You are on page 1of 134

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA

IBANGA LE-12

IBHUKU LOKUBUYEKEZA

#7 SIYABUYEKEZA

IPHEPHA-2

BOOK-2/2023
ISETHULO

UMnyango WeMfundo KwaZulu-Natali ngezwi loMqondisi wakwa FET ngezandla zabeluleki besifundo
soLimi lwesiZulu bethula le nsiza kufundisa nokufunda ehlose ukwelekelela ekufukuleni izinga
lokuphunyelelwa ngamalengiso kwesiZulu esifundiswa ngaphansi kohlelo luka-CAPS (Tahfuzwe). Leli
bhuku liyinsiza edinga ukwesekelwa ngezinye kepha engumhlahlandlela ekufundisweni kwalezi zinto
ebezingekho olimini esezifakwe ngokohlelo lwemfundo esekwe emiphumeleni. Lo ngumngenela ohlose
ukwelekelela uthisha ezingqinambeni abhekana nazo nsuku zonke ekufundiseni kwakhe.
Abeluleki bayoba abachasisi balokhu njengoba bezobamba izinkuthaza kwenza ezigodini zabo.

INHLOSO NGQANGI
UKUBUYEKEZWA NGENHLOSO YOKUTHOLA IMIPHUMELA EMIHLE NAMAMAKI
ASUKELA
KU-40%

OKUQUKETHWE AMAMAKI UKUPHAWULA

01 Imibuzo ephansi/elula 40% Bonke abahlolwayo kubhekeke bawathole/bawathathe


wonke la mamaki. Akekho ohlolwayo okulindelke
athole okungaphansi!

02 Imibuzo 40%
ephakathi/esendimeni

03 Imibuzo 20%
elphezulu/ephakeme

Inkomba # Kubhekiswe kulabo abathola amamaki aphansi naphakathi

» Kubhekiswe kulabo abathola amamaki aphezulu

å Kubhekiswe kubo bonke abafundi

IPHEPHA LESIBILI

06 Amasu -Umqondo (Osobala,ocashile),Indikimba,imifanekisomqondo,ukukhethwa


okuhluza kwamagama.ithoni,umoya wenkondlo,
izinkondlo imigqa,amagama,amabinza,isigqi,ukuxhumana,imvumelwano,impndwa,
å ukuphindaphinda,enjambment nesizura

07 Izinkondlo - umbuzo omfishane 10


-Imibuzo ephansi/elula 04 #
-imibuzo ephakathi 04 #

1
-Imibuzo ephakeme 02 »

08 Izinkondlo – umbuzo omude 10

09 Amasu okuhluza : Umdlalo 25 Isakhiwo


nesakhiwana,udweshu,abalingiswa.ukulandelana
: Inoveli kwezigameko,umoya nethoni,
isizinda,umlandi,indikimba nomlayezo,
inkulumompendulwano,Isigameko esifihlelwe
å umlingiswa othile.

10 Imibuzo emifishane : Umdlalo+ 25


Inoveli
10 #
-Imibuzo ephansi/elula
10 #
-Imibuzo ephakathi
05 »
-Imibuzo ephakeme

KZN AVEREJI =64/80 #LEVEL 7 [80]

ISIQEPHU A = 24 ISIQEPHU B= 20 ISIQEPHU C=20

NB: Lolu uhlelo lokubuyekeza olusiza umfundi ahlele kahle ekuphenduleni iphepha-
eqikelela ukuthi angatholi amamaki angaphansi kuka 40% kulowo nalowo mbuzo
awuphendulayo.

Amamaki abhalwe ngokugqamile(bold) asho u 40% wemibuzo ephansi/elula.

Igilosari

Amagama okubuza asiza lapho kuphendulwa imibuzo

Itemu Incazelo

Nikeza Nika isizathu /amaqiniso/amaphuzu /imibono

Phawula Nikeza umbono ubhekise ngokushiwo ukuze uchaze. Uphawula kanjani?

(comment) • Gagula into/okubuziwe


• Chaza ngokubuziwe
• Sekela /ngokusesiqeshini/encwadini/enkondlweni
Qhathanisa Khombisa okufanayo nokungafani phakathi kwezinto, umqondo noma
(compare) isenzeko

Yamanisa Khombisa okufanayo nokungafani phakathi kwezinto, umqondo noma


isenzeko. Uqhathanisa kanjani?

Qhathanisa Uqhathanisa okunikeziwe nalokho okwaziyo


(compare and
contrast)

2
Xoxa Xoxa ngesigameko…

Xoxa Xoxa ngamafuphi indaba njengoba injalo


kafushane

Xoxa Xoxa ngokuphumelele kombhali…..

Hlanganisa Uthatha uhlanganise okunikeziwe ezindaweni ezingefani ukubeke


okufanayo ngamagama akho ndawonye

Tomula Khipha, thola noma khetha impendulo; shono izimpawu ezisemqokaname


the essential characteristics

Humusha Chaza ngokunikeza uvo, umbono wakho

• Uyayisho
• Kudalwa yini
• Imiphumela yakho iyini
Shono/Yisho Yisho imbangela …

Sekela Nikeza izizathu

Gagula Nikeza igama lento ethile

Caphuna Bhala phansi njengoba kunjalo(encwadini) bese uwafaka kubakaki. (“ ”)

Hlolisisa Kungani into yenzekile. Uhlolisisa kanjani?


(critical
analyse) • Uyayisho
• Kudalwa yini
• Imiphumela yakho iyini
Yisho Bhala ngamafuphi, impendulo okuyiyonayona nenembayo.

Fingqa Bhala amaphuzu abalulekile kuphela.

Chaza Shono ngamagama amaphuzu abalulekile alokho


(explain) okwenzekayo/isenzeko/ucwaningo

Chaza Beka loko okubuziwe ngamagama ozicabangele wona


(describe)

Chaza Xoxa ubhekise esiqeshini ngokuba uhlele kabusha leyo mpendulo


kafushane
(Briefly
explain)

Imbangela Nikeza isizathu salokho/isenzeko esenzekayo endabeni

Umphumela? Bhala okwenzekile kudalwe isenzeko endabeni

Umthelela? Bhala ngokubuziwe ubhekise kokwenzekile nokuvelayo ngenxa yesenzeko


endabeni ubhekise nakulokho kokwaziyo

Ucabanga Veza uvo lwakho


(your own
view)

Ngabe izenzo Bheka indlela umlingiswa enza ngayo

3
Ngokwakho Veza uvo lwakho
ukubona

Umbono/ Veza uvo lwakho


Iqiniso

Ngabe Veza uvu lwakho


uyazwelana

4
QAPHELA:
Ngaphambi kokufunda lezi nkondlo ezingezansi uthisha kufanele agovuze abafundi
mayelana nesihloko senkondlo ngokubabuza imibuzwana ethile bese elandelisa
ngokukhetha amagama athile asenkondlweni ukuba bawachaze. Uma eseqedile
usengangena kuyona inkondlo
• Lolu uhlaka lokuhluza izinkondlo, kuningi uthisha angazitholela khona nabafundi
bebanga le-12.
• Amasu obuciko angezansi akusiza ekuqondeni inkondlo kangcono

QAPHELA :
Nakhu okulindelekile uma uhluza

Bheka uhlobo lwenkondlo welekelelwa okushiwo yinkondlo yonke.

Funda yonke inkondlo bese uthola ukuthi iyini indikimba yayo.

Izindikimba yizo imbongi ehlala icabanga ngazo kakhulu, bese kuthi lokho
akucabangile kubuswe inkolelo kanye nolwazi analo. Konke kwethulwa
ekuqaleni komsebenzi azibumbele wona.
• Izindikimba ezejwayelekile: uthando, inzondo, ubungane, ukuthengiswa,
ukulahlekelwa, ubuqhawe, umona, ubuhlanga, ubulili, ukuba nezinto
eziphathekayo, inkolo, ubugebengu, impi,ukuhlukumezeka njll
• Bheka wonke umqondo wakhe ngenkondlo, nokwenza umqondo mayelana
nombhalo wakhe.Kungaba nomqondo osobala nocashile.
• Bheka ukubumbeka kwenkondlo – imigqa yakheke kanjani, amavesi kanye
nefanamsindo.
• Bheka ukukhethwa kwamagama (ukukhethwa kohlu lwamagama
asetshenzisiwe).Zama ukuqonda amagama alukhuni asetshenzisiwe
nangendlela asetshenziswe ngayo emibhalweni.
• Ukuphinda kwamagama kugcizelelwa indikimba ethile.
• Bheka imifanekisomqondo ,izifengqo kanye nokusetshenziswa
kwemisindo ethile.
• Bheka umoya osenkondlweni? Zibuze ukuthi ingabe yimuphi umuzwa
umbhali wenkondlo awukhombisayo noma yethula siphi isimo?
• Bheka ithoni esenkondlweni? Zibuze ukuthi ngabe iphimbo lombhali
wenkondlo likhombisa siphi isimo?
Nakhu okungasiza abafundi ukuphendula imibuzo emifushane yezinkondlo
Kumele bakwazi ukuhleleka kwamazinga emibuzo(cognitive levels) kanye namamaki
emibuzo ayi-10 esewonke.
Isb:

5
Umbuzo
Umbuzo 2 Umbuzo 3 Umbuzo 4 Umbuzo 5 Amamaki (4)
2.1 3.1 4.1 5.1 1+3 / 2+2
2.2 3.2 4.2 5.2
Lena imibuzo ESOBALA edinga ukuba babhale izimpendulo bezithathe ngqo
enkondlweni.
Umbuzo 2 Umbuzo 3 Umbuzo 4 Umbuzo 5 Amamaki (4)
2.3 3.3 4.3 5.3 2+2
2.4 3.4 4.4 5.4
Lena imibuzo EMAPHAKATHI edinga ukuba babhale izimpendulo
abazicabangela zona ezingekho enkondlweni KODWA bebe besebenzisa ulwazi
lwenkondlo KANYE nolwazi lwabo lalwokho abuzwe ngakho.
Isib: Mhlawumbe kubuzwa ngesingathekiso, umqondo osobala, ukuxhumanisa,
impindwa njll
Kumele akwazi ukuthi kuyini lokho ukuze akwazi ukuphendula.
Umbuzo 2 Umbuzo 3 Umbuzo 4 Umbuzo 5 Amamaki (2)
2.5 3.5 4.5 5.5 2

Lena imibuzo ESEZINGENI ELIPHEZULU edinga ukucabanga okujulile uma


iphendulwa ngamacala wonke bese beqhamuka nesisombululo nokutji NOMA
bakwazi ukuncoma / ukugxeka amakhono ehlukahlukene emibhalo.
Isib: Ukusetshenziswa kolimi, ukubhaleka kwenkondlo (isitayela) imibhalo njll.
Umbuzo: ‘Phawula ngekhono lembongi ekusebenziseni …’
Impendulo: Imbongi iphumelele kahle ekusebenziseni ikhono….’
QAPHELA: Uma uphendula uqala ngezinkomba zombuzo

Naku-ke olumele abafundi bakwenze ngaphambi kokuphendula imibuzo


A
Fundisisa umbuzo wenkondlo
Dwebela wonke amagama ayizinkomba zemibuzo.
Isib: Chaza…, Chaza kafushane…, Shono/ Yisho…, Nikeza…, Tomula… Gagula…,
Qhathanisa okungafani…, Hlanganisa okufanayo/okungefani…, Yini inhloso…, Siyini
isizathu…,Ngabe imbongi iphumelele kanjani…, Hlolisisa/ Humusha
ukusetshenziswa kwemigqa…, Phawula…/ Phawula ngokuhlolisisa …njll

6
Dwebela wonke amagama asho okubuzwayo.
Isib: i-enjambamenti, ukuphindaphinda, isifengqo, umoya wenkondlo, ukuxhumana,
imvumelwano, imigqa, umqondo wenkondlo, izimo zokukhuluma, ifanamsindo njll.
Thola incazelo yezinkomba zemibuzo ekubhulethi yesi-2.
Isib: Chaza (explain) impendulo kumele uyibeke ngawakho amagama
Chaza kafushane (Briefly explain) impendulo esesiqeshini/ enkondlweni kodwa
kumele uyihlele kabusha.
Phawula (comment) impendulo mawuqale ngokuchaza ukuthi yini lena ebuziwe,
uyigagule bese uyayichaza(uphawula kanjani?).
Qhathanisa (compare) impendulo yakho uyibhekisa ezintweni ezimbili nangaphezulu
ezibuziwe (uqhathanisa kanjani?)njll
Thola incazelo yokubuzwayo kwibhulethi yesi-3.
Isib: Yini i-enjambamenti. Yini ifanamsindo njll.
B. Amasu obunkondlo
Imibuzo engama-99% noma YONKE ibuza ngamasu obunkondlo
Isib: Umqondo osobala, umqondo ocashile, umoya wenkondlo,indikimba kanye
nomyalezo, imifanekisomqondo(izifengqo, ukukhethwa kwamagama, ithoni, amasu
obuciko,imvumelwano, ukuphindaphinda, amagama
,amabinza,ukuxhumana,izimpawu zokuloba,impindwa,umoya
wembongi,isigqi,amasu okusebenzisa umsindo,i-enjambamnenti njll.)
Ngakho-ke kubalulekile ukuba abafundi bawazi wonke amasu okubunjwa
kwenkondlo okungaba okwangaphakathi/ okwangaphandle.
Indlela Okulindeleke Ukuba Umfundi Aphendule Ngayo Imibuzo:
Qalisa impendulo yakho ngokubuziwe:
Chaza kafushane ukuphindaphinda kwegama elidwetshelwe enkondlweni. (3)
. Impendulo: Ukuphindaphinda kwaleli gama kuchaza… √
. okudalwa ukuthi… √
. futhi… √ (kuthathu okuchazayo ngoba namaphuzu ma-3)

Chaza ukuthi ukusetshenziswa kwesifengqo ebinzeni lesi-2 kukwelekelele kanjani


ekuqondeni kwakho leli binza? Sekela impendulo yakho.(2)
. Impendulo: Lesi sifengqo esiyihaba√ singelekelele ukuba ngiqonde ukuthi… √
(kubili okushoyo ngoba namaphuzu mabili)

Hlanganisa okufanayo ebinzeni lesi-2 nelesi-6 ukugqamisa indikimba yenkondlo.


(3)
. Impendulo: Okufanayo ukuthi la mabinza agqamisa indikimba…√
Ibinza lesi-2 likhombisa…√ kanti nebinza lesi-6 ligqamisa….

7
QAPHELA:
Imifanekiso mqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama/ sigejane samazwi esithi uma siwafunda
enkondlweni kwakheke umfanekiso/ isithombe salokhu imbongi ekushoyo
emqondweni.
Le mifanekisomqondo ilethwa izifengqo ezilandelayo: Uphawu, isingathekiso,
isifaniso, isenzasamuntu.
La magama kungaba yizinzwa ( ebonakalayo, ezwakalayo, enambithekayo,
ethintekayo kanye nehogelekayo),yizifenqo,amagam acebile kanye nezimo
zokukhuluma( izisho nezaga).

Uju Lwezinkondlo by ZE Sithole and NA Mahaye


INKONDLO UMBHALI
1. Izingxabo Zomyezane E J Mhlanga
2. Isiziba Senhlakanipho E J Mhlanga
3. Ukuthula B W Vilakazi
4. Imvelo K N N Gcumisa
5. Musani M S S Gcumisa
6. Impi S R C Shongwe
7. We Sinximfi Ndini M S S Gcumisa
8. Idwala likaShaka J M Sikakane
9. Uthunywe ngubani? K N N Gcumisa
10. Zinqwele ze-Afrika Imbongi Ayaziwa
11. Ucu Olumhlophe C T Msimang
12. Ithala Lobunzulu E J Mhlanga

8
UKUKHETHWA KWAMAGAMA 1.IZINGXABO ZOMNYEZANE

Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama athile


anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule
nkondlo imbongi ikhuluma ngendikimba yemfundo, ngakho ke sibheka amagama ekhehthe
ukuwasebenzisa ukugqamisa ubuhle nokubaluleka kwemfundo.
Izingxabo - Leli gama lisho izimpande zesihlahla. Lisetshenziselwe ukugqamisa imfundo
ejulile nolwazi olusabalele olufiswa/olulangazelelwa ukuzuzwa yimbongi.
Ukudepha kwelenjulo – Ukudepha kusho ukujula ushone phansi. Imbongi igqamisa ukufisa
kwayo ukufinyelela emfundweni ejulile, yekhethelo.
Utatalambu -Isiziba esishonayo. Imbongi ifisa ukufunda ize ifinyelele ekucebeni ngemfundo
yekhethelo nenzul, ibe nolwazi olusabalele.
Kuyingcebo yomhlaba nezulu - Isingathekiso Igqamisa ukuthi uma unemfundo usuke
usunothile ngolwazi lokho okuyokwenza ukwazi nokumelana nezimo zonke
ongahlangabezana nazo emiplweni.
Kuyisiyalu -Isingathekiso. Isiyalu yilapho kusuka/ kuqala khona umthombo
Igqamisa ukuthi impilo enethezekile iphelela uma unemfundo ngoba imfundo iyisiqalo
nesisekelo sempilo emnandi. Imbongi ingathekisa izikhungo zemfundo nesiyalu bese
umthombo sekuwulwazi oluyohlala njalo lukusiza impilo yakho yonke.
Ompompoza - Ukugeleza komfula. Imbongi igqamisa ukuthi ulwazi ludluliselwe kwabanye
nokuthi uma usunalo uyohlale unalo alupheli.
Ngilubalubela - Isifiso esikushisa ngaphakathi nesikuqhubela ukuthi uqhubeke nento ofisa
ukuyenza uze uyizuze. Imbongi igcizelela intshisekelo yayo ekuqhubekeni ifune imfundo
enzulu neyekhethelo ingaphazanyiswa yilutho esifisweni sayo.
Ukugxila - Ukuhlala unganyakaziswa yilutho. Imbongi iveza isifiso enaso sokubhekana
nemfundo kuphela ingaphazanyiswa yilutho, inamathele kuyo.
Ukuzinza -Ukunethezeka, ungahlushwa lutho. Leli gama lisinika umqondo wokufuna/
wokufisa ukuhlala, igxile, inethezeke emfundweni ingaphazanyiswa yilutho.
Ngijabul’ unomphela - Lisinika umqondo wokuthi imfundo iyoyinika/ iyoletha injabulo
empilweni yayo yonke.
Ukudons’ amanz’ ezinkalweni - Imbongi isebenzise isisho ukugqamisa ukumunca/
ukuthekela imfundo nasezindaweni ezikude (okuyizikhungo zemfundo) ezikude
nezahlukahlukene.
Ngikhephuzel’ uhlaza - Ukuqhakaza nobuhle bamaqabunga nezimbali. Asetshenziselwe
ukuveza ukuthi usefunde wagogoda, useyayikazela ngeziquzuqu ngenxa yokufunda azuze
ulwazi olunzulu.
Ubusika nohlobo - Izikhathi zokushintshashintsha zonyaka. Imbongi izisebenzisele
ukugqamisa ukuthi noma ngabe ibhekana nasiphi isimo empilweni( esimnandi nesinzima)
ngemfundo eyizuzile iyokwazi ukuphila.
Imvunge yemvelo - Inzwa yokulalela/ yokuzwa. – Ukwenanela kwemvelo.
Imbongi igqamisa umuzwa wenjabulo oba khona uma kuwumkhosi wokwethweswa kweziqu
benanela ukuzuza impumelelo.

9
Ingoma kaqinadolo - Umkhosi wokuqala ukudla okusha. Imbongi isivezela ukuthi ukuzuza/
ukwethweswa iziqu unika ithemba lekusasa eliqhakazile elilethwa impumelelo emva
kokufunda.
Imingamanzi - Ukumunca amanzi. Imbongi ilisebenzisele ukunikeza umqondo wokuncela/
wokwethekela ulwazi / imfundo.
Ngigcule - Lisho ukujabula, futhi lisho ukweneliseka komphefumulo uma usuzuze into
obekade uyilangazelela isikhathi eside Leli gama liqukethe umqondo wenjabulo ngokufunda
igogode, izuze impumelelo ngokuthola ulwazi/ imfundo eyanelisayo ebikade iyilangazelela.
Ngivunilis’ubuchopho ngohlaza.- Isenzasamuntu. Lesi sifenqo imbongi isisebenzisele
ukusivezela ukuthi iyohloba, inothe ngolwazi nangemfundo entsha eyincelayo ekujuleni
nengeyekhethelo.
Ayonginqwambis’ okweqhawe.- Isifaniso. Ukunqwamba kusho ukwembeswa. Imbongi
iveza umnqondo wokuthi iqhawe umuntu onqobile waphumelele, wahlabana. Kanjalo
nalapha kuvela umqondo wokuphumelela emfundweni, uthweswe iziqu ngokuhlabana
ngemfundo.
Imithombo yeziziba – Yilapho okuqala khona umfula/isiziba. Imbongi isivezela umqondo
wokuthi ulwazi/ imfundo eyincela/eyithekela emithonjeni okuyizikhungo zemfundo
iyoyisebenzisa impilo yayo yonke ingabe isahlupheka noma isaswela.
Ngigiye ngiqephuze ngosiba – Igama ‘usiba’ lisho ‘ipeni’. Imbongi isebenzise usiba lwaba
uphawu lwemfundo Imbongi igqamisa umqondo wokujabula ngemfundo yekhethelo
ebiyilangazelela, yayizuza nokuthi lolo lwazi nemfundo iyoba usizo kuyo.
Ukuqoth’ uphoko nokhothe – Lokhu kusho ukugaya ummbila noma amabele awomisiwe.
Lokhu kwakwenzelwau kuthi ahlale isikhathi eside angonakali, abe umphako wendlela
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi imfundo/ ulwazi eluzuzile luyoba ngumphako wendlela
oluyoyisiza ukucijela izimo zempilo.
Nabazukulu badle kuchitheke inyongo - Imbongi iveza ukuthi le mfundo angeke isize
noma isebenzele yona nje kuphela kodwa kuyohlomula ngisho nesizukulwane esizayo.
Kuchitheke inyongo – Kusho ukudla kakhulu uze utshokoze-Isisho lesi esisho ukuhlala
ngokunethezeka. Imbongi igqamisa impilo engcono nemnandi eyolethwa ukuba nemfundo
eyokwenza nesizukulwane esizayo sinethezeke, sijabule futhi sibuse.
Bafinye ngendololwane -Isisho esichaza ukubusa. Ngalesi sisho imbongi isigqamisela
impilo emnandi, yokubusa negcwele injabulo ngenxa yemfundo.
Imbongi iphumelele kahle ukukhetha amagama agqamisa indikimba yemfundo yale nkondlo
ethi,” Izingxabo Zomnyezane”njengoba eveziwe kwabuye kwesekelwa ngenhla.
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ithi ilangazelela futhi inentshisekelo yokuphuza emthonjeni ojulile oyimfundo. Ithi
izuze imfundo ezoba usizo empilweni yayo yonke ikwazi nokuyilekelela ukumelana nezimo
zonke ehlangabezana nazo, ezimnandi nezinzima. Imbongi iphinde ithi ifisa ukuthi ngalolu
lwazi iklonyeliswe ngokuthweswa iziqu, iyijabulele imfundo eyizuzile. Ithi le mfundo iyoba
umphako wendlela okuyisinkwa sayo sokuphila esiyozuzwa nayisizukulwane siphile kahle,
sinethezeke.

Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.

10
Le nkondlo inomoya wokulangazelela nokujabula. Imbongi ilangazelela ukujula ngemfundo,
ithole/ izuze ulwazi olujulile lwekhethelo oluzoyisiza ezimweni ehlangabezana nazo.
Ilangazelela ukufunda igogode, yethweswe iziqu/iminyezane njengesifundiswa, ijabulele
imfundo eyizuze kwaNgqondonkulu.

Indikimba
Indikimba ummongo/ ingikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imfundo.

Umyalezo
Kubalulekile ukuzinikela ngokuphelele ungaphazanyiswa yilutho emfundweni yakho, ufunde
uze ugogode ukuze uphile impilo engcono nezonethezekisa nesizukulwane, sidle kuchitheke
inyongo.

Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokulangazelela nenjabulo. Nakuba ziziningi izimpawu
zokuloba kodwa lokho akusenzi sinense. Ukusetshenziswa kophawu lwe- Apostrofi;
ukweqiwa konkamisa kuningi nakho kuyasenza sisheshe isigqi.

Ithoni
Ithoni iveza ukufisa nokujabulela imfundo enzulu nolwazi olusabalele, isebenzise la
magama, “Ngilubalubal’ ukugxila kwelenjulo,”

Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.

Ukukhephuzela - inzwa yokubonakalayo.


‘Ukukhephuzela’ kusho ubuhle uma kukhulaikhala lommbila emasimini. Lisuke seluluhlza
kahle sekuzophuma nomsekuvela izikhwebu ezincane zommbila
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuhloba ngolwazi/ ukunotha ngemfundo. Iphinde
igqamise ukuthweswa/ukuyikazela ngeziqu ngenxa yempumelelo oyizuzile
Ukumpompoza-Kusho amanzi agelezayo. Inzwa yokuzwakalayo/yokulalelwayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi imfundo ayipheli uma usuyitholile iyogeleza
ngokuthi idluliselwe ezizukulwaneni nezizukulwane ezizayo.
Ukuqotha uphoko nokhothe –(ukugaya ummbila namabele awomisiwe): Inzwa
yokuthintwayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi imfundo iyokwazi ukucijela izimo ehlangabezana.

Izifenqo
Umugqa wesi -18, isifaniso
Lwamaqabung’ ayonginqwambis’ okweqhawe;
Imbongi izifanisa neqhawe ngokunqoba/ngokuhlabana emfundweni lapho isifunde yagogoda
isithweswa iziqu/ iminyezana ngokuphumelela kwayo emfundweni.
Umugqa wesi -4…..isingathekiso
‘’Kuyingcebo yomhlaba nezulu’’- Ingathekisa imfundo nengcebo, ukuthi uma unemfundo
unothile, usuke unakho konke okuyisidingo sokuphila.
Umugqa we – 13…Isenzasamuntu
Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
Imbongi igqamisa umsindo owenziwa imvelo nomsindo ozwakala uma kuwumkhosi

11
Izisho

Ukuchitheka kwenyongo ; umugqa wama-22

Ukuhlala ngokwenethezeka. Lesi sisho imbongi isisebenze kahle ukugqamisa ukuthi


ngemfundo ezuzwe imbongi nezizukulwane nazo ziyophila kahle nangokunethezeka.
Ukugiya uqephuze ngosiba; umugqa wama-20
Imbongi isebenzise usiba lwaba uphawu lwemfundo. Imbongi isigqamisela injabulo eyoba
nayo ngemfundo eyizuzile esikhungweni semfundo nokuthi iyoyisebenzisela ukusiza
nabanye.
Ukufinya ngendololwane; umugqa wama-23
Ngalesi sisho imbongi isivezela ubumnandi bempilo nempilo enethezekile eyoba khona
ngenxa yemfundo, nezizukulwane ziphile kahle, zibuse.

Enjambamenti
Umugqa we - 13 kuya kowe -14.
Umqondo uqala emgqeni wesi-13 uphelela emgqeni we -14
Imbongi isebenzise umsindo wokuvungama kwemvelo ukusigqamisela umsindo omnandi
womculo olethwa ukujabula kwabantu ngenxa yeziqu abazizuzile nethemba lekusasa
eliqhakazile.

Impindwa
Ngilangazelel’ ukudepha kwelenjulo/Ngilubalubela ukugxila kwenjulo
Le mpindwa iqukethe umqondo wokugcizelela ukufisa nentshisekelo yembongi ukuthola
imfundo nolwazi olunzulu nolusabalele.

Imvumelwano siqalo
Umugqa wama -20 kuya kowama -21
Ngigiye ngiqephuze ngosiba lwakwaNgqondonkulu,
Ngiqoth’ uphoko nokhothe lwendlela,
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
ikhuluma ngayo uqobo. Imbongi iveza injabulo ngokuzuza impumelelo emva kokufunda
iphinde ithi imfundo iyoyilekelela, ibe wusizo empilweni yayo yonke.

Umugqa we-11 kuya ku-13


Ngifunde ukudonsa amanzi ezinkalweni,
Ngikhephuzel’uhlaza ubusika nehlobo,
Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
Imbongi isebenzise futhi imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo
omnandi ukugqamisa ubumnandi bemfundo

Imvumelwano sigcino
Umugqa we-15 nowe-16
Ngilangazelel’ukudeph’okujulile
Kulezo zimpande zemingamanzi ngigcule
Le mvumelwano sigcino ilethe umgqumo omnandi,umqondo
ogcizelekayo yiwo wokulangazelela imfundo ejulile

Ukuxhumanasiqalo
Umugqa we-9 nowe-10
Ngizinz’ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
Ngizinz’ekuthuleni ngijabule unomphelo,
Ngalokhu kuxhumana imbongi igcizelela ukufisa kwayo ukujula ngemfundo ze ithole injabo
nokwaneliseka, futhi igcizelela umqondo wokuthi ifuna ukuhla emfundweni unomphela
ingabe isasuka

12
Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:
UMBUZO 1
1 Gagula bese utomula ukuxhumana okutholakala ebinzeni lesi-2. (2)
2 Chaza kafushane isigqi esitholakala kule nkondlo. (2)

3 Ngabe umfanekiso mqondo oqukethwe umugqa we -18 ukwelekelela


kanjani ukuqonda indikimba yale nkondlo. Sekela impendulo yakho?
(2)
4 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa i-enjambament emgqeni we
13 kuya kowe -14? (2)
5 Xoxa ngempumelelo yembongi yokusebenzisa impindwa kule nkondlo (2)

IZIMPENDULO
1 Ukuxhumana okusekuqaleniü
Ngizinz’ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
Ngizinz’ekuthuleni ngijabul’unomphela, ü (2)
2 Isigqi sale nkondlo siyashesha ngenxa yomoya wokulangazelela ükanye
nokweqiwa okuningi konkamisa nakuba imigqa yale nkondlo ivalekile.
Imbongi ilangazelela ukuthola ulwazi olubanzi. ü (2)

3 Umfanekiso mnqondo oqukethwe umugqa wesi -18 ‘ayonginqwambisa’


umfanekisomqondo oyisenzasamuntu, ü ungilekelele ukuthi ngiqonde
indikimba yemfundo nokugqamisa ukuthi imbongi isiphumelele, yahlabana
manje isithweswa iziqu/ imiyezana ngemfundo eyizuzile. ü (2)
4 Inhloso yembongi yokusebenzisa i- enjambamenti ukuqedela
nokuxhumanisa umqondo oqale emgqeni we-13 kuya kowe-14. ü Imbongi
igqamisa umsindo wenjabulo obakhona uma kwethweswa iziqu okunikeza
ithemba lekusasa eliqhakazile. ü (2)
5 Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa impindwa ethi, “Ngilangazelela
ukudepha okujulile” üukugcizelela ukufisa kwayo ukujula ifune imfundo
enzulu nolwazi olusabalele. ü (2)

[10]

13
2.ISIZIBA SENHLAKANIPHO
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ukukhethwa kwamagama kuba Amagama asetshenziswe imbongi enkondlweni ngenhloso
yokugqamisa okuthile.
Kusempondozankomo- Kusuke kusayisikhathi sasekuseni kakhulu kusemnyama imibala
yezinkomo ingabonakala, kepha zisabonakala ngokumisa kwezimpondo zazo kuphela.
Imbongi lapha igqamisa ukuthi abafundi bayavuka ngalesi sikhathi bazilungiselele ukuya
esikhungweni semfundo beyothola ulwazi.
Amaqele- izindawo ezingakhele imizi yabantu kumbe ezinganayo imizi yabantu ezibizwa
ngokuthi izinkalo/ izinkangala/ amadlelo. Imbongi lapha igqamisa ukuthi umfundi
uyahamba endaweni yangakubo eyofuna imfundo kwezinye izindawo ezikude nekhaya
lakhe.
Impambankwici- indaba emxakayo noma emdidayo oyilalele uma ixoxwa kumbe
engakholakali. Imbongi lapha igqamisa ukuthi abafundi luyabadida abanye ulwazi abaluthola
esikhungweni semfundo, lokhu okwenza ukuthi bangaphumeleli kwezinye izifundo. Imbongi
iphinde futhi igqamisa ukuthi imfundo iyadida ngoba akukho lapho umuntu angathi usefunde
ngokwanele usazi yonke into.
Impicabadala- indaba emxakayo noma emdidayo oyilalele uma ixoxwa kumbe
engakholakali. Imbongi igqamisa ukuthi imfundo iyinkinga kubantu abancane nakwabadala
ngoba ngisho noma ufundisiwe, kepha luyakhohleka ulwazi olufundile. Imbongi inethemba
lokuthi noma seyidlulile emhlabeni abasele bayokwazi ukuthola iqiniso ngokujula
kwemfundo.
Ngobhaqa- uhlobo oluthile lotshani oluqinile. Emandulo abantu abampisholo balusebenzisa
lolu hlobo lotshani njengesibani ukukhaniyisa endlini. Imbongi isebenzise leli gama
njengophawu olukhombisa ukukhanya empilweni yomuntu okwenza akwazi ukuhlela kahle
impilo kanye nekusasa lakhe.
Osebeni- kulapho kuqala noma kuphela khona umfula kumbe ulwandle. Imbongi igqamisa
ukuthi owabo bashiya ukufunda ngasekuqaleni, kepha yona imbongi yaqhubeka nokufunda.
Lokhu imbongi ithi kugcina sekuyixabanisa nowabo uma sebeyibona seyifundile kube
sengathi izibona seyingcono kakhulu kunowabo.
Umhlandla- indawo ebizwa ngokuthi umhlane ingemuva emzimbeni womuntu. Imbongi
iyabalisa ukuthi iyokuthola nini ukuphumula komzimba ngoba usuyazwela ukukhathala
ngokuba ihlezi ihleli ifunda njalo.
Imfumbe- into eyinkinga/ eyindida/ exakayo. Imbongi inethemba lokuthi noma seyashona
abasele bayoqhubeka bafunde baze balithole iqiniso noma ulwazi ngale ndida eyimfundo.
Nzibase- ulwazi olubanzi. Imbongi ifuna ukuzanelisa ngolwazi eluthola esikhungweni
semfundo.
Njulase- ulwazi olujulile. Imbongi isebenzise isenzasamuntu ukugqamisa ukuthi ulwazi
oludephile olutholakala esikhungweni semfundo.
Isiziba- indawo enamanzi amaningi emfuleni edephile noma ejulie / okushona phansi
kakhulu kuyona. Imbongi ibuka isikhungo semfundo njengendawo enolwazi oludephile.
Izihlabathi- uhlobo lwenhlabathi okuvame ukuthi kungamili izitshalo ezidliwayo kuyo.
Imbongi isebenzise isihlonipho ‘izihlabathi’ ngenhloso yokugqamisa ukuthi umfundi ufika
esikhungweni semfundo engenalo ulwazi olwanele.

