You are on page 1of 22

ZUL2605/101/3/2021

Incwadi yemiyalelo 101/3/2021

Ukusetshenziswa Kobucikomazwi BesiZulu


(ulimi lwasekhaya)

ZUL2605

Imojuli yesimesta yokuqala neyesibili

Umnyango Wezilimi Zase-Afrika


ULWAZI OLUBALULEKILE
Uyacelwa ukuba ubhalise ku-myUnisa, wenze imeyili yakho ye-myLife bese ulokhu
uvakashela isizindalwazi (website) sale mojuli eku-myUnisa, kanye nesizindalwazi
(website) seqembu lakho.

Qaphela: Lena yimojuli exubile (okusho ukuthi iyafundwa ngobuchwepheshe online


kanye nangeposi), ngakho-ke iyatholakala ku-myUnisa. Kodwa-ke ukuzama
ukukusiza ekufundeni kwakho, uzothola ezinye izincwadi zokufunda eziphrintiwe
(ngeposi).

BARCODE
OKUQUKETHWE

Ikhasi

1 ISINGENISO KULE MOJULI ........................................................................................................ 3


1.1 Uqala kanjani? .............................................................................................................................. 4
2 INHLOSO KANYE NEMIPHUMELA ............................................................................................. 4
2.1 Inhloso .......................................................................................................................................... 4
2.2 Imiphumela ................................................................................................................................... 4
3 ABAFUNDISI NEMINININGWANE YABO YOKUXHUMANA ...................................................... 5
3.1 Abafundisi ..................................................................................................................................... 5
3.2 Umnyango .................................................................................................................................... 5
3.3 Inyuvesi ........................................................................................................................................ 6
4 IMITHOMBO YOLWAZI................................................................................................................ 6
4.1 Ukujoyina ku-myUnisa .................................................................................................................. 6
4.2 Eminye imithombo – izincwadi eziphrintiwe zokukusiza ................................................................ 6
4.3 Izincwadi zolwazi (kufanele uzithenge zontathu zokuqala) ............................................................ 6
4.4 Imithombo yolwazi etholakala kwezobuchwepheshe (e-reserves)................................................. 7
4.5 Imininingwane yomtapo wolwazi ................................................................................................... 7
5 ISIKHUNGO SOKWESEKA ABAFUNDI ...................................................................................... 8
6 UFUNDA KANJANI ONLINE? ..................................................................................................... 9
6.1 Kusho ukuthini ukufunda imojuli exubile?...................................................................................... 9
6.2 Amathuluzi e-myUnisa .................................................................................................................. 9
7 UKUHLOLA................................................................................................................................ 10
7.1 Indlela yokuhlola ......................................................................................................................... 10
7.2 Imaki lonyaka nesivivinyo............................................................................................................ 10
7.3 Ama-asayimenti .......................................................................................................................... 11
7.3.1 Isimesta yokuqala ....................................................................................................................... 11
7.3.2 Isimesta yesibili ........................................................................................................................... 16
8 ISIPHETHO ................................................................................................................................ 22
9 IMIBUZO EJWAYELE UKUBUZWA .......................................................................................... 22
10 IMITHOMBO ESETSHENZISIWE............................................................................................... 22
11 I-ADENDAMU............................................................................................................................. 22

2
ZUL2605/101/3/2021

1 ISINGENISO KULE MOJULI

Mfundi othandekayo

Njengengxenye yale ncwadi yemiyalelo (tutorial letter), sifisa ukukwazisa ukuthi i-Unisa isiqalile
ukusebenza phezu kwesivumelwano senguquko esisuselwa emigogodleni emine kanye
nasezingxenyeni eziyisishiyagalombili (8). Ekuzameni ukufeza lesi sivumelwano, sibeke
ukuguqulwa kwezinto ezifundiswayo phezulu ezinhlelweni zethu. Ukukunikeza ulwazi,
Ukuguqulwa/ukushintshwa kwezinto ezifundiswayo kufaka phakathi le migogodla elandelayo:
indlela yokufundisa ebeka abafundi phambili, ukuvuselelwa kwezindlela zokufundisa kanye
nokuhlola/nokuvivinya, izindlela zokufundisa kanye nokufunda, kanye nokufakwa kwezinto
kanye nezinkolelo zase-Afrika ekufundiseni. Le migogodla kanye nemigomo yayo izofakwa
ezifundweni kanye nakumamojuli, njengendlela yokuqala ukufundisa okusha. Uzobona ukuqala
kokwenziwa kwalokhu kumamojuli akho, ngakho-ke sikugqugquzela ukuthi uzijabulele lezi
zinguquko ngalesi sikhathi usengumfundi wase-Unisa.

Siyakwamukela kule mojuli Ukusetshenziswa Kobucikomazwi BesiZulu (Ulimi Lwasekhaya)


ZUL 2605. Futhi siyathemba ukuthi uzoyithokozela. Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi
konke okuyizidingo zakho kufezeke. Nawe kufanele uqale ekuqaleni konyaka ukubhukula
usebenze ngokuzimisela kuma-asayimenti ukuze uqinisekise ukuphumelela kwakho. Uzothola
izincwadi eziningi zalolu hlobo (Tutorial letters). Lena indlela yethu yokuxhumana nawe
nokusebenzisana ukuze ukufunda kwakho, nokuhlolwa kwakho kanye nokufundisa kwethu
kube impumelelo.

