 wasungula iphephandaba lokuqala
labansundu kwaZulu ILANGA LASENATALI. Inhloso
yalo kwabe kungukuqhuba inkolo yobuKhrestu,
ukufundisa abantu ukuzimela, ukukwazi
ukuzibhalela imibono, izinkondlo, izindatshana
nokunye.
Kwaba kuncane okwakuphuma ezincwadini
okwakubhalwe nguye eminyakeni yawo 1907-1920
njengoba okuningi kwakuvela ezinkulumweni
nakumaphephandaba.
Ngo-1922 uDube wabhala incwadi lapho ekhuluma
ngokungagculiseki ngendlela abamhlophe
ababephethe ngayo.
UDube igalelo lakhe kwezemibhalo lagqama
kakhulu emva kokubhala incwadi eyinoveli ethi:
Insila kaShaka. Lena incwadi eyashicilelwa ngo
1930.
Kafishane nje ngenhla besibheka igalelo lalezi zinsizwa
ezaba nalo ekusabaliseni nasekucwaningeni ngolimi
lwesiZulu.