14
Amanzi- uketshezi esiluthola emuva kokuna kwemvula. Luletha impilo ephelele
ezitshalweni, kubantu nasezilwaneni. Imbongi isebenzise amanzi ukukhombisa ukubaluleka
kolwazi oluzuzwa umuntu ngemfundo.
Ngobuqhawe- yilapho umuntu ehlabene kokuthile abekwenza. Imbongi lapha isebenzise
igama ‘ngobuqhawe’ ukugqamisa ukuphumelela komfundi ezifundweni abezenza.
Yokudepha- indawo ebanzi ejulile. Imbongi isebenzise leli gama ngenhloso yokugqamisa
ubukhulu bolwazi oluzuzwa abafundi ngemfundo.
Ugobhoza- ukuhamba sakugijima koketshezi. Lapha imbongi iqhathanisa ukugeleza
kwamanzi okunganqamukiyo njenganolwazi olutholakala emfundweni mihla namalanga.

AMASU OKUHLUZA INKONDLO


Umqondo
Kuba yilokho inkondlo ekhuluma ngakho. Umqondo wale nkondlo uhlukene kabili kukhona
umqondo osobala kanye nomqondo ocashile okuyiwona esithola kuwo indikimba
yenkondlo. Umqondo wale nkondlo imbongi iveza ilaka layo lokulangazelela ukufunda
kanye nokucoma iqhaza lemfundo ekuzithuthukiseni ngolwazi. Imbongi iphinde
ibenethemba lokuthi noma ingadlula emhlabeni abasele bayokwazi ukuqhubeka
nokufunda baze balithole iqiniso ngokujula kolwazi lwemfundo.
Umoya
Kuba umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso ngesikhathi iqamba noma ihaya inkondlo.
Umoya wale nkondlo uxubile inomoya wokulangazelela kanye nowokukhathazeka.
Imbongi ithi ivuka ekuseni kakhulu ngovivi izilungiselela ukuyofunda ngoba ilangazelela
ukuthola ulwazi lwemfundo okuyilona oluyoyisiza ukuzakhela ikusasa eliqhakazile.
Imbongi iphinde iveze ukukhathazeka ngenxa yokuthi ayazi ukuthi kunini lapho iyothola
khona ukwaneliseka ngolwazi eluthola emfundweni ngoba kade kwasa ifunda, kepha
ayikakutholi ukwaneliseka ngolwazi esalutholile. Lokhu kugcina sekuyinika ithemba lokuthi
hleze abayosala emva kokuba seyashona bayosala balithole iqiniso lokujula kolwazi
lwemfundo
Indikimba
Kuba umomgo wenkondlo/ inhliziyo yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho
ngegama elilodwa noma ibinzana lagama. Indikimba yale nkondlo imfundo.
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi uma uqala into uzimisele ngayo, uyifune uze uyithole.

Isigqi
Kuba ukuhleleka nokubumbeka kwemigqa kanye namabinza enkondlo. Isigqi sale nkondlo
siyashesha nakuba imigqa eminingi ivalekile ngenxa yomoya wokulangazelela.
Ithoni
Iveza ukufisa nokulangazelela ukuthola ulwazi oludephile lwemfundo. “Ngithungathana
nenjabulo yokudepha”
Imifanekiso mqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso

15
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo, inzwa yokuhogelekayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta) Izimo zokukhuluma (izifengqo,izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.
Izinzwa
Ngithwele izihlabathi -izinzwa ethintekayo—Imbongi isivezela ukuthi yaphuma ekhaya
iya esikhungweni semfundo ingenalo ulwazi olwanele.
Ngiyoncela manzi ngobhaqa – ethintekayo/enambithekayo—Imbongi ibhekise
ekutholeni ulwazi esikhungweni semfundo ephakeme
Engisigeza ngamanzomfula –inzwa ethintekayo—Imbongi igqamisa ukuthi namanje
isaqhubeka noma ayikaqedi ukuhlela lolu lwazi.
Olokhu kwasa ugeleza –inzwa ebonakalayo – Imbongi igqamisa ukuthola ulwazi lwento
eqhubekayo ehlala yenzeka.
Besizodobela inhlanzi ngodobo –inzwa ebonakalayo/ethintekayo ---Imbongi iveza
ukuthi abangani bayo basheshe bayeka noma bakhathala
Komzimba osufok’ umhlandla --inzwa eboakalayo---Imbongi iveza ukukhandleka
komzimba ikakhuklukazi umhlane wona ozimela ngawo uma uhleli ufunda

Izifengqo
Isenzasamuntu
Sizib’ esijulile Njulase
Ngisuthisa wena kwakho Nzibase Nzulase
Imbongi ibhekise emazigeni aphakeme ize iyibize ngamagama njengomuntu.
Isingathekiso
Uyimpambankwici we Njulase
Ngoba namuhla uyimpicabadala—Imbongi igqamisa imfundo ngalamagama adidayo
ukuveza ukuthi imfundo inamandla kangakanani.
Enjambamenti
Umugqa wesi-14 kuya kowe- 15
Umqondo uqala emgqeni we-14 uphele emqeni we-15. Imbongi ibuza ukuthi kunini lapho
iyofika khona ekugcineni/ noma yaneliseke ngemfundo.

Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Umugqa wesi-6 kuya kowesi -7
Ngiyoncelamanzi ngobhaqa
Ngisuthisa wena Nzibase
Impinda lapha iletha umgqumo omnandi osamculo ogqamisa ukuthi imbongi iyothola

16
ulwazi esikhungweni semfundo ephakeme.
Imvumelwano maphakathi
Umugqa woku -1 kuya kowesi -2
Siziba esijulile Njulase
Ngiphum’ emzini kababa
Imvumelwano maphakathi lapha iletha umgqumo omnandi osamculo ukugqamisa
ukuzilungiselela kwembongi isuka ekhaya iya esikhungweni semfundo ephakeme.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1. Nikeza imigqa enemvumelwano etholakala emgqeni wesi-2 kanye nowesi-3 (2)
bese unikeza incazelo yayo.
2. Chaza kafushane umqondo oqukethwe umugqa wesi- 7 kuya kowe-9. (2)
3. Yini inhloso yembongi yokusebenzisa isikhawu noma isizura emgqeni we-14. (2)
4. Humusha umoya otholakala emgqeni wama-21 (2)
5. Hlaziya isigqi esitholakala ebinzeni lokuqala. (2)

IZIMPEBDULO
1. Nezinhlupheko zingihlupha,
Nempilo seyaba lugwadule, ü (2)
Imbongi isebenzise imvumelwano esekuqaleni eletha umgqumo osamculo
omnandi nokugcizelela izinkinga ebhekene nazo uma iyontongela ulazi
esikhungweni semfundo. ü
2. Umqondo oqukethwe umugqa wesi-7 kuya kowesi-9 ukuveza
ukuphatheka kabi kwembongi ngenxa yokungaphumeleli kwemizamo yayo
yokuthi ibuyisane nesithandwa sayo. üü
(2)
3. Inhloso yembongi yokusebenzisa isizura emgqeni we-14 ukuphumula ü ukuze
kugqamise isimo sokudideka ukuthi ayisazi okumele ikwenze ukuzama
ukubuyisa isithandwa sayo. ü (2)

4. Umoya otholaka emgqeni wama-21 umoya wokubalisa, Imbongi isebenzise


isimo sokukhuluma okuyisisho esithi, ‘sasingamathe nolimi’ü ngenhloso
yokugqamisa ukuzwana kwabo besathandana njengoba manje behlukene
bengasezwani. ü (2)
5. Isigqi siyanensa ngoba imigqa yonke ivalekile, futhi imbongi isenzise amagama
aletha umoya wethemba. ü Imbongi inethemba lokuthi njengoba isesikhungweni
semfundo izothola ulwazi phezu kolwazana enalo. ü (2)

[10]

17
UMBUZO 2
1 Tomula imvumelwano ebinzeni lokuqala bese uyayigagula. (2)
2 Chaza kafushane umqondo oqukethwe ibinza loku -1 (2)
3 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano emgqeni
wesi- 6 kuya kowesi -7? (2)
4 Ngabe imbongi iyisebenziseleni i-enjambamenti etholakala
emgqeni we-17 kuya kowe–18? (2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekugqamiseni indikimba
yenkondlo emigqeni wama-25 kuya kowama-26? (2)

IZIMPENDULO
1 Ngiyoncelamanzi ngobhaqa
Ngisuthisa wena Nzibaseü
Imvumelwano siqalo. ü (2)
2 Umqondo oqukethwe ibinza loku-1 owokuthi imbongi iveza ukuzimisela kwayo
ngemfundo. Ithi ishiya umuzi wakubo ukuze iyothola ulwazi olwanele
esikhungweni semfundo. ü (2)

3 Inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano siqalo emgqeni wesi-6 kuya


kowesi -7 u-‘ngi’ üukuletha umgqumo omnandi osamculo ukuze igcizelele ukuthi
yiyona imbongi uqobo eyofuna ukuthola ulwazi esikhungweni semfundo. ü (2)

4 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuze yethule umqondo oqale emgqeni we-


17 uze uyophela emgqeni we-18. ü
Imbongi igqamisa lokhu kulandela kwayo imfundo osekugcine kwayixabanisa
nontanga yabo. ü (2)

5 Imbongi iphumelele kahle ukugqamisa indikimba yemfundo ü


emigqeni wa-25 kuya kowama-26. Lapha imbongi ithi akukho okunye ekubonayo (2)
okungayisiza ngapahandle kokuthi izithuthukise ngolwazi lwemfundo. ü
[10]

UMBUZO 3
1 Nikeza isimo sokukhuluma esitholakala ebinzeni loku-1 bese uyasigagula. (2)
2 Xoxa kafushane ngomoya otholakala emgqeni wesi-6 (2)
3 Kungani imbongi ithi yaxabana nowabo emgqeni we-18? (2)
4 Hlolisisa isu lembongi lokusebenzisa i-enjambamenti emgqeni we-14 nowe- 15. (2)
5 Ake uncome ikhono lembongi lokusebenzisa igama elinothile emgqeni wama- 28
ukugqamisa ndikimba yale nkondlo.
(2)

18
IZIMPENDULO
1 Sizib’ esijulile njulaseü
Umbizi (ngoba ukhuluma naso ngqo)ü (2)
2 Umoya otholakala emgqeni wesi-6 umoya wokubalisaü ngoba
imbongi ikhalaza ngokuthi ihamba ekhaya kubantu ebaziyo
iye ezindaweni (ezikhungweni) ezikude kubantu engabazi (2)
iyofuna imfundo. ü
3 Imbongi ithi yaxabana nowabo ngoba bona bayeka ukufunda
kepha yona yaqhubeka yaphikelela nokufunda, manje lokhu bayibona sengathi
izenza ngcono kunabo njengoba seyiphumelele ngokwemfundo. üü
(2)
4 Isu lembongi lokusebenzisa i-enjambamenti kuwukuqedela nokuxhumanisa
umqondo osuka emgqeni we-14 kuya kowe-15. ü Imbongi igqamisa ukukhathazwa
ukuthi ayazi ukuthi lukuphi ulwazi lokujula kwemfundo. ü
(2)
5 Imbongi isebenzise kahle igama ‘imfumbe’ ukugqamisa indikimba yemfundo ukuthi
iyoze ihambe emhlabeni kungatholakalanga imfihlo yokuthi kunini lapho kwanele
khona ukufunda. üü (2)

[10]

19
3.UKUTHULA
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Sicambhalale- Ukulala ngokungenhloso yokuzumeka. Lapha imbongi isivezela ukuthi ifisa
ukuziphumulela ingcebeleke nesithandwa sayo ,ilale ibheke phezulu ezihlabathini
zolwandle.
Ufasimbe- Into eyinkungu eba semehlweni/ kube ulwelwesi olwenza ubuke lufifi. Lapha
imbongi igcizelela ukuthi lendawo efisa ukuthi bahlale kuyo kuba nenkungu edala bangaboni
ukuqala nokuphela kwezinto.
Ngiqumbelane- Ukugcwala umoya esiswini okwenza ungakhululeki. Lana imbongi
igcizelela ukuthi uma ikule ndawo ithola ukujabula okuphelele.
Usikisiki- Ugqozi/intsisekelo. Imbongi ithi izizwa yenelekisekile ngokuchitha isikhathi sayo
lapha olwandle.
Inhlokomo- Umsindo omkhulu ongethusi okhomba ukujabula. Olwandle kulapho
kunomsindo wamgagasi owenza imbongi ibe nokujabula okukholu enhliziyweni yayo
Amazwana- Umsind wabantu bekhuluma. Imbongi iveza ukuthi uma iziphumelele icimezile
iyaye izwele kude abantu bekhuluma sengathi iyaphupha.
Ukuhamba ngezinyawo- Ukuhamba phansi ungagibeli lutho olunamasonto. Imbongi ithi
abanye abantu kule ndawo behla benyuka abangeni emanzini
Ukuhamba ngomoya- Ukuhamba ngamabhodi abaphakamisa emanzini / akwazi ukwenza
badade/babhukude. Imbongi iveza ukuthi abanye abantu bazibhukudela emanzini begibela
izikembe ezenza baduduleke phakathi olwandle.
Ukukhohlisa- Ukwenza into engesilo iqiniso. Imbongi iveza ukuthi abantu abakule ndawo
benza izinto ezahlukene njnegoba kukhona nalaba abtshuzayo olwandle/emanzini sengathi
ngamahlengwethwa.
Imithi- izihlahla ezisetshenziselwa ukugwedla emanzini. Imbongi iveza okuhle okwenziwa
ngabanye abantu abagwedlayo izikebhe abahamba ngazo emanzini/olwandle.
Izindwani eziluhlaza- Imbewu yotshani. Imbongi iveza ukuthi bagwedla beqhelukisa utshani
ubugwinywe imifula yabududulela olwandle
Umoya- Into ongeke wayibamba kodwa enamandla.. Lapha imbongi iveza ukuthi lokhu
kusetshenziswa kwesigwedlo kwenza usikebhe silokhu siqhubekezela phambili ngenxa
yamandla abawafakayo.
Ngiyabezwa- Ukulalela into. Lapha imbongi incoma ukuthi noma ngabe iziphumulela lapha
kodwa ikuzwa konke okuhle okwenzeka kule ndawo yingakho imema isithandwa sayo ukuba
ingcebeleke naso.
Ngiyabathanda- Ukwenza into ekujabulisayo. Lapha imbongi iqinisekisa isithandwa sayo
ukuthi okwenziwa yilabantu iyakujabulela kakhulu , nabantu abakulendawo abayihlukumezi /
abayiphazamisa ekungcebelekeni kwayo ,bayiphatha kahle yingakho ithi asize naso
azojabula kanye nayo.

20
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO
Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi iveza ubuhle bokuthula obulethwa imvelo emphefumulweni yayo.

Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo inomoya wokulangazelela nowokuncoma njengoba ifisa ukuthola ithuba lokuhla
nothandiweyo wakhe bajabule ndawonye behlezi olwandlwe..

Indikimba
Indikimba ummongo/ inhliziyo yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imvelo/ ukuthula okulethwa
imvelo.

Umyalezo
Kubalulekile ukuthi ube nesikhathi sokukhombisana uthando ngokuvakashela endaweni
ejabulisayo nenokuthula.

Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokulangazelela nokuncoma . Nakuba ziziningi izimpawu
zokuloba kodwa lokho akusenzi sinense. Ukusetshenziswa kophawu lwe- Apostrofi;
ukweqiwa konkamisa kuningi nakho kuyasenza sisheshe isigqi.

Ithoni
Ithoni iveza ukufisa nokujabulela ukwenzeka kwezinto olwandlwe okwenza imbongi ibe
nokujabula.

Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.

Izinzwa
Sicambalale - inzwa yokubonakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi ifisa ukuphumula nesithandwa sayo olwandlwe..
Le ndaw’ egcwel’ inhlokomo- Inzwa yokuzwakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi kule ndawo kuno msindo omnandi ewuzwayo.
Kuyona ngizw’ amazwan’ abantu bekhuluma,- Inzwa yokuzwakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi konke okwenzeka kule ndawo ikuzwa kancane
ngenxa yokuthi isuke ingakunakile okukhulunywa abantu abalapha.
Abant’ abahamba ngezinyawo nangomoya- Inzwa yokubonakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye abnatu bakule ndawo abahlali phansi
balokhu bezihambela esihlabathini solwanlwe.
Abanye bentanta nangaphezulu kwamanzi- Inzwa yokubonakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye balabantu bayazibhukudela nje abanake
lutho.
Abanye balokhu benyakazisana nemithi- Inzwa yokuthintekayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye abnatu bahamba ngezikebhe
besesbenzisa izigqedlo ukubhukuda/ukuqhuba izikebhe abahamba ngazo.
Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise- Inzwa yokuzwakalayo..
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi uma ikule ndawo iziphumulele iyaye izwe abantu

21
bezikhulumela benganake lutho okwenziwa abanye yingakho ifisa ukuthi lo muntu
emthandayo naye engeza kule ndawo engenakho ukuxabana nomunye umuntu.

Enjambamenti
Umugqa wesi-7 kuya kowesi-8
Le ndaw’ egcwel’ inhlokomo, kuyo kubuthene
Konk’ okuhle nokuphas’ umphefumulo wami.
Umqondo uqala emgqeni wesi-7 uphelela emgqeni we -8
Imbongi ithi uma ihlezi lapha olwandlwe ibona konke okwenzieka khona ithola ukuthokoza
ngaphakathi enhliziyweni yayo.

Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Umugqa we -10 kuya kowe -11
Abant’ abahamba ngezinyawo nangomoya,
Abanye bentanta nangaphezulu kwamanzi.
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ukuletha umgqumo osamculo nokugcizelela ukuthi
kunabantu abenza izinto ezahlukene kule ndawo njnegoba abnaye bengangenile emanzini
abnaye bezibhukudela..

Umugqa wama -16 kuya kowama -17


Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.
Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’ uzizwele.
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ukuletha umgqumo osamculo nokugcizelela ukuthi
ikhuluma ngayo uqobo njengoba ingagxilisi igqondo yayo konkwenzekayo kule ndawo futhi
nabantu abakule ndawo abanandaba nokwenziwa ngomunye umuntu yingakho Ibiza
isithandwa sayo ukuze ithokoze naso.

Ukuxhumana okuekugcineni
Umugqa wama -16 kuya kowama -17
Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.
Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’ uzizwele.
Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ukugqamisa ukuthi ikhuluma ngayo uqobo
njengoba ingagxilisi igqondo yayo konkwenzekayo kule ndawo futhi nabantu abakule
ndawo abanandaba nokwenziwa ngomunye umuntu yingakho Ibiza isithandwa sayo ukuze
ithokoze naso.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1 Tomula ifanamsindo elitholakala emgqeni wesi-3 bese uyaligagula. (2)
2 Chaza kafushane ukusetshenziswa kwe-enjambamenti kumugqa wesi-4 kuya
kowe-6. (2)
3 Ngabe ukusetshenziswa komfanekisomqondo okusemgqeni wesi-9
kukwelekelele kanjani ukuqonda leli binza. (2)
4 Yini inhloso yembongi ekusebenziseni imvumelwano esemgqeni we-16 nowe-
17. (2)
5 Phawula ngesigqi sale nkondlo. (2)

22
IZIMPENDULO
1 Ehlabathin’ elimhlophe eligcwel’ ufasimbe, ü
Ifanankamisa ü (2)
2 Ukusetshenziswa kwe-enjambamenti emigqeni wesi-4 kuya kowe-6
ukuxhumanisa umqondo osemgqeni wesi-4 ophelela emgqeni wesi-6.ü
Imbongi iveza ukuthi yiyo le ndawo eyilethela injabulo, ukuthula kanye
nokweneliseka komphefumulo wayo. ü
(2)
3 Ukusetshenziswa komfanekisomqondo wokuzwakalayo “Ngizwa amazwana
‘ü kungelekelele ukuthi ngiqonde ukuthi kule ndawo kunabantu abahamba
ngezinyawo bekhulumela phansi ngoba abawubangi umsindo noma
bekhuluma. ü (2)

4 Inhloso yokusebenzisa imvumelwano siqalo ‘Ngi-‘ ukuletha umgqumo omnandi


osamculo ünokugcizelela ukuth imbongi ikhuluma ngayo uqobo ukuthi yiyo
ezwa konke lokhu okukhulunywa yilaba bantu. ü
(2)
5 Isigqi sale nkondlo siyashesha ngenxa yomoya wokuncoma nokulangazelela
ünjengoba ethi ‘woza uzizwele’ Nakuba ziningi izimpawu zokuloba kodwa (2)
akusenzi sinense. ü
[10]

23
4.IMVELO
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ehungeka - Eheheka / efikelwa umuzwa wokuthanda/ethatheka.Imbongi ifikelwa umuzwa
wokuthanda imvelo.
Amagumb’ omhlaba - Izingxenye zonke zomhlabaImbongi ibona imvelo isabalele kuwo
wonke umhlaba.
Iklabile - Ukukhululeka kwezilwane ehlane.Imbongi ibona izilwane eziyimvelo zikhululekile
ehlane nalo eliyimvelo.
Izimila - Okuzimilelayo enhlabathiniImbongi izwa sengathi konke okuzimilela emhlabathini
kuyahlabelela kamnandi.
Lufukuka - Luphakama / lukukhulaImbongi izwa uthando lwemvelo lukhula ngamadla.
Ngitshakadule - Ukugxumagxuma kwenkonyane ngenxa yenjabuloImbongi ijabulela ubuhle
bemvelo ize yehluleke ukuzibamba.
Ukuthuthumela - Ukwesaba okukhulu/ ukuba novalo olukhuluImbongi izizwa inokwesaba
okukhulu uma ibona labo abacekela phansi imvelo.
Bebhubhisa - Beqothula / beshabalalisa/beqedaImbongi ikhathazwa yilabo abashabalalisa /
abaqeda imvelongokushesha bengashiyi lutho.
Imihlambi - Izilwane eziningi ezindawonye. Imbongi ithokoziswa ukubona izilwane
ngokwehlukana kwazo zikhululekile futhi zithokozile.
Bengazi nanyaka - Benganandaba nomonakalo odalekayo. Imbongi ikhathazwa yilabo
abacekela phansi imvelo bangabi nandaba nomonakalo odalwa ukwenza kwabo.
Iqothulwe - Iqedwe kungasali lutho Imbongi ikhathazwa ukuthi imvelo izophela nya
kungasali lutho.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO


Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ikhuluma ngobuhle bemvelo obutholakala emhlabeni wonke.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma / ihaya inkondlo. Umoya
wale nkondlo uxubile. Ngasekuqaleni kwale nkondlo kukhona umoya wokuncoma kanti
ngasekugcineni kukhona umoya wokugxeka. Imbongi incoma ubuhle bemvelo obutholakala
kuwo wonke amagumbi omhlaba. Incoma ubuhle obutholakala esibhakabhakeni, ubuhle
bemvelo obutholakala emhlabeni. Ebinzeni lokugcina imbongi igxeka abantu
abangayinakekeli imvelo. Laba bantu bayicekela phansi, bangakhombisi nembeza.
Indikimba
Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi ikhuluma ngani. Indikimba ingumongo
wenkondlo yonke ukusuka ebinzeni lokuqala kuze kuyofika ebinzeni lokugcina. Indikimba
ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imayelana
nemvelo/ ubuhle bemvelo.
Umyalezo

24
Kubalulekile ukuthanda nokunakekela imvelo ngokwahlukana kwayo.
Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokuthanda imvelo. Nakuba ziziningi izimpawu zokuloba
kodwa lokho akusenzi sinense isigqi. Ukusetshenziswa kophawu lwe- apostrofi/ ukweqiwa
konkamisa kuningi, nakho kuyasenza sisheshe isigqi.
Isigqi siphinde sinense ngenxa yomoya wokukhathazeka. Imbongi ikhathazwa ukubona
abantu abangayinakekeli imvelo lokho okungayenza iphele bese kuphazamiseka nokuphila
kwabantu.
Ithoni
Inkondlo iqukethe ithoni yokuhalalisa kanye neyokukhathazeka. Amagama asetshenziswe
yimbongi aveza ukubabaza ubuhle bemvelo ngokwenzeka emkhathini nasemhlabeni.
Igagula izilwane izimila kanye nokunye okuhambisana nemvelo bese iphinde ikhathazeke
ukubona abantu bengayinakekeli imvelo.
Imifanekiso mqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni walowo ofunda/ohaya inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama.
Sikhuluma ngezinzwa (inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/ yokulalelekayo, inzwa
yokuhogelekayo, inzwa yokunambithekayo nenzwa yokuthintekayo), izimo zokukhuluma
(izifengqo, izaga nezisho) namagama acebile.

Izinzwa
10. Izimila zihuba ingoma yenjabulo – Inzwa yokuzwakalayo. Imbongi iyisebenzisele
ukugqamisa ubuhle bemvelo ezwakala kamnandi sakuhuba ingoma.
11. Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.- Inzwa yokuzwakalayo. Imbongi iyisebenzisele
ukugqamisa ukukhula komuzwa ewuzwayo wokuthanda imvelo.
15. Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina -Inzwa yokubonakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa injabulo enayo eyenza igxumagxume okwesilwane
kwasona esiyimvelo.
21. Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa – Inzwa yokubonakalayo.Imbongi iyisebenzisele
ukugqamisa ukukhathazeka enako uma ibona abantu beqeda imvelo.

Izifenqo
Umugqa we-10: Isenzasamuntu Izimila zihuba ingoma yenjabulo –Imbongi igqamisa
ubuhle bemvelo.
Umugqa we-15, isenzasasilwane Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina -
Imbongi ijabule kakhulu yehluleka nokuzibamba uma ibuka imvelo.
Umugqa we-15, Isifaniso Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina
Imbongi ijabule kakhulu yehluleka nokuzibamba uma ibuka imvelo.

25
Izisho

Uma ngiphakamisa’ amehlo ami : umugqa woku-1Imbongi iyajabula uma ibuka imvelo kuba
sengathi kukhona okuyidonsayo.
Enjambamenti
Umugqa we - 16 kuya kowe – 17
16. Ngibone kuyifanele imvelo ukuba
17. Siyiphe lonke uthando njengokway’ ukusithanda.
I- enjambamenti yilapho umqondo womugqa ongenhla uphelela emugqeni olandelayo.
Imbongi iphosa inselelo yokuba siyithande imvelo ngoba nayo uqobo imvelo iyasithanda.
Ukuphindaphinda
Ukuphindaphinda igama uthando ngenhloso yokugcizelela uthando imbongi enalo ngemvelo
nesifiso enaso sokuba abantu bayithande imvelo njengayo.
Imvumelwano siqalo
Umugqa we -11 kuya kowe -12
Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.
Ngiqalaze ngibon’ ubuhle bezintaba zezwe
Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo omnandi osamculo ogqamisa ukuthi
ikhuluma ngayo uqobo. Imbongi iveza umuzwa ewuzwayo wokuthanda imvelo.
Umugqa wama-21 kuya kowama-23
Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,
Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,
Bengazi nanyaka ngokungehla
Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo omnandi osamculo nokugcizelela.
Imbongi igcizelela ukwenza kwabantu abashabalalisa imvelo, okuyenza yesabe kakhulu.

Ukuxhumana okutshekile
Umugqa wesi-3 kuya kowesi- 4
Ngizw’ amehlo ami ehungeka,
Ehungwa uthando lwemvelo
Ngalokhu kuxhumana imbongi igcizelela ukuthatheka kwayo ngenxa yokuthanda imvelo.
Umugqa wama-21 nowama - 22
Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,
Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,
Imbongi igcizelela ukungabi nandaba kwabantu abashabalalisa imvelo.

26
UMBUZO 1
1 Tomula ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 bese usho uhlobo lwako. (2)
2 Chaza kafushane ukuphindaphinda kwegama ‘uthando’ebinzeni lesi-2. (2)
3 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano etholakala emgqeni we- (2)
14 kuya kowe-16?
4 Ngabe ukusetshenziswa kwefanamsindo elisemgqeni wama-21 likwelekelele
kanjani ukuqonda leli binza.
(2)
5 Hlolisisa isigqi esitholakala ebinzeni lokugcina. (2)
IZIMPENDULO
1 Ehungwa uthando lwemvelo,
Imvelo eyadalwa uMdali. ü
Ukuxhumana okutshekile. ü (2)
2 Imbongi iphindaphinde igama ‘uthando’ ukugcizelela uthando enalo ngemvelo,
eluzwa lukhula ngaphakathi kuyo luyenze izithole isigxumagxuma kuhle
kwenkonyane libona unina. ü Imbongi ithi sengathi le mvelo ingathandwa
inakekelwe ngaso sonke isikhathi. ü (2)
3 Inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano siqalo u- ‘ngi’ ukuletha
umgqumo omnandi osamculo ü nokugcizelela umuzwa wothando lwemvelo.
Imbongi izizwa iba nothando nokujabula okumangalisayo okuyenza ibone
kufanele ukuthi imvelo inikezwe uthando futhi inakekelwe. ü (2)
4 Ukusetshenziswa kwefanangwaqa u-‘b’ elisemgqeni wama-21 kuletha
umgqumo omnandi osamculo nokugcizelelaü. Kungelekelele kahle ukuqonda
ukuthi uma abantu bengayishabalalisa imvelo ngenxa yokungayinakekeli
ngendlela efanele umhlaba ungaba yindawo okungaphileki kahle kuyo. ü (2)
5 Imbongi ikwazile ukuveza isigqi esinensayo , imigqa eminingi ivulekile futhi
ayinazo izimpawu zokuloba. Ubuningi bemigqa emide kanye nomoya
wokukhathazeka kwenza isigqi sinense. üImbongi ikhathazekile ngabantu
abangenandaba nokuphathwa kwemvelo ngendlela efanele. Ukuphatha kabi
imvelo kungayenza iphele kuze kuphazamiseke nempilo uqobo. ü
(2)
[10]

27
UMBUZO 2
1 Nikeza isizathu sokweqiwa konkamisa emgqeni woku-1 kuya kowesi-2. (2)
2 Chaza kafushane ukiuthi kungani imbongi isebenzise ukuxhumana (2)
emgqeni wesi-3 kuya kowesi-4 kule nkondlo.
3 Iyini inhloso yembongi ekusebenziseni i-enjambamenti emgqeni wesi-6
kuya kowesi-7 kule nkondlo?
(2)
4 Chaza umoya otholakala ebinzeni lesi-2. (2)
5 Phawula ngethoni equkethwe umugqa we-18 kuya kowama-22. (2)
IZIMPENDULO
1 Isizathu sokweqiwa konkamisa emgqeni woku-1 kuya kowesi-2
ukukhombisa isigqi e sisheshayo ngenxa yomoya wokujabula. üImbongi
ijatshuliswa ukubona ubuhle bemvelo. ü (2)

2 Ngizw’ amehlo ami ehungeka,


Ehungwa uthando lwemveloü
Imbongi isebenzise ukuxhumana okutshekile emgqeni wesi-3 kuya kowesi- (2)
4 ukugcizelela ukuthatheka kwayo uma ibuka imvelo. ü
3 Lapho ngiphakamisel’ amehlo esibhakabhakeni,
Ngibon’ izinyoni zemvelo zijabule.
Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuze ikhombise / iveze ukuthi
umqondo osemgqeni wesi-6 uphelela emgqeni wesi-7. üKule migqa
imbongi iveza ukuthakasa kwemvelo ekubona uma ibheka emkhathini
lapho izinyoni zijabule. ü (2)
4 Umoya wokujabula/wokuthakasa otholakala ebinzeni lesibili. ü Imbongi
ijatshuliswa ukubona ubuhle bemvelo ize izwe nothando lwemvelo lukhula
kuyona. Imbongi ize yehluleke nokuzibamba
Igxumagxume ngenxa yenjaulo. ü (2)

5 Umugqa we-18 kuya kowama-22 uqukethe ithoni yokukhathazeka. ü


Imbongi ikhathazwa abantu abangabuboni ubuhle bemvelo. Laba bantu
bashabalalisa kwasani okuyimvelo futhi abakhathazeki ngabakwenzayo. ü (2)
[10]

28
5.MUSANI
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Musani-Ukutshela abantu ukuba angakwenzi okuthile/bapheze/bakuyeke. Lapha kule
nkondlo imbongi icela abantu ukuba bayeke ukukhala.
Ukukhala-ukuphuma izinyembezi emehlweni ngenxa yokungaphatheki kahle. Okunye
ukukhala ngento ethile eyenzeke kuwena. Imbongi icela bangamkhaleli othandiweyo noma
umama njengoba esedlulile emhlabeni.
Ukubibitheka-ukuphuma izinyembezi emehlweni noma ukukhala izwi lingaphumi. Imbongi
ifisa ukuthi bangabe besakhala.
Ukulila-Ukukhala ngokumemeza noma ukukhala Imbongi ifuna bangakhali kakhulu kodwa
babe nethemba ngalo obashiyile.
Kanazi–ukuchaza ukungabi nalwazi mayelana nento ethile. Imbongi ibabuza ukuthi
abanalwazi yini ukuthi othandiweyo/umama wayo uye kuyiphi indawo nokuthi ungokabani.
Ukuthuthumela-ukwesaba into ethile. Lapha imbongi iduduza abasabayo ngenxa
yokuhamba kukamama wayo.
Kanazi yini ukuth’ ungokabani na? umbuzombumbulu-Lapha imbongi ibuza umbuzo
enempendulo yayo ukuthi umama ungowoMdali.
Eseyekhaya-indawo lapho umuntu ehlala khona. Imbongi isebenzise igama elinothile
ukugqamisa ukuthi isho ekhaya eZulwini.
Usebiziwe-Ukuza lapho uyalelwa khona. Imbongi igqamisa ukuthi umama ubengeke
esawuziba umyalelo woMdali.
Vulani izinhliziyo zenu kuyena (isenzasamuntu)-Imbongi ifuna abantu mabavule izinhliyo
zabo kuMdali.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ililela uma osedlule emhlabeni. Iyabakhuza ukuthi bangamukhaleli uma kodwa
bajabule ngoba ungowoMdali futhi useyeKhaya. Icela abakhalayo baduduzwe kanye
nabasabayo ukuba bavume ukuthi ubesebiziwe bese bevula izinhliziyo zabo bazivulele
intando kaNkulunkulu.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ibhala/ihaya
inkondlo. Le nkondlo inomoya nowosizi. Imbongi ikhathazekile ngenxa yabantu abakhalela
uma ibona bengenathemba bengazi nokuthi ubizwe uMdali futhi useseKhaya.
Indikimba
Indikimba ummongo/ inhliziyo yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo ukufa.
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi uzilungiselele indlela yakho usaphila ukuze nabasele bangabi naxhala.