Incwadi yemiyalelo (tutorial Letter) 101, yona le inolwazi olubaluleke kakhulu ngohlelo
lomsebenzi, izincwadi ongazifunda ukunezezela ulwazi, nomsebenzi wamamaki okufanele
uwenze. Siyakunxusa ukuba uyifunde ngokucophelela, futhi ihlale iseduze nawe uma ufunda,
wenze ama-asayimenti ale mojuli, bese ubhala ukuhlolwa kwakho ekupheleni kwesimesta.
Izoba usizo nasekuxhumaneni nabafundisi bakho ngoba inemininingwane yabo eyenza kube
lula ukubathola.

Uyanxuswa ukuba ufunde umqulu/ibhrosha i-my Studies @ Unisa, usebenzise nale ncwadi
ukuze uzuze ulwazi olubanzi ngendlela yokufunda ngokungabonani ubuso nobuso nabafundisi
bakho. Kubalulekile lokhu ngoba kuwulwazi lweKolishi yethu.

Kule ncwadi yemiyalelo (tutorial Letter) 101, uzothola ama-asayimenti nendlela yokuhlolwa,
kanye nemiqudu elandelwayo ukuze ulungiselele kahle ukuhlolwa kwakho. Sibuye sengeza
nangolwazi nemininingwane ongayidinga mayelana nezindlela zokubhalisa ube ngomunye
wabafundi bale mojuli ngokugcwele. Siyakunxusa ukuba uyifunde le ngxenye yale ncwadi
ngokukhulu ukucophelela.

3
Zisuka nje amadaka, funda zonke izincwadi esikuthumelele zona nalezo osazozithola uma
kuqhubeka unyaka ngoba zobe zinolwazi olubaluleke kakhulu. Kwesinye isikhathi lolo lwazi
lusuke luphuthuma kufanele uluthole bese uphendula ngokushesha.

Ngoba le mojuli ixubile, uzodinga ukusebenzisa u-myUnisa ekufundeni nasekwenzeni


imisebenzi yale mojuli. Njalo vakashela i-website yale mojuli, ZUL2605, ku-myUnisa. I-website
yemojuli yakho imi kanje: ZUL2605-21-S1/S2.

1.1 Uqala kanjani?

Lokhu kuncike ekutheni imojuli imi kanjani, ungafunda ngemojuli uthole nezincwadi zokufunda
online (ku-myUnisa). Iya kwi-website http://my.unisa.ac.za bese ungena kuyo usebenzisa i-
student number sakho kanye ne-password. Uzobona le mojuli ZUL2605-21-S1/S2 ohleni
lwamamojuli avele kule ndawo e-orange phezulu ephejini le-website. Ngena lapho kubhalwe
khona ukuthi ‘More sites’ uma ungayiboni imojuli oyifunayo kulawo avelile. Bese-ke ungena
kwimojuli oyifunayo uma isivelile.

Uzothola le ncwadi yemiyalelo (tutorial letter) kanye nezincwadi zonke eziphrintiwe zale mojuli
lezo ezitholakala naku-myUnisa. Noma kungaba nomehluko phakathi kwezincwadi eziku-
myUnisa kanye nalezo eziphrintiwe, kungakukhathazi lokho, konke lokhu kuyinto eyodwa.

2 INHLOSO KANYE NEMIPHUMELA


2.1 Inhloso

Le mojuli ibaluleke ekufundiseni wena mfundi ngezihlokwana zemibhalo yobuciko yesiZulu


esetshenziswayo. Ufunda ngohlelo lwemibhalo esuselwe ekhanda, umsebenzi wayo,
ukuhluzwa kwayo, nokuthi yini ebhekiwe kumhluzi noma kumfundi wemibhalo yobuciko.
Miningi imikhakha ehambisana nale mojuli, kafushane ngingabala izinkondlo, izindaba
ezimfushane, izinganekwane, nemibhalo yabantwana (isib. Imilolozelo) ukuze kube khona
ukukhula ekwazini ubuciko bomlomo. Le mojuli ifundisa ngemibhalo yesiZulu, imibhalo
yasendulo neyesimanje. Ifundisa ngokuzigqaja nokuziqhayisa ngokuthi unguMzulu, kukhule
nothando lwemibhalo yakho.

2.2 Imiphumela
Uma usuphumelele kule mojuli uzobe usukwazi:
• Isimo sezinkondlo zomdabu nendlela ezisungulwa ngayo.
• Isakhiwo nomsebenzi wezinkondlo zomdabu.
• Indlela ezihlaziywa ngayo izinkondlo zomdabu.
• Imisebenzi yembongi.
• Isakhiwo nobunkondlo bezithakazelo.
• Ubumqoka bezithakazelo
• Ubumqoka bamahubo kanye nezinhlobo zamahubo.

4
ZUL2605/101/3/2021

• Kufanele ukwazi ukuqonda iqhaza lezinkondlo emphakathini.


