You are on page 1of 4

ITHASKHI YESI-4

AMA-ORALI:
INKULUMO
ELUNGISELELWE:
(20)
[Ukulungisa amaphutha nokwethula]

ISIZULU
IBANGA 10

IMIPHUMELA YOKUFUNDA
• Ukulungisa amaphutha nokwethula inkulumo elungiselelwe (Editing your mistakes and
present your prepared speech).
• Ukusebenzisa izihlanganiso emushweni (Using conjunctions in a sentence).
• Ukusebenzisa isichazamazwi (Use a dictionary).

IMIYALELO

• Lungisa amaphutha kwinkulumo elungiselelwe oyibhale ku mojuli 10, bese wethula


inkulumo yakho usebenzisa ividiyo noma uzirekhoda uyethula.
• Ungaziguquli izinombolo zibhale njengoba zibhaliwe ephepheni lemibuzo.
• Inani lamagama kufanele libe yi-100 kuya kwayi-120.
• Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo.
• Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuphendula imibuzo.
• Isibalo esiphelele samamaki omsebenzi ngu-20.
• Lona ngumsebenzi we-SBA, ngalokho-ke kubalulekile ukuthi owenze njengoba
uzobalela kwimaki lakho lokugcina.
• Bhala izimpendulo zakho ngesandla sakho ephepheni. Sicela uqinisekise ukuthi uyasifaka
isimemezelo esingenzansi, kanye nenombolo yakho yomfundi. Qaphela ukuthi
umsebenzi wakho ngeke umakiwe uma ungabhalwanga ngesandla.

ISIMEMEZELO

Ngiyazisa ukuthi wonke umsebenzi kulo msebenzi ungowami, futhi ngibalule noma yimiphi
imithombo engiye ngabonisana nayo, ngaphandle kwempahla yokufunda enikeziwe. Angizange
ngikopele njengoba kuchazwe kwinqubomgomo yokukopela.

Student signature
INKULUMO ELUNGISELELWE
Bhala inkulumo elungiselelwe
Makuvele lokhu:
• Isihloko: Inkulumo yethulwa ngubani, uhlobo lomcimbi nosuku.
• Ukubonga ithuba nokubingelela izethameli ngezikhundla zazo.
• Ukungenisa inkulumo yakho unamathele engqikithini ozoyixoxa.
• Emzimbeni ubonga izethameli ngokuvela kwazo.
• Ukuphetha ngokunikeza ugqozi entsheni ukuthi ayiqhubeke nokuzinikela ekubeni
izibonelo ezinhle emphakathini.
• Ukuvalelisa ngokubonga ithuba lokuba isikhulumi.

Umfanekiso 1: Ukwethula inkulumo.


UMSEBENZI WOMFUNDI

Isihloko 1.1 [20 amamaki]

Ukhethiwe esontweni ukuba wethule inkulumo elungiselelwe njengoba kade niye ekhempini
ngephasika ukuze abazali baphinde banivumele nangokuzayo.

Isihloko 1.2 [20 amamaki]

Ukhethwe umqeqeshi wakho wezemidlalo ukuthi ulungiselele inkulumo ezogqugquzela


ozakwenu mayelana nomqhudelwano ozayo.

Isihloko 1.3 [20 amamaki]

Njengomfundi wendawo oziphatha kahle kulesi sikole ophumulela ngamalengiso, isikole sihlele
umcimbi wokufundisa abafundi ngobuqhwaga baku-inthanethi. Ucelwe ukuba ube ngomunye
wezikhulumi kulo mcimbi. Bhala inkulumo elungiselelwe ozoyethula kulo mcimbi.

Important instructions for once your video has been recorded:

• Upload your video to your UCT OHS Google Drive.


• Once uploaded, right-click on the video and select “Get Link”.
• Under get link, click on “Restricted” and change it to “Anyone with link”.
• Click “Copy link” and paste it below.

https://drive.google.com/file/d/10dvK17bc76nKSN_UDnIwXJIJxg1WnY3n/view?usp=sharing

https://drive.google.com/file/d/18smg19SuowozidW47MYD4IRhSIkOptwz/view?usp=sharing.

ACTIVITY END

You might also like