29
Kungaba neminye imiyalezo engaba khona kodwa makusekelwe ngokusenkondlweni.
Isigqi
Uma kukhulunywa ngesigqi kubhekwa umgqumo wenkondlo ukuthi ngabe inkondlo
iyashesha noma iyanensa. Kuye kubhekwe ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa, kubhekwa
ubude nobufishane bemigqa, ubude nobufishane bamagama, ukweqiwa konkamisa kanye
nezimpawu zokuloba. Konke lokhu kuhambisana nomoya okungaba umoya wokujabula,
wosizi, wokukhathazeka njalonjalo. Isigqi sale nkondlo siyanensa nakuba ziningi izimpawu
zokuloba ekugcineni kwemigqa kanye nemigqa emifushane ngenxa yomoya wale nkondlo
wosizi noma wokukhathazeka kwenza isigqi sinense. Umqondo wenkondlo nawo wenza
isigqi sinense ngoba ikhuluma ngokufa.
Ithoni
Ithoni ivezwa amagama asetshenzisiwe enkondlweni kube yithina esiyifundayo ukuthi ngabe
aveza ukukhathazeke, ukudideka, ukudinwa njalonjalo. Le nkondlo iqukethe ithoni
yokukhathazeka/yosizi. Imbongi icela ukuba bangakhali isebenzise la magama,
‘ukubibitheka, ukulila” njalonjalo. Ibuye ibe nethoni yokududuza/yokunikeza ithemba
njengokusebenza kwamagama “ kwamagama “ey’ ekhaya, ubizwe nguyena”.
Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho) kanye
namagama acebile.
Izinzwa
Musani ukukhala-inzwa yokulalela /yokubona. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi
laba abasele abangamkhaleli ongasekho ngoba ubiziwe nguMdali.

Thulani-inzwa kulalela. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi esikhundleni sokuba


bakhalele othandiweyo wabo kodwa kufanele bamjabulele ngoba usebizwe uMdali.
Ukuthuthumela-inzwa yokubona. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abangesabi
kodwa baduduzeke ngobizwe uMdali.
Izifenqo
Umugqa wesi-5 umbuzombumbulu. Kanazi yini ukuthi uyephi na? Ibuza umbuzo
enempendulo yayo. Yazi kahle ukuthi uma uye ekhaya lakhe.
Umugqa wesi-7 umbuzombumbulu
Kanazi yini ukuth’ ungokabani na? Ibuza umbuzo enempendulo yayo. Yazi kahle ukuthi
umama ungowoMdali.
Umugqa we-11 isihlonipho
Usebiziwe- lapha imbongi isebenzise igama lokuhlonipha esikhundleni segama usefile
ukugqamisa ukuthi kufanele bamjabulele othandiweyo njengoba esebiziwe.
Isisho

Ukuthuthumela-Lesi sisho imbongi isisebenze kahle ukweluleka abasabayo ukuthi kufanele


bangabi navalo ngosehambile ngoba uye ekhaya.
Enjambamenti
Umugqa we-11 kuya kowe-12.

30
Umqondo uqala emgqeni we-11 uphelela emgqeni we-12
Imbongi inxusa/icela ukuba abathandiwe bathokoze kuthi nabasabayo nabo bathuliswe
ngomama osebiziwe.
Umugqa we-13 kuya kowe-14.
Umqondo uqala emgqeni we-13 uphelela emgqeni we-14
Imbongi ithi abavume ukuthi ubesebiziwe bese bevula izinhliziyo zabo bazivulele intando
kaNkulunkulu.
Imvumelwano siqalo
Umugqa wesi-7 nowesi-8.
Kanazi yini ukuth’ ungokabani na?
Kaniqondi yini ukuth’ akuwenu na?
Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo osamculo ukugqamisa/ukugcizelela
ukuthi othandiweyo bekungeyena owabo kodwa ubengowoMdali/uNkulunkulu.
Ukuxhumana okusekuqaleni
Umugqa woku-1 nowesi-2.
Musani ukukhala.
Musani ukubibitheka.
Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekuqaleni ukugqamisa/ ukugcizelela ukuthi
bangamkhaleli umama njengoba esebiziwe waya ekhaya noma usebizwe uMdali.
Ukuxhumana okusekugcineni
Umugqa wesi-9 kuya kowe-10.
Pho nihlushwa yini um’ esey’ ekhaya?
Pho anithokozi ngani um’ ey’ ekhaya? .
Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekugcineni ukugqamisa/ ukugcizelela ukuthi
bangahlushwa lutho kodwa bajabule ngoba umama usesekhaya lakhe.

31
Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:
UMBUZO 1
1 Tomula ubuye ugagule inzwa etholakala emgqeni woku-1 (2)
2 Chaza kafushane ukusetshenziswa kombuzombumbulu etholakala emgqeni wesi-6 (2)
kuya kowe-10.
3 Ucabanga ukuthi imbongi iyisebenzise kahle yini i-elipsizi emgqeni wesi-4 (2)
4 Uyavumelana yini nomyalezo odluliswa imbongi kule nkondlo? Sekela impendulo (2)
yakho.
5 Phawula ngokukhethwa kwegama elithi ‘nguyena’ elitholakala emgqeni we-13. (2)
IZIMPENDULO
1 Musani ukukhala ü
Inzwa yokuzwakalayo ü (2)
2 Imbongi isebenzise umbuzombumbulu ukukhombisa ukudideka njengoba laba
ekhuluma nabo bekhalela othandiweyo wabo osedlule emhlabeni. üIveza ukuthi
abantu akumele bakhale ngoba uma umuntu edlula emhlabeni usuke engayena
owethu kepha umomnikazi wakhe. ü (2)
3 Imbongi isebenzise iyisebenzise kahle i-elipsizi(u…..ma) ukugqamisa ukungakwazi
ukuqedela nokubambeka kwenkulumo . ü imbongi ikhathazekile ukubona ukuthi
umama usehambile emhlabeni futhi iyabuza ukuthi bamkhalelani . ü (2)

4 Ngiyavumelana nomyalezo owethulwa imbongi ngoba sonke lapha emhlabeni


sizodlula siye ekhaya likaBaba. üNgakho-ke akumele sikhale uma kukhona
osedlulile lapha emhlabeni ngoba usuke egodukile waya kuBaba. ü
NOMA
Angivumelani nomyalezo wembongi wokuthi akumele sikhale uma kukhona
osedlulile emhlabeni noma ukudlula komuntu. ü Ukushiywa umuntu othandiweyo
noma osendelene naye kwenza lowo osele aphatheke kabi ngoba kuba khona
isikhala kulabo abasele emuva. ü (2)

5 Imbongi ikhethe kahle igama elithi nguyena elitholakala emgqeni we-13


ukugcizelela ukuthi lo muntu osedlulile emhlabeni usephindele kuMdali wakhe
okunguye owamdalayo. üü
(2)

[10]

32
UMBUZO 2
1 Tomula bese ugagula isifengqo esitholakala ebinzeni lesi-2. (2)
2 Fingqa ngamaphuzu amabili umqondo oqukethwe ibinza lokuqala. (2)
3 Chaza ukuthi isimo sokukhuluma esiqukhethwe umugqa wama -23 sikwelekele
kanjani ekuqondeni leli binza.
(2)
4 Ngabe ukuxhumana okusemgqeni we -9 kuya kowe-10 kusetshenziselweni
kule nkondlo?
(2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekukhetheni amagama adwetshetshelwe
emgqeni wama-21.
(2)

IZIMPENDULO
1 Ngikhephuzele uhlaza ubusika nehlobo. ü
isiqhathaniso. ü (2)
2 Ibinza lokuqala liqukethe umqondo wokuthi imbongi ifuna ukuzuza
imfundo/ulwazi olunzulu nolusabalele. ü Lolu lwazi liyoyilekelela ukuthi ihlale
ngokunethezeka impilo yayo yonke. ü (2)

3 Isimo sokukhuluma esithi, “ Bafinye ngendololwane,”siyisisho esichaza


ukubusa. üLesi sisho singelekeleke ekuqondeni ukuthi le mfundo imbongi
eyizuzile ayizukusiza yona nje kuphela kodwa nezizukulwane kanye nesizwe
siyobusa, sinethezeke. ü (2)
4 Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo emgqeni -9 kuya ku -10 ‘Ngizinz’…’
üukugcizelela ukufisa kwayo ukuhlala inamathele emfundweni
ingaphazanyiswa yilutho, ijabulele ukuzuza ulwazi oluyoyisiza impilo yayo
yonke, ngalo ikwazi ukubhekana nazo zonke izimo ehlangabezana nazo. ü (2)

5 Imbongi iphumelele kahle ukukhetha amagama ‘ uphoko nokhothe’


üukugqamisa ukuthi ngalolu lwazi elutholile iyolusebenzisa libe umphako
wendlela empilweni, ize lolu lwazi ilwedlulisele ezizukulwaneni nazo zisizakale,
zibuse, zijabulele ubumnandi bempilo. ü (2)
[10]

33
UMBUZO 2
1. Tomula ukuxhumana okutholakala emgqeni woku-1 kuya kowesi-3, ubuye
ukugagule.
(2)
2. Xoxa kafushane umqondo otholakala kule nkondlo. (2)
3. Chaza umoya otholakala kule nkondlo. (2)
4. Hlaziya ukukhethwa kwamagama okuhlonipha atholakala emgqeni we-11 nowe- 12. (2)
5. Phawula ngekhono le mbongi ukwethula isigqi sale nkondlo. (2)

IZIMPENDULO
1 Musani ukukhala,
Musani ukubibitheka.
Musani ukulila ü
Ukuxhumanasiqalo. ü (2)
2 Umqondo wale nkondlo umayelana nabantu abakhalayo ngenxa yokudlulelwa
othandiweyo wabo. üImbongi iyababuza ukuba bakhalelani ngoba akumele bakhale
uma kukhona odlulile emhlabeni. Lo odlulile emhlabeni usuke esebyela ekhaya
kuMdali wakhe. ü (2)
3 Umoya otholakala kule nkondlo umoya wosizi üngoba kukhona abantu abakhalayo
bekhalela osedlulile emhlabeni. Imbongi izama ukubaduduza ngoba ithi kubo asikho
isidingo sokuba bakhale ngoba odlulayo emhlabeni usuke eya kuMdali. ü
(2)
4 Imbongi isebenzise amagama okuhlonipha ukufa ‘usebiziwe’ nelithi, ‘ngosebiziwe’.
üLa magama ahlonipha umuntu osuke esemdala oshonile obesekungalindeleka
ukuthi angashona. ü (2)

5 Imbongi iphumelele kahle ukwethula isigqi sale nkondlo. isigqi sale nkondlo siyanensa
ngenxa yomoya wokukhathazeka futhi imigqa yonke yale nkondlo ivalekile. üOkunye
okwenza isigqi sale nkondlo sinense ukuthi le nkondlo ikhuluma ngokufa. ü (2)

[10]

34
6.IMPI
UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Ngamaviyiviyo - Izigaba ezakha amabutho. Lapha imbongi igcizelela abafundi abaphuma


ezindaweni ezahlukahlukene abenza izifundo ezahlukene/ Imbongi ithi kuhlangene
amabutho ngokwezigaba zawo.

Kudedangendlale wenkundla – Indawo enkulu, evulekile. Imbongi igcizelela ukuthi lesi


khungo semfundo sikhulu kakhulu, sikwazi ukuthatha isibalo esikhulu sabafundi/ Amabuho
ahlanganele endaweni evulekile ukubhekana nempi.

Nezingeqiwa ntwala – Izingozi ezinkulu ezivulekile ekhanda. Lokhu kugqamisa izinkinga


ezinkulu/ezijulile futhi ezahlukene abafundi abafika nazo/ Imbongi ithi kukhona asebelimele
emakhanda kulempi.

Namanxebakazi – Ingozi yokugwazwa eba semzimbeni. Imbongi igqamisa ukukhandleka


kwemizimba yabafundi ngenxa yezinkinga abafika zibakhungethe/ Imbongi ithi abanye
sebegwazekile balimele emzimbeni.

Nemikhontshwana – Imikhonto emincane. Lokhu kugqamisa ulwazi oluncane abafika nalo


ngenkathi bezoqala ukufunda kulesi sikhungo/ Imbongi ithi noma ngabe sekukhona
abalimele kodwa yona isasindile ,isaqhubeka nokulwa ngesikhali esiphethe.

Lopha – Ukuvuza kwegazi. Lapha imbongi igqamisa ubuhlungu obuzwiwa abafundi


ngabodwana, omunye umuntu ongakwazi ukububona ngenxa yokuthi bayaziqinisa / Imbongi
thi impi iyaqhubeka noma ngabe sewulimele.

Uwonke – Wonke umuntu. Lapho imbongi igcizelela ukuthi akekho ongafisi


ukufunda/uyayifisa imfundo/ Imbongi ithi uma umuntu esesempini akabe esaphela amandla ,
uqhubeka nokubhekana nomuntu

Eyamanyamfokwe – Amavila. Imbongi igcizelela ukuthi uma uyivila awudingeki ngoba


uzohluleka/ Imbongi ithi uma uyigwala awulungi ukubhekana nempi.

Isihlangwana – Ihawu elincane lokuvika. Imbongi igcizelela ukuthi nakuba


isafunda/isekhona kulesi sikhungo yingenxa yokuphumelela ngengciciyela kwayo / Imbongi
ithi noma ngabe sekukhona abalimele kodwa yona uqobo isakwazile ukuzivela ekutholeni
izingozi. Isaqhubeka nokubhekana nale mpi.

Sesiyigwaza bukhoma – Ukugwazana nibhekene. Imbongi igcizelela isikhathi esinzima


lapho isuke isibhala izivivinyo ezilukhuni/ Imbongi ithi le mpi eyilwayo iya ngokuqina
njengoba abaningi sebelimele.

Amavak’amb’ambulula – Ukubaleka kwamagwala. Imbongi igcizelela ukuthi labo


abahluleka ukubekezela bayeka ukufunda/ Imbongi ithi abanye bayahluleka ukuqhubeka
nokulwa , bakhetha ukuyibalekela le mpi.

Kubusa ukuzisola – Ukuzibona unecala. Imbongi igcizelela ukuthi sebeyazisola ukuthi


ababekezelanga ngani ezifundweni zabo, bayazisola ukuthi baphikelani nobuvila/ Imbongi
ithi laba ababalekile empini akube kusaba mnandi lapho bebona ukuthi bashiyile ,
bayibalekela impi.

35
Ukugadla – Ukushaya/ukulwa. Imbongi igcizelela ukuzisola kwabo ngokungafundi
ngokuzikhandla/./ Imbongi ithi wonke umuntu angabobaleka ngoba uzogcina kumphatha
kabi ukwehluleka kwakhe ukulwa.

Ungebizelwe muntu - Akekho okuphoqayo. Imbongi igcizelela ukuthi akekho ozokulandela


ngemuva/ozokuphoqa ukuba ufunde, uzibonela wena isidingo sakho/ Imbongi ithi noma
akekho umuntu ongabiza omunye ukuthi akazolwa ngakho-ke umuntu uyazibonela isimo
bese ekhetha ukuba ingxenye yokulwa.

Ngayilwa – Ukubhekana nempi. Igcizelela ukuthi nayo yafunda ngokuzikhandla yagcina


iphumelele/ Imbongi ithi yona yakwazi ukubhekana nempi , yangabaleka, yakwazi
ukunqoba.

Imini nobusuku – Zikhathi zonke. Imbongi igcizelela ukunxusa kwayo abafundi ukuthi
abafunde ngaso sonke isikhathi, bengaphumuli/ Imbongi ithi uma ufuna ukunqoba njengayo
ukuthi kumele ukwazi ukubhekana nempi ngezikhathi zonke.

Izikhali zikusinda – Into elimazayo uma ulwa empini. Imbongi igcizelela ukunxusa kwayo
kubafundi ukuba babekezele bafunde noma sekungaphezu kwamandla/ Imbongi ithi uma
usempini ungabo khala ngobunzima kodwa kumele uqhubeke nokulwa.

Yimiyocu – Izibazi eziba semzimbeni. Imbongi igcizelela ukuthi bengabunaki ubunzima


abahlangabezana nabo ezifundweni zabo, baqhubekele phambili/ Imbongi ithi noma ngabe
sewunezibazi , usushayekile kodwa ungakunaki osekwenzekile kuwe ukuze unqobe.

Udumo – Ukwaziwa abantu abaningi, kuyo yonke indawo. Imbongi igcizelela ukunxusa
kwayo ukuba abafundi bagxile ezifundweni zabo bangalibali ukwenza izinto ezijabulisa
abanye abantu kodwa ezingeke zibasize ngalutho bona. Uma benze njalo bayophumelela/
Imbongi ithi uma usempini ungabolwa ngoba ufuna ubuqhawe nokuhlonishwa.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho okushiwo yimbongi enkondlweni yayo. iLe nkondlo inomqondo osobala
nocashile. Imbongi ithi abafundi abafunde ngokuzimisela, babekezele uma
behlangabezana nezinkinga ekufundeni kwabo. Ukuze bezophumelela./ Imbongi ithi
amabutho akazinikele empini noma ngabe kunzima kangakanani ukuze anqobe.

Umoya
Umoya wemkondlo isimo imbongi esuke ikuso ngenkathi ihaya/iqamba inkondlo yayo. Le
nkondlo inomoya wokunxusa. Imbongi inxusa abafundi ukuba bafunde ngokuzimisela futhi
babekezele noma behlangabezana nezinkinga ukuze bezophumelela.

Indikimba
Indikimba ingumongo noma yingqikithi yenkondlo.. Ingaba igama elilodwa noma amabili.
Indikimba yale nkondlo imfundo./ impi
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi uma wenza into uyenze ngokuzimisela nangokwethembeka,
ungadikibali noma kunzima.

36
Isigqi
Siyanensa ngenxa yomoya wokunxusa futhi nemigqa eminingi ivalekile. Nakuba kukhona
ukweqiwa konkamisa okuningi kepha ngenxa yomoya wokunxusa siyanensa. Imbongi
inxusa ukuba abafundi bafunde ngokuzimisela futhi babekezele noma behlangabezana
nezinkinga ukuze bezophumelela.

Ithoni
Ithoni yokunxusa. Imbongi inxusa abafundi ukuthi bazimisele futhi babekezele ekufundeni
kwabo. Ukuze baphumelele.

Imifanekisomqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha isithombe
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/yokulalelekayo, inzwa
yokuhogelekayo, inzwa yokunambithekayo nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma
(izifengqo, izaga nezisho) namagama acebile.

Izinzwa
Umfanekisomqondo wokubonakalayo ngamaviyoviyo - Imbongi ithi abafundi
abaphuma ezindaweni ezahlukahlukene abenza izifundo ezahlukene.(Sekela nangempi)

Kudedangendlale wenkundla – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi


igqamisa ubukhulu balesi khungo semfundo nokuthi sikwazi ukuthatha isibalo esikhulu
sabafundi. (Sekela nangempi)

Namanxebakazi – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa


ukukhandleka kwemizimba nezinhliziyo zabafundi ngenxa yezinkinga abanazo. (Sekela
nangempi)

Nemikhontshwana – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa ulwazi


oluncane abafundi abafika benalo ngenkathi bezoqala ukufunda kulesi khungo. (Sekela
nangempi)

Lopha – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa ubuhlungu


obuzwiwa abafundi ngabodwana/omunye umuntu ongakwazi ukububona ngenxa yokuthi
bayaziqinisa. (Sekela nangempi)

Isihlangwana - Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa ukuthi


nakuba isafunda/isekhona kulesi sikhungo yingenxa yokuphumelela ngengciciyela kwayo
ezifundweni. (Sekela nangempi)

Seyigwaza bukhona – Umfanekisomqondo wokubonakalayo (isisho) Imbongi


igcizelela isikhathi esinzima lapho isuke isibhala izivivinyo ezilukhuni/ezinzima.

Amavak’amb’ambulula – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igcizelela


ukuthi labo abanga mavila / abahlulwa ukubekezela bayeka phansi ukufunda. (Sekela
nangempi)

Ukugadla – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igcizelela ukuzisola kwabo

37
ngokungafundi ngokuzikhandla. (Sekela nangempi)

Izikhali zikusinda – Umfanekisomqondo wokubonakalayo/ wokuthintekayo. Imbongi


igcizelela ukunxusa kwayo kubafundi ukuba babekezele bafunde noma
sebehlangabezana nobunzima. (Sekela nangempi)

Yimiyocu – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igcizela ukuthi bengakunaki


ubunzima abahlangabezane nabo ekufundeni, baqhubeke bafunde. (Sekela nangempi)

Imvumelwano
Emgqeni wesi – 9 kuya kowe – 10

Ngimi nowami umkhontshwana

Ngimi nesam’isihlangwana

Imbongi isebenzise imvumelwano sigcino ukuletha umgqumo osamculo omnandi


nokugcizelela ukuthi nakuba isafunda yingenxa yokuphumelela ezifundweni zayo
ngengciciyela.

Emgqeni we – 12 kuya kowe – 13

Amavak’amb’ambulula

Kunamuhla kubus’ukuzisola

Imbongi isebenzise imvumelwano sigcino ukuletha umgqumo osamculo omnandi


nokugcizelela ukuthi lapho abahluleka ukubekezela bayeka ukufunda sebeyazisola.

Emgqeni we – 19 kuya kowama – 20

Yilw’imini nobusuku

Nom’izikhali zikusinda

Imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi ukuletha umgqumo osamculo omnandi


nokugcizelela ukunxusa kwayo ukuthi babekezele bafunde zikhathi zonke noma
behlangabezana nezinkinga.
Ukuxhumana
Emgqeni wesi – 3 kuya kowesi – 5

Amaviyo nezingeqiwa ntwala

Amaviyo namanxebakazi

Amaviyo nemikhontshwana

Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ukugqamisa ukuthi la bafundi bafika


bekhandlekile emzimbeni nasezinhliziyweni zabo ngenxa yezinkinga abanazo.

Emgqeni we – 14 kuya kowe – 15

Ngokwesab’ukugadla kule mpi

38
Ungebizelwe muntu kule mpi

Mfowethu yilwa le mpi

Imbongi isebenzise ukuxhumana sigcino ukugqamisa ukunxusa kwayo abafundi ukuthi


abazimisele bafunde ngokuzikhandla ngoba akekho ozobalandela ngemuva.

Emgqeni wama – 22 kuya kowama – 23

Khohlwa yimiyocu

Khohlw’udumo

Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ukugcizelela ukuthi abafundi bengabe


besabunaka/besagxila ubunzima asebedlule kubo futhi bengenzi izinto ezingeke zibasize
ngalutho ngoba befuna ukujabulisa abanye. Ithi abafunde.
Ifanankamisa
Emgqeni we – 12

Amavak’amb’ambulula

Imbongi isebenzise ifanankamisa ukuletha umgqumo osamculo omnandi njengoba ithi


abafundi abehlulwa ukubekezela bashiya phansi ukufunda
Ifanangwaqa
Emgqeni we – 13

Kunamuhla kubus’ukuzisola

Imbongi isebenzise ifanangwaqa ukuletha umgqumo osamculo omnandi njengoba ithi


sebeyazisola/sebeyazigxeka ukuthi aba baphikelani nobuvila.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO
1. Chaza ukuthi ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 kusetshenziswe leni? (2)
2. Xoxa kafushane ngesigqi esitholakala ebinzeni lesibili. (2)
3. Chaza ukuthi Ukukhethwa kwegama elibhalwe ngokugqamile kukulekelele kanjani (2)
ukuqonda umyalezo wale nkondlo.
4. Qhathanisa umqondo oqukethwe umugqa wesi-5 kanye nomugqa wesi-9. (2)
5. Phawula ngokuqhathanisa okutholakala ebinzeni lokugcina kule nkondlo. (2)

39
IZIMPENDULO
1. Amaviyo nezingeqiwa ntwala,
Amaviyo namanxebakazi,
Amaviyo nemikhontshwana. ü
Ukuxhumana okusekuqaleni, imbongi ikusebenzise ukugqamisa ukuthi kunamabutho
ahlukene ahlangene kule ndawo /nkundla yempi. Noma kunabafundi abaningi
abahlangene kulesi sikhungo semfundo.. ü (2)

2. Isigqi sale libinza lsiyanensa ngenxa yomoya yokukhathazeka nemigqa yaleli binza
ivalekile. ü Imbongi iphatheke kabi/ikhathazekile ngegazi elophela ngaphakathi
iphinde incenge abantu ukuthi abangasabeli kude kodwa abayilwe le mpi. ü (2)

3. Ukukhethwa kwegama ‘amanyamfokwe’ kugqamisa umuntu oyivila elikhulu. ü


Lokhu kuwugqamise kahle umyalezo wokuthi le mpi ngeyabantu abakhuthele
abangawona amavila ngoba uma uyilo uzohluleka ukuyinqoba. ü (2)

4. Qhathanis Le migqa iqukethe umqondo ofanayo wokuthi kuphethwe izikhali


esizosetshenziswa ukubhakana nale mpi imbongi ekhuluma ngayo. ü Kepha
umugqa wes-5 ubhekise kubantu abaningi imbongi ebabiza ngamaviyo kanti umugqa
wesi-9 wona ukhuluma ngembongi uqobo lwayo okuyiyo ephethe lo mkhonto. ü (2)
5. Imbongi isebenzise kahle isifenqo sokuqhathanisa esitholakala emugqeni we-19:
Yilw’ imini nobusuku, ü
Lesi sifenqo sigqugquzela ukukhuthala kubantu abafuna ukubhekana nempi /
nokufunda ukuba kumele bazi ukuthi asikho isikhathi sokuphumula abahlale
belungele noma yini eqhamukayo. ü (2)

40
UKUKHETHWA KWAMAGAMA 7. WE SINXIMFI NDINI

Qhumuk ‘uhleke- imbongi isebenzise igama ‘Qhumuk’ uhleke’ ukugqamisa ukuthi


abantu abanomona bahleka sakubhuqa uma bebona abantu abaphumelelayo.
Ukuqhumuka ukuhleka kakhulu. Imbongi ibonakala ibhuqa sakukhuthaza lo ohlekayo
ukuthi ahleke kakhulu, angazibambi. Uma uqhumuka usuke uhleka kungalindelwe,
uphubuka.
‘Sinximfi ndini’ - Lapha imbongi igqamisa ukuthi abantu abanomona bahlala
benganeliseki ngakho konke okwenzeka kubantu abaphumelelayo, bayakhononda
benximfe ukukhombisa ukubabukela phansi.Imbongi ikhuluma naso ngqo isinximfi.
Uyisigqila somona- Isigqila umuntu osebenza komunye umuntu ngaphandle
kwenkokhelo. Imbongi ibona lo muntu ethwele kanzima.Umona umenzisa izinto
ezingalungile ufukuziswa umona.
Klibhi klolo- lokhu kushiwo uma ubabaza ukhombisa ukucasuka nokubhinqa. Imbongi
igqamisa umona , bayakloloda. Imbongi iyabagxeka ukuthi bayakloloda njalo uma bebona
umuntu ophumelelayo.
Sichwensi- Imbongi isibiza lo muntu ngesichwensi.Isichwensi umuntu owenza izinto
noma yikanjani angacabangeli imizwa yabanye abantu; isideleli noma isigcwaneki.
Ayisengangamlomo- Lesi isaga esisho ukukhulumela futhi.umlomo nje kuphela ayikho
indaba.Akunjengokukhuluma kwakhe.
Bakubonile abanamehlo- Lesi saga sichaza ukuthi ngoba wenza mina kanje boze
bakuthole abakwazi ukwenza njengawe.(Kwashiwo uGcugcwa esefa elaliswe esangweni
kuphuma izinkomo zimgxoba ngoba kwakuyisijeziso sokweba izinkomo,Wayezikhokhela
ngazo izinkomo ngoba iLembe alisigcinanga isethembiso sokubakhokhela sebenze
izikhali.Wathi:’ ubulala mina kanje? nawe bayokubona abanamehlo’ )
Lokhu okubi akwenze kubantu, kukhona asebekwenzile nakuye.Sebeze bamthola naye.
Nximfa unximfile: Ukunximfa ukwenza umsindo okhombisa ukucasuka.Imbongi ithi
akenze akujwayele ukunximfa. Imbongi isawugqamisa umona kubantu uma ethi
bayanximfa uma umuntu ephumelela bekhombise ukungamjabuleli ‘Nximfa unximfile’.
Ebese esho ukuthi bangamavila benjalo nje abanalutho bona abazenzela lona.
Uyozuf’ usongizandla- Akukho akwenzayo okumusa empumelelweni. Uyoze afe
engezanga lutho.
Uyozuf’ ungahlabananga- Uyoze afe engaphumelelanga. Uyoze afe engenalutho,
engazuzanga lutho.
Ngifel’ umona- Akamjabuleli ngempumelelo yakhe.
Sifamona - imbongi ikhethe igama ‘Sifamona ‘ eligqamisa ukuthi umona abanawo uba
mkhulu kakhulu ngalabo abazisebenzelayo. Umuntu njengoba enomona uyinto ephila
ngokucela ukudla kubangani nasezihlotsheni ngoba uswele kwabanye.‘ophila
ngokwethekela’
Cekeful’uzidelise- imbongi ikhethe ukusebenzisa amagama ‘Cekeful’ uzidelise’ lapha
igqamisa ukuthi lomuntu onomona uthanda ukukhuluma kabi (ukuhleba) ngabanye abantu
abaphumelelayo. Yena akaziboni ukwehluleka kwakhe.
Ubon olwami ugongolo- Imbongi igqamisa lokhu ngokukhetha amagama athi ‘olwami
ugogolo’ ubona ububi kwabanye yena akaziboni.
Gubhela kwesakho -Imbongi ikhethe amagama athi ‘Gubhela kwesakho’ ukugqamisa
ukuthi umuntu onomona ufuna ukuthi konke kube ngokwakhe abanye bangabi nalutho.
Konke ufuna kuze kuyena yedwa.
Liphixiphixi -Imbongi ikhethe igama ‘Liphixiphixi’ ukugqamisa ukuthi umuntu onomona
uyishaya emuva ayishaye phambili. Uze enze sengathi uyabathanda abaphumelelayo
kanti uyabakhohlisa. Uyabakhohlisa nabo baze bamethembe.
Ngibamb’ emehlweni- Usho ukuthi ngikhohlise , kulungile.
Lala lulaza - isaga esisho umuntu othanda ukwenza abanye abantu izilima ngokuthatha
izinto zabo ngoba ethi balibele.

41
Bayokwengul’ abakwengulayo- bayoze bamthole.
Sikhohlisani- Imbongi igqamisa ukuba namanga komuntu ohlale egxeka
Uthi kulele kunye- ucabanga ukuthi imbongi iyisilima. Kanti ihlakaniphile ‘kulele ngakubili’
Ngiluthe ungithonye- Imbongi igqamisa ukuthi umuntu ogxekayo uyakwazi ukukhohlisa
abantu bakholwe yilokho akushoyo.
Abant’ abayi nganxanye- lesi saga sisho ukuthi akusibo bonke abantu abakujabulelayo
akwenzayo.
Ugomolophonjwana- Ukugomonqa/ ukuphenduphenduka emoyeni. Imbongi igqamisa
ukuphendukelwa yilo muntu onomona,
Liphixiphixi- umuntu ongumxabanisi. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi umuntu
onomona uphinde abe ngumxabanisi.
Bangiwezil’abangifeli mona- kukhona abagcine beyisizile imbongi yaphumelela.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ikhuluma ngabantu abanomona, abafuni ukubona abanye abantu bephumelela.
Bagxeka yonke into. Ithi lolu hlobo lwabantu aluvamisile ukuphumelela ngoba
alukhuthalele ukwenza kepha luhlale lusonge izandla. Lolu hlobo lwabantu luze lufe
lungenalutho ngoba esikhundleni sokuthi lwenze noma luzame lona lulibala ukunaka
abanye abantu. Lubagxeke kepha lona lube lungenzi lutho.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iibhala/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo iqukethe umoya wokugxeka. Imbongi igxeka izenzo zalaba bantu abanomona
ngoba babukela phansi imisebenzi yabanye abantu. Iyabanxusa laba bantu abangafuni
ukubona abanye bephumelela ukuba nabo abaphenduke benze okuhle bengalokhu
bebheke okubi kodwa.
Indikimba
Indikimba ummongo/ ingqikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo umona.
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi uma ungumuntu ungabi nomona uma ubona omunye umuntu
ephumelela empilweni noma enezinto ongenazo wena. Kuhle ukubongela omunye umuntu
uma izinto zimhambela kahhe ungamfeli umona, umjabulele.
Isigqi
Isigqi siyanensa ngenxa yomoya wokugxeka. Nakuba i-enjambamenti iningi futhi
kunonkamisa abaningi abeqiwe kule nkondlo lokho akusenzi isigqi senkondlo sisheshe.
Namagama amafishane awasenzi isigqi sisheshe ngenxa yomoya wokugxeka.
Ithoni
Ithoni yokucasuka – imbongi igxeka izenzo zomuntu onomona ovele anximfe ngaso sonke
isikhathi uma ebona izinto zihambela kahle abanye abantu.
Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa

42
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( Izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.
Izinzwa
Ukucekefula - inzwa yokuzwakalayo. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukukhulumela
safuthi komuntu onomona ngenxa yokubona abanye abantu bephumelela.
Izisho

Ukubamba emehlweni umugqa wama-25

Ukukhohlisa – Lesi sisho sisho ukulkhohlisa umuntu ngoba nakhu ufuna izinto zihambele
wena kahle, Ngalesi sisho imbongi igqamisa umqondo wokuthi umuntu onomona uvele
akukhohlise kube sengathi uyakucoma athi angabheka eceleni bese eyamximfa.