• Kufanele umfundi akwazi ukuhluza inkondlo ngokulandela imigomo ngokwesakhiwo.
• Umfundi kufanele akwazi ukuhluza izinkondlo ukuqonda isimo senhlalo emphakathini
• Ukwazi isakhiwo senoveli nokuthi ingena ngaphansi kwamuphi umunxa.
• Iqhaza le noveli emphakathini.
• Umehluko phakathi kwenoveli nomdlalo.
• Isakhiwo somdlalo neqhaza lawo emphakathini.
• I-eseyi noma ingxoxo yadabuka kuphi, nini, kanjani.
• I-eseyi noma ingxoxo iyini, futhi inazimpawu zini.
• Yiziphi izinhlobo ze-eseyi noma zengxoxo ezahlukahlukene.
• Izibonelo zama-eseyi noma zezingxoxo.
• Abhalwa kanjani ama-eseyi noma izingxoxo
• Ungakwazi yini ukubheka ukuthi unalo yini ikhono lokubhala ama-eseyi noma izingxoxo.
• Ukwazi ukuchaza imibhalo yabantwana
• Ukwazi izinhlobo zemibhalo yabantwana
• Ukuqonda imisebenzi yemibhalo yabantwana
• Ukuchaza inganekwane
• Ukuchaza izinhlobo zezinganekwane
• Ukuhlaziya inganekwane
• Ukuchaza imilolozelo namaculo okudlala
• Ukuchaza izinhlobo zemilolozelo namaculo okudlala
• Ukuhluza imilolozelo namaculo okudlala

3 ABAFUNDISI NEMINININGWANE YABO YOKUXHUMANA


3.1 Abafundisi
Umfundisi wale mojuli yilo olandelayo:
Igama lomfundisi: Dr M.C. Myeza
Ibhilidi nehhovisi: WMM: 7-43
Inombolo Yocingo: 012 429 6017
I-imeyili: myezamc@unisa.ac.za

Siyethemba lokhu kuzokusiza ekutholeni usizo kubafundisi ngenkathi ubhala umsebenzi


wakho. Sikufisela inhlanhla ezifundweni zakho.

3.2 Umnyango
Uma kukhona usizo oludingayo ungabhalela noma ushayele uMnyango weZilimi zase-Afrika
ucingo kule mininingwane:
The Module leaders ZUL2605
Attention: [IsiZulu Section] Department of African Languages
PO Box 392
UNISA
0003

5
Izincwajana eziya kubafundisi ezifakwa kuma-asayimenti azivumelekile. Uma udinga ulwazi
nemibhalo yokuthuthukisa ulwazi lwakho, luyatholakala ku-myUnisa.

3.3 Inyuvesi

Ukuxhumana nenyuvesi, landela imiyalelo ekwibhrosha ethi Study@unisa. Khumbula ukuba


ne-student number sakho eduze njalo uma uxhumana nenyuvesi.

Njalo uma ubhalela umfundisi wakho, qikelela ukufaka i-student number sakho ukuze kube lula
kuye ukukusiza ngokushesha.

4 IMITHOMBO YOLWAZI
4.1 Ukujoyina ku-myUnisa

Uma une-inthanethi kulula ukuthola ulwazi nemithombo yolwazi yenyuvesi. I-myUnisa iyinyuvesi
uqobo etholakala ku-inthanethi ngoba uyakwazi ukuxhumana kuyo nabafundisi bakho, abanye
abafundi kanye neminyango eyenza umsebenzi wasehhovisi e-Unisa.

Ungaqala kwi-website yase-Unisa ejwayelekile http://www.unisa.ac.za bese ungena endaweni


e-orange ebhalwe ukuthi myUnisa. Lokhu kuzokusa ngqo kwi-website ye-myUnisa. Ngena ku-
“Claim Unisa Login” phezulu kwi-website ye-myUnisa. Uzobe usucelwa ukuba ufake i-student
number sakho ukuze uthole imininingwane yakho ye-myUnisa, ngokunjalo nemininingwane
yakho yokungena/yokusebenzisa i-imeyili yakho ye-myLife.
Ukuthola ulwazi oluningi mayelana nalokhu, funda ibhrosha ethi “Study@Unisa”,
oyithole/oyinikezwe kanye nezincwadi ozinikeziwe e-Unisa zokufunda.

4.2 Eminye imithombo – izincwadi eziphrintiwe zokukusiza

Ngesizathu sokuthi sifuna uphumelele kule mojuli exubile, siphinde futhi sikunike ezinye
zezincwadi eziphrintiwe (ezingekho online). Lokhu kuzokusiza ukuthi ukwazi ukufunda noma
ungenayo i-inthanethi.

Izincwadi eziphrintiwe uzothunyelelwa zona ekuqaleni kwesimesta, kodwa-ke akumele ulinde


zona ukuthi uqale ukufunda – ungaya ku-myUnisa ngokusheha emva kokubhalisa bese uthola
zonke izincwadi zakho zokufunda. Izincwadi esizokuthumelela zona ziyizincwadi ezifanayo
nalezo ezitholakala ku-myUnisa.