Ukuhlabana; umugqa wama 40

Ukunqoba empini. Imbongi ithi nayo isize yaphumelela kade beyifela ymona isize
yakhohlwa.
Izaga

Emgqeni wama -27 kuya kowama-38

Lala lulaza bayokwengula.

Sisho ukuthi uma ulibele bazofika abahlakaniphile bakuhlaniphele. Imbongi igqamisa


umqondo wokuthi lo muntu akaqhubeke nje amhlakaniphele ngoba vele unomona ngaye
kodwa bakhona abazoqhamuka bamzwele.

Emgqeni wama- 37 kuya kowama-38

Kulele kunye ukube kubili ngabe kuyavusana. Lesi saga sishiwo lapho khona umuntu
ebekeka enza izinto eziwubuwula. Imbongi iveza ukuthi lo obethi kulele kunye usithwe
yisithupha ngoba sekulele kubili okusho ukuthi izinto azenzayo seziqala ukukhombisa
ubuhlakani.

Emgqeni wama- 36 kuya kowama -37. Abantu abayi nganxanye bengemanzi. Imbongi
igqamisa umqondo wokuthi bakhona abantu abangeke babe nomona ngezinto ezenzayo,
abangeke bafane nalesi sinximfi.
Enjambamenti
Umqondo uqala emgqeni woku-1 uphelela emgqeni nowesi -2.
Imbongi isebenzise umqondlo wokuklodela lo muntu onomona wokuthi akaqhubeke ahleke
njengoba ejwalele ukunximfa.
Umqondo uqala emgqeni wesi- 15 uphelela emgqeni we – 16.
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi lo muntu onomona akanalutho enjalo nje uphila
ngokucela kubantu. Abanye abantu baphila ngamandla abo kodwa yena uhlala
ngokucela/ngokunana.
Imvumelwano
Umugqa wesi-3 kuya kowe -4 Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha
umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi ikhuluma ngomuntu onomona.

43
Imvumelwano siqalo

Uyisigqila somona
Umon’ongumthakathi
Umugqa we-11 kuya kowe-12 Imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi ukuletha
umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi ikhuluma ngomuntu onomona ohlezi, engenzi
lutho.Lo muntu uyoze afe engazuzanga lutho.

Imvumelwano maphakathi
Uyozuf’ usongizandla
Uyozuf’ ungahlabananga
Ukuxhumana

Emugqeni we- 3 nowesi – 4 Ukuxhumana okutshekile.

Uyisigqila somona,
Umon’ ongumthakathi.

Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uphenduka isigqila sawo ufana nse nomuntu
othakathayo.

Emgqeni we-11 nowe-12 ukuxhumana okusekuqaleni

Uyozuf’ usongizandla’

Uyozuf’ ungahlabananga.

Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uze afe engenalutho ngenxa yomona.

Emgqeni we-13 kuya kowe-14

Ukuxhumana okusekugcineni

Ngifel’ umona

We Sifamona

Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uhlale enomona njalo uze abizwe ngesifamona
ngenxa yobunjalo bakhe,

Emgqeni wama-31 kuya kowama-32 ukuxhumana okumaphakathi.

Uthi kulele ngakunye


Kanti kulele ngakubili,
Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona ucabanga ukuthi ulibele/ akaboni ukuthi isize
yabona ukuthi bamfela umona.

44
1. Gagula bese utomula imvumelwano etholakala ebinzeni loku-1. (2)
2. Xoxa kafushane ngomqondo otholakala ebinzeni lesi-2. (2)
3. Yini inhloso yembongi yokusebenzisa yokuxhumana okusemigqeni wesi-3 nowesi-4. (2)
4. Chaza umoya otholakala ebinzeni lesi-5. (2)
5. Hlolisisa ithoni etholakala ebinzeni lokugcina kule nkondlo. (2)
IZIMPENDULO
1. Imvumelwano siqalo
Uyisigqila somona. ü
Umona ongumthakathi. ü (2)
2. Leli binza likhuluma ngomuntu onomona osekuphele amazwi njengoba kukhona
abakwazi ukudelela ngaphezu kwakhe. Imbongi ithi umona wakhe ukhombisa ukuthi
yena lo muntu akanalutho wande ngomlomo kuphela. üü (2)

3. Imbongi isebenzise ukuxhumana okutshekile


Uyisigqila somona,
Umon’ ongumthakathi. ü
Ingenhloso yokugqamisa ukuthi lo umuntu ohlale enza izinto ezimbi unenhliziyo (2)
embi .ü
4. Imbongi igqamisa umoya wokudumala/ wokukhathazeka. Imbongi idunyazwa/
ikhathazwa ukuthi lo muntu ubona izinto zabanye ezingahambi kahle kanti naye
unezinkinga zakhe ezimbhekile , ezicishe zifane nezabo. üü
(2)
5. Ithoni yokujabula/yokubhuqa. Kunobuqiniso bokuthi kuyenzeka umuntu obekuhleka/
ekubhuqa akufake ugqozi lokuthi usebenze kanzima ugcine uphumelele. ü Imbongi
ithi konke okubi okwenziwa yilo muntu kwenze yasizwa ngabanye abantu
yaphumelela. ü (2)

45
8. IDWALA LIKASHAKA
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama athile
anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule
nkondlo imbongi ikhuluma ngedwala likaShaka ayehlala kulo na ebheke ngalapho
kuzoqhamuka khona abelungu, nangempela baqhamukela kuyena olwandle
lwaseSibubulungu( eThekwini)
Idwala - Leli gama lisho itshe elikhulu elingagudluzeki futhi elingahlukaniseki kalula..
Imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kuleli tshe.
Elahlula - Leli gama lisho ukungaphumelelei ukwenza into. Imbongi ithi abelungu bahluleka
ukuligaya/ukulibulala.
Elengamele- Ukwengamela kusho ukubheka/ukubhekwa kwento. Imbongi ithi ekupheleni
kolwanlde kukhona leli tshe elikhulu.
Kuhle kwenkosi- isifaniso- imbongi ifanisa inkosi ibhekene nezimpi zezinye izizwe.
Imikosi- Leli gama lisho imibungazo ebea khona. Imbongi iifanisa leli dwala nezimpi
ezahlekene ezaziliwa uShaka.
Elabikezela- Leli gama lisho ukumemezela into ethile ezokwenzeka. Imbongi ithi iNkosi
uShaka yayimi kuleli dwala ngenkathi imemezela ukuthi abalungu bayoqhamuka kule
ndawo.
Lungu –isenzukuthi. Leli gama lisho ukuvele kuvele into esikhaleni ingalindelwe muntu.
Imbongi ithi okwakumenyezelwe yinkosi uShaka kwafezeka ngokuthi baqhamuke abelungu
baengalindelwe.
Elalibuka- Leli gama lisho ukubakhona abantu uma benza into ethile. Imbongi ithi iNkosi
uShaka wayema kulo leli dwala abheke amabutho akhe elungiselela/ eziqeqeshela impi
engaqhamuka.
Ukwenza ifutho- Leli gama ifutho lisho ukuba nomdlandla wokwenza okuthile. Imbongi ithi
iNkosi uShaka wayebuka umdlandla owawukhonjiswa amabautho khona olwandle.
Eligezw’amagagasi- la magama asho ukuthi amanzi olwandle ayebuye alimboze leli dwala
uma eza ngamandla emaningi. Imbongi ithi kwakwenzeka amanzi eze ngamandla afike ale
mboze leli tshe.
…adl’ aMaqaqasi- Amaqaqasi kwakungelinye lamabutho eNkosi uShaka. Lapha imbongi
ithi amagagasi afika athatha amukisa amabutho ayeseduze naleli dwala.
Ejutshwe- Leli gama lisho ukuthunywa ukwenza into ethile. Imbongi ithi kukhona amabutho
ayelapha osebeni lolwandle ayekade ethunywe iNkosi uShaka ashona.
Eliseyisisekelo- Leli gama lisho ukuqala kwezinto. Imbongi ithi abelungu bafika kuleli zwe
ngokuqhamuka emanzini/olwandle.
Liseyisisekelo- Leli gama lisho into okusaxoxwa ngayo. Imbongi ithi iNkosi uShaka
usahlonishwa ngoba kusaxoxwa ngayo nokubusa kwayo okwahlula abelungu bezama
ukuqeda umbuzo wakhe.
lwandle luamabutho

46
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kule ndawo yaseSibubulungu osebenzi lolwandle
alinde ukubhekana nokufika kwabelungu namabutho akhe okwakungaMaqaqasi..

Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo inomoya wokuncoma nowokukhathazeka. Imbongi incoma ubuhlakani beNkosi
uShaka ngokungabayekeli abelungu ukuthi bavele bazifikile ezweni ngaphandle kokudlula
kuyena. Iphinde ibe nnomoya wokubalisa njengoba imbongi ithi nakuba kwakuhle ukulinda
olwandle kepha kunamabutho emuka ethathwa ngamagagasi olwandle. Ekugcineni inkondlo
iphinde inomoya wokutusa ubuqhawe beNkosi uShaka okusakhulunywa ngakho.

Indikimba
Indikimba ummongo/ ingikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo ubuqhawe/umlando/ukudabuka
kwezinto njengoba iNkosi uShaka wakwazi ukuvikela isizwe sayo ihlale ilindele phakathi
nolwandle ukufika kwabelungu.

Umyalezo
Umyalezo yilokho imbongi efisa ukukudlulisa ngokuhaya/ngokubhala inkondlo. Kubalulekile
ukuzinikela uma wenza into njengoba iNkosi uShaka yazinikela , yaba yiNkosi ekwaziyo
ukubhekana nabelungu ukuze bangazenzile endaweni yayo.

Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokuncoma nakuba kukhonyana nowokubalisa. Imigqa
mifishane inamagma amabili , namabinza ayalingana eminingi inezimpawu zokuloba kodwa
lokho akusenzi isigqi sinense ngenxa yomoya wokuncoma.

Ithoni
Ithoni iveza ukujabula indlela iNkosi uShaka azinikela ngayo namabutho egade ukufika
kwabelungu okusaxoxwa ngakho nanamuhla.

Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama.
Sikhuluma ngezinzwa (inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/ yokulalelekayo, inzwa
yokuhogelayo, inzwa yokunambithekayo nenzwa yokuthintekayo), izimo zokukhuluma
(izifengqo, izaga nezisho) namagama acebile.

Izinzwa
Ukuliqhephula - inzwa yokuthintekayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi akekho owakwazi ukuhlukanisa itshe /umbuso
elalihlala iNkosi uShaka.
Elengamele - Inzwa yokubonakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi kukuleli dwala lapho amabutho ayehlala eduze
kwalo azungeze/agade iNkosi uShaka.
Elebikezela - Inzwa yokuzwakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka yayikule ndawo ngenkathi itshela
abantu bayo ukuthi kuzofika abelungu beqhamuka khona lapha olwandle.
Elalibuka - Inzwa yokubonakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka wayehlala kulo abuke amabutho
akhe uma ezilungiselela ngokuhlabelela ukubhekana nempi.

47
Elaligezwa - Inzwa yokubonakalayo/yokuthintekayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi leli dwala laliphakathi nolwandlwe, amagagasi
aphakama athatha ibutho leNkosi uShaka.iNkosi uShaka.

Izifenqo
Umugqa wesi -7,isifaniso
‘Kuhle kwenkos’ imele…’
Imbongi ifanisa leli tshe nokuma kweNkosi uma ime phambi kwamabutho eya empini.
Umugqa wama-23…..isingathekiso
‘Liseyisizekelo’- Ingathekisa idwala nendaba exoxwayo ingapheli.
…lungu…isenzukuthi

Enjambamenti
Umugqa woku-1 kuya kowesi-2.
Umqondo uqala emgqeni woku-1 uphelela emgqeni wesi-2
Imbongi isebenzise le enjambamenti ukuveza ukuthi leli tshe likuyiphi indawo nolwandle.

Impindwa
Yidwala likaShaka
Le mpindwa iqukethe umqondo wokugcizelela umlando omkhulu wokufika kwabelungu
befikela eNkosini uShaka owayevikela isizwe samaZulu.

Imvumelwano
Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3
EliseSibubulungu,
Elahlul’ abelungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
leli tshe likuyiphi indawo nokuthi abaphumelelanga abelungu ukulihlukanisa/ ukuliphihliza

Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3


EliseSibubulungu,
Elahlul’ abelungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
leli tshe likuyiphi indawo nokuthi abaphumelelanga abelungu ukuliphihliza/ukulihlukanisa

Umugqa we-10 kuya kowe-11


Elabikezel’ umLungu,
Nempela wathi lungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
lokwakumenyezelwe yiNkosi uShaka ngokufika kwabelungu kwenzeka ngoba bavele
baqhamuka njengoba base belindiwe.

Umugqa we-14 kuya kowe-15


Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela
nokuthi iiNkosi uShaka wayehlala abukele amabutho ezilungiselela ukulwa/ukuvikela
umbuso wakhe.

Umugqa we-14 kuya kowe-15


Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela nokuthi
iiNkosi uShaka wayehlala abukele amabutho ezilolonga

48
Umugqa we-18 kuya kowe-19
Eligezw’ amagagasi,
Won’ adl’ aMaqaqasi
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela
nokuthi ukuzilungiselela kwamabutho phakathi nolwandlwe kwaba nobungozi bokuthi
amanye agwinye yilo ulwandle ngenza yokuthathwa ngamagagasi.

Umugqa wama-22 kuya kowama-23


Eliseyisisekelo.
Liseyisizekelo
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo nokugcizelela
umlando wokufika kwabelungu nobuqhawe obakhonnjiswa yiNkosi uShaka ezinikele
ngokuvikela umbuso wayo kubelungu.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1 Tomula uphinde ugagule uhlobo lwemvumelwano etholakala ebinzeni lokuqala (2)
2 Chaza kafushane umqondo otholakala ebinzeni lesibili. (2)
3 Ngabe umfanekisomqondo oqukethwe umugqa we-14 ukulekelele kanjani ukuqonda (2)
okushiwo yileli binza?
4 Yini inhloso yembongi ukusebenzisa i-enjambamenti emgqeni wama-21 kowama-22? (2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ukusebenzisa isigqi sale nkondlo. ngokufa. (2)

IZIMPENDULO
1 EliseSibubulungu
Elahlul' abelungu ü
Imvumelwano siqalo ü (2)
2 Umqondo webinza lesi-2 ugqamisa ukuphakama kwedwala likaShaka. Elisho
ukuphakama kombuso weNkosi uShaka. ü Umugqa wesi-7 isebenzise
umfanekisomqondo wokubonakalayo ‘Elengamel’ ulwandle’ ‘Kuhle kwenkosi imele
imikhosi yempi’, imbongi ifanisa leli litshe likaShaka neNkosi esuke yengamele (2)
zonke izinhlobo zemikhosi yakwaZulu. ü
3 Imbongi isebenzise umfanekisomqondo obonakalayo oyisenzasamuntu ‘Elalibuk’
amabutho’ üukugqamisa ukuthi inkosi uShaka yayiqapha amabutho ihleli kulo leli
dwala ngenkathi ezilolonga olwandle. (2)
4 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuqedela umqondo osuka emgqeni wama-21
kuya kowama-22 igqamisa ukuthi konke okuyisisekelo sobukhosi benkosi uShaka
eyayikwenza yayikwenza ihlezi kulo leli dwala, ngakho-ke. ü (2)

5 Imbongi iphumelele kahle ukwethula isigqi esisheshayo, ngoaba inkondlo inomoya


wokuncoma, yonke imigqa mifishane futhi ivulekile. üImbongi incoma ubuhlakani
benkosi uShaka ekusebenziseni leli dwala ukuqeqesha ababutho, ukulola imikhonto
nokugada izitha. ü (2)

49
UMBUZO 2
1 Nikeza umfanekisomqondo otholakala ebinzeni loku-1. (1)
2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kwe enjambamenti etholakala emgqeni we-11
nowe-12.
(3)
3 Ngabe ukusetshenziswa kwempindwa kunamthelela muni ekuqondeni kwakho
le nkondlo. (2)
4 Yini inhloso yembongi ukusebenzisa imvumelwano emgqeni we-14
nowe-15. (2)

5 Phawula ngokusetshenziswa kwesenzukuthi ebinzeni lesi-3. (2)

IZIMPENDULO
1 Umfanekisomqondo wokuthintekayo. ü (1)
2 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuxhumanisa umqondo oqale emgqeni we-11
uphelele emgqeni we-12ü. Imbongi iveza ukuthi uShaka wayekulo lelidwala la atshela
khona abantu bakhe ukuthi kuzofika abelungu ünangempela baqhamuka khona
olwandle. ü (3)
3 Ukusetshenziswa kwempindwa ‘Yidwala likaShaka’ ü ukugcizelela ubuqhawe
bukaShaka nesibindi ayenaso sokuvikela umbuso wakhe ngokusebenzisa leli dwala
kanye nokuqonda umlando omkhulu wokufika kwabelungu. ü (2)

4 Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo u ‘e’, ngenhloso yokuletha umgqumo


omnandi osamculoü nokugcizelela ukuthi iNkosi uShaka wayehlala abuke amabutho
ezilolonga olwandle elindele ukuvikela isizwe sikaZulu. ü (2)

5 Imbongi iphumelela kahle ukusebenzisa isenzukuthi ‘lungu’ üukugqamisa ukuthi


abelungu bavela baqhamuka kuleso sikhashana bengaziwa muntu ukuthi
bazokwenzani. ü (2)

50
9. UTHUNYWE NGUBANI?
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani
bembongi ekusebenziseni amagama athile anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho
efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngemisebenzi yokufa
okufikela wonke umuntu kuyo yonke imizi. Imbongi ize izibuze ukuthi phakathi kukaSathane
noNkulunkulu ubani ovuma ukuthi abantu bafe.
We kufa –(umbizi) Imbongi ikhuluma nako ngqo ukufa loku ekubizayo
Ungihlebele – igama elinembayo elichaza ukuthi utshela umuntu into ethile ongafisi ukuthi
omunye ayizwe.Imbongi njengoba ibuza ayifisi ukuthi impendulo ezoyithola yayizwe abanye
abantu.
Uthunywe ngubani?(umbuzombumbulu) Imbongi iyazibuza umbuzo ongenampendulo.
Imbongi ibuza khona ukufa ngqo ukuthi ngubani kanti lona okuthumile ukuba
kuzosihlukumeza kusibangele nosizi.
Uzosibangel’ usizi- igama elinembayo. Okusho ukwenza into kumuntu ezomenza
angaphatheki kahle. Imbongi iveza ukuthi ukufa uma sekufikile abantu abaphatheki kahle.
Okuph’amandlakazi- igama elinembayo. Lichaza ukuba namandla amakhulu njengoba
imbongi ibuza ukufa ukuth la mandla angaka okunqoba kuwathathaphi ukufa.
Angangawamabutho akwaMandlakazi.- (Isifaniso) Ufanisa amandla. Ukufa uma kufika
kuqeda amandla. Uphelelwa indlela yokwenza awunawo amandla okukuphikisa uma
sekufikile,
Uphoqoze – isenzasamuntu esishosho ukuphula noma ukuqhephula into ethile. Imbongi
igqamisa ukuthi ukufa yiko okubulalayo noma okuthatha imiphefumulo yabantu.
Izithomb’ ezingamaklume – igama elinembayo elichaza umbila osemncane osemusha
osengamachefe. Imbongi ithi loku kufa ekhuluma ngakho kuthatha ngisho izingane
ezincane.
Omthathe, omsimbithi nomthombothi – isingathekiso Izinhlobo ezithile zezihlahla.
Lapha imbongi ithi ukufa akukhethi kuthatha abantu abasemazingeni ahlukahlukene ,
okungabantu abasakhula, asebekhulile nabadala.
Umsimbithi-Isihlahla esingaphuki kalula olwenza izinduku .
Umthombothi-Isihlahla esiqinile esisetshenziselwa ukubaza.
AbakwaMthombothi,abakwaMsimbithi kanye nabakwaMthathe – (isenzasamuntu)
Imbongi ithi uthi nabo bangafakaza ukuthi ukufa sekuke kwafika nakubona.
AbakwaMthombothi bangavuma-Kuthatha noma umuntu esingacabanga ukuthi
akanankinga empilweni, kodwa ukufa kufike kumthathe.
AbakwaMsimbithi bangavuma-NabakwaMthathe bavume-Kusho ukuthi wonke umuntu
akekho okwazi ukunqaba ukufa.
Usuke wabenzakalisa-Akekho umuntu ongeke afakaze ngesimo esisike sabavelela.
Wonke umuntu kuba nento ayishoyo ngokufa ukuthi sonke sike sadlula kulesi simo.
Bayafakaza ngokufa ukuthi nabo kwake kwafika kubona.
Uthunywe ngoMkhulukhulu? – (umbuzombumbulu) Ubuza umbuzo ongenampendulo
njengoba ebuza ukuthi ukufa kungabe kuthunywe uSathane noma uNkulunkulu yini?

AMASU ANHLOBONHLOBO OKUHLUZA

Umqondo
Umqondo yiloko okushiwo / okwethulwa yimbongi enkondlweni.
Kungaba umqondo osobala noma kube umqondo ocashile. Le nkondlo inomqondo osobala
lapho imbongi ikhuluma ngqo nokufa efisa ukuba kumnyenyezele ngokuthi njengoba kukhona
kuthunywe ngubani.
Imbongi iphinde iveze ukuthi ukufa uma sekufikile kwenza abantu baphatheke kabi Imbongi
ikhuluma ngabantu abashonelwayo ezigabeni ezahlukene. Ikhuluma ngesimo esifikayo singabi

51
sihle lapho kushone khona abantu abehlukahlukene, yingakho ifuna ukwazi ukuthi lesi simo
sidalwa ubani. Ubani lona odala isimo esaziwa yibona bonke abantu. Ubani odala lesi simo
esingabi sihle emakhaya sokwedlula kwabantu abehlukahlukene ngokwezigaba zabo. Imbongi
iyabuza ukuthi ngabe imvume kaSathane noma uNkulunkulu na njengoba bonke abantu
sebedlule kusona.
Indikimba
Indikimba yale nkondlo ukufa. Imbongi ithi ukufa kufika kubulale abantwana abancane,
abasakhula nabadala.. Ibuka ukufa kuphiwe amandla amakhulu okunqoba emhlabeni.
Umoya
Umoya wokukhathazeka. Imbongi ibheka izinto ezenziwa ukufa okuthi uma kufikile kuthathe
izingane, kuthathe abantu ngokwezigaba zabo. Imbongi ikhathazwa nawukuthi akukho futhi
ukufa lapho kungafikanga khona sekufike yonke indawo, sekuthathe abantu abehlukene
yingakho bevuma kufike yonke indawo. Kuyayikhathaza ukuthi ukufa akukhethi. Ubani lona
owathi akufike. Yingakho igcina ngokuzibuza ukuthi kungabe uSathane noma uNkulunkulu na?
Isigqi
Isigqi sale nkondlo esinensayo ngenxa yomoya yokukhathazeka. Imbongi ikhathazwa ukufa
okunamandla amakhulu njengoba kuthatha lonke uhlobo lwabantu. Imigqa eminingi ivalekile
nezimpawu zombuzo nakuba kunokweqiwa konkamisa kweminye imigqa ngenxa yomoya
wokukhathazeka isigqi siyanensa.
Ithoni
Ithoni evela kule nkondlo ithoni yokudideka njengoba imbongi ididwa ukuthi ayazi ukuthi ukufa
kuthunywe ubani? Iphinde ididwe nawukuthi akukhethi uma sekufikile kuthatha omncane
nomdala. Imbongi ifisa ukwazi ukuthi lesi simo singanqotshwa kanjani sidalwa yini.
Umyalezo
Kumele sihlale silindile ngaso sonke isikhathi ngoba ukufa kukhona futhi kufika kunoma ubani,
akekho ongeke adlule emhlabeni noma ongeke aphunyule.
Imvumelwano

Imvumelwanosiqalo
Uthunywa ngubani wena?
Ukuba’uzosibangel’ usizI?
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo “U” ukuletha umgqumo osamculo omnandi
nokugcizelela umbuzo-mbumbulu obuzwa imbongi ukuthi ngabe lokhu kufa ubani owathi akuze
kuzosihlukumeza, abantu baphatheke kabi bangahlali kahle.
Imvumelwanosigcino
Ukuba uzosibangel’usizi
Nguban’ okuph’ amndlakazi
Iletha umgqumo osamculo omnandi ngenhloso yokugcizelela ukuthi njengoba ukufa kusiphatha
kabi kangaka ngabe kuwathathaphi amandla angaka okunqoba.
Kungabe uyisithunywa sikaSathane
Noma uthunywe ngoMkhulukhulu
Imvumelwanomaphakathi
Iletha umgqumo osamculo omnandi ngenhloso yokugciselela ukuthi ikhuluma nako ukufa ibuza
ukuthi ngabe ithunywe uSathane noma uNkulunkulu.

52
Ukuxhumana
Nguban’ okuph’amandlakazi
Angangawamabuth’ akwaMandlakazi
Ukuxhumana okusekugcineni
Ukugqamisa umqondo wamandla amakhulu ukufa okunawo.
AbakwaMsimbithi bangavuma
NabakwaMthathe bavume
Ukuxhumana okusekugcineni. Imbongi igqamisa ukuthi lezi zizwe zingafakaza nazo ukuthi
ukufa kwafika nakuzona.
Ukuxhumana maphakathi
Kungabe uyisithunywa sikaSathane
Noma uthunywe ngoMkhulukhulu
Imifanekisomqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso emqondweni
walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma ngezinzwa
(inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/ yokulalelekayo, inzwa yokuhogelayo, inzwa
yokunambithekayo nenzwa yokuthintekayo), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho)
namagama acebile.

Owephula uphoqoze- wokuthintekayo/wokubonakalayo


Ukugqamisa umqondo wokuthi ukufa kufika kuhlukanise umzimba nomphefumulo kubantu.
Izifengqo
Umbizi - We kufa
Imbongi ikhuluma nakho ngqo ukufa icela ukuba kumtshele ukuthi kuthunywe ngubani?
Isenzamuntu – Owephul’ uphoqoze ngawo
Imbongi ithatha ukufa wakunika izimpawu zomuntu ophilayo yathi kuphula kuphoqoze
ukudlulisa umqondo wokuthi yiko ukufa okuhlukanisa umzimba kanye nomphefumulo.
AbakwaMsimbithi bangavuma -isenzasamuntu
Imbongi inikeza into engaphili izimpawu zomuntu ophilayo njengoba ithi izihlahla zingafakaza
okusho ukuthi akekho umuntu ongakaze ashonelwe.
Isifaniso – Angangawamabutho akwaMandlakazi, lapha ufanisa amandla amakhulu ukufa
okunawo njengoba ewafanisa namandla amabutho akwaMandlakazi.
Isingathekiso – Omthathe, omsimbithi nomthombothi. Imbongi Ibiza abantu
abasemazingeni ahlukahlukene abanqotshwa ukufa ngezihlahla ezahlukahlukene.
Umbuzombumbulu – Uthunywa ngubani wena?
Imbongi ibuza umbuzo engeke iyithole impendulo yawo njengoba ibuza ukufa okungakhulumi
ukuthi kuthunywa ngubani?

53
Ifanamsindo
Ifanankamisa – Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
Imbongi iletha umgqumo osamculo omnandi ukugcizelela ukuthi abantu abasemazingeni
ahlukahlukene njengoba ebabiza asebake bashonelwa.
Ifanangwaqa – Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
Imbongi iletha umgqumo osamculo omnandi ukugcizelela ukubiza abantu abasemazingeni
ahlukahlukeni njengoba ebabiza ngezihlanhla ezinhlobonhlobo.
Umugqa wesi-6 kuya kowesi-8
I-enjambamenti
Owephul’ uphoqoze ngawo
Izithomb’ ezingamaklume
Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
Imbongi iqedela umqondo oqale emggeni wesi – 6 waphelela emgqeni wesi – 8 ukuveza ukuthi
ukufa kubulala abantu abancane nabasezigabeni ezehlukahlukeni.

1 Tomula ubuye ugagule isifengqo esitholakala emgqeni wesi-1 (2)

2 Chaza kafushane umoya oqukethwe umugqa wesi-2 kuya kowesi-3. (2)

3 Chaza ngokusetshenziswa kwe- enjambamenti etholakala emgqeni we-10 kuya kowe-12. (2)

4 Iyini inhloso yembongi ngokusebenzisa ukuxhumana emgqeni we-13 nowe-14? (2)

5 Phawula ngempumelelo yembongi yokusebenzisa ifanamsindo emgqeni wesi-8. (2)


(10)

1 We kufa, ak’ ungihlebele, ü (2)

Umbizi. ü

2 Le migqa inomoya wokukhathazeka. üImbongi ikhathazwa ukufika kokufa kungalindelwe (2)


kubantu ize ibuze umbuzo ingadinge mpendulo njengoba ibuza ngalo muntu oyinike umyalelo
wokuthi kubulale abantu , kudaleka umunyu nobuhlungu bezinhliziyo. ü

3 Imbongi isebenzise i-enjambamenti emgqeni we-10 kuya kowe-12 ukuxhumanisa nokuqedela (2)
umqondo ekugqamiseni ukuthi laba bantu abadala, asebekhulile akulula ukuthi bangaphikisa
ukufa ngoba bakubonile kuphoqophoqoza izingane nabadala. üü

4 Inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana maphakathi (2)

Kungabe uyisithunywa sikaSathane?


Noma uthunywe ngoMkhulukhulu? ü

Ukugqamisa ukuthi kungabe ukufa kunikezwe indoda yobumnyama umyalelo wokuthi kubulale
noma kuthunywe nguMdali wezinto zonke. ü

54
5 Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa ifanankamisa u-‘a’ ukuletha umgqumo osamculo (2)
nokugcizelela ukuthi lezi zihlahla eziqinile imbongi ekhuluma ngazo okungaba ngabantu
abadala, abakhulile abazele lezi zingane eziphoqophoqozwa ukufa. üü

(10)

Umbuzo 2

1 Bhala uhlobo lwesifengqo esitholakala emgqeni wesi-2 bese unikeza incazelo (2)
yaso.

2 Chaza kafushane ukusetshenziswa kwemvumelwano emgqeni wesi-2 kuya kowesi-3. (2)

3 Ngabe umugqa wesi-7 ukwelekelele kanjani ukuqonda le nkondlo? (2)


4 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa ifanangwaqa emgqeni wesi-8 ? (2)

5 Hlaziya isigqi sale nkondlo. (2)

(10)

1 Umbuzombulu. ü
Imbongi izibuza umbuzo ingeke ithole mpendulo njengoba ibuza ukufa ukuthi kungani ibulale (2)
abantu kukhalwe emzini yabantu. ü
2 Ukusetshenziswa kwemvumelwano siqalo u-‘u’- esemgqeni wesi-2 kuya kowesi-3 (2)

Uthunywe ngubani wena?

Ukub”uzosibangel”usizi? ü
Ukuletha umgqumo omnandi osamculo lapho imbongi izibuza ukuthi ukufa kuthunywe ubani.
ü
3 Umugqa wesi-7 othi izithomb’ezingamaklume ungelekelele ukuba ngiqonde ukuthi ukufa (2)
kuthatha ngisho abantwana abancane abasakhula. üü
4 Inhloso yembongi yokusebenzisa ifanangwaqa u‘th’ kule nkondlo ukuletha umgqumo omnandi (2)
osamculo lapho imbongi ithi ukufa akukhethi kuthatha abantu abasemazingeni ahlukahlukene.
üü
5 Imbongi iphumelele kahle ukusethulela isigqi sale nkondlo esinensayo ngenxa yomoya (2)
wokukhathazeka nakuvaleka kwemigqa nakuba kunokweqiwa konkamisa futhi kunemigqa
evulekile. Imbongi ikhathazwa ukufa okuhlasela lo mndeni okuphoqophoqoza abantu abadala
nabancane. üü

(10)

55
UKUKHETHWA KWAMAGAMA 10. ZINGQWELE ZE-AFRIKA (SANKOMOTA)

Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama athile


anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule
nkondlo imbongi ikhuluma ngomculo, ngakho- ke sibheka amagama agqamisa umculo.
Uzolile-Ukuba nokuthula- Imbongi ikhuluma ngeqembu lomculo iSankomota. Imbongi ithil
leli qembu lihlonishwa umhlaba wonke futhi liletha ukuthula.
Izingqwele- Umfana obehlula bonke ekwaluseni. Imbongi isichazela ngokuthi leli qembu
liyahlonishwa ngoba lehlula onke amanye amaqembu omculo.
Ubhedu- Inyama enonile ehamba nephaphu nenhliziyo edliwa izingqwele. Imbongi igqamisa
ukuthi leli qembu licula umculo wekhethelo. Uhlobo lomculo eliwuculayo awuculwa yinoma
ubani.
Ezinzulwini-Ekujuleni kwenhliziyo. Imbongi ichaza ukuthi izingoma eziculwa yile liqembu
zithintha ekujuleni komphefumulo.
Baboph’ imithwalo –Ukuthatha okungokwakho uhambe. Imbongi ithi izingoma eziculwa ileli
qembu ziqeda ukukhathazeka.
Bashantshule- Ukuhamba ungabheki emumva. Imbongi ithi uma leli qembu selicula
kuphela indumalo liqeda nezinsizi zihambe unomphele.
Ningamuki-Ukuhamba ongaphinde ubuye.Imbongi igqamisa umqondi wokuthi leli qembu
lingahlakazeki/lingayeki ukucula alihlale likhona.
Ngqambothi- Imvunge yomculo emnandi onjengomculo wamakhwaya odinga uwulalele
ukuze uzwe ubumnandi. Imbongi igqamisa ubumnandi bohlobo lomculo oculwa yileli qembu.
Uzohloba-ukuvunula/ukugqoka kahle. Imbongi ingqamisa umqondo wokuthi ukuba khona
kwaleli qembu wenza umhlaba ube muhle.
Kuchwaze-umsindo owenziwa izihlwele okhombisa ukuthakasela into enhle eziyibonayo.
Imbongi igqamisa ukuthi abathameli bomculo baleli qembu babanga umsindo wenjabulo
kanye nokuhalalisa uma leli qembu licula.
Nhlokomo-umsindo wobumnandi. Imbongi igqugquzela leli qembu ukuthi liqhubeke
nokucula kamnandi.
Namahlokohloko-Inyoni enombala ompofu, ingaphansana kwejuba ngobukhulu yakhela
isidleleke emagatsheni alengayo, isidleke sakhiwa ngobukhulu ubunono futhi kunzima
ukufinyelela esidlekeni. Imbongi ifaniswa leli qembu nenyoni amahlokohloko ukugqamisa
ukuthi leli qembu lakhiwe ngamalunga eqophelo eliphezulu futhi leli qembu litholakala
kanzima uma ulifuna.
Kuhlaluke-Ukuvela obola kwento. Imbongi igqamisa ukuthi umculo oculwa yileli qembu
uveza ukuthi kulo mhlaba kunezinto ezinhle.
Ningaphezi-Ningadinwa/ ningayeki/ ningakhathali. Imbongi igqugquzela leli qembu lomculo
ukuthi lingakuyeki ukucula.
Amagoda- Uhlobo lokweluka izinwela izibophe uzenze ingqathu bese uyazishutheka ukuze
zingaqaqeki. Imbongi igqamisa ukuthi iyahluleka ukuzibamba uma leli qembu selicula ivele
nayo icule nalo leli qembu.
Umzwangedwa-Isizungu/ isithukuthezi,

56
Samuku-Ukuthula ungakhulumi - Imbongi igqamisa ukuthi isizungu siyaphela uma ilalele
umculo waleli qembu futhi ayikwazi ukuthula ingaculi.
Washwibashwiba-Ukunyakaza uye le nale ngesivinini esikhulu. Imbongi ingqamisa ukuthi
uma elalele leli qembu lomculo inhliziyo yakhe ithola ukujabula okukhulu.
Elingenamngcele. Izwe elikhululekile. Imbongi igqamisa ukuthi leli qembu uma licula liletha
inkululeko.
Ezikhophozela- Ukubuka ngokwesaba. Imbongi igqamisa indlela leli qembu elicula ngayo
phambi kwezibukeli, uma seliculela phansi okungathi liyesaba ukucula.
Bashaya bachitha-Isisho esichaza ukuhamba ungaphinde ubuye. Imbongi igqamisa ukuthi
leli qembu liletha uthando liqede ukungezwani.
Wadlondlobala-Ukukhula kwento ngamandla amakhulu/ngesivinini. Imbongi igqamisa
ukuthi uthando luyakhula ngenxa yaleli qembu.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Le nkondlo
ikhuluma ngeqembu lomculo iSankomota. Imbongi ithi leli qembu lomculo ngendlela elicula
ngayo likhothanyelwa umhlaba wonke. Leli qembu lehlula amanye amaqembu omculo.
Umcula oculwa ileli qembu uthinta ingaphakathi lomphefumulo. Uma leli qembu selicula
kuphela usizi nokudumala.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Imbongi iveza umoya wokuncoma nokunxenxa. Imbongi incoma leli qembu licula kamnandi
futhi liwehlula onke amanye amaqembu omculo ngendlela elicula ngayo. Imbongi iphinde
inxenxe ukuthi leli qembu licula umculo wekhethelo ukuthi maliqhubeke njalo nomculo walo
omnandi lingawuyeki.

Indikimba
Indikimba umongo/ ingqikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo umculo ngoba imbongi ikhuluma
ngomculo omnandi oculwa iqembu lomculo iSankomota.

Umyalezo
Into enhle iyanconywa, imbongi ikhuthaza abafundi bale nkondlo ukuthi bafunde ukuncoma
uma kukhona okuhle okwenziwa abanye abantu ukuze labo abenza okuhle
bezogqugquzeleka ukuthi bangayeki, baqhubeke nokwenza into enhle.

Isigqi
Isigqi sale nkondlo sixubile. Isigqi sale nkondlo siyashesha sibuye sinense ngenxa yalezi
zizathu. Umugqa wesi-2, wesi-3, we-10, we-14, we-16,wama-23, wama-24, wama-25 kanye
nama-26 imbongi isebenzise isigqgi esisheshayo ngoba iyancoma. Ibuye imbongi
isebenzise isigqi esisheshayo ngoba iyaphoqa kule migqa: we-12 kanye nowe-18. Uphawu
lombabazi emgqeni wesi-9, we-12, we-15, we-16 kanye nomugqa wama-26 wenza ukuthi
isigqi sale nkondlo sisheshe. Imbongi ibuye isebenzise isigqi esinensayo uma isincenga
ukuthi leli qembu lingapheli emgqeni wesi-8 kanye nowe-15.

Ithoni
Ithoni iveza ukuncoma kanye nokuncenga ngoba imbongi incoma iqembu leSankomota
indlela elicula kahle ngayo ibuye incenge leli qembu ukuthi lingayeki ukucula.

57
Imifanekiso mqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( Izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.

Izinzwa
Zidl’ ubhedu lwengoma, umugqa wesi-3. Imbongi isebenzise inzwa yokunambithekayo
ngoba ifuna ukusivezela ukuthi leli qembu isankomota licula umculo oseqopheleni eliphezulu
futhi ongaculwa yinona ubani.
Nenhliziy’ edabukil’ ithinteke, umugqa wesi-5. Imbongi isebenzise inzwa yokuthintekayo
ngoba ufuna ukusivezela ukuthi umcula omculwa ileli qembu leSankomota uqenda inhliziyo
ebuhlungu. Imbongi iphinde yayisebenzisa futhi inzwa yokuthintekayo emgqeni wesi-6 uma
ithi abakwaNdumalo baboph’ imithwalo. Imbongi igqamisa ukuthi umculo oculwa
iSankomota uqeda ukudumala.
Emgqeni wesi-7 imbongi isebenzise inzwa yokubonakalayo uma ithi: Bashaye
bashantshule. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi ukukhathazeka kuyashabalala uma
iqembu leSankomota licula. Imbongi iyaphinda futhi isebenzisa inzwa yokubona emgqeni
we-10 uma ithi: Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando. Isagqamisa umqondo wokuthi
umhlaba uba muhle ngoba abantu baba nothando ngenxa yomculo weSankomota.
Emgqeni we-11 imbongi isebenzise inzwa yokulalelekayo uma ithi: Kukikizwe kuchwaze.
Imbongi iqgamisa ukuthi uma abantu bezobukela iqembu leSankomota licula, izihlwele
ziyakikizela kuze kube nomsindo omkhulu ngoba zisuke zijabulela umculo.
Emgqei wama-28 imbongi ithi iphunga lothando lagcwal’ umhlaba. Isebenzise inzwa
yokuhogelekayo ukuze kugqame ukuthi umculo oculwa iqembi iSankomota uletha uthando
emhlabeni wonke.

Izifenqo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile

Isisho- Zidl’ ubhedu lwengoma, Isisho amagama enkulumo anothile angesiwona umusho
ophelele. Imbongi isebenzise lesi sisho esichaza into noma umuntu ovelele ukugqamisa
ukuthi leli qembu lomculo ngelekhethelo.
Ukwenzasamuntu -AbakwaNdumalo baboph’ imithwalo, Ukubopha imithwala kusho
ukuqoqa konke okungokwakhe uhambe. Imbongi igqamisa ukuthi leli qembu lomculo liletha
induduzo enhliziyweni
Ukwenzasamuntu- Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando, into engaphili inikwa
umsebenzi owenziwa into ophilayo. Inhloso yembongi ukugqamisa ukuthi leli qembu lenza
ukuthi abantu bathandane.
Ukwenzasasilwane- Khuphulani leyo nhlokomo!- Isifengqo lapho into engesisona
isilwane inikwa isenzo sesilwane. Ukuhlokoma umsindo owenziwa izinyoni amahlokohloko.
Imbongi isebenzise lesi sifengqo ukugqamisa ukuthi leli qembu lomculo lithi imalicula
lizwakale kamnandi ezindlebeni zabantu abalalele.
Izisho

58
Isisho- AbakwaNzondo bashaya bachitha! Isisho amagama enkulumo anothile
angesiwona umusho ophelele. Lesi sisho sichaza ukuhamba unomphele ungaphinde
ubheke emumva. Imbongi isebenzise lesi sisho ukugqamisa ukuthi leli qembu uma selicula
nalobo abanomona waleli qembu abangafunu ukulibona liphumelela, kodwa uma selicula
bavele bazizwe sebewuthanda umculo waleli qembu. Leli qembu ngisho ungalithandi ugcina
usulithanda indlela elicula ngayo.
Enjambamenti
Umugqa wesi- 8 kuya kowesi-9.
Umqondo uqala emgqeni wesi-8 uphelela emgqeni wesi -9 Imbongi kule migqa yomibili
incenga leli qembu leSankomota ukuthi lingahambi bese iphinda ilincenga ukuthi liqhubeke
nokucula kahle.

Impindwamqondo
AbakwaNdumalo babophe’ imithwalo.
Bashaye bashatshule,
Le mpindwamqondo iqukethe umqondo wokugcizelela ukuthi leli qembu lomculo liqeda
ukukhathazeka.

Ufanamsindo
Umugqa wesi-13
Ehlokoma namahlokohlok’ ehlobo – “o”
Imbongi igqamisa umsindo omnandi olethwa umculo omnandi waleli qembu.

Imvumelwano Siqalo
Umzwangedwa wangival’ samuku!
Umphefumulo wami washwibashwiba,
Le mvumelwano siqalo ilethe umgqumo osamculo omnandi, kanye nokugcizelela ukuthi
imbongi izizwa injani ngaphathi enhliziyweni uma leli qembu lomculo licula.
Zasholo phansi kamnandi,
Zahlekis’ umhlab’ ongahleki,
Le mvumelwano siqalo ilethe umgqumo osamculo omnandi nokungcizelela ukuthi leli qembu
lomculo linamalungu abaculi abangabantu besilisa kuphela nanokuthi babuye behlise
amaphimbo abo uma becula futhi baletha ukujabula emhlabeni.

Imvumelwano siqalo
Umugga woku-1 nowesi-2
Umhlaba uzolile,
Uhloniph’ izingqwele
Le mvumelwano siqalo iletha umgqumo omnandi okusamculo. Ugqamisa ukuthula
nokuphatheka kabi kwabantu ngenxa yalama qhawe omculo aphumele emculweni.

Umugqa wama-23 nowama-24


Zasholo phansi kamnandi
Zahlekis’ umhlab’ ongahleki
Le mvumelwano siqalo iletha umgqumo omnandi. Imbongi igqamisa ukuphela kwesimo
esingesihle abantu baba nokujabula emhlabeni obekungemnandi ukuphila kuwo

Imvumelwano maphakathi
Umugqa we-19 nowama-20
Umzwangedwa wangival’ isamuku
Umphefumulo wami washwibashwiba
Le mvumelwano maphakathi iletha umgqumo omnandi. Imbongi igqamisa ukuthi lo mculo
uletha injabulo nobumnandi ingabe isazibona noma ihlezi yodwa.

59
Ukuxhumana maphakathi
Umugqa wama-27 nowama-28
Umlilo wothando wadlondlobala
Iphunga lothando lagcwal’ umhlaba
Lokhu kuxhumana maphakathi imbongi ikusebenzela ukugcizelela isimo sokukhula
kokuzwana kuwo wonke umuntu kube mnandi yonke indawo.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1 Gagagula indikimba etholakala kule nkondlo? (1)
2 Chaza ngokusetshenziswa kwemvumelwano emgqeni wama-23 kanye (2)
nowama-24.
3 Ukusetshenziswa kwesimo sokukhuluma emgqeni wesi-7 kukwelekelele kanjani (2)
ekuqondeni leli binza?
4 Yini inhloso yembongi ukuphindaphinda igama elibhalwe ngokugqamile kule (2)
nkondlo?
5 Hlaziya isigqi esitholaka ebinzeni lesi-4. (3)

IZIMPENDULO
1 Indikimba etholakala kule nkondlo yindikimba yomculo. ü (1)
2 Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo u’za’
Zasholo phansi kamnandi,
Zahlekis’ umhlab’ ongahleki, ü
Ukuletha umgqumo osamculo omnandi nokugcizelela√ ukuthi leli qembu
lomculo libuye lehlise amaphimbo ngendlela emnandi uma licula futhi liletha
ukujabula emhlabeni onosizi. ü (2)

3 Ukusetshenziswa kwesisho “Bashaye bashantshule” singelekelele ukuba


ngiqonde ukuthi indumalo ihamba unomphele ingaphinde ibheke emumva. ü
Imbongi isebenzise lesi sisho ukugqamisa ukuthi leli qembu uma selicula
lithinta izinhliziyo ezikhathazekile ezigcwele usizi ize ithi “nenhliziyo edabukile (2)
ithinteke. ü
4 Inhloso yembongi yokuphindaphida ‘izingqwele’ ukugcizelela impumelelo
yeqembu lomculo elibizwa ngokuthiwa iSankomote ngokuthi alibize
ngezingqwelü. Ingqwele umfana obehlula bonke ekwaluseni. Imbongi ibe
isisebenzisa ikhono lokuthi iphindaphinde isigathekiso esithi ingqwele
ukugcizelela ukuthi ngempela leli qembu lomculo liwahlula wonke amanye
amaqembu uma kuziwa emculweni ngoba leli qembu lihlonishwa umhlaba (2)
wonke. ü
5 Isigqi esitholaka ebinzeni lesi-4 siyasheshaü ngenxa yomoya wokujabula futhi
kunokweqiwa konkamisa okuningi, nakuba imigqa yonke ivalekile kodwa
ngenxa yomoya wokujabulaü Imbongi ijatshuliswa umculo omnandi waleli
qembu owenza bonke abantu bajabule, kuphele ukuzondana bathandane, ize (3)
isebenzise amagama athi “ Zahlek’ umhlaba ongahleki,iAbakwaNzondo
bashaya bachitha’. ü [10]

60
UMBUZO 2
1 Gagula uhlobo lwesifengqo esitholakala emgqeni wama-20 (1)
2 Chaza kafushane okushiwo imbongi emgqeni wama-26 (2)
3 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa uphawu oluwumbabazi emgqeni we-12? (2)
4 Ngabe umfanekisomqondo obhalwe ngokugqamile emgqeni we-19 ukwelekelele (3)
kanjani ukuqonda umqondo waleli binza?

5 Phawula ngempumelelo yembongi yokusebenzisa ithoni yokuncenga emgqeni (2)


wesi-8.
[10]
IZIMPENDULO
1 Ukwenzasamuntu/isenzasamuntu. ü (1)
2 Imbongi igqamisa indlela leli qembu elicula ngayo ukuthi lihlanganisa abantu
abaningi bazwane kuphele ukuzondana kwande ukuthandana emhlabeni jikelele
ize isebenzisa amagama athi “Iphunga lothando lagcwala umhlaba wonke”. üü (2)

3 Inhloso yembongi ukusebenzisa umbambazi emgqeni we-12 ukugcizelela


okukhombisa ukuphoqa. Imbongi iphoqa leli qembu ukuthi licule kakhulu
kunakuqala. üü (2)

4 Umfanekisomqondo oyisenzasamuntu obonakalayoü othi ‘Umzwangedwa


wangival’ isamuku!’ üungilekelele kahle ukuqonda ukuthi kuleli binza imbongi
igqamisa ukuthi ukucula kahle kwaleli qembu kuyenze yazibona isicula kanye
nalo ithakasile futhi izwa seyikhululekile kwingcindezi yesizungu ebinaso (3)
yazizwa isiphila ngokukhululeka. ü
5 Imbongi iphumelele ukusebenzisa ithoni yokuncenga üukugqamisa ukuthi leli
qembu lomculo licula kahle. Imbongi iyalincenga ukuthi
lingahambi/lingehlukani/lingapheli. ü (2)
[10]

61
11. UCU OLUMHLOPHE
UKUKHETHWA KWAMGAMA

Ucu - Lwakhiwa ngamaqhosha noma ngamaqanda ngoba yilobu buhlalu obukhudlwana


kunalobu obujwayelekile. Ucu lusetshenziswe njengophawu lothando. Lwakhiwa ngokuthi
kuthathwe intambo kufakwe ubuhlalu obumhlophe kuboshwe njengomgexo. Lo mgexo
weziwa ngobuhlalu obumhlophe kuphela. Esikhathini esiningi intombi isuke iyoqoma ngalo.
Uma intombi isigajwe uthando lwensizwa ethile ibe isibikela iqhikiza layo okuyilona
elihambisa ucu ensizweni njengophawu lokuthi isiyaqoma. Luwuphawu lokwazisa insizwa
ukutha uthando seluyehlulile.
Uzi – intambo eyakhiwe ngamagxolo esetshenziswa ukwakha ucu. Uzi utshani obuqinile
obuyaye bulukwe bube yintambo encane bese kutshutshwa kubo ubuhlalu obumhlophe
ukwakha ucu. Ucu luyisibonakaliso sentombi lapho isizinekela othandweni. Ikhipha lolu cu
ilunike insizwa. Kwesinye isikhathi akubi yiyona intombi eluhambisayo ucu, luhanjiswa
yiqhikiza kulesi sesheli ukukhombisa ukuthi intombi isivumile. Ucu lwakhiwa ngobuhlalu
obumhlophe.

Obugabisa – ukuhalisa noma ukununusela ngobuhle bothando. Ucu ukuze lube luhle
kufanele lube mhlophe. Umbala omhlophe ezintombini umele ubumsulwa.

Iminjunju – Ubuhlungu obusenhliziyweni. Imbongi iveza ubuhlungu obumnandi obakheka


senhliziyweni ngenxa yothando. Ngaphandle kokuthi itshitshi linobuhlungu bokuthanda
insizwa kodwa linokujabula ngaphakathi ngenxa yothando oselwakhekile.

Kutshutshwa – Ukuchusheleza kwenaliti kuthungwa imbongi ekuqhathanisa neminjunju


yothando enalo. Ngenkathi elwenza ucu usuke esenqumile ukuthi uyayikhetha lensizwa.
Akusibo ubuhlungu bento embi kodwa obothando.

Alunasiqalo alunasiphetho –(i-okzimoroni) imbongi iveza ukuthi lujule kanjani uthando


lwayo kulo ecela kuye uthando. Igqamisa ukuthi uthando ekulona alusoze lwaqedwa muntu
luyinto ehlangane. Kulolu cu, akukho la kuvela khona ukuthi yilona luphi uhlamvu oluqalayo
nala lugcina khona. Uma selwakhiwe ucu, uthando, akasakwazi ukubona ukuthi beluqalephi
nokuthi luphela kuphi. Uthando yinto ongakwazi ukuyibona la luqala khona nala luphela
khona.

Cwayicwayi/Phayiphayi (isenzukuthi) - Imbongi iveza ukubukana ngamehlo agcwele


uthando kulowo ezincengela kuye ukuba bathandane. Imbongi igqamisa ubuhle bothando
olungenasici phakathi kwababili. Iba namahloni okubheka insizwa, indlela ebuka ngayo uma
igcwele uthando. Ayikhulumi, kodwa amehlo ayo yiwona akhulumayo ngothando olukuyo.

Lungumhlanganisi lungumxhumanisi –imbongi isebenzise isenzasamuntu ukugqamisa


ukuthi uthando lungumanqoba ngoba luhlanganisa abantu abasuke bezinikele ngezinhliziyo
zabo omunye nomuye. Uma intombi isuke isinika insizwa ucu, lokhu kuwuphawu
oluhlanganisa insizwa nentombi.
Isibopho – Ukuthembisana. Imbongi iveza ukuthi uma selukhulile uthando abathandanayo
balandela isigaba sokuqala esiholela ekutheni babophe ifindo lomshado. Intombi
isiyazibophezela kule nsizwa ngokukhipha kwayo lolu cu. Bobabili bayazibophezela omunye
komunye.
Luyisizinda – Lolu cu seluwumzekelo, isibonelo sokuthi uthando lwabo luqale kuphi.

La maqanda (isingathekiso)- imbongi ngathekisa izithandani ngamaqanda lapha iveza


ukubaluleka kokuhloniphana phakathi kwabantu asebezinikele othandweni. Uthando
oluhlanganise lezi zithandani kumele luphathwe kwahle, luhlonishwe.

62
Gadalala (isenzukuthi) - imbongi iveza ukuthi uma lolu thando lungaphathwa kahle
luyaphela nya kube ngathi alikaze laba khona. Lolu thando olumelwe ucu, uma
lungahlonishwa, luzophela.

Isanhlaka senhlakanhlaka – Ukuchitheka kwento kabuhlungu. Imbongi iveza ukuthi


luyophela kabuhlungu kungakholakali uthando uma kungekho ukuphathana kahle kwababili
abasuke bethandana. Kuyoba lukhuni ukuthi luphinde lube khona lolu thando.

Kochitheka uphoko (isisho) – ukonakala kwezinto. Uphoko umphako owakhiwe


ngommbila/ngamabele agayiwe. Luchitheka luhlakazeke uphoko ngoba lomile. Uphoko uma
seluchithekile alubutheki phansi ngoba lusuke seluhlakazekile lugcwele nomhlabathi.
Imbongi iveza ukuthi uma kungekho ukuhloniphana nokuthembana kulolu thando
kuyokonakala izinto ngenxa yokwephula izifungo. Luyobe seluphela nya uthando lwale
ntombi (lwakwamfazi!) kule nsizwa uma ingaluhloniphanga njengoba ibilunikiwe.

AMASU OKUHLUZWA KWENKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo wenkondlo ilokho okusuke kusemqondweni wembongi ngenkathi ibhala/ihaya
inkondlo. Umqondo wehlukaniswe kabili; umqondo osobala kanye nomqondo ocashile. Le
nkondlo inomqondo osobala.
Le nkondlo ikhuluma ngocu. Ucu okuwuphawu lothando. Imbongi iveza ukuthi lowo
olukhiphayo unikela ngenhliziyo yakhe kulowo asuke ecela kuye uthando.
Le nkondlo ikhuluma ngentombi ezinikela ensizweni, evuma uthando lwensizwa esuke
iyeshela.

Umoya wenkondlo
Umoya wenkondlo kubhekwa isimo imbongi eyayikuso ngesikhathi ibhala inkondlo. Inkondlo
ingaba nomoya wothando, wokujabula wokunxusa, wokukhathazeka njalo njalo
Le nkondlo inomoya oxubile; wothando nowokuxwayisa. Amabinza amabili okuqala
agqamisa umoya wothando bese kuthi leli lokugcina linomoya wokuxwayisa ukuthi uthando
lwabo kumele balunakekele uma kungenjalo luyophela kabuhlungu.

Indikimba
Indikimba umongo noma ingqikithi yenkondlo. Indikimba ingaba igama elilodwa noma
isigejana samagama.
Indikimba yale nkondlo uthando. Imbongi kunomuntu othile emncengayo ukuthi aluphathe
kahle uthando lwabo ngoba uma kungenjalo lophela kabi.

Imifanekisomqondo
Uma kukhulunywa ngemifanekisomqondo kubhekwa amagama asetshenzisiwe/amasu
obuciko asetshenziswe yimbongi ukwakha isithombe esithile engqondweni ngokusebenzisa
izinzwa; okuyinzwa yokubonakalayo, yokuhogelekayo, yokuthintekayo, yokuzwakalayo
kanye neyokunambithekayo, izisho, izaga nezifengqo.

Inzwa ethintekayo: yeka leyo minjunju yothando kutshutshwa, (umugqa wesi-3) imbongi
igqamisa umqondo wokuthi uma itshitshi selakha ucu, kusuke sekukhona othathe inhliziyo
yalo. Inhliziyo yetshitshi isuke isigxumagxuma isigajwe uthando ngesikhathi itshutsha
ubuhlalu entanjeni. Yize ukutshutsha ubuhlalu entanjeni kungumsebenzi okhathazayo kepha
itshitshi alikuzwa ukukhathala ngoba lisuke lisothandweni.
Inzwa yokubonakalayo: Lolu cu alunasiqalo nasiphetho (umugqa wesi-5). Kuchaza ukuthi
lolo cu luyindilinga, lubumbene. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi akekho umuntu
ongakwazi ukungena phakathi kwabantu abathandanayo.

63
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi. Ukubuka umuntu ngamehlo agcwele uthando.
Imbongi igqamisa ukuthi itshitshi lisuke lingakaze liqome phambilini. Ukuqoma kulo yinto
eqalayo ukwenzeka. Itshitshi uma libuka uthando lapho seliqomile licabanga ukuthi
lumsulwa (alunazinkinga).
Ubuhlalu koba yisanhlaka senhlakanhlaka (umugqa we-13). Ukuchitheka kwento
engamaqanjana/eyindilingana iginqike ihlakazeke igcwale phansi ingabutheki. Imbongi
igqamisa umqondo wokuphela kothando ngendlela yokuthi abantu bangaphinde bakwazi
ukuxolelana.
Inzwa ethintekayo- Ungaluphatha gadalala luyagqashuka (umugqa we-12). Ukuhlukana
kanzima kwento ekade ibopheke yaqina. Imbongi igqamisa ukuthi ngisho ngabe uthanda
lukhulu kangakanani kodwa abathandanayo uma bengaphathene kahle, uthando luyaphela
bese kuba buhlungu.

Isigqi
Uma kukhulunywa ngesigqi kubhekwa umgqumo wenkondlo ukuthi ngabe inkondlo
iyashesha noma iyanensa. Kuye kubhekwe ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa, kubhekwa
ubude nobufishane bemigqa, ubude nobufishane bamagama, ukweqiwa konkamisa kanye
nezimpawu zokuloba. Konke lokhu kuhambisana nomoya okungaba umoya wokujabula,
wosizi, wokukhathazeka njalo njalo.

Isigqi siyanensa ngenxa yomoya wothando nokuxwayisa. Imigqa eminingi ivalekile


namagama amade nakuba kubuye kube nokweqiwa konkamisa kweminye imigqa.

Ithoni
Ithoni yokuncoma, imbongi incoma ubuhle bothando phakathi kwababili.

Umyalezo
Kumele umphathe kahle umuntu omthandayo.

Imvumelwanosiqalo
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo omnandi
ukugcizelela okwenziwayo mayelana nokwakhiwa kothando

Umugqa wesi-8 kuya kowe-10


Lungumhlanganisi kanye nomxhumanisi,
Luyisibopho sezifungo isibili;
Luyisizinda sezinhliziy’ ezimbili.
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo omnandi
ukugqamisa okwenziwa uthando ukuthi lungumanqoba oluhlanganisa izinhliziyo zabantu
ababili bazinikele omunye komunye.

Umugqa we-11 kuya kowe-13


Uzi oluhlanganise la maqanda wolwazisa,
Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
Ubuhlalu koba yisanhlaka senhlakanhlaka,
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa ukuthi
kulukhuni ukuthi lolu thando luphinde lube khona uma ungaluphathi kahle.
Imvumelwanomaphakathi
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;

64
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
Imbongi isebenzise imvumelwano-maphakathi ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa
okusetshenziswayo uma kuqala uthando.

Imvumelwanosigcino
Umugqa we-12 nowe-13
Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
Ubuhlalu koba yisanhlaka senhlakanhlaka,
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa
ukugqamisa ukuthi kulukhuni ukuthi lolu thando luphinde lube khona uma ungaluphathi
kahle.

Ukuxhumanasigcino
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
Imbongi isebenzise ukuxhumanasigcino okugqamisa ubuhle nobumsulwa bentombi esuke
izwa lolu thando ngaphakathi. Imbongi isebenzise ukuxhumanasigcino ukugqamisa
umqondo wokuthi ubuhlalu obuwumbala omhlophe yibo kuphela obusetshenziswa
ngamatshitshi..
Umugqa wesi-4 nowesi-5
Luny’ uhlamvu lwesiqalo nolwesiphetho,
Lolu cu alunasiqalo nasiphetho.
Imbongi isebenzise ukuxhumana sigcino okugqamisa ukuthi uthando alubonakali ukuthi
luqalaphi lugcinephi.

Umugqa wesi-9 nowe-10


Luyisibopho sesifungo isibili;
Luyisizinda senhliziyo ezimbili.
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi ucu luyisethembiso sothando ngoba izinhliziyo ezimbili
zihlanganiswa yilona ucu.
Ukuxhumanasiqalo/ ukuxhumanamaphakathi
Umugqa wesi-6 nowesi-7
Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;

Lokhu kuxhumana kugqamisa okwenziwa yintombi ngamehlo ayo agcwele uthando


ngenkathi ibuka insizwa, ize ibe namahloni ingayibuki emehlweni ngqo. Imbongi igcizelela
umqondo wokuthi amehlo etshitshi asuke egcwele uthando.
Imbongi isebenzise ukuxhumana maphakathi luthi ukugcizelela ukuthi ukhuluma
ngothando. Imbongi ithi uthando olusuke lugabhe itshitshi lubonakala emehlweni.

Ifanangwaqa
Umugqa wesi-2
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe
Imbongi isebenzise ifanangwaqa ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa ubunjalo
bobumsulwa bothando.

Impindamqondo
Umugqa wesi-6 nowesi-7
Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;

65
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;

Le mpindamqondo iqukethe umqondo wokuthi le ntombi isibhekene ngqo nensizwa futhi


indlela eyibuka ngayo igcwele uthando oluyenza ingayibuki emehlweni ibe namahloni.

Isenzukuthi
Umugqa wesi-6 nowesi-7
Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;

Lesi senzukuthi zigqamisa ubumsulwa bamehlo entombi esuke ibuka ngawo insizwa esuke
isizinikela othandweni lwayo, iyacwayiza ngamehlo akhombisa uthando.

Umugqa we-12
Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
Lesi senzukuthi sigqamisa ukuxwayisa kwembongi mayelana nothando ukuthi uma
uluphatha budlabha luyaphela.

Uphawu
Ubumhlophe- Umugqa wesi-2. Leli gama liwuphawu koluhlanzeka/ ubungcwele/ ukungabi
nachashazi/ ubumsulwa. Imbongi ilisebenzise ukugqamisa umqondo wokuthi amatshitshi
agqoka ubuhlalu obumhlophe ngoba asuke engakonakali.