4.3 Izincwadi zolwazi (kufanele uzithenge zontathu zokuqala)


Sibiya, E.D.M. 2010. Ngiyolibala Ngifile. Cape Town: Tafelberg Publishers.
Mngadi, M. 2008. Ababulali Benyathi. Shuter & Shooter: Pietermaritzburg.
Sibiya N.G. 2020. Ziconsisa Amathe (ama-eseyi nezindaba ezimfushane. Wethu Publishers:
South Africa. [Xhumana noDr Sibiya kule nombolo: 0737261925, ukufaka i-order]

6
ZUL2605/101/3/2021

UYITHENGA KANJANI INCWADI:


NGIYOLIBALA NGIFILE
Landela imiyalelo ngezansi
The book can be purchased directly from an e-bookseller at any of the stores listed below.

Kobo Books: https://www.kobo.com/za/en/ebook/ngiyolibala-ngifile-2

Snapplify: https://shop.snapplify.com/product/ngiyolibala-ngifile

Takealot: https://www.takealot.com/ngiyolibala-ngifile-ebook/PLID37368324\

You will have to download the bookstore’s eReader (for Takealot – please make sure the device is
compatible as per Takealot’s instructions. Their e-books are not compatible with a Kindle device, used
for Amazon, for example). If buying from Kobo, download their eReader app on a smart phone, tablet or
computer. They do not need a special device, do note. They’ll use a computer, smart phone or tablet,
which they should have if they’re enrolled for distance learning.

Ezingeziwe
Nyembezi, S. 1958. Izibongo Zamakhosi. Pietermaritzburg: Shuter & Shooter.
Maphumulo, A.M. & Mathenjwa, L.F. 1996. Udondolo. Pretoria: Aktuapers.

4.4 Imithombo yolwazi etholakala kwezobuchwepheshe (e-reserves)

Kule mojuli ayikho imithombo yolwazi etholakala kwezobuchwepheshe. Umfundi usengazifunela


yena ngokwakhe uma enolwazi lwalapho engayithola khona.

4.5 Imininingwane yomtapo wolwazi

Umtapo wolwazi wase-Unisa unenxanxathela yezikhungo zolwazi:


• Ukuthola ulwazi ngomtapo wolwazi yiya ku:
http://www.unisa.ac.za/sites/corporate/default/Library
• Ukuthola ulwazi ngokwenza ucwaningo nokusebenza komtapo wolwazi (isib.
abasebenzi basemtapweni wolwazi abahlelelwe izihloko zocwaningo ezithile) uya
ku: http://www.unisa.ac.za/sites/corporate/default/Library/Library-
services/Research-support

Umtapo wolwazi wenze imihlahlandlela eminingi engaba wusizo: http://libguides.unisa.ac.za


Nansi eminye yayo:
• Ekufuneni ulwazi:
http://libguides.unisa.ac.za/request/request
• Ulwazi lweziqu zemfundo olusezingeni eliphezulu:
http://libguides.unisa.ac.za/request/postgrad
• Ukuthola kanye nokusebenzisa imithombo yolwazi kanye namathuluzi atholakala
emtapweni wezincwadi:
http://libguides.unisa.ac.za/Research_skills
7
• Imibuzo evamile ngomtapo wolwazi: http://libguides.unisa.ac.za/ask
• Usizo kubafundi abaphila nokukhubazeka:
http://libguides.unisa.ac.za/disability

5 ISIKHUNGO SOKWESEKA ABAFUNDI

Ibhrosha i-Study @ Unisa iyathotholakala ku: www.unisa.ac.za/brochures/studies


Le bhrosha ifundisa ngolwazi nezindlela ongazisebenzisa ukuze uphumelele ekufundeni
ungahlangananga nomfundisi ubuso nobuso, njengakule nyuvesi nje.

8
ZUL2605/101/3/2021

6 UFUNDA KANJANI ONLINE?


6.1 Kusho ukuthini ukufunda imojuli exubile?

Ukufunda imojuli exubile kungahluka kakhulu ekufundeni amanye amamojuli afundwa e-Unisa.

• Lonke ulwazi kanye nemisebenzi yokufunda yamamojuli axubile kanye nalawo


afundwa online kuphela kwenzelwe ukunikezwa/ukufundiswa online ku-myUnisa.
Noma amamojuli axubile enazo izincwadi/ulwazi oluphrintiwe, empeleni la mamojuli
enzelwe ukufundiswa online.
• Konke ukuxhumana phakathi kwakho nenyuvesi kwenzeka online kuphela.
Abafundisi bazoxhumana nawe ngokusebenzisa i-imeyili kanye nama-sms, ngokunjalo
nokusebenzisa amathuluzi e-myUnisa afana nezimemezelo (Announcements), amaqoqo
okubonisana (Discussion Forums) kanye nemibuzo nezimpendulo (Questions and
Answers). Yiyona ndlela ongakwazi ngayo ukubuza imibuzo kubafundisi nokuthi
uxhumana nabo kangcono.