Emva kokufundisisa inkondlo esencwadini yakho uphendula imibuzo elandelayo:


UMBUZO 1
1 Tomula bese ugagula imvumelwano etholakala ebinzeni. (2)
2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kokuxhumana emgqeni wesi-6 kuya (2)
kowesi-7.
3 Yini inhloso yembongi ekusebenziseni isifengqo emgqeni wesi-5? (2)
4 Chaza isigqi esitholakala ebinzeni lesi-3. (2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekukhetheni la magama adwetshelwe (2)
( Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,) emgqeni we-12 kule nkondlo.
(10)
IZIMPENDULO
1. Kwakhethwa uzi oluwusinga lobumhlophe
Kwaqokwa ubuhlalu obugabisa ubuhlalu obumhlophe. ü
Imvumelwano siqalo ü (2)
2. Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ‘ngamehlwana …’ üukugqamisa ukuthi
intombi yehlulwe uthando lwensizwa yingakho isizinikela kuyona. ü
(2)
3. Inhloso yembongi ekusebenziseni isiqhathaniso ‘ …alunasiqalo nasiphetho. (2)
Ukugqamisa ukuthi akulula ukubona ukusuka nokuphela kwalo. üImbongi ithi
nocu uma seluphelile ukwakhiwa awube usabona la kuqalwe khona lwakhiwa
nalapho luphethe khona. ü

66
4. Leli binza linesigqi esinensayo, imigqa eminingi ivalekile futhi imbongi inomoya
wokuxwayisa. Imbongi ithi uthando akumele udlale ngalo ngobaluzophela.
(2)
5. Imbongi iphumelele kahle ukukhetha la magama ukugqamisa ukuthi uma
uthando ungaluphethe kahle luyaphela.
(2)
UMBUZO 2
1 Tomula ugagule ukuxhumana okutholakala ebinzeni lokuqala. (2)
2 Chaza kafushane indikimba egqanyiswa umugqa wesi-6 kuya kowesi-7. (2)
3 Fingqa ngamaphuzu amabili okushiwo ibinza lokugcina kule nkondlo. (2)
4 Chaza ngokusetshenziswa kwemvumelwano emgqeni wesi-8 kuya kowe 10. (2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekukhetheni amagama abhalwe
ngokugqamile ebinzeni lokugcina kule nkondlo.
(2)
[10]
IZIMPENDULO
1 Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe,
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabisa ubumhlophe, ü
Ukuxhumanasigcino. ü (2)
2 Le migqa igqamisa indikimba yothando. Imbongi igqamisa ukuthi intombi
ayikwazi ukubheka insizwa ngqo, iyakhophoza ngenxa yokuhlulwa wuthando.
üü (2)

3 • Uthando kumele uliphathe kahle uluhloniphe


• Uma ungaluphethe kahle uthando luyaphela lube nezinkinga. üü (2)

4 Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ‘Lu…..u’ükuletha umgqumo osamculo


omnandi kule nkondlo nokugcizelela uthando ilona elihlanganisa abantu (2)
abathandanayo . ü
5 Imbongi iwakhethe kahle lama gama ‘kuchitheka uphoko’ ukugqamisa ukuthi (2)
uma uthando lungaphethwe kahle kuba nezinkinga luphele. üü
[10]

67
UKUKHETHWA KWAMAGAMA 12. ITHALA LOBUNZULU

Ithala:-indawo ephakeme endlini yesZulu lapho kubekwa khona imikhonto


lobunzulu:-ukudepha komqondo ujule/ukuzika kwamanzi ashone phansi kakhulu
Isihloko siveza ukujula kwendaba yokulwa kwabantu abamnyama befuna imfundo.
MtakaNdul’ emnyama – ‘mtaka’ iveze isiphongozo sokuthi izingane /umtwana womuntu
omnyama.
Induli:- utshani bokwenza amacansi obumile ngasemfuleni endaweni enesihlabathi.
Imbongi ithi abantu abamnyama babe yisizwe esidelelekile esibukelwa phansi, senziwe
umata wokunyathelwa ngabelungu.
Umthombo –umfula ogelezayo okuchaza ulwazi olungapheli.
Odlondlobale –ukuthuthuka kwento. Imbongi ithi umuntu omnyama wathola ulwazi wakhula
ngokomqondo.
Abasezitheni bawugqiba ngezixhokolo –abasezitheni abantu bezinye izinhlanga
ababandlulula abantu abamnyama.
Ngezixhokolo – amatshe amakhulu ayiqoqo. Imbongi ithi abelungu bazamile ukucindezela
abantu abamnyama bevinjelwa ukuba bathuthuke kwezemfundo.
Zamatshe asezinkeleketheni ezingenazala –
asezinkeleketheni – iwa noma amatshe amakhulu ayiwa .
Ezingenazala – izala- indawo lapho kulahlwa khona izibi ekhaya, ivamise ukuvunda .
Imbongi ithi lezi zizwe zicindezela umuntu omnyama ukuthi angabi nakusasa nantuthuko
empilweni.
Ithala seligezi incokazi – Ithala imikhonto eminingi ndawonye lokho okugudlisela imfundo
njengeskhali sempumelelo.
Incokazi - inkomazi exube amabala abomvu namhlophe umzimba wonke. Imbongi ithi isimo
singcono , abantu sebengafunda yona imfundo efike nabelungu.
Enezimpiko iyandiza iyophuza –enezimpiko- ukuba namandla okwenza okuthile. Imbongi
iveza ukuthi wonke umuntu usekhululekile ukwenza noma yini ayifisayo ngesikhali sakhe
esiyimfundo ukuthola ulwazi olujulile.
Kuleya nzulu yomthombo ochich’ uju – inzulu ulwazi olujulile-
ochich’ uju –ukugcwala injabulo. Imbongi ithi emveni kokuthola ulwazi olujulile kulethe
injabulo nezinguquko ezikhomba ukukhanya ezimpilweni zabantu.
Lwenzulu yobuchopho – iyobuchopho ukuhlakanipha –Imbongi ithi imfundo ilethe
ukuhlakanipha esizweni esinsundu
Mntaka afrika kulukhuni ezweni lakobelungu – imbongi ijeqeza emuva lapho ikhumbula
umuntu omnyama esacindezelekile nenkululeko engenayo.
Zilokhu zishabasheka zifukula – ukushabasheka kusho ukukhwishizela ungapheli
amandla uze uzuze lokho okufunayo.
Zifukula – ukuqukula/ ukuphakamisa into/,ukulekelela noma ukusiza umuntu ukuze athole
ulwazi. Imbongi ithi izifundiswa zakithi azikhathali ukunikezela ulwazi kulabo abasakhula.
Uquqaba lwakwethu olwagudluzwa ugqinsi lwenkungu ebuchosheni –
Uquqaba - abantu abaningi abangagqame ngalutho.
Ugqinsi lwenkungu – into eyakhele ndawonye okungaba umbala. Iyasebenzisa uma isuswa
/ ukungabi nalwazi lwezinto ezithize. Imbongi ithi izifundiswa zakithi azikhathali zifundisa
abantu abamnyama abangazi lutho ukuze nabo bathuthuke ngolwazi bayilangazelele
imfundo.
Inkundla ngeyakho bhaqa lwangomusa –
inkundla – indawo evulekile.
Ubhaqa- utshani obuqinile obusetshenziswa ukukhanyisa. Imbongi isebenzise uphawu
lokukhanya , ithi selifikile ithuba lokuba usebenzise isikhali sakho esiyimfundo
ukuhlangabezana nazo zonke izimo empilweni ukulungiselela ikusasa.

68
Kayiphons’ izikhali ephanda – igama ephanda - indawo ephezulu yokugaxa izikhali
endlini yesintu. Imbongi ithi abantu abayeke ukulwa basebenzisa isikhali sabo esiyimfundo
ukubhekana nezinqinamba zempilo.
Nangosib’ oluxoxa imibono -usiba into esetshenziselwa ukubhala indaba. Imbongi ithi
izifundiswa ziyokwazi ukubhala izincwadi zixoxa ngomlando wesintu ngokuhlukahlukana.
Elihle kakhulu libanjwa ngobuchopho libuyiswe ngobuchopho - imbongi ithi izwe
liphathwa ngabantu abafundile abazolibuyisela kubantu abamnyama ngemfundo.
Usicoshe imvuthuluka sibumbe isizwe somlando wezonwele olude- imvuthuluka into
eningi eyezinsalela zokuthize noma izinto eziwiselwe phansi. Imbongi ithi ngemfundo
encane abayitholile bakwaze ukuxoxa ngomlando (wokucindezelwa) wabelungu.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Imbongi ithi abantu abamnyama babe yisizwe esidelelekile esibukelwa phansi, senziwe
umata wokunyathelwa ngabelungu. Imbongi ithi abelungu bazamile ukucindezela
nokuvimbela ukuba bathuthuke kwezemfundo kepha umuntu omnyama wakwazi ukuthola
ulwazi wakhula ngokomqondo. Imbongi ithi akubanga lula ukubhekana nabelungu
abacindezeli bomuntu omnyama ukuthi angabi nakusasa nantuthuko empilweni. Imbongi ithi
abantu bathe bangafunda yona le mfundo efike nabelungu isimo sezinto saba ngcono.
Yingakho imbongi iveza ukuthi wonke umuntu usekhululekile ,akuqhutshekwe kufunde
ngakho lokhu okuncane esikutholayo.

Umoya
Le nkondlo inomoya oxubile ,owokukhathazeka nowokuncoma . Imbongi ikhathazwe
ukubona ubunzima obubhekene nabantu abamnyama becindezelwa ngabelungu. Ithi
kuyona leyo ncindezelo umuntu omnyama ugcine ekwazile ukuthola imfundo yingakho
incoma .

Indikimba
Indikimba yalenkondlo imfundo.

Umyalezo
Umlayezo oqukethwe yile nkondlo ukubaluleka kwemfundo nokusetshenziswa
kwemithombo eyahlukene ukuthuthukisa ulwazi nakuba kuwulwazi olungaphelele kodwa
alubunjwe kwakhiwe isizwe esingenakuphela / Kubalulekile uma wenza into uzimisele noma
ngabe isimo sinzima kangakanani ngoba ugcina uphumelele empilweni.

Isigqi
Isigqi sale nkondlo sixubile siyanensa sibuye sisheshe ngoba inkondlo inomoya
wokukhathazeka nowokuncoma. Nakuba kunokweqiwa konkamisa kwamanye amagama.

Ithoni
Kule nkodlo sithola ithoni yokukhathazeka/yokudumala. Imbongi ikhathazwa ukuthi abantu
abamnyama baphiliswa kanzima abelungu , bathola ulwazi kanzima becindezelwe..

Imifanekisomqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama.
Sikhuluma ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo,
inzwa yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho)
kanye namagama acebile.

Izinzwa

69
‘Enezimpik’ ingandiza iyophuza’: (ukwenzasasilwane/ umfanekisomqondo
wokunambithekayo) – imbongi inxusa abantu ukuba baye kofunda ukuze kuguqulwe isimo
sabo somqondo.
‘ ‘selibukwa ngobhaqa’: (yokubonakalayo/isingathekiso) --- imbongi ifanisa imfundo
nobhaqa lokukhanyisa, ithi abantu abafunde ngoba amathuba emisebenzi bayowathola
ngoba befundile.
‘Ugqinsi lwenkungu’: (ihaba) imbongi igqugquzela bonke abantu ukuba baye kofunda
ukuze kuzosuswa inkungu yokungazi bese kufakwa ulwazi.

‘Nangosib’ oluxox’ imibono’: (ukwenzasamuntu/ wokuzwakalayo) – manje sekumele


bahlome izikhali zemfundo ( amapeni, izincwadi) bayeke imikhonto babhale izincwadi
ukugcina umlando.
‘Sicosh’ imvuthuluka sibumbe’: (wokuthintekayo) – noma esikutholayo kubukeka
kuyinsalela kepha singahlanganisa sakhe izwe lethu.

Izinzwa
ochich’ uju: (yokunambithekayo) – ithi abaye kofunda ukuze bezothola ulwazi oluningi.
‘uquqaba: (yokubonakalayo) – abantu bonke mabafunde bahlome ngezikhali zemfundo
uma befuna impilo engcono.
Kayiphons’ izikhali ephanda’: (yokubonakalayo) imbongi inxusa abantu ukuba babeke
phansi izikhali manje kepha balwe ngemfundo.

UMBUZO 1
1 Tomula isifengqo esitholakala emgqeni wesi-2 bese usigagula. (2)
2 Fingqa ngamaphuzu amabili umqondo oqukethwe umugqa wesi-5 kuya kowesi- (2)
8
3 Chaza ukusetshenziswa kwe-enjambamenti etholakala emgqeni wesi-2 (2)
kuya kowesi-4
4 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana okutholakala emgqeni we- (2)
10 kuya emgqeni we-11.
5 Hlolisisa ithoni otholakala emigqeni wama-20 kuya kowama-21. (2)
[10]

IZIMPENDULO
1 Umthomb’ odlondlobaleü
Isingathekisoü (2)
2 • Imbongi abantu sebevumelekile ukuzikhethela ukuthi bafunde
• Imbongi ithi lolu lwazi olunothile lutholakala ezikhungweni zemfundo
ephakeme.üü
(2)
3 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuxhumanisa umqondo osemgqeni
wesi-2 kuye emgqeni wesi-4. Imbongi igqamisa ukuthi umuntu

70
omnyama uphumelele nakuba ebecindezelwe lingekho ithemba lokuthi (2)
kukhona okuhle okungavela kuye. üü
4 Inhloso yembongi ukusebenzisa ukuxhumana okutshelekile ‘Elanamuhla libukwa
ngobhaqa, Izimbaqa eziqhakaze ethala’ ukugcizelela ukuthi esikhathini
sanamuhla kumele ube nemfundo , etholakala kanzima kungalindelwe muntu. (2)
üü
5 Le migqa igqamisa ithoni yokucasuka. Kunobuqiniso bokuthi kuyenzeka uthole
into ngendlela ehlukumezayo. Imbongi ithi umuntu omnandi uthole imfunjwana
eyenze wakwazi ukuxoxa ngemvelaphi yakhe yokucindezelwa ngabelungu. üü (2)

[10]

71
AMANOVELI
A FUNDISISA UMYALELO / UMBUZO

ISIHLOKO

ISITATIMENDE INDLELA OBONA


NGAYO / INDIKIMBA
UMYALELO /
UMBUZO

I – ESEYI

(Khumbula izehlakalo)

B UKUHLELEKA KWEMPENDULO

72
QAPHELA !

Umyalelo ungaba :

• Isitatimede (statement)
• Isihloko ( topic)
• Indlela obona ngayo (point of view)
NOMA

Indikimba (Theme)
Okulindeleke kumfundi:

• Ukuxoxa okuphendula umyalelo


• Ukuhlaziya ngokuhlolisisa okwesekela amaphuzu asemqoka.

NB:

• Fundisisa umyalelo uwuqondisise ngaphambi kokuba uphendule.


• Ukubhala amalungiselelo kuyokwelekelela kakhulu.
• Ukubhala impedulo ibe yizigaba kubalulekile.

73
IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI: BUTHELEZI JC

IZIGAMEKO

• Ukufika kukaNjini Cele emzini kaBafana eMlazi esuka eMpaphala.


• Ukungemukeleki kukaCele emzini kaBafana ngoba engalishayanga iphoyinti.
• UBafana uyawuchitha umbono kaNjini unqaba uyaphetha ukwamukela izingane zikaLinono.

• U-Uzithelile uyazivikela ekugcwanekweni uKhanjana ongumfana elusa naye ngokumthela


induku amehlule.

• UPopie wenqaba ukuthatha izingane zikaLinono noma uMathiloni Dladla emyala.


• Ukufika kukaBen Martin kwaJeffrey, Wilson & Sons efisa ukusiza abantu abambamnyama
ethembe ukuxhunyaniswa nabo nguBafana uyadumala lapho emtshela emehlweni ukuthi
yena akahlanganise lutho nabantu baselokishihi yena usonta nabelungu.
• UBafana uthethisa u-Euthenisia ngokuntshontsha imali kaMaXakushe nemoto kaMiss
Hawkins.
• UBafana ukhuluma noPoppie ngodaba lokwebiwa kwemali kaMaXakushe uEuthenisia.
• UPoppie uxabana noMaXakushe ngokumeqa axoxele uBafana udaba lokwebiwa kwemali
yakhe u-Euthanisia aphethe ngokumxosha.
• U-Euthenisia uyeqa eMlazi alibangise eMpaphala kwamkhulu wakhe uCele afike amukelwe
ngezimhlophe aze ahlatshiswe imbuzi athelwe ngenyongo afakwe nesiphandla imbala.
• Iqala phansi ingxabano phakathi kukaPoppie noBafana eLa Lucia uma esefuna ukwenza
iziqu zePhd engafuni uBafana.
• UBafana uxabana noPoppie ngodaba lwemoto ayithengele izingane ngaphandle
kokuvumelana.
• UBafana uxabana noMaMthunzi ngokwebiwa nokulinyazwa kwemoto yakhe uPrisca
noNkebelele.

• UMgwazeni ukhwela uyadilika kuNgubane ngokulimala kukadadewabo uPrisca umdonsa


ngendlebe ukuba esule icala lokuthathwa kwemoto yakhe ngapandle kwemvume uma
engakwenzi lokho uzombulala.

• UBafana ubalekela kuCebo Masuku kwaMashu ababefunda naye eManzimtoti.

• UBafana uxabana noMaMsibi ngenxa yobudedengu bukaFafana obuholele ekulimaleni


kwemoto kaSibeko.

74
IZIBONELO ZEMIYALELO YOMBUZO OMUDE

1. Imfundo iyasiguqula isimo somuntu. Fakazela lesi sitatimente ubhekise impendulo yakho
kulaba balingiswa abalandelayo; UBafana,u-Uzithelile , UHlanganisani kanye noPoppie .

2. Umuntu uyalilandela igama lakhe. Vumelana noma uphikisane nalesi sitatimende


usebenzise abalingiswa bendaba ethi Impi Yabomdabu Isethunjini.

3. Isondo liyajika. Vumelana noma uphikisane nalesi sitatimende. Bhekisa kubalingiswa


abalandelayo: uBafana;uHlanganisani;uPoppie kanye no- Uzithelile.

4. Impilo esikhathini samanje iba nezingqinamba kanye nomvuzo. Bhekisa kubalingiswa


benoveli ethi “ Impi Yabomdabu Isethunjini”.

5. Isimo sokukhuluma esithi “ Umvundla ziyowunqanda phambili” yisona esigqamile kule


noveli. Phawula ubhekise kule noveli oyifundile ethi “ Impi Yabomdabu Isethunjini”.

6. Imfundo iyayiguqula impilo yomuntu ngezindlela ezahlukene. Phawula ubhekise kule noveli
ethi “ Impi Yabomdabu Isethunjini” .

7. Uthando luyamenza umuntu agcine enza izinto azozisola ngazo. Phawula ngalesi
sitatimende ubhekise kumlingiswa onguXolani kanye nabanye.

8. Umndeni ubalulekile kakhulu empilweni noma ungawubukela phansi kagakanani.


Vumelana noma uphikisane nalesi sitatimende ubhekise kumlingiswa onguBafana kanye
nabanye.

9. Imfundo iyisikhiye sempumelelo. Fakazela le nkulumo ubhekise ku – Uzithelile


noHlanganisani.

10. Umuntu ombukela phansi uyena ongagcina ekusiza empilweni. Phawula ngalesi
sitatimende ubhekise kumlingiswa onguHlanganisani kanye nabanye.

11. Ukungathembeki komuntu emshadweni kungaba nomphumela ongemuhle. Vumelana


noma uphikisane nalesi sitatimende ubhekise kumlingiswa onguXolani kanye nabanye.

12. Ukuphila kwabantu abahlala endaweni yasemakhaya akufani nokwabantu abaphila


endaweni yasedolobheni. Vumelana noma uphikisane nalesi sitatimede ubhekise encwadini
ethi “ Impi Yabomdabu Isethunjini”.

13. Ukuziphakamisa nokungawazisi umdeni kungaba nemiphumela emibi empilweni yomuntu


kanye nasempilweni yabanye abantu. Fakazela lesi sitatimende ubhekise kumlingiswa
onguBafana kanye nabanye.

75
14. Ukukhula kanzima kungaba nezithelo ezinhle empilweni. Phawula ngalesi sitatimede
ubhekise kulaba balingiswa: UHlanganisani no – Uzithelile.

15. Ukufunda bagogode abantu baze bakhohlwe yimvelaphi yabo kungaba nemiphumela
eyahlukahlukene . Phawula ngalesi sitatimnde ubhekise encwadini oyifundile.

16. Ukukholwa kanye nokwazisa umndeni kuyisisekelo sempilo. Phawula ngalesi sitatimende
ubhekise kumlingiswa onguNjini Cele kanye nabanye.

17.Indlela esikhula noma esikhuliswa ngayo ingaba nomthelela omuhle noma ongemuhle

empilweni.

Hlolisisa lesi sitatimende ubhekise encwadini ethi “ Impi Yabomdabu Isethunjini”.

18. Kuba khona izenzo ezibukeka zizinhle kwabazenzayo kodwa ekugcineni kube nokuzisola.

Fakazela lesi sitatimende ubhekise enovelini ethi “ Impi Yabomdabu Isethunjini”.


19. Ikusasa kalaziwa lesi simo yisona esigqamile kule noveli.

Phawula ngokusetshenziswa kwalesi simo ubhekise kubalingiswa abathile.

20.Abanye abantu basebenzisa amalungelo ngendlela evuna bona kuphela. Fakazela lesi
sitatimende ubhekise kumlingiswa ongu Poppie.

21.Ukuthuthuka komndeni ngemfundo kusho ukuthuthuka komphakathi.


22. Ukuthanda umuntu kakhulu kungabanomthelela ongemuhle. Vumelana noma uphikisane
nalesi sitatimende.
23. Ukusiza umuntu ukuzibekela. Phawula ngalesi simo sokukhuluma ubhekise kule noveli.

24. Ukufunda kuyayishintsha impilo yomuntu. Fakazela lesi sitatimende.

25. Umndeni ungumndeni ngokubambisana. Hlolisisa lesi sitatimende ubhekise kule noveli ethi
“ Impi Yabomdabu Isethunjini”.

26. Nala kungenaqhude khona kuyasa. Phawula ngokusetshenziswa kwalesi simo


sokukhuluma ubhekise kubalingiswa abathile kule noveli ethi “ Impi Yabomdabu
Isethunjini”.

27. Ukuphumelela kwakho kuyenzeka kusize nabanye abantu. Vumelana noma uphikisane
nalesi sitatimende ubhekise enovelini oyifundile.

28. Kwesinye isikhathi izinkinga esiba nazo empilweni zisuke zidalwa yithina uqobo. Hlaziya
ngokuhlolisisa lokhu ukubhekise kumlingiswa onguBafana.

29. Ukukhula uhlupheka akusho ukuthi ngeke uphumelele empilweni. Fakazela lesi sitatimende
ubhekise encwadini eniyifundayo.

76
30. Imfundo ingaba nomthelela omubi uma ingahambisani nemfundiso.

31. Amalungelo nokulingana kwabantu ngokobulili kungaba nemiphumela engemuhle


emndenini.
32. Emhlabeni kunabantu abafundile abaye babukele phansi abantu abaqhamuka emakhaya.
Fakazela lesi sitatimende ubhekise encwadini eniyifundile.
33. Izingane ezikhuliswa emzini onokuthula azifani nezingane ezikhuliswa emzini
onokuxokozela.
34. Kunabantu emhlabeni abenza izinto ezigcina ngokubakhinyabeza bona uqobo. Fakazela
lesi sitatimende ubhekise encwadini eniyifundayo.
35. Impilo yasemakhaya inothile ngokomphefumulo nangokomnotho kuneyasemadolobheni.
Fakazela lesi sitatimende ubhekise kwiNoveli oyifundile.
36. Ukuba nezimfihlo akumphumelelisi umuntu empilweni. Izimfihlo zinendlela yazo yokuvela.
Phawula ngokuhlolisisa lesi sitetimente ubhekise kumdlalo eniwufundile.
37. Ukuphila emakhaya nokuphila emadolobheni kuba nemiphumela eyahlukahlukene.
38. Imfundo ingaba nemiphumela emibi uma uzokhohlwa imvelaphi yakho.

77
Umbuzo

Indlela izingane ezikhuliswe ngayo emakhaya yehluke kakhulu kunaleyo yezingane


ezikhuliswe emadolobheni. Fakazela lesi sitatimende ubhekise kokwenzeka kule
noveli ethi ‘ Impi Yabomdabu Isethunjini’.

Isingeniso
Kuyiqiniso ukuthi indlela izingane zasemakhaya ezikhuliswa ngayo yehluke kakhulu
kunaleyo yezingane ezikhuliswa emadolobheni. Kule noveli kukhona izingane ezikhulele
eMpaphala okungu- Hlanganisani no – Uzithelile kanye nezikhulele eMlazi okungu –
Euthenesia noMelody.

Umzimba
Izindawo lapho okukhuliswa khona izingane ziba nomthelela omuhle noma omubi. Le noveli
iyasethulela umndeni wakwaNgubane eThekwini ongenakho ukukhuliswa kahle kwezingane
okungu-Euthanesia noMelody kanti umndeni wakwaCele eMpaphala kunokuthula
nokuzwana. Lokhu kwaba nomthelela omuhle kwizingane (Uzithelile noHlanganisani)
ezikhule ngaphansi kwesandla salo mndeni wakwaCele ozinze endaweni yasemakhaya.
Umndeni wakwaCele ohlala endaweni yaseMpaphala wawukhuthaza kakhulu ukukhuthala
kwezingane ongu-Uzithelile kanye noHlanganisani ekwenzeni imisebenzi yasekhaya
ngokungayihlukanisi imisebenzi ngobulili. Kusempondozankomo ngovivi lokusa u-Uzithelile
wayevukela ediphini ehambisa izinkomo zakubo ukuze ezokwazi ukufika ngesikhathi
esikoleni kepha eThekwini umndeni wakwaNgubane, abazali basebenzela ukwenza impilo
yezingane zabo ukuba ibe lula. UMelody kanye no-Euthenasia babevuka ekuseni
sebelungiselwe ngugogo uMaXakushe yonke into kusele ukuba bahlambe bagqoke.
Imfundiso yokukhuthala yakwaCele yalekelela ekutheni uHlanganisani kanye no-Uzithelile
baqonde ukuthi ikati lilele eziko ekhaya, bafunda ukuzimela nokunakekelana kanye
nokunakekela umndeni. Abalindanga ukuba abazali benze imizamo ukuze kulalwe kudliwe
kepha basukuma phansi bahlanganisa empilweni konke kwathela kahle. Batshala bethi
baqala imboni yezithelo eziyodayiswa emshinini wephepha eMandeni. Kwangagcina lapho
uHlanganisani wathola itoho kwa-Webster ukuze alekelele ekhaya bathola nabakudingayo
nodadewabo okungokwesikole.
Ukunikeza abantwana konke abakucelayo nabakudingayo kubafundisa ukungabi nazandla
bephenduke okhangezile okwadala umthelela ongemuhle kwaNgubane, eThekwini. Ukuba
khona kukagogo uMaXakushe owayesiza kwaNgubane kwaholela ekutheni u-Euthenasia
akubone kuyinkinga ukuhlanza isitsha owayesuke esisebenzisile kanye negumbi lakhe
lokulala. Wagcina esezipha (entshontsha) imali kagogo uMaXakushe wazithengela
izimpahla zokugqoka ezimba eqolo zamagama. Lokhu kugqamisa ukuthi indlela izingane
zasemakhaya ezikhuliswa ngayo yehluke kakhulu kunalezi ezikhuliswe edolobheni.
Ukwethiwa kwezingane amagama kunomthelela ekukhulisweni kwazo. Ubululwane
bakwaNgubane, eThekwini bokwetha izingane ngamagama esilungu adukisa abantwana
empilweni okungu-Euthenasia kanye noMelody bazithola bengenabo ubuntu, ukulahlekelwa
usikompilo kanye nokucabangela abanye abantu. Ukuthunywa kuka-Euthenasia nguMiss
Hawkins wakuthathisa okwesikweletu waze wantshontsha imoto kathisha ngoba nakhu
evamise ukumthuma, lokhu kukhombisa ukungabi namfundiso / ukungayazisi into yomuntu

78
Isiphetho
Ngiyavumelana impela nalesi sitatimende. Ngala maphuzu engiwabale ngenhla, abazali
kufanele badlale indima yabo ekukhuliseni ngokufanele izingane kungakhathalekile ukuthi
kusemadolobheni noma kusemakhaya phela inkunzi isematholeni.

79
Umbuzo

Ubuntu buyingcebo yonke empilweni. Vumelana noma uphikisane nalesi sihloko


ubhekise kule noveli ethi ‘ Impi Yabomdabu Isethunjini’

Isingeniso
Ubuntu yindlela isidalwa esibizwa ngomuntu esenza ngayo eyenza abantu basithande futhi
basethembe ngoba iba nomphumela omuhle kwabanye abantu. Ingcebo singayichaza sithi
wukubusa ngenxa yokuba nakho konke okukwenza uphile impilo enhle. Lokhu kufakazelwa
ngamaphuzu angezansi.

Umzimba
Kule noveli umuntu obonakala ehamba phambili ngokukhombisa ubuntu nguNjini Cele.
UNdosi izithelo zobuntu zicaca bha lapho ejeqeza emuva emva kokuphoxwa nguBafana
Ngubane ethi ufike engalindelwe. Uzwakala ebalisa ngoBafana ukuthi umvalela ngaphandle
komuzi wakhe kanokusho nje, yena wamemukela elahlwe nguyise emncane. Ngaleso
sikhathi uBafana wayegula ephethwe ungomile ngenxa yendlala. Wayegodola futhi kwazise
ukuthi wayegqoke izinto ezingafudumali. Isimo sasisibi ngendlela yokuthi unina
wayembelethe. UCele wazihawukela izingane yize uyise wayephila kodwa ecashile
eThekwini. Lokho kuthatha izingane azikhulise kwakukhombisa ubuntu.

UNjini uphinda abekezele yize umshanakhe onguBafana emhlukumeza. Ubekezelela impilo


yokulala endlini yephoyisa esesitolo sakwaMathanda Zwane ubusuku bonke. Ulala khona
ngaphandle kwengubo yokwembatha. Uvuka qede angathathi indlela ebuyela kubo
eMpaphala kodwa abuyele endlini kaBafana ayokhothamela umshanakhe. Lokhu
ukwenziswa wukucabangela izingane ezibulawa yindlala eMpaphala okungoHlanganisani
no-Uzithelile. Ufuna ukuba uBafana azithathe zihlale naye ukuze nazo zizwe ukuphila impilo
engcono futhi zifunde esikoleni esingcono. Uphinda aphoxeke lapho uBafana enqaba
okokugcina ukuba azithathe izingane zikadadewabo.

UCele uphinda akhombise ubuntu nozwelo lapho ingane kaBafana ingena igula endlini.
Akayeki kukhule nokhula kodwa uyasiza ekulungiseni isimo. Uyayithandazela ingane kanti
nayo ingane izwa ubungcono emva kokuthandazelwa nguCele. Lokho kufakazelwa wukufisa
kwayo ukuhlala noCele. Ngokombhali uCele wayesabeka ngendlela yokuthi wayethi abazali
babethulisa izingane zabo ngokuthi bazobiza uCele. Kuyacaca ukuthi ingaphakathi lakhe
lalenza ngisho izingane zimthande.

UCele uphinda amukele indodana kaBafana engu-Euthenasia. Akazange amazise


nokumazisa ngesihluku asithola kuyise uBafana. Wayemukela indodana kaBafana qede
wayenzela ngisho nomcimbi wembeleko. Izinkinga eziningi zika-Euthenasia zibukeka
zixazululeka. Uzithola emukeleka kahle eMpaphala. Umukelwa yisikole, amukelwe umndeni
wakubo waseMpaphala bese ezwa umoya wakhe ukhululeka. Konke lokhu kungumphumela
wobuntu bukaCele.

UCele ushayela isipikili sokugcina ngokumukela izingane ezingabazukulu emzini wakhe.


Kulezo zingane kwakukhona nezikaMelody owagcina esebizwa ngoVukuzithathe.
Akagcinanga ngokwemukela abazukulu, wamukela naye uqobo uBafana owafika eseshawe
umhlaba. Uyivala ngokulanda uMaMthimkhulu lowo ayengafuni nokumbona ngesikhathi
evakashele emzini kaBafana. Wayeze wadikila nokucelela izingane zikaLinono isikhundla
ngenxa yokuzwa kuthiwa makakhulume noPoppie. Nguye lowo Poppie ayesemlanda ukuba
azohlanganela naye emzini wakhe eMpaphala.

80
Ubuntu bukaCele bukhiqiza izithelo ezimsizayo ekugcineni. Izingane zikaLinono zigcina
sezinemboni yezithelo ezidayiswa enkampanini enkulu yephepha yaseMandeni (Sappie).
Ugcina esondliwa yizingane ezifunde zagogoda phesheya okungoHlanganisani no-
Uzithelile. Ugcina esesizwa yizingane azifundisile ukuba abone. Lowo Euthenasia
ayemamukele emzini wakhe, wasizwa nguHlanganisani ukuba ayofunda phesheya,
usengudokotela wamehlo. Akukho akudingayo angakutholi ngoba ufundisile. Akanasizungu
ngoba uhlala ezungezwe ngabazukulu abamthandayo. Ufakazi walokho yingane engena
ibalethele itiye ngesikhathi exoxa noBafana owayebuya ekuzidingiseni.

Kuyiqiniso ukuthi uma unobuntu unengcebo yonke. Loku kufakazelwa ngamaphuzu abhalwe
ngenhla njengoba uCele atshengisa ubuntu kuBafana njl. Abantu kufanele babe nobuntu
empilweni ukuze bazokwazi ukuphilisana nabanye kungakhathalekile ukwehluka
kwamazinga empilo ngoba umuntu ngumuntu ngabantu.

81
Umbuzo:

Lithatha osemsamu limphose emnyango, lithathe osemnyango limphose emsamu.


Hlaziya lesi sitatimende usibhekise kwiNoveli ethi Impi Yabomdabu Isethujini.

Isingeniso

Kuyiqiniso ukuthi lithatha osemsamo limphose emnyango, lithathe osemnyango limphose


emsamo. Lesi isimo sokukhuluma esiyisaga, sichaza ukuthi obusayo angagcina
esehlupheka, ohluphekayo angagcina esebusa. Kule noveli ethi Impi Yabomdabu
Isethunjini kunabalingiswa ababusayo kodwa bagcina sebehlupheka, bese kuba
nabalingiswa abahluphekayo kodwa abagcina sebebusa. Lokhu sikubona kulaba balingiswa
okunguBafana, uPoppy, u-Uzithelile, uHlanganisani kanye noCele.

Umzimba

UBafana uzibona engcono kunomndeni waseMpaphala ngenxa yokubusa. Lokhu


ukukhombisa ngesikhathi kufika uCele emzini wakhe engashongo ngenxa yendlala
eMpaphala. Kunokudonsisana ngamazwi uma ezwa uBafana ukuthi uCele uzocelela
izingane zikaLinono okunguHlanganisani no-Uzithelile indawo yokuhlala, uBafana ugcina
esemkhakhabise okwenja umalume wakhe. UBafana umnika ikhadi elinezinombolo zakhe
ukuba uCele amshayele ucingo ukuze bahlele. UCele uyabuyela emzini womshana wakhe,
uyemukeleka uze amenzele itiye namakhekhe kodwa udaba eze ngalo akalwamukeli.
UBafana utshela umalume wakhe ukuthi umuzi wakhe wenele izingane zakhe kuphela
akanayo imali yokufundisa izingane zasemafamu ezikoleni zabamhlophe nezimoto zakhe
zincane,umuzi wakhe mncane ngeke ukwazi ukuthatha ezinye izingane. UBafana uyabusa
lokhu sikubona kuCele ezinika isikhathi ebuka umuzi womshana wakhe ukuthi
umtakadadewabo sewaba ngumLungu mnyama.