6.2 Amathuluzi e-myUnisa

Kubaluleke kakhulu ukuthi uzijwayeze ukuvakashela u-myUnisa njalo. Sikukhuthaza ukuthi


ungene okungenani kanye ngesonto wenze lokhu okulandelayo:

• Ukubheka izimemezelo ezintsha. Ungakwazi nokwenza ukuthi i-imeyili yakho ye-myLife


ikuthumelele izimemezelo ezikhona nge-imeyili efonini yakho
• Ukwenza imisebenzi eseqoqweni lokubonisana (Discussion Forum). Uma wenza
imisebenzi yokufunda yeyunithi neyunithi, sifuna ukuthi ukhombisa izimpendulo zakho
abanye abafundi onabo eqenjini lakho. Ungafunda imiyalelo, uze ulungise nezimpendulo
zakho ngaphandle kokuba online/kokungena kwi-inthanethi, kodwa-ke kuzodingeka ukuthi
ube online ukuze ukwazi ukuthumela izimpendulo zakho. Senze nento ebizwa nge-Social
Café ezokusiza ukuthi ukwazi ukuxoxa/ukuxhumana nabanye abafundi abenza le mojuli.
• Ukwenza eminye imisebenzi eyenziwa online. Kweminye yemisebenzi yamanye
amayunithi okufunda kungenzeka kudingeke ukuthi ubhale okuthile ethuluzini le-myUnisa
elibizwa nge-Blog, noma uphendule imibuzo etholakala ethuluzini le-myUnisa elibizwa
ngelokuzihlola (Self-Assessment). Ungayeqi le misebenzi ngoba izokusiza ukuthi wenze
ama-asayimenti kanye nemisebenzi yemojuli.
• Elinye lamathuluzi abalulekile esilisebenzisayo yi-Lessons tool. Ulwazi kanye
nemisebenzi yemojuli yakho kunikezwa kule thuluzi. Isikhathi esiningi uzothunyelwa ukuba
ujoyine izingxoxo kanye nabanye abafundi bese wenza imisebenzi ebekiwe ngaphambi
kokuba uqhubeke nemojuli.

Siyathemba ukuthi ngokukunika lolu lwazi ngezindlela eziningi uzophumelela kule mojuli yethu
exubile. Uma ufisa ukufunda kabanzi ngalawa mamojuli axubile, KUDINGEKA ujwayele ukuya
online bese wenza imisebenzi kanye nama-asayimenti afakwe khona kusenesikhathi.

9
7 UKUHLOLA
7.1 Indlela yokuhlola

Qaphela: ukuhlolwa kwale simesta kuzokwakhiwa ngama-asayimenti amabili. Kumele uwenze


womabili la ma-asayimenti ngoba ewomabili enza amaphesenti angama-40 (40%) emaki lakho
lesimesta. Uqikelele ukuthi wenza ama-asayimenti esimesta yokuqala uma ubhalisele yona,
ungawaphambanisi nawesimesta yesibili. Awesimesta yesibili enziwa kuphela ngabafundi
ababhalisele yona.

7.2 Imaki lonyaka nesivivinyo

Imaki lakho lonyaka lale mojuli limi kanje:


Ama-asayimenti womabili enza amaphesenti angama-40 (40%) wemaki lonyaka.
Isivivinyo sona akuzuba ngesibhalwayo kodwa kuzoba yi-Portfolio umfundi azozibhalela
eyedwa. I-Portfolio izoba ngamaphesenti angama-60 (60%) emaki lonyaka.

10
ZUL2605/101/3/2021

7.3 Ama-asayimenti
7.3.1 Isimesta yokuqala
Qaphela: lama-asayimenti alandelayo kumele enziwe ngabafundi ababhalisele isimesta
yokuqala kuphela, uma ubhalisele isimesta yesibili ungawenzi lama-asayimenti.

ASAYIMENTI 1
USUKU LOKUTHUMELA 12 KuNdasa 2021
INOMBOLO EKHETHEKILE 679588

Phendula imibuzo elandelayo ngokugcwele, ungayixovi.


UMBUZO 1

1. Ngabe zibaluleke kanjani izibongo zamaKhosi uziqhathanisa nezinkondlo zesimanje?


Chaza kabanzi. (10)

2. Ngabe amahubo abamba qhaza lini esizweni? Chaza? (10)


/20/

UMBUZO 2
1. Funda inkondlo engezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

Izolo ngedlule lapha kulelwe


Kungaphakanyiswa khanda ngovalo lwamakhaza
Amagquma ezigqume ngesiphuku esimhlophe
Kushayisa uvalo sengathi awasenakuvuka,
Imithi ihlutshulwe yizinswazi eziqandayo
Kushayisa uvalo sengathi ayisenagazi,
Izinyoni, abaculi besiganga, bengazwakali
Kushayisa uvalo sengathi sebajokola.
Namuhla ngethuswe yicilongo nomchwayo.
Kuduma izinkalo zonkana: Kusile!
Yaphaphama imvelo, yazamula izelula.
Kancane yahloba ngobuhlalu obuluhlaza.
Yamemezela ekhethweni lezinyoni ukuba zihube:
“Impilo eyayilahlekile isizuziwe!”
[DBZ Ntuli, 1972]

(1) Phawula okushiwo yile nkondlo kusukela kumugqa 1 kuya kumugqa 8. (5)

(2) Ngabe imbongi ikhuluma ngani kusukela kuma kumugqa 9 kuya kumugqa! 14. (5)
/10/

11
UMBUZO 3

1. Ngabe ukwenza komlingiswa omkhulu esingenisweni senoveli kuyakholeka yini?


Chaza kabanzi usekele izimpendulo zakho? (10)
2. Ngabe intando yeningi yaletha ubulungiswa yini ezindweni zasemakhaya ngasohlangothini
lobuholi bendabuko? Chaza ubhekise kokwenzekayo emdlalweni ngokusekela
izimpendulo zakho. (10)
[20]
ISAMBA: [50X2]

12
ZUL2605/101/3/2021

ASAYIMENTI 2
USUKU LOKUTHUMELA 16 KuMbasa 2021
INOMBOLO EKHETHEKILE 782316

Phendula imibuzo elandelayo ngokugcwele.


UMBUZO 1

1. Yadabuka kuphi i-eseyi noma ingxoxo? (4)


2. Iyini i-eseyi noma ingxoxo, futhi inazimpawu zini? (4)
3. Nikeza izibonelo zama-eseyi noma zengxoxo. (4)
4. Ingxoxo emiselwe izimiso ezithile (formal essay) ngenjani? Xoxa. (4)
5. Nikeza bese uchaza izinhlobo ezahlukahlukene zama-eseyi noma zengxoxo. (4)
[20]

UMBUZO 2

1. Ngokombono wakho, kungani imibhalo yezingane ezilimini zase-Afrika ibukeka ishicilelwe


kamuva nje? (4)
2. Mehluko mini ekhona phakathi kwemigomo/kwezimpawu zezincwadi zabantwana
nezabantu abadala?Chaza kabanzi. (6)
3. Phawula ngomehluko okhona phakathi kwemilolozelo, izaga neziphicaphicwana (6)
4. Bhala phansi izinhlobo ezintathu zezincwadi zabantwana maqede ubhale imisebenzi
emibili yohlobo ngalunye. (4)
5. Ucabanga ukuthi ziseneqhaza izinganekwane empilweni yezingane zanamuhla? (3)
7. Ingabe zibaluleke ngani izinganekwane ebantwaneni? (3)
8. Kunokukhathazeka okukhulu ngokuntuleka kwesiko lokufunda phakathi kwezingane zethu.
Ingabe unayo imibono yokuthi lingathuthukiswa kanjani isiko lokufunda? (2)
9. Ngabe ucabanga ukuthi kufanele zibhalwe kanjani izinganekwane esikhathini sanamuhla?
Nikeza izizathu zokuthi kungani ubeke kanjalo. (2)
[30]
ISAMBA: [50x2]

13
UKUHLOLWA NGEPHOTHIFOLIYO
USUKU LOKUTHUMELA 24 KuNhlaba 2021
INOMBOLO EKHETHEKILE 803900

Imiyalelo:
Phendula yonke imibuzo ekhona kule phothifoliyo ngokulandelana kwayo.
Kulindeleke ukuthi uphendule imibuzo ngolimi lwesiZulu ngoba le-mojuli eyolimi
lwesiZulu.

UMBUZO 1

Phendula imibuzo elandelayo


1. Ngabe imbongi ingaphinde ibizwe ngosomlando yini? Chaza kabanzi ngokubhekisa
empilweni yayo yansuku zonke esizweni. (20)
2. Amahubo abamba iqhaza ekudluliseni umyalezo othile. Ake uchaze indikimba yehubo
elilandelayo ngokulixhumanisa nesiko lokuthonjiswa:
(a) Amahubo okuthonjiswa (amantombazane). (10)
[30]

UMBUZO 2

Funda inkondlo engezansi bese uphendula umbuzo elandelayo.

Usuku olungayikukhohlakala
Kuwen’ omdala nomncane,
Wen’ owabonayo, wen’ owezwayo,
Uyokhohlwa? Phinde!

Iphelile itsha emnyama,


Balel’ abaholi bakusasa,
Uyolibala? Phinde!
Ngumlando kuwe M’Afrika,
Yinxeba elijule ezibilini,
Lingavaleka? Phinde!

Sizwe esiMnyama,
Bhekisani kuMvelinqangi,
Salabelwa nguye lelidlelo,
Namuhl’ asisenakuklaba kulo.
[Jotham Myaka, 1980)

1. Ngabe le nkondlo ikhuluma ngani? Chaza kabanzi usekele izimpendulo zakho. (10)
[10]
14
ZUL2605/101/3/2021

UMBUZO 3
Phendula imibuzo elandelayo

1. Ngabe isinqumo sikaMaKhoza sokufihla isigameko esinje siyakholeka, sifanelwe yini


ukulandelwa omama emphakathini? Chaza kabanzi usekele izimpendulo. (15)
/15/

UMBUZO 4
Phendula imibuzo elandelayo

1. Nikeza izinhlobo zama-eseyi bese uyayichaza inhlobo ngayinye ngokuphelele. (10)

2. Ngabe zibalulekile kanjani izimpawu ezitholakala kwi-eseyi? (10)


/20/

UMBUZO 5
Phendula imibuzo elandelayo
1. Ngabe zibhalwa kanjani izincwadi zabantwana nezabantu abadala ukuletha umehluko.
(10)
2. Izinganekwane zisabalulekile esikhathini sanamuhla, bhala inganekwane eyodwa
efakazela lokhu bese uveza izizathu zalokho okushoyo. (15)
/25/
ISAMBA: [100]

15
7.3.2 Isimesta yesibili

Qaphela: la ma-asayimenti alandelayo kumele enziwe ngabafundi ababhalisele isimesta


yesibili kuphela, uma ubhalisele isimesta yokuqala ungawenzi lama-asayimenti.

ASAYIMENTI 1
USUKU LOKUTHUMELA 13 KuNcwaba 2021
INOMBOLO EKHETHEKILE 656644

Phendula imibuzo elandelayo ngokugcwele ungayixovi


UMBUZO 1

1. Ngabe iliphi iqhaza elibanjwa izibongo zamakhosi esizweni sikaMalandela? (10)


2. Ngabe kudweba siphi isithombe ukuhlukaniswa kwezibongo zamakhosi ngokukaKunene?
Chaza kabanzi. (10)
[20]

UMBUZO 2

Funda inkondlo engezansi bese uphendula umbuzo olandelayo.


ENEBINDA INZONDO
Bathi abamfuni neze uyabacindezela,
Uyabagqilaza ngolunya olungachazeki,
Uncelancel’ amagazan’ abo ngobuqili,
Okwezinyoni bheka emthini abanandawo,
Ubabandlulula ngolungachazeki ulunya.

Abasadlali nabo manje ngolunya bayagadla


Bakhokhoba phansi ngeziqhumane baqhumise,
Bazithatha kumfowab’ obhadla ngenzondo,
Ngokumzuma bayamgcweleza ngolukhul’ ulunya
Sebebhadla kwenukayo inzondo yokumbulala.

Kodwa bazama ukucabanga bakhulume njengaye,


Bafuna ukwenza izimanga zobumpetha njengaye
Emhlabeni, olwandl’ emoyeni babenjengaye,
Bamunce awakhe amasiko nemfundo babenjengaye,
Umzondwase usephenduke isibuko nesilinganiso.

Sebeluthekile ukuthi okwabo ukunqoba okukamzondwase


Phela sebeziphendule umzondwase ngakho konke,
UKUNQOBA KWABO ngokunqoba okunebinda ngomzwandwase.
[J.C. Dlamini,1989)
16
ZUL2605/101/3/2021

1. Ngabe le nkondlo ikhuluma ngani? Chaza kabanzi usekele ngokusenkondlweni. (5)

2. Imuphi lo mqondo odluliswa isitanza sesithathu? Chaza. (5)


[10]

UMBUZO 3

1. Ngabe isandla sesithathu salubhebhethisa kanjani udlame kumphakathi onsundu? Chaza


ngokwenzeka enovelini. (10)

2. Inqubo yobuholi bendabuko bubhekwe isambane ngaphansi kwenqubo yentando yeNingi.


Vuma/Phika ngokuchaza kabanzi usekele izimpendulo zakho ngokomdlalo. (10)
[20]
ISAMBA: [50]

17
ASAYIMENTI 2
USUKU LOKUTHUMELA 17 KuMandulo 2021
INOMBOLO EKHETHEKILE 755394

Phendula imibuzo elandelayo ngokugcwele.


UMBUZO 1

1. Yikuphi okunembayo kule mibono elandelayo? Sekela impendulo yakho.


a) I-eseyi ayinabalingiswa.
b) I-eseyi yinde kangangokuba ingafinyelela emakhasini ayi-100.
c) I-eseyi yingxoxo ekhululekile.
d) Kuyanemba konke okungenhla. (4)

2. Yiliphi iphuzu elingahambisani namanye nge-eseyi? Sekela impendulo yakho.


a) Esankondlo nenobufilosofi.
b) Elandayo nenobudrama
c) Engenazimiso nenezimiso
d) Encengayo (4)

3. Ama-eseyi awela ngaphansi ….. Sekela impendulo yakho.


a) kwamanoveli.
b) kwemidlalo.
c) kwephrozi.
d) kwezinkondlo. (4)

4. I-eseyi eningayo ichazwa kangcono yila mazwi alandelayo. Sekela impendulo yakho.
a) Inemicabango yomxoxi eyethulwe ngendlela yobudrama.
b) Kungaba sengathi umxoxi uzindla yedwa.
c) Inesingeniso, umzimba, udweshu, isixakaxaka nesiphetho.
d) Ino-a no -b (4)

5. I-eseyi inesingeniso nomzimba nesiphetho esakhiweni sayo. Sekela impendulo yakho.


a) umlingiswa ulwa nenkinga.
b) umxoxi wethula isihloko.
c) kulindeleke ukuthukululwa kwenkinga.
d) umxoxi uvama ukwenaba namaphuzu. (4)
[16]

18
ZUL2605/101/3/2021

UMBUZO 2
Phendula imibuzo elandelayo ngokugcwele.

1. Mehluko muni okhona phakathi kwezinhlobo zebuciko bomlomo obuyiphrozi nobuciko


nobuyingxoxo? Chaza kabanzi. (12)
2. Umlolozelo ungumculo wabantwana ohambisana nobuciko. Vuma/Phika chaza
ngokusekela izimpendulo. (12)
3. Ulaphi umehluko phakathi kwezaga neziphicaphicwano? Chaza ngokusekela
ngezibonelo. (10)
[34]
ISAMBA: [50]

19
UKUHLOLWA NGEPHOTHIFOLIYO
USUKU LOKUTHUMELA 15 KuMfumfu 2021
INOMBOLO EKHETHEKILE 749088

Imiyalelo:

Phendula yonke imibuzo ngokulandelana kwayo ungayixovi.


Kulindeleke ukuthi uphendule yonke imibuzo ngolimi lwesiZulu ngoba le-mojuli eyolimi
lwesiZulu.

UMBUZO1
Phendula imibuzo elandelayo

1. Hlahlela izibongo zeNkosi uMpande ngaphansi kwalezi zihlokwana ezingezansi.


a) Isimilo kanye nesimo seNkosi uMpande (5)
b) Ukungena kukaMpande esihlalweni sobukhosi (5)
c) INkosi uMpande uwela uthukela. (5)

2. Amahubo abamba iqhaza ekudluliseni umyalezo othile. Ake uchaze indikimba yalamahubo
alandelayo uveze ukuthi lixhumana kanjani nomkhosi lowo:
a) Umemulo (7)
b) Umgcagco (8)
[30]

UMBUZO 2
Funda inkondlo engezansi bese uphendula umbuzo olandelayo ngokugcwele.

IMFIHLO YEZINKINOBHO ZOPIYANE

Ngobumbano senkaba isazi saqeqebula,


UDokotela Aggrey wase-Afrika wasidweba
Isimo sobumbano lombhabhadiso we-Afrika,
Phakathi kwabamnyama nabamhloph’ e-Afrika,
Sonke saphuza ukujula nenzulu yalo mbono.

Ubumbano lwezizwe isazi salubona emvungeni


Yopiyane ngokucindezela izinkinobho zalo;
Sezwa unqambothi lwemvunge yezinkinobho
Ezimnyama nezimhlophe zingxivizwa zivuka,
Unqambothi lwemvunge lungenalubandlululo.

20
ZUL2605/101/3/2021

Sazindini nesisho kwegula ukujula nenzulu


Akwanakeka ukuthi unqambothi lusho ukuhlangana,
Ngokwehlukana kwamaphimbo ezinkonobho ezimbalabala;
Ekuhlanganeni ngokwehlukana kwamaphimbo nanto
Unqambothi lokwehlukana ngokuhlangana kobumbano.

Oluyilo ubumbano lwezizwe lusekuhlanganeni,


Ekuhlanganeni ngokwehlukana ngobuzwe ngobuzwe
Ekwehlukaneni ngokuhlangana olwazini nasemasikweni.

[J.C. Dlamini]

1. Ngabe zimeleni izikinobho zopiyano ngakho konke ezikwenzayo ngokwenkondlo. Chaza


kabanzi usekele ngokusenkondlweni.
/10/

UMBUZO 3
Phendula imibuzo elandelayo

1. Ngabe umbhali wenoveli isidwebela siphi isithombe ngemilalandle etholakala


emadolobheni? Chaza kabanzi ubhekise kuKhanyisile noMadonsela omdala. (10)
2. Ngabe ukugqubuzana phakathi kwenkosi nekhansela uthinteka kanjani umphakathi?
Chaza kabanzi. (10)
/20/

UMBUZO 4
Phendula imibuzo olandelayo ngokucophelela

1. Ake uchaze umehluko phakathi kwezinhlobo zama-eseyi. (12)


2. Veza umehluko ngokwemikhakha emibili yengxoxo (8)
/20/

UMBUZO 5
Phendula imibuzo olandelayo ngokucophelela

1. Izincwadi zabantwana zinomnikelo omkhulu ekulolongeni umntwana ngesikhathi bekhula.


Ngabe ziwenza kanjani lo msebenzi lezi zihlobo zezincwadi? Chaza ngezibonelo. (10)
2. Bhala inganekwane emfushane eyodwa, bese uveza ukuthi qhaza lini elingabanjwa yiyo
empilweni yabantwana? (10)
/20/
ISAMBA: [100]

21
8 ISIPHETHO

Ungangabazi ukuthinta abafundisi bale mojuli nge-imeyili uma uhlangabezana nenkinga


ngolwazi lwale mojuli noma lokho okuqukethwe yile ncwadi yemiyalelo (tutorial letter).

Sikufisela okuhle kodwa kanye nempumelelo ohambweni lwakho lwale mojuli, siyethemba
nokuthi uzoyiqeda ngempumelelo le mojuli.

Okuhle kodwa!

Igama lomfundisi: Dr M.C. Myeza


Ibhilidi nehhovisi: WMM: 7-43
Inombolo Yocingo: 012 429 6017
I-imeyili: myezamc@unisa.ac.za

9 IMIBUZO EJWAYELE UKUBUZWA

Abafundi bangabuza imibuzo abanayo ngokusebenzisa imininingwane yokuxhumana


yomfundisi wabo, enizekiwe ngenhla kule ncwadi yemiyalelo (tutorial letter).

10 IMITHOMBO ESETSHENZISIWE

Imithombo esetshenzisiwe iyefana naleyo enikeziwe phansi kwesihloko sezincwadi zolwazi


lokwengeza.

11 I-ADENDAMU

Ayikho i-adendamu kule ncwadi yemiyalelo (tutorial letter).

22

You might also like