UBafana akaxoxi nomakhelwane, ababingelelani, abazani futhi abananelani ngenxa


yokubusa. UBafana akafuni ukusiza abantu abamnyama njengoba uBern Martin ayenesifiso
sokusiza abamnyama, uBafana utshela uBern ukuthi ayikho yena into emhlanganisa
nabantu bakwaMashu, Lindelani njl, yena nomndeni wakhe basonta nabelungu. Konke
okwenziwa uBafana kumveza ngokusobala ukuthi ukubusa kwakhe kumenza azibone
engcono kunomndeni waseMpaphala. UBafana unikwa uTerry Lewis izincwadi kodwa
uyehluleka ukuzifunda ushiya umsebenzi ngenxa yophuzo olunamandla,uya eMadadeni
lapho afika wazibiza ngoJohnny ozishaya injingana ngenxa yokuba nemali, wathola
umasihlalisane onguMaMthuzi. UPrisca oyindodakazi kaMaMthunzi nesoka lakhe
uNkebelele bantshontsha imoto kaBafana bayayigingqa, uyashiya eMadadeni ngenxa

82
yokusatshiswa uMgwazeni oyindodana kaMaMthunzi.UMgwazeni usabisa uBafana ngokuthi
uma engalisuli icala naye impilo yakhe izosulwa emhlabeni. Uya eThekwini uhlala
naMaMsibi ufika ushayisa imoto yakwamakhelwane, uMhlolithwasa uyamxosha uthi
akaphindele eMpaphala ayosusa isinyama. UBafana eseshawe umhlaba ubuyela
eMpaphala kubantu abahluphekayo futhi anqaba ukubasiza ngoba ebusa, uthola
ukwamukeleka kwaCele kanye nomndeni wonke uyahlatshiswa. UBafana uqhubeka
nezifundo zakhe ugada nepulazi likaHlanganisani.

UPoppy uyabusa unakho konke uze angabazi abanye abantu. Lokhu ukukhombisa emva
kokuba uBafana amtshele ukuthi umalume uCele ubezocelela izingane zikaLinono indawo
yokuhlala. Lokhu kuphetha ngokuthi baxabane uze athi yena ungowaseLokishini eLaksi,
okusho ukuthi yena ungcono kunabantu baseMpaphala, uze axoxele ozakwabo
emsebenzini lolu daba, nabo bahlukana phakathi abanye bathi akazithathe abanye bathi
akangazithathi. UPoppy uphatha kabi abantu abagulayo ngenxa yokuthi abasemakhaya,
uthi usayoqala ngokudla. UPoppy uchitha ukudla emgqonyeni ngenxa yokubusa kodwa
kukhona umndeni olambile eMpaphala. UPoppy utshelwa nguBafana ukuthi u-Euthenesia
untshontshe imali kaMaXakushe athenge ngayo izingubo, uPoppy ukhombisa ukuvuna
indodana yakhe. Uhlanganisa imali eyathathwa u-Euthenesia ukhokhela uMaXakushe qede
uyamxosha, lokho kuveza ukuthi usebenzisa ukubusa kwakhe ukucindezela abantu
abahluphekayo.

UPoppy ufonelwa uHlanganisa ufuna ukumtshela ukuthi u-Euthenesia uphephile,uPoppy


ukhombisa ukwedelela akambuzi impilo umshana wakhe ngoba ukubusa kwakhe kwenza
angaziboni ecela usizo kuHlanganisani. UPoppy ukhombisa ukungayinameli inyama ebuya
no-Euthenesia eMpaphala ngoba yena ukholelwa enyameni ehloliwe. UPoppy
emqhudelwaneni ukhombisa ukungazithandi izingane zikaLinono futhi uzibukela phansi
ngoba zona zihlupheka yena enakho konke. Uze enze imizamo yokuzibulala kodwa
uyahluleka. UPoppy usebenzisa ukubusa kwakhe uthengela izingane zakhe imoto
engaxoxisananga noBafana, lokhu kwenza ukuthi uBafana ashiye umuzi wabo oseLalucia,
aphindele eMlazi. UPoppy ubuyela eMpaphala ayengayifuni nokuyibona esehamba
ngezinduku, uCele uyamemukela ngezandla ezimhlophe.

U-Uzithelile ukhule ehlupheka kodwa lokho akumnqandanga ukuba agcine esebusa.


Simthola eqala ediphini ngaphambi kokuba aye esikoleni aphinde aphase ngamalengiso. U-
Uzithelile usebenza ngokuzikhandla ngenhloso yokushintsha isimo senhlupheko
ababhekene nayo. Udla umhlanganiso emqhudelwaneni wokugijima eThekwini. Uyadlula
uya eGoli nakhona ubashaya amakhanda, udlulela phesheya kwezilwandle uthola
umfundaze wokuyofunda phesheya. Emva kokufunda phesheya wenza izinguquko

83
eMpaphala,uthuthukisa abantu besifazane kanye nabantu basemakhaya. Impilo iyashintsha
ugcina esedla izambane likapondo.

UHlanganisani ungumlingiswa okhaliphile ngoba simthola ebamba amatoho ezingadini


zabelungu ngenhloso yokuxosha ikati eziko ekhaya kwaCele. UHlanganisani uyakuthanda
ukufunda izincwadi aqhathanise imibono yababhali lokho kwenza ukuba agcine
esephumelela. UHlanganisani uphuma phambili emqhudelwaneni wokugijima eThekwini,
udlulela eGoli nakhona udla umhlanganiso. UHlanganisani ufunda oNgoye adlulele eMelika.
Emva kokufunda uHlanganisani wenza ushintsho eNyuvesi yasoNgoye. EMpaphala
kwaCele nakhona kuba noshintsho kuphilwa kahle ngenxa yezingane zikaLinono uphinda
asize umalume wakhe owayengafuni ukubathatha besahlupheka.

UCele uyahlupheka kodwa lokho akumshintshi indlela akhathalela ngayo umndeni, lokhu
sikubona ngesikhathi efika emzini womshana wakhe ezocelela izingane zikaLinono indawo
yokuhlala kepha akalutholanga usizo, uBafana wamkhakhabisa okwenja. UCele ngesikhathi
ebuyela eMpaphala wayephatheke kabi indlela aphathwa ngayo umshana wakhe kodwa
uthe efika ekhaya wambeka uBafana emthandazweni wabe esezibonela uMakhumalo ukuthi
umyeni wakhe akahambanga kahle eThekwini. UCele ugcina esebusa esenomuzi omuhle,
ukhombisa ukungambambeli amagqubu uBafana, okunalokho uyamamukela emzini wakhe,
uyamhlabisa ujabulela ukuthi ubuye esaphila.

Isiphetho

Ngalezi zibonelo ezingenhla kucace bha ukuthi lithatha osemsamo limphose emnyango,
osemnyango limphose emsamo ngoba umndeni waseMlazi eThekwini ububusa ungasizi
muntu kodwa ugcina ungasabusi sezijikile izinto lapho abaseMpaphala sebebusa ngemuva
kokuhlupheka isikhathi eside.

84
Umbuzo

Izingane ezikhule ekhaya elinokuthula nokuhlonipha zehlukile kunalezi ezikhule


ekhaya elinokuxokozela nokuklwebhana.
Hlaziya ngokuhlolisisa lesi sitatimende kokwenzeka kule noveli.

Isingeniso

Lesi sitatimende siliqiniso ngempela izingane ezikhule ekhaya elinokuthula nokuhlonipha


zehlukile kakhulu kulezi ezikhule ekhaya elinokuxokozela nokuklwebhana, Kule noveli
bakhona abalingiswa abakugqamisile lokhu okushiwo isitatimendi.Izingane zakwaCele ,
okungu -UZithelile kanye noHlanganisani bakhule ekhaya elinokuthula kanti izingane zakwa
Ngubane okungu -Euthanasia kanye no Melody zikhulele ekhaya elinokuokozela
nokuklwebhana.

Umzimba.

U- Uzithelile kanye noHlanganisani bayizingane ezikhulele ekhaya elinokuthula, bakhuliswa


ngumkhulu wabo uNjini Cele. Bakhulela emakhaya aseMphaphala, UNjini Cele ubakhulisa
ngenhlonipho kanye nokwazisa abanye abantu,

U-Uzithelile noHlanganisani

• UHlanganisa uyafunda , uphinde afune umsebenzi ozomulekelela ukuthi athole imali


yokuziqhuba esikoleni
• Imali ayitholayo lapho asebenza khona eMajalidini abelungu usiza ngayo ekhaya,
umkhulu nogogo
• Ulekelela ngayo no - Uzithelile udadewabo ukuthi naye aqhubeke nokufunda
• UHlanganisani nasesikoleni uyabalekelela abanye abafundi futhi uyabangqungquzela
ukuba bazimisele, oZamashenge.
• U Euthy uyeqa ekhaya uya eMpaphala, ufika esikoleni sikaHlanganisani, UHlanganisani
akancwasi uyamamukela uze wazisa noThishanhloko.
• UHlanganisani Ukhombisa ukuhlakanipha uma eshayela uPoppie emazisa ukuthi
u_Euthy useMpaphala. Ufuna ukuthi kube nokuthula emndeni wakwaNgubane
• Ulekelela izingane zakwaba OkunguMelody kanye noVikizitha ukuba babuye esikoleni
uphinde futhi uhlala nazo.
• UHlanganisani akanawo amagqubu utshela uVikizitha ukuthi akalande uPoppie kanye
noBafana eLa-Lucia. Babuye bazohlala eMpaphala.
Uzithelile utholela uMelody umuntu ozogada ingane ngoba uMelody ebhala incwadi
yokuzibulala.

85
• Uyeka umsebenzi awufundele usiza abantu emphakathini ngenxa yokuthi ufuna ukulwa
nobubha.

U-Euthenasia kanye noMelody

• Bakhule ekhaya elinomsindo kanye nokuklwebhana bahlala eMlazi


• Abamazi omunye umuntu kanti futhi inhlonipho ayikho nokuthula kubo akukho.
• Izingane ezinganakwa abazali bazo banake ukuzithuthukisa ngemfundo zikhuliswa
isisebenzi esingumaXakushe.
• UMelody akafuni ukugeza izintsha.
• Untshontshela uMaXakushe imali futhi abamhloniphi ugogo uMaXakushe.
• UMelody ufuna ukuphuza iwayini ngenkathi kuyisidlo santambama
• U-Euthenasia untshontsha imoto kaMiss Hawkins emthumile uya eLindelani nako La
Lucia
• U-Euthy uyeqa uya eMpaphala.
• U Melody uqoma umlungu okungu Prince.
• UMelody uthola izingane ezimbili
(Namanye amaphuzu angavezwa umfundi ayokwamukelela)

Isiphetho

Umehluko mukhulu kakhulu ezinganeni ezikhuliswe ekhaya elinokuthula njengalezi


ezikhuliswe uCele ziyaphumelela. Konke ezikwenzayo kutshengisa ukuhlonipha kanye
nokucabanga, Lezi ezikhulele ekhaya lakwaNgubane elingenakho ukuthula nabazali
abangenaso isikhathi sokuzinaka, ziba namaphutha amaningi. Kubalulekile ukukhulisa
izingane ngendlela efanele ukuze ziphumelele empilweni kusizakale isizwe/umphakathi.

86
Umbuzo

Kuba khona izenzo ezibukeka zizinhle uma sizenza kodwa ekugcineni kube
nokuzisola.
Fakazela lesi sitatimende ubhekise enovelini ‘Impi Yabomdabu Isethujini’.

Isingeniso
Lesi sitatimende siyiqiniso/sinobuqiniso ngoba bakhona abantu abenza izenzo abazibona
zizinhle emehlweni abo kodwa ekugcineni babe nokuzisola. Nakuyo le noveli
kunabalingiswa abenza izenzo abazibona zizinhle kodwa bagcina sebezisola lapho
sebehaqwe ubunzima bempilo njengoBafana kanye noPoppie.

Umzimba
Kuningi ayekwenza ezitshela ukuthi kuhle emehlweni akhe kodwa ekugcineni wabona ukuthi
ubenza iphutha wazisola ngakho.

• Ukungemukeli uCele emzini wakhe ngoba engalishayanga iphoyinti.


• UCele ugcina eyolala kwamngane wakhe. .
• UBafana uyawuchitha umbono kaNjini unqaba uyaphetha ukwamukela izingane
zikaLinono ngoba ebona ukuthi ngeke akwazi ukuphazamisa izinhlelo zomuzi wakhe.
• UBafana uveza ukuthi usamcasukele uLinono ngokuthola izingane engashadile futhi ethi
waye emtshela ukuthi bazodlala ngaye abafana.
• Ukufika kukaBen Martin kwaJeffrey, Wilson & Sons efisa ukusiza abantu ababamnyama
ethembe ukuxhunyaniswa nabo nguBafana uyadumala lapho uBafana emtshela
emehlweni ukuthi yena akahlanganise lutho nabantu baselokishini yena usonta
nabelungu.
• UBafana akanaso isikhathi nezingane zakhe. Izindaba zezingane zibhekene kakhulu
nomama osizayo uMaXakushe. Uyena osengubaba nomama ezinganeni.
• Iqala phansi ingxabano phakathi kukaPoppie noBafana eLa Lucia uma esefuna ukwenza
iziqu zePhd engafuni uBafana.
• UBafana uxabana noPoppie ngodaba lwemoto ayithengele izingane ngaphandle
kokuvumelana.
• UBafana uxabana noMaMthunzi ngokwebiwa nokulinyazwa kwemoto yakhe uPrisca
noNkebelele.
• UMgwazeni ukhwela uyadilika kuNgubane ngokulimala kukadadewabo uPrisca umdonsa
ngendlebe ukuba esule icala lokuthathwa kwemoto yakhe ngapandle kwemvume uma
engakwenzi lokho uzombulala.
• UJohn Bafana Ngubane uyobonana noDokotela Mdlalose ababefunda naye ngenxa
yokuthi izinto azihambi kahle emzini wakhe. UDokotela Mdlalose umtshela ngempakamo
abanayo emzini wakhe uBafana ngoba abazani nomakhelwane.
• UBafana uxabana noMaMsibi ngenxa yobudedengu bukaBafana obuholele ekulimaleni
kwemoto kaSibeko.
• Emva kokubuka impilo ngenye indlela uBafana simthola eya koxolisa eMpaphala ukuze
konke kubuyele esimweni. UCele wamukela ngezandla ezimhlophe.
• UBafana ezama ukuyozibulala ngoba ezitshela ukuthi sekuphelile ngaye. Ukwenza lokhu
nje kade enikezwe imali umhlolikazi Msibi ukuba abuyele ekhaya ukuze kuzosuka lesi
sinyama ayembona enaso.
UPoppie

87
• UPoppie wenqaba ukuthatha izingane zikaLinono noma uMathiloni Dladla emyala ukuba
azemukele.
• UPoppie uphatha kabi abantu abagulayo basemakhaya nabaseMpaphala esibhedlela.
• Umndeni wakwaNgubane awunaso isikhathi nezingane zawo. Izindaba zezingane
zibhekene kakhulu nomama osizayo uMaXakushe. Uyena osengubaba nomama
ezinganeni.
• UPoppie uxabana noMaXakushe ngokumeqa axoxele uBafana udaba lokwebiwa
kwemali yakhe u-Euthanisia aze aphethe ngokumxosha.
• Emva kokubuka impilo ngenye indlela uPoppie simthola eya koxolisa eMpaphala ukuze
konke kubuyele esimweni. UCele wamukela ngezandla ezimhlophe
U-Euthenisia
• U-Euthenisia untshontsha imali kaMaXakushe nemoto kaMiss Hawkins.
• .U-Euthenisia uyeqa eMlazi alibangise eMpaphala kwamkhulu wakhe uCele afike
amukelwe ngezimhlophe izandla aze ahlatshiswe imbuzi athelwe ngenyongo afakwe
nesiphandla imbala.
UMelody

• UMelody uxoxela uMaXakushe ukuthi usethandana nomlungu onguPrince


• UMelody uthola izingane ngaphandle komshado.
Emva kokubuka impilo ngenye indlela uMelody simthola eya eMpaphala impilo
uyiqala kabusha.

Isiphetho

Izehlakalo ezingenhla ziyinkomba yokuthi ngempela kuba khona izenzo ezibukeka zizinhle
uma sizenza kodwa ekugcineni kube nokuzisola . Kungaba yisu elihle ukuba abantu
bafundiswe ukubaluleka kokwenza kahle empilweni ukuze kungabi khona ukuzisola.

NOMA
Kubalulekile ukuthi uma siphila sihlale senza okuhle kwabanye abantu ukuze singazisoli
ngomuso khona nabo beyositakula uma sesibhekene nobunzima.

88
Umbuzo

Kunabantu okuthi ngoba befundile behlala emadolobheni bese bebukela phansi


abahlala endaweni yasemakhaya. Sekela noma uphikise lesi sitatimende
ngokwenzeka kule ndaba.

Isingeniso
Ngiyavumelana nalesi sitatimende kuliqiniso ukuthi esikhathini samanje emphakathini
esihlala kuyona bakhona abantu okuthi uma sebefundile behlala emadolobheni bese
bebukelala phansi abahlala endaweni yasemakhaya. Nakuyo le ndaba siyabathola
abalingiswa abafundile ababukela phansi abalingiswa abahlala endaweni yasemakhaya.
Kulaba balingiswa singabala uBafana Mbhabhadidsi John Ngubane, uPoppie MaMthimkhulu
Ngubane unkosikazi kaBafana kanye noMethiloni Dladla.

• UBafana akamamukeli umalume wakhe emzini.


• Akamngenisi endlini uthi akakuhlelanga ukuzombona.
• Akamenzeli ngisho itiye.
• UBafana akavumi ukuthatha izingane zikaLinono.
• Uthi izingane zikaLinono ezikaLinono namasoka ache.
• Yena wawuhlelela umndeni wakhe, indlu yakhe, imoto yakhe yanele umndeni wakhe.
• Izingane zakhe zifunda nabelungu ngakho-ke angeke akwazi ukuzithatha izingane
zikaLinono.
• Unqaba ukunikeza uBen Martin ulwazi ngabantu abamnyama abahlala emalokishini.
• Uthi usonta nabelungu, izingane zifunda nabelungu, akahambeli imihlanganao
yabamnyama engagcini isikhathi.
• Uhluleka ukuzehlisa ngenkathi eyofuna usizo kwaDokotela uMdlalose.
• Uphikelelal ukubiza uDokotela uMdlalose ngegama ebe emhlonipha yena embiza
ngesithakazelo.
• Akawaboni amaphutha akhe uma uDokotela Thathezakhe Mdlalose emkhumbuza
ngempakamo yakhe.
• Akakuthandisisi ukubuya kuka-Euthenasia nesiphandla nenyongo eMpaphala.
• Ubukela phansi izimfundiso zoHlanganisani no- Uzithelile, ngenkathi u_euthenasia
ebuya eMpaphala ekhuza uMelody ukuba angaphuzi iwayini.
• Indlela ayekhuluma ngayo ngoHlanganisani no-Uzithelile ngenkathi beze
emqhudewaneni wokugijima. Ubabukela phansi ukuthi baqeqeshwe abaqeqeshi
abangekho ezingeni.
• uJonny ozishaya injingana, uBafana uyaqhubeka nokuphakama noma isimo
singasavumi, isimo sempilo Kanye nesezimali asisavumi kahle,
• UBafana ngenxa yempakamo uthatha isinqumo sokuzibulala, ngenxa yokuhluleka
ukuzehlisa bauyele eMpaphala ayoxolisa kumalume wakhe.
• UPoppie akamhloniphi umalume kaBafana ongumyeni wakhe.
• Unqaba ukushintsha izingubo uthi yena ubezoza nazo azombingelela.
• Ubiza umalume uNjini ngomalume wakhe uBafana, yena akazifaki lapho.
• Uvumelana noBafana, bayanqaba ukuthatha izingane zikaLinono.
• Uxoxa kabi ngomndeni waseMpaphala emsebenzini. Utshela ozakwabo ukuthi
bekukhona umalume kaBafana efuna ukuthi bona bathathe izingane zikaLinono, yena
akangavumelana nalokho. Umethiloni Dladla uyamvuna uPoppie uthi makangazithathi
izingane zikaLinono.
• Uhlukumeza isiguli ngoba sihlala eMpaphala.
• UPoppie wazisa imindeni engosibongo fanana kunomndeni wakhe waseMpaphala

89
• UPoppie uphendula kabi uHlanganisani kabi ocingweni, uze uthi akanamali yokuphinda
ashaye.
• UPoppie uxosha uMaXakushe
• UPoppie ucasulwa ukuhlulwa kwezingane zakhe izingane zaseMpaphala.
• UPoppie akakuboni ukubaluleka kokwazisa umndeni waseMpaphaphala ngokushiywa
kwaBafana emzini wakhe.
• UPoppie ushiya ibhayibheli aliphiwa umamezala wakhe uMaMbhele eMlazi ngenkathi
sebethutha beya eLa-lucia.

Isiphetho

Kuyiqiniso ukuthi abanye abantu abahlala emadolobheni babukela phansi abantu abahlala
endaweni yasemakhaya. Lokhu kuvezwa izigameko ezingenhla. Akuyona into enhle
ukubukela abanye abantu phansi ngoba nihlala ezindaweni ezingafani sonke singabantu
futhi siyalingana.

90
Umbuzo

Kulesi sikhathi samanje kusenabantu abanobuntu obumangazayo. Sekela noma


uphikise ngokwenzeka kule noveli.

Isingeniso
Esikhathini esiphila kusona bakhona abantu abanobuntu obumangazayo, abasiza abanye
abantu bengabheke nzuzo, udumo lokubongwa kanye nokunconywa . Basiza abanye
abantu ngoba bebona kufanele. Nakuyo le Noveli ethi ‘Impi yaboMdabu Isethunjini’ bakhona
abalingiswa abanobuntu esingabala kubo uCele,uMaKhumalo, uMaXakushe, uMadonsela,
uBen Martin, uHlanganisani, u-Uzithelile, uMaMsibi kanye noMethiloni Mngadi.

Umzimba

• UCele usuka eMpaphala uzocelela izingane zikaLinono indawo yokuhlala kuBafana.

• Usiza u-Euthenasia uma ehlaselwa isifuba uyamkhulekela, nakuba yena


engamukelwanga kahle kwaNgubane.
• Uthuswa indlela okuphilwa ngayo eMlazi.
• Wafika kwaNgubane ephethe umngenandlini, nakuba bengawamukelanga kwaNgubane.
• Ukhipha umphako bawudla noMadonsela, baze bapha nomakesi.
• Akapheli mandla ngokunakekela uHlanganisani no-Uzithelile.
• Wamukela u-Euthenasia ngesikhathi efika eMpaphala uze uyamhlabisa, umthela
ngenyongo, umfaka isiphandla aphinde amuse nasemalibeni.
• Wamukela umndeni wakwaNgubane ngesikhathi usushaywe umhlaba uze uyabahlabisa
ubathela ngenyongo.
• UMadonsela wamukela umkhaya wakhe ongCele umnikeza indawo yokufihla ikhanda
ngenkathi exoshiswa okwenja kwaBafana.
• Uchazela uCele impilo ephilwa eMlazi.
• Umnikeza indawo yokulala ngesikhathi exoshwe uBafabna.
• UMethiloni Mngadi ubonisa uPoppie ngeqiniso ukuthi lezi ngane kumele azithathe ngoba
kungezakhe.
• UBen Martin unothando lokulekelela abantu abamnyama abahlala ezindaweni
zasemalokishini engabheke nzuzo.
• UMaXakushe ukhulisa izingane zakwaNgubane ngothando nakuba abazali bazo
bengenaso isikhathi sezingane zabo.
• Uzifundisa inhlonipho, indlela yokuziphatha, uzenzisa umsebenzi wesikole.
• Unakekela uBafana njengendodana yakhe.
• Akamzondanga u-Euthenasia ngezenzo zakhe zokumntshontshela.
• Ukhombisa inhlonipho kuPoppie nakuba yena wayemdelela.
• UHlanganisani uyawuthanda umndeni wakwaNgubane nakuba azi ukuthi eMlazi
abamamukeli.
• Ukukhuthaza uMelody ukuba aphumelele esikoleni ayofunda.
• Wamukela izingane zikaMelody ulandela usikompilo ukuthi izingane zegazi lakhe
ezakhe.
• Wayebuya nezincwadi ejalidini, anikeze nezingane zomphakathi ukuthi zifunde.
• Wayengaphindiseli okubi ngokubi kulabo ababemhlukumeza, oSikhumbuzo noZenzele
bembiza ngengane yenyanga.
• UZithelile uyala uMelody ukuthi avuke azithathe.
• Wayepha abanye abafundi umphako wakhe esikoleni.

91
• Wadela umsebenzi wobudokotela phesheya kwezilwandle wabuyela eMpaphala
eyothuthukisa imiphakathi kanye nabesifazane abamnyama.
• UMaKhumalo wayenakekela ngothando umndeni wakwaCele.
• UMaMsibi ululeka uBafana ngokubaluleka kosikompilo nokubuyela ekhaya eMpaphala,
nakuba waqala wangenza kahle ngokuwashisa uBafana izingubo zangaphansi.

Isiphetho
Basekhona ngempela abantu abaphilayo nabasenobuntu, Lokhu kuyinto ebalulekile kakhulu
ngoba kuhle ukukwazi ukuphilisana nabanye abantu, njengoba sibona kubalingiswa
ababalulwe ngenhla.

92
Umbuzo

Izingane ezikhulele ekhaya elixokozelayo/ezingenamthetho azifani nezingane


ezikhulele ekhaya elinomthetho.

Sekela noma uphikise ngokwenzeka kule ndaba

Isingeniso
Kuyiqiniso elingenakuphikiswa ukuthi izingane ezikhulele ekhaya elixokozelayo
nelingenamthetho azifani nezingane ezikhulele ekhaya elinomthetho. Ngokwale noveli
ikhaya lakwaNgubane liyaxokozela kanti ikhaya lakwaCele linokuthula. Isizulu sikubeka
kucace ukuthi injalo iphuma edunjini.
Umzimba

• Izingane zaseMpaphala okunguHlanganisani no-Uzithelile.


• Balekelela uCele noMaKhumalo ekwenzeni imisebenzi yasekhaya.
• Ziyahloniphana zona zodwa.
• Ziyabahlonipha abazali bazo okungu Cele kanye noMaKhumalo.
• Bayawazisa umndeni wabo waseMlazi nakuba bazi ukuthi banqaba ukubasiza.
• Bakhuthaza izingane zakwaNgubane ukuba zifunde.
• Bamukela umalume nomalumekazi wabo sebeshaywe umhlaba.
• Ababalahlanga oCele noMaKhumalo emva kokuba sebephumelele.
• Abakhohlwanga umphakathi abakhulela kuwo.
• Izingane zakwaNgubane eMlazi okungu Melody no-Euthenasia
• Azinanhlonipho ekhaya, zikhuluma inoma ikanjani nabazali bazo.
• Azihloniphi uMaXakushe, u-Euthenasia untshontsha imali kaMaXakushe
• Esikoleni- u-Euthenasia weba imoto kaMiss Hawkins.
• UMelody uthola izingane ekhaya ephindelela

Isiphetho
Kubalulekile kubazali ukukhulisa izingane ngenhlonipho nomthetho, nangendlela eyoba
eyengane ingayiyeki ngisho isindala.

93
Umbuzo

Izingane esikhathini esiningi ziyayiveza indlela ezikhuliswe ngayo


kungakhathalekile ukuthi abazali bacabangani ngazo. Hlaziya
ngokuhlolisisa lesi sitatimende ubhekise kule noveli .

Isingeniso
Lesi sitatimende siyiqiniso elingephikiswe, ngempela izingane esikhathini esiningi
ziyayiveza indlela ezikhuliswe ngayo kungakhathalekile abazali bacabangani ngazo.
Kule noveli izingane zakwaNgubane ziyayiveza indlela ezikhuliswe ngayo nakuba
abazali bazo becabanga ukuthi zizoba ngcono kunezaseMpaphala kanjalo
nezakwaNgubane eMpaphala ziyayiveza indlela ezikhuliswe ngayo nakuba oCele
becabanga ukuthi zizohluleka ngenxa yesimo sempilo esingasihle neze.
Umzimba
KwaNgubane eMlazi
U-Euthanasia akamhloniphi ugogo uMaXakushe ngoba ufundiswe ukuthi
uyisisebenzi ngakho kumele abenzele konke lapha abazali bacabanga ukuthi
izingane zabo zikhula kahle phezu kokuba bengazinakile.
U-Euthanasia untshontsha imoto kaMiss Hawkins uhamba ngayo ilokishi lonke
engayicelile ngoba benza noma yini kubo abazali bangabi nandaba.
U-Euthanasia untshontsha imali kagogo uMaXakushe uyothenga izmpahla ezibizayo
ngoba ujwayele vele ukuba nezimpahla ezibizayo ngoba kubo banemali abazali
abazikhathazi ngezimpahla anazo.
UMelody uthandana nomlungu ngoba vele kubo banabangani babelungu bazi ukuthi
abelungu bangcono
UMelody uthola izingane zize ziba mbili emncane ngoba abazali abanandaba nabo
ekubanikezeni izeluleko KwaNgubane eMpaphala
UHlanganisani uyahlonipha ngoba uqhamuka ekhaya elinokukholwa nenhlonipho
nakuba omkhulu nogogo bengakulindele lokho ngexa yesimo sempilo .
UHlanganisani ubikela uMaMthimkhulu ngokufika kuka-Euthanasia eMpaphala
phezu kokuba uPoppie emthatha njengengane yasemafamu
Ulekelela uVikizitha noVukuzithathe phezu kokuba oBafana noPoppie
bengabasizanga bona ngoba bengabasemafamu
Usebenza ezingadini ukuze axoshe ikati eziko ekhaya phezu kokuba eyingane lokho
kuyabethusa oCele noMaKhumalo.
UHlanganisa umndeni wamukela ngisho umalume nomalumekazi wakhe emzini
wakhe uyabakhusela babuyela esimweni nakuba bona babecabanga ukuthi ngeke
aphumelele ngenxa yobubha nobumpofu eMpaphala
U-Uzithelile uyazilwela ushaya uKhanjana ,uCele noMaKhumalo abacabangi ukuthi
u-Uzithelile eyintombazane angakwazi ukuzimela ebafaneni abamhlukumezayo.
Usiza abantu besifazane ukuba bakwazi ukuzimela phezu kokuba oMaMthimkhulu
babengamboni nengomuntu ongaphumelela aze afike kuleli zinga asekulo

94
(Namanye amaphuzu abafundi abayowaveza asekeleke kahle)
Isiphetho
Ngala maphuzu asebaliwe ngenhla kusobala ukuthi indlela izingane ezikhuliswe
ngayo inomthelela omkhulu ekwenzeni nasekuziphatheni kwazo. Lokhu kusifundisa
ukuthi kumele kuqikelelwe ukuthi izingane zikhula ngaphansi kwesimo esifanele
ngoba siyodlala enkulu indima ezimpilweni zazo.

95
Umbuzo

Izinqumo esizithathayo zingaba nomphumela osikhinyabezayo thina uqobo kanye


nalabo esisondelene nabo. Bhekisa impendulo yakho encwadini ethi Impi Yabomdabu
Isethunjini.

Isingeniso
Ngiyavumelana nesitatimende esingaphezulu esithi "izinqumo esizithathayo ezimpilweni
zethu zingaba nomthelela ongemuhle kuthina uqobo kanye nakubantu esisondelene
nabo".Umlingiswa ongu Poppie kanye nabanye Abalingiswa izenzo zabo ziyahambelana
futhi ziyafakazelana nokushiwo isitatimende.

Umzimba
Umlingiswa ongu Poppie wenza isinqumo sokuba yena akazukuphilelana nabantu bakubo
komyeni wakhe uBafana ngoba bengabasemaphandleni kwantuthu.Isinqumo sakhe
safakela uBafana ingcindezi yokuba naye azithole engasafuni lutho olwalungase
lumhlanganise nabakubo eMpaphala.Wahlala engasababheki nabakubo.UBafana wabe
eselahlekelwa yinhlonipho kanye nokwazisa abakubo eMpaphala.Wakhetha ukubashaya
indiva okwathi noma bebabhalela izincwadi bethumela emaposini bebika indlala nesomiso
uBafana akazange afune ukubalekelela abathwale njengomndeni.

Ukunquma kukaPoppie enquma ukuba izingane zabo ziye kofunda ezikoleni zabamhlophe
kwazincintsha ithuba lokuba zikhululeke kanye nethuba lokuba zithole ukufunda isizulu kanti
futhi sithola uMelody ebikela u-Uzithelile ethi akathandi ukufunda nabamhlophe ufuna
ukufunda eskoleni sabamnyama. Lesi sinqumo senza abantwana bakhule bengenayo
inhlonipho kubazali babo kanye nabanye abantu abadala. Ukufundisa oMelody kanye no
Euthanasia kwabancintsha ithuba lokuba bazokabanzi ngemvelaphi yabo futhi nokuba bazi
amasiko kanye nendlela abantu abamnyama abaphila ngayo.
UPoppie wanquma ukuba athengele izingane zabo ezingoMelody kanye no Euthanasia
imoto emva kokuba u-Euthanasia othathe imoto ka Miss Hawkins owayenguthisha wakhe.
UPoppie wabona kungcono nazo azithengele imoto ngoba u-Euthanasia wayekhombisa
ukuthi uyayithanda imoto umangabe entshontsha ngisho ekathisha wakhe.Isenzo
sikaPoppie sokuba athengele izingane imoto kwamcasula kakhulu uBafana ngoba UPoppie
akazange akhulume naye ngaphambi kokuba athengele izingane zabo imoto okwaholela
ekutheni uBafana ashiye ikhaya labo abuyele kuleli laseMlazi njengoba babe sebehlala eLa
Lucia.Lokho kwawulimaza kakhulu umshado wabo ngoba uBafana wahamba ijuba lika
Nowa. Lasala ikhaya labo lingenababa washiya nezingane zodwa nomama
wazo.Yahamba ngempela iminyaka impilo kaBafana ifa kancane kancane engenakho
nokubuyela emumva ngenxa yempakamo ayenayo.
UPoppie waphinde wakhetha ukwenza izifundo zePHD ethi uzama ukuthuthukisa ulwazi
lwakhe. UBafana wayekade emnqabelile ukuba azenze kodwa yena wakhetha ukuyenza
ngenkani ngaphandle kokuba uBafana amazise. Lokhu kwamcasula kakhulu uBafana uma
ebona ukuthi umkakhe ongase abe nolwazi olungcono kunolwakhe.Lokhu kwafana
nesihlukaniso emndenini wakwaNgubane. UBafana waduba ikhaya impela waze wazitholela
nomunye umasihlalisane amthola enyukhasela ngoba wayeseshiyile nasemsebenzini
esehamba ebamba amatoho ebamba lapho nalaphaya esehlekwa nayizwe lonke jikelele.
UPoppie wayengenaso nesincane isikhathi nezingane zakhe. Lokhu kwenza ukuba uMelody
agcine esezithwele ngoba engazange athole ithuba lokuba axoxe nomama wakhe

96
amxwayise ngezenzo ezithile njengoba wayesenobudlelwano no Prince.UMelody akazange
athole ithuba lokuxoxela umama wakhe ukuze ezomxwayisa amtshele nalokho
okwakufanele makakwenze. Wazithola zaze zambili izingane uMelody kobaba abangafani.
Kwathi lapho uMelody esethole umuntu ayengahlekisana naye owayungumzulu futhi
owayengasebenzi , UPoppie washaya phansi ngonyawo ethe akukho ngane Yaba
nobudlelwano noqhwayilahle.

Isiphetho (uvo lwami)


Izenzo zomlingiswa onguPoppie ziyasifakazela isitatimende esithi izinqumo esizithatha
singacabanganga ziba nemiphumela engase ikhinyabeze thina uqobo kanye nalabo
esisondelene nabo.

97
Umbuzo

Abantwana abakhula kanzima kuvamile ukuthi baphumelele kunabantwana


abakhula bebusa bekuthola konke abakudingayo. Fakazela lesi sitatimende
ubhekisa impendulo yakho kule Noveli ethi Impi yabomdabu isethunjini.

Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi kwesinye isikhathi izingane zikhule kanzima kuvamile ukuthi
ziphumelele kunalezo ezikhule zibusa zikuthola konke ezikudingayo.Lokhu kungaba
yibangela yokuthi uma ukhula kanzima uyaye ube nezifiso zokuthi ngelinye ilanga nawe
uphile impilo engcono usuphumile ebunzimeni.Kanti lezi ezikhula zibusa ziyaye zingabi
nalo ugqozi ngoba zisuke sezinakho konke ezikudingayo futhi zethembele emafeni
abazali.Lokhu kuyafakazeka kule Noveli impi yabomdabu isethunzini lapho zithole ingane
ezikhule kanzima ziphumelela kakhulu kunalezo ezikhule zibusa.Singabala u- Uzithelile
kanye noHlanganisani abakhule kanzima bese sibala noMelody kanye noEuthenasia
abakhule bebusa.
Uzithelile
• Uzithelile ulusa nabafana nayamcwasa
• Ulwa nomfana ukhanjana.
• Kumele aqale ediphini njalo ngolwesihlanu ngaphambu kokuya esikoleni
• Uphutha ukubhala isivivinyo sezibalo njalo ngolwesihlanu.
• ukwazi ukuhlaba imbuzi ayihlinze eyintobazane.

Hlanganisani
• uHlanganisani ucosha amakhowe uma izulu linile awadayise
• usebenza emajalidini abelungu ngesimpelasonto
• ucosha izincwadi ezindala kwaDokotela uBrebner ngenhloso yokuzifunda .
• babembiza ngamagama okwedelela bemhlupha bemntshontshela bemdlela nomona
esikoleni.
• UHlanganisani no-Uzithelile bakhule kanzima benganazo izimfanelo abazidingayo
bedla ukudla okukodwa bagcina bephathwa ungomile.kwakumele bekwazi ukuzama
indlela yokuziphilisa befunde yonke imisebenzi ukuyenza.
• Baze batshala bezihlahla zikamoba nokwatapheya ngoba benethemba ukuthi
ngelinye ilanga ziyobasisa impilo yabo yayingafani nezinye izingane ezazenzelwa.
• Ekugcineni bayaphumelela baya phesheya bayofunda babuya benza izimangaliso
emphakathi.
• Uzithelile ukhulula abantu besifazane ekucindezekeleni bathola imisebenzi ugcina
eseba nenhlangano.
• Ngapha uHlanganisa ufundisa izifundo zePolitic eUnyuvesi yakwaZulu ,Uphinde abe
nePulazi elisebenza kahle kakhulu.Ukhulisa izingane zikaMelody ngoba enawo
amandla ephumelele.
• Batholela uPoppie noBafana ePulazini naseNyuvesi uMaMthimkhulu ufundisa
khona.

98
Abakhule bebusa
• Euthenasia noMelody
• Bafunda ezikoleni zabantu abamhlophe
• Banabangani babelungu
• Bahamba ngemoto ukuya nokubuya esikoleni
• Kubo Banesisebenzi
Euthenasia
• Euthenasia ugqoka izimpahla ezibizayo
• Akasigezi isitsha akade edla ngaso
Melody
• Melody uyazipenda uma eya esikoleni
• Ukhuluma nocingo isikhathi eside ngaphandle kokulawulwa
Melody bekuthola konke abekudinga kodwa ekugcineni impumelelo yakho
iyabambeka ugcina esemithela abafana ababili akasakwazi ukuqhubekela phambili
ugcina esetakulwa ilaba abakhule kanzima uHlanganisani noUzithelile.

Isiphetho
La maphuzu angenhla aqinisekisa ukuthi ngempela abantwana abakhula kanzima
kuvamile ukuthi baphumelele kunabantwana abakhula bebusa bekuthola konke
abakudingayo.

99
Umbuzo

Isimo sokukhuluma esithi “ Umvundla ziyowunqanda phambili” yisona


esigqamile kule noveli. Phawula ubhekise kule noveli oyifundile.

ISINGENISO.
Lesi isimo sokukhuluma esichaza ukuthi umuntu akayekwe nje aqhubeke enze into
ngenkani uyohlangabezana nenkinga phambili (ziyomubuyisa izinhlupheko). Nakule
noveli bakhona abalingiswa abalandela ( abangena kulesi simo sokuhkuluma)
ngokwezenzo zabo.
Umzimba
uBafana
Uhamba eMpaphala ayohlala eThekwini (eMlazi). Lokhu kumenza akhohlwe
imvelaphi yakhe ukuthi ukhulele emakhaya aseMpaphala. Lokhu kuholela ekutheni
engabe esabazisa abantu baseMpaphala yingakho eze waxosha umalume wakhe
uCele. Lokhu kuyenza esimweni sempilo yangempela. Abanye abantu bayahamba
bakhohlwe ilapho bekhuliswe khona, kuthi uma sezimjikela izinto phambili
akhumbule emuva njengaye uBafana uma sekungasahambi kahle ukhumbula
emuva eMphaphala ugcina ngokubuyela khona. Lokhu kunobungozi bokuthi
uBafana ulahla usiko lobuntu akhuliswa ngalo uCele. Engikufundile ukuthi kumele
uphathe kahle omunye umuntu uma efuka ekhaya ngoba awulazi ikusasa ukuthi
likuphatheleni ( Isihlahla asinyelwa).
Unqaba ukuthatha izingane zikaLinono ngoba ekholelwa ukuthi bekumele uLinono
ahambe nazo ukuyogana. Lokhu kwenza sekuvamile esimweni sempilo yangempela
ukuthi omalume(abantu) benqabe ukuthatha izingane zodade wabo uma sebeganile
njengoba kusuke kungezomalume. UBafana unqaba ukuthatha u-Uzithelile Kanye
noHlanganisani ngoba ethi kwakumele unina agane nabo lapho eganele khona.
Ekugcineni uBafana uqoqwa yizo izingane zikadadewabo lapho eseshaywe umhlaba
(esexakwe izinhlupheko). Ubungozi obungakhona ukuthi uBafana ajikelwe
abaphansi, bamphuce konke lokhu anakho. Isenzo sikaBafana asihambisani
nosikompilo lwesintu ukuthi ingane etholelwe ekhaya ingeyomalume. Kuhle
ukungabukeli abanye phansi ngoba wena usungcoco.
Uyabaleka eLa-Lucia ubuyela eMlazi agcine eseye naseNewcastle ngenxa yokuthi
uPoppie uthengele izingane bengavumelananga . Lokhu kumenza akhohlwe umuzi
Kanye nomndeni wakhe oseLa Lucia. Lesi simo sikhona esimweni somphakathi
wangempela. Kuyenzeka umuntu ahambe ashiye ikhaya/umuzi wakhe ezizathu
ezithile bese ebuya ngoba esexakwe okuthile lahpo abekhona. Lapha Newcastle
uBafana ziyamjikela izinto emva kokuba uPrisca entshontshe izikhiye zemoto
kaBafana yase igiqika. UMgwazeni uthembisa ukumgwaza uma eke wavula icala.
Ubungozi obungakhona ukuthi uBafana alahlekelwe izinto zakhe azisebenzelile,
njengoba walahlekelwa imoto wabuya engasenalutho. UBafana uphambene
nomthethosisekelo wokuthi izingane kumele zikhuliswe abazali bobabili. Isifundo
engisitholile ukuthi akumele ubalekele izinkinga zakho(zakwakho) ngoba uthola

100
ezinye lapho ubalekela khona (okungenzeka ukuba zingaphezulu kwalezi
ozibalekelayo).
Usuka eNewcastle ubalekela kwaMashu lapha wafike wahlala nomhlolithwasa
uMaMsibi. Ngokwenza lokhu, kwenza amabhadi akhe athuthuke. Lokhu kuholele
ekutheni uBafana agcine esenza umsebenzi wokuwasha izimpahla zangaphansi
zikaMaMsibi. Lokhu kuyenza empilweni yangempela ukuthi umuntu athi ubalekela
inkinga ethile kanti useyongena kwenye inkinga. UBafana ubalekela ukugwazwa
uMgwazeni uya kwaMashu ahlale nomhlolithwasa uMaMsibi, uwashiswa izinto
zangaphansi into ayengakaze ayenze phambilini.Ubungozi obungaba khona ukuthi
angagcina esewuhlaka lukaMhlolithwasa, angabe esakwazi ukuphila ngendlela
yakhe. Uze uvelelwa umshophi wokulimaza imoto kamakhelwane kaMhlolithwasa
ngenkathi egeza ekaMaMsibi ngokuphunyuka amabhuleki iyoshayisa
ekamakhelwane. Lokhu akuhambisani nosikompilo lwesintu ukuthi umuntu wesilisa
awashe izinto zangaphansi zowesifazane. Isifundo engisitholile ukuthi abanye
abantu bakwenzisa noma yini uma nje usuxakekile.

Isiphetho
Kuyiqiniso ukuthi uma umuntu enza izinto ngenkani ugcina sexakwa izinhlupheko.
Njengoba sibonile ezenzweni ezenzeka kumlingiswa onguBafana kule noveli.

101
Ubhhuku lwamanqe: E J Mhlanga

Izigameko

• UNkululeko ushayela uPhindisiwe ucingo umbiza ngesithandwa sakhe.


• UPhindisiwe utshela uNkululeko ukuthi okwakubahlanganisile sekwaphela.
• UNkululeko ukhumbuza uPhindisiwe ngezimfihlo azaziyo ngaye. Lesi isedsusa
sodweshu kulo mdlalo okuyimfihlo phakathi kukaNkululeko noPhindisiwe le athi
uNkululeko uzoyidalula uma uPhindisiwe engamniki lokhu akufunayo
• UNkululeko uphinde ubuza uPhindisiwe ukuthi uthini ngemali abemondla ngayo,
isikhathi asichithe ngaye kanye nekusasa lakhe.
• UNkululeko ukhumbuza futhi uPhindisiwe ukuthi waboshwa iminyaka emithathu ngenxa
yakhe waze wagcina elahlekelwe yikho konke ayenakho.
• UNkululeko utshela uPhindisiwe ukuthi ufuna babuyelane ngoba usamthanda kodwa
uPhindisiwe akakungeni lokho.
• UPhindisiwe utshela uNkululeko ukuthi wamvala umlomo ngezinkulungwane
zamarandi ukuthi wayibhubhudla leyo mali akusafuni yena lokho.
• UNkululeko utshela uPhindisiwe ukuthi uyifuna lapha ingane yakhe.
• Uphindisiwe utshela uNkululeko ukuthi akaze neprojethi ezomngenisela imali yena
uzomsiza. Uma nje engazukumphazamisa emndenini wakhe.
• UPhindisiwe ucela UNkululeko ukuthi akayeke uZiphozonke ahlale lapho akhona
kodwa uNkululeko akayingeni leyo ngengane yakhe.
• Uma esehamba uNkulueko, ukhumbuza uPhindisiwe ngesivumelwano sabo.
• UNkululeko uya kwaMathonsi uyofuna izingane zakhe ezisiswe kwaMathonsi.
• UMaMhlongo ubiza uNkululeko ngoguluva osuka eGoli ohamba ezisikela kwelinonilee
kodwa engafuyile.
• UNkululeko utshela uMaMhlongo noMathonsi ukuthi indodana yabo uThamsanqa
uthathe umkakhe uPhindisiwe kanye nomfana wakhe uZiphozonke.
• UMathonsi akakukholwa lokhu okushiwo nguNkululeko kodwa uzibonela isichwensi nje,
usathane onezimpondo ovakashele umndeni wakhe.
• UMathonsi utshela uNkululeko ukuthi akamtshele uma egula ngekhanda ukuze
amabizele amaphoyisa asebenza ukwelapha izinhlanya ezigula ngengqondo.
• UMathonsi utshela Unkululeko ukuthi kuhle le nkinga aze ngayo ayedlulisele
emaphoyiseni lapho engeke adelele njengoba edelelile nje.
• UNkululeko utshela abazali bakaThamsanqa ukuthi izingane zakhe uyazifuna ngoba
kwathi anagaboshwa nje, uThamsanqa wathola ithuba lokuquba esikhundleni sakh
• UNkululeko uphinde utshela abazali bakaThamsanqa ukuthi abexwayise uThamsanqa
ngesenzo sakhe ngoba uzodliwa umthofu.
• Uma ethi uMaMhlongo ushayela amaphoyisa ngalokhu okushiwo nguNkululeko,
uNkululeko uthi angake alinge akwenze lokho ngoba uzoqhumisa isibhamu manje.
• UNkululeko utshela abazali bakaThamsanqa ukuthi ubengazile ukuzolwa nabo kodwa
ubezofuna okungokwakhe njengoba esebuyile ejele.
• Eshambile uNkululeko, uMaMhlongo utshela umyeni wakhe uMathonsi ukuthi ubele
eyisola le ngane ukuthi akusiyo ekaThamsanqa.

102
• Uma uMathonsi ebuza uMaMhlongo ukuthi wayengasho ngani ukuthi uZiphozonke
akusiyo ingane kaThamsanqa, uMaMhlongo uthi walubika udaba kodwa uMathonsi
wangalunaka.
• Unkululeko utshela umngane wakhe uMaqoma ukuthi wedelele kabi abazali
bakaThamsanqa.
• UMaqoma unikeza uNkululeko isibindi ukuthi kufanele abe abe nesu elinohlonze ukuze
akwazi ukuthola okungokwakhe.
• Unkululeko utshela uMaqoma ukuthi uzophindela kwaMathonsi ayobakhombisa
ubufakazi abekhuluma ngabo.
• UMaqoma utshela uNkululeko ukuthi akasamethembi uPhindisiwe njengoba ahluleka
ukugcina isithembiso asenza
• UNkululeko uqinisa idolo uMaqoma ukuthi akakhululeke uPhindisiwe uzosigcina
isithembiso ngoba usenalo icebo lokumphoqelela ukuthi asigcine leso sivumelwano.
• UMathonsi noMaMhlongo betshisa amazwi uNkululeko abashiye nawo athi uzobuya
esegadla ngezinye izinduku.
• UMathonsi utshela uMaMhlongo ukuthi kukhona okungumyombo kwalokhu okushiwo
uNkululeko.
• UMaMhlongo utshela umyeni wakhe ukuthi kuhle udaba balubike emaphoyiseni ukuze
bavikele uThamsanqa.
• Uma uMaMhlongo eshayela uThamsanqa ucingo, alubanjwa bese edideka ukuthi
kwenzenjani
• UMaMhlongo utshela umyeni wakhe uMathonsi ukuthi abaguqe bathandaze ngalesi
simo ababhekene naso.
• UNkululeko ushayela uPhindisiwe ucingo ebusuku kanti lizobanjwa uThamsanqa, avele
anxaphe aluvale.
• Uma selukhala futhi ucingo okwesibili, uyalubamba uThamsanqa, avele alugaklaze
uNkululeko.
• Uthamsanqa uyahluthuka ngalesi senzo bese etshela uPhindisiwe ukuthi uma luphinda
lukhala, alubambe ucingo lwabantu bakhe.
• UNkululeko ushaya ucingo futhi nangempela athole uPhindisiwe amtshel ukuthi uyeza,
kudume ikhnda kuPhindisiwe.
• UThamsanqa uyambamba uPhindisiwe ukuthi ubekhuluma nocingo bese embuza ukuthi
ubekhuluma nobani , amtshele ukuthi ubekhuluma noNkululeko
• Uma ebuzwa nguThamsanqa ukuthi ngubani lo Nkululeko, uPhindisiwe uqamba amanga
uthi isoka likaNokuphika ebelibuza ukuthi akambonanga yini uNokuphika ngoba bathi
kubo uhambe naye.
• UPhindisiwe noThamsanqa bayaxabana lapho ebuza uThamsanqa ukuthi
uqhaqhazeliswa yini uphindisiwe ngemuva kokukhulumanoNkululeko ocingweweni.
• UMaMhlongo ngabo lobo busuku ushayayela uThamsanqa ucingo, lubanjwa
nguPhindisiwe bese ekhwela edilika kuninazala ecabanga ukuthi kusengunNkululeko
umbiza ngesikhohlakali bese emtshela ukuthi akehlukane naye ngoba bavumelana
ukuthi le mfihlo iyokwaziwa yibona bobabili.
• UPhindisiwe uzwa inhliziyo imshaya ngamandla aze abambe isifuba okomuntu
ophelelwa umoya.
• UThamsanqa utshela uPindisiwe ukuthi abalali bengayixazululanga le nkinga emudla
ngaphakathi.

103
• UPhindisiwe esendlini yangasese uphimisela amazwi okuthi iNkosi imlahlelani
ngemuva kweminyaka engaka, angamtshela athini uThamsanqa le ndabauPhindiwe
akakufuni ukudla kwakusihlwa ucela uThamsanqa ukiuthi azenzele ukudla.
• UMaMhlongo utshela uMathonsi ukuthi uPhindisiwe ngesikhathi emshayela ucingo
ebusuku ubize ngesikhohlakali esifuna ukumchithela umuzi
• Ebusuku uMaMhlongo uzibuza imibuzo ngokushiwo nguPhidisiwe kuye ocingweni.
• UMaMhlongo utshela uMathonsi ukuthi iyamhlupha le nto eshiwo nguPhindisiwe kuye.,
uMathonsi uthi uThamsanqa useyindoda ngakho-ke akazithwalele ijoka lakhe.
• UMathonsi ushayela uthamsanqa ucingo ukuthi uma eshayisa emsebenzini aze edlule
kuye kunodaba olubucayi afisa ukuikhulluma naye umlomo nomlomo.
• UThamsanqa uphithanelwa ikhanda nakhu ecabanga ngoPhindisiwe angasamqondi
kulezi zinsuku kanye nalolu daba alubizelwa uyise.
• UMathosi uti esalindele uThamsanqa, kufika uNkululeko ubakhombisa incwadi yakhe
yomshado noPhindisiwe.
• Uthi angabona incwadi yomshado uMaMhlongo atshele uMathonsi ukuthi ngempela
uNkululeko unelungelo lokuzofuna uMmkakhe ngoba bashadile.
• UNkululeko uphinda futhi unikeza uMathosi isithombe esathathwa labo lomshado
esisikwe ephephandabeni Ifa Lamehlo lapho uPhindisiwe eqabulana noNkululeko.
• UMathonsi utshela uThamsanqa ukuthi bekufike uNkululeko Kubheka ezocela izingane
zakhe
• UMathonsi ukhombisa uThamsanqa isitifiketi somshado sikaNkulueko noPhindisiwe
uphinda futhi umkhombisa nesithobe sabo ngosuku lomshado bezed beqabulana
oNkululeko nPhindisiwe
• UMaMhlongo utshela uThamsanqa ngokushiwo nguPhindiswe kuye ukuthi
uyisikhohlakali esifuna ukumchithela umuzi futhi bavumelana ukuthi le mfumbe
bayoyigcina kunomphelo.
• Ngemuva kwakho konke lokhu, uyakhala uThamsanqa athi kungcono ukuthemba itshe
kunokwethemba umuntu bese esho ukuthu uzomfunda amaqonde uPhindisiwe.
• UThamsanqa useyazisola ngothando lwakhe, ngesikhathi sakhe asichithe noPhindisiwe.
• UMathonsi utshela uthamsanqa ukuthi angagcolisi izandla zakhe ngoba uzoboshawa.
• UThamsanqa utshela umngane wakhe uNkumbulo izinto ezimenza akukholwe akuzwe
ngamazali bakhe ngoPhindiswe noNkululeko.
• UNkululeko ushayela uThamsanqa ucingo umtshela ukuthi unkosikazi wakhe asemenze
owakhe uzomkhokhela izinkomo zakhe zamalobolo aphinde amthathele yena
• UThamsanqa usongela uNkululeko ngokuthi bayohlangana esikhaleni sakwaNtombela,
kuyochitheka gula linamasi.
• Uthamsanqa utshela unina ukuthi umbuzile uPhindisile ngakho konke akuzwile
nakubonile, wavele wamthela ngemvula yezinyembezi okwenze ukuthi agcine esembeka
isandla.
• UMamhlongo utshela uThamsanqa ukuthi ubemshayela ucingo ngenxa yephupho
elifikele ebusuku lapho aphuphe uhlanya luqukula uZiphozonke lithi ingane yao
layoziphonsa kwelikhulu ihlozi elengamele isiziba sikamamizela.
• UMamhlongo ubabaza okushiwo nguThamsanqa kanye nokuhambisana kwakho
nephupho
• Lapha kuhlangane abakwaMathonsi nabaKwakuBheka ukuzodingda udaba
lukaPhindisiwe, okufanela azoziphendulela kodwa wavesana wanquma ukubaleka.

104
• Ukuphakama kwemimoya phakathi kukaThamsanqa noNkululeko lapho uNkululeko
ebiza uPhindisiwe ngomkhuhlane womfazi.
• UNkululeko utshela uThamsanqa ukuthi uzohlafuna ikhanda lakhe ngenhlamvu futhi
akazi nokuthi uPhindisiwe wayeboneni kuye.
• Uma uThamsanqa ubona isithombe sikaNkululeko noPhindisiwe beqabulana, kuse
ngokunye kuThmasanqa aze asho ukuthi kuyadlalwa phela lapha.
• UThamsanqa uyaveza ukuthi kumkhathazile ukungabi bikho kukaPhindisiwe ngoba
ubefuna ukuzwa ukuthi ubezoziphedulela athi uma esebona ubufakazi.
• UMaMhlongo utshela uThamsanqa ukuthi uma esenokungabaza ngemuva kwakho
konke lokhu akubonile kukuye, usembuza ukuthi uthini ngenkulumo ayitshelwe umkakhe
njengoba ebukeka enonokungabaza ngesitifiketi somshado.
• UThamsanqa uthi akeziwa kanje yena, kufanele aye kwaMakhunga ukuze bachazele
kahle ngale nto bese bebuyisa izinkomo zakhe.
• UThamsanqa ngendlela aphatheke kabi ngayo useze athi uPhidisiwe uyinto
yokuhlatshwa ngenhlamvu.
• UMathonsi utshela uThamsanqa ukuthi abakwaMakhunga kuzofanele babuyise ilobolo
njengo esho uThamsanqa kodwa kuhle balifune ngengalo yomthetho ngoba uma
sizifunela thinanje kungachitheka igazi
• UNkumbulo ududuza uThamsanqa ukuthi uzomthola omunye umuntu wesifazane
• Kubo kaPhidisiwe, uPhindisiwe utshela uThamsanqa ukuthi umshiye ngoba kuningi
asadinga ukukuxazulula ngaphandle kokuphazamiseka.
• UMakhangela utshela uThamsanqa ukuthi uyamthuka uyamthuka uma ethi wadla
imadlana yamakonyane lawa alobola ngawo
• UThamsanqa utsela uPhindisiwe ukuthi weza kuye ngoba egaqele ifa le ngane ebethi
ngeyakhe kanti ngeyesigebengu uNkululeko
• UPhindisiwe utshela uThamsanqa ukuthi uyamthuka qede uyakha.
• UThamsanqa utshela uPhindisiwe ukuthi wayenethemba ukuthi uganwa umuntu
amthandayo nomthandayo kanti uyazikhohlisa.
• UMakhangela utshela uThamsanqa ukuthi uyeyis futhi wamthola esutha akazange
akhuluphaliswe imidlana alobola ngayo
• UThamsanqa utshela uMakhangela ukuthi eyakhe imali iyayifuna khona namhlanje.
• UMakhangela uxosha uThamsanqa ethi akaphume angaze amthele ngamanzi abilayo.
• UMakhangela noThamsanqa bahilizisana ngamazwim lapho uThamsanqa efuna imali
yakhe ayelobole ngayo kodwa uMakhangela ushaya phansi ngonyawo
• UNkululeko ukhumbuza uPhidisiwe ukuthi bathembisana ukuthi bona bobabili
bayonakekelana ngakho-ke kufanele afeze izethembiso azenza futhi wamqoma azi
ukuthi ungumuntu onjani
• UPhindisiwe ukhonjwe ngesibhamu nguNkululeko aze unina athi akenze lokhu akushoyo
uNkululeko.

105
• UMathonsi utshela uThamsanqa ukuthi angaphinde aye kwaMakhunga ehamba yedwa
sekuyofanele babizelwe enkantolo amakwaMakhunga ukuze bathi uma sebephuma
khona baphoqwe umthetho wokuzibuyisa izinkomo zakwaMathonsi.
• UPhindisiwe ukhonjwe ngesibhamu bangqongqoza kwaSarah ngenjongo yokuba
bathole ukhiya wasebhange.
• UMaqoma utshela uSara ukuthi akamnikeze ukhiye wasebhange angamchitheli isikhathi.
• UKhabalethu banqamula izintambo zocingo ukuze kubi bikho muntu oshayela
amaphoyisa ucingo.
• Uphindisiwe utshela uNkululeko ukuthi akasondele nesibhamu asibeke okhalqweni
lwakhe ukuze kube sengathi uyamphusha ngoba kunekhamera okufanele aqqale
ayicishe.
• UPhindisiwe ukhombisa uNkululeko amasaka amabili ngaphakathi ebhange.
• Abantu ngaphandle komshini abafaka amakhadi abo njengoba umshini wemali
ukhombisa ukusebenza kodwa akukho mali ephumayo.
• UPhindisiwe ukhombisa uNkululeko ucingo olusebenzayo ushayela uMaqoma umtshela
ukuthi usewenzile umsebenzi.
• UNkululeko ushiya uPhindiwe ebophele esihlalwe khona ehhovisi lasebhange lapho
abekade eshaya khona ucingo.
• ONkululeko babanjwa ngamaphoyisa bephuma ukuyogqekeza ebhangeebhange.
• UNkululeko Kubheka, uMaqoma Khuzwayo , ukhabalethu Khabethule noSikela Sigodlo
bathwesa icala bathweswa amacala amathathu enkantolo ngabakwenzile.
• Kuvela ukuthi uPhindisiwe naye wabe enesandla ekugqekezweni kwebhange ngoba
ubufakazi abethulile abugculisanga ngoba ebufakazini uveze nenkinga yezimali
ayebhekene nayo
• UKholekile Maqubu noSarah bathwathwa njengofakazi beqiniso benkantolo.
• UNkululeko nabangane bakhe kanye noPhindisiwe bayagwetshwa ukuba bayobhadla
ejele.
• Uphidisiwe uxolisa esithandweni sakhe uThamsanqa bese emcela ukuthi amkhulisele
izingane zakhe,
• UPhindisiwe ukhipha incwadi esemvilophini ebhantshini lakhe ayinikeze uThamsanqa
bese eyifunda

106
IZIBONELO ZEMIYALELO YEMIBUZO EMIDE

• Imali impande yesono. Yethula ubufakazi balesi saga ubhekise kubadlali bomdlalo othi:
uBhuku Lwamanqe.
• Ayikho impunga yehlathi. Fakazela lesi simo sokukhuluma ubhekise kumlingiswa
onguPhindisiwe kanye nabanye.
• Ukuthanda umuntu kakhulu kungabanomthelela ongemuhle. Vumelana noma uphikisane
nalesi sitatimende.
• Kuyenzeka abazali bakhulise izingane ngezindlela ezingafani. Phawula ngobuqiniso balesi
sitatimende ubhekise kulaba balingiswa: uMaKhangela noMaMhlongo.
• Kunabantu abangenawo unembeza ngezenzo abazenza kwabanye abantu bese kube
nabantu abenza ubulingiswa kwabanye kodwa kungabahambeli kahle.
Phawula ngobuqiniso balesi sitatimende.

• Kunabantu emhlabeni abenza izinto ezigcina ngokubakhinyabeza bona uqobo. Fakazela


lesi sitatimende ubhekise encwadini eniyifundayo.
• Ukuba nezimfihlo akumphumelelisi umuntu empilweni. Izimfihlo zinendlela yazo yokuvela.
Phawula ngokuhlolisisa lesi sitetimente ubhekise kumdlalo eniwufundile.

107
Umbuzo

Kunabantu abangenawo unembeza ngezenzo abazenza kwabanye abantu bese


kube nabantu abenza ubulingiswa kwabanye kodwa kungabahambeli kahle. Phawula
ngobuqiniso balesi sitatimende

Isingeniso
Esikhathini esiphila kuso kukhona abantu abenza izinto ezingezinhle nezingamukelekile
nezibuhlungu kwabanye abantu bajike bangakugqizi qakala konke lokho, kube khona nalabo
abenza okuhle kodwa bangalungelwa lutho. Nakuwo lo mdlalo bakhona abalingiswa
abakhombisa ukwenza izinto ezingezinhle kwabanye abantu kanjalo nalabo abenza okuhle
kepha kungabalungeli. Izibonelo ezingezansi ziyakufakazela lohu:

Umzimba

• UNkululeko uba nobudlelwano noPhindisiwe ekubeni ekuqonda kahle ukuthi uPhindisiwe


unkosikazi kaThamsanqa, aze amkhulelise.
• Uvuma ukuthwala icala lokushayiswa kwengane uPhindisiwe, ngoba nje ezokhokhelwa.
• Uma ephuma ejele ufuna babuyelane noPhindisiwe ebe azi kahle ukuthi ushadile.
• Ufuna imali kuPhindisiwe oze athi akeze neProjekthi
• Uya kwaMathonsi uyodelela
• Ufonela uThamsanqa uthi ufuna okungokwakhe, esho umkakhe Kanye nengane yabo
uZiphozonke
• Ufonela emzini kaThamsanqa ebusuku, akakhulumi, lokhu kuholela kungxabano
phakathi kaThamsanqa noPhindisiwe.
• Uletha ubufakazi obungekho, isitifikethi somshado kanye nesithombe somshado
kwaMathonsi.
• Unesibindi sokuzodelela uThamsanqa kubo, ubiza uPhindisiwe ngomkhuhlane kwakhe.
• Uqambela abakwaMathonsi amanga ehamba noSikela noMaqoma ethi bangabazali
bakhe.
• Uya kwaMakhunga ehlomile, udelela uMaKhangela. Babopha netulo lokuyogqekeza
ebhange.
• Baya kwaSarah ukuyofuna izikhiye zebhange ngenkani, bashiya bembophele esitulweni.
• Baye bhange bayagqekeza bayabanjwa.
• UPhindisiwe uba nobudlelwano noNkululeko ebe eshadile.
• Uthwalisa uNkululeko icala azi kahle ukuthi akalenzanga
• Ufihlela uThamsanqa ukuthi uZiphozonke akuyona ingane yakhe.
• Wakha itulo noNkululeko ukuba kubulawe uThamsanqa ukuze kuzotholakala izimali
zomshuwalense.
• Ufihlela uqhubeka nokungathembeki kumyeni wakhe, akavumi ukusho ukuba ucingo
luvela kubani, wenza into abangavumelanga ngayo yokuba nezimfihlo.
• Uphindisiwe ubeka impilo kaSarah engcupheni.
• USikela wenzela isitifikethi somshado somgunyathi ngenhloso yokuhlukumeza umndeni
wakwaMathonsi.
• UMaqoma ulekelela uNkululeko ekwenzeni ubugebengu obuhlukumeza uThamsanqa
noPhindisiwe.
• UMakhangela akabanga nalo iqiniso kwabakwaMathonsi ngenkathi beganiselana
nabakwaMathonsi.

108
• Akabinalo iqiniso kuThamsanqa uthatha uhlangothi lukaPhindisiwe.
• Udelela uThamsanqa ngoba ethembe uNkululeko ekamelweni.
• UThamsanqa unothando lweqiniso
• UMathonsi umhloniphile uNkululeko kodwa akumsebenzelanga ngoba uPhindisiwe
ugcine ehamba kwaMathonsi.
• UNkumbulo wayemvikela umngani wakhe uThamsanqa emnikeza iziyalo ezakhayo
kodwa akumsebenzelanga ngoba kwagcina kubhidlike konke.

Isiphetho
La maphuzu ezehlakalo ezingenhla afakazela isitatimende esithi kunabantu abangenawo
unembeza ngezenzo abazenza kwabanye abantu bese kube nabantu abenza ubulingiswa
kwabanye kodwa kungabahambeli kahle.
Uma ungumuntu ungenawo unembeza ufana nomuntu ofile ngoba unembeza uyakukhuza
uma wenza okungekuhle.

109
Umbuzo

Kuyenzeka abazali bakhulise izingane ngezindlela ezingafani. Phawula ngobuqiniso


balesi sitatimende ubhekise kulaba balingiswa: uMaKhangela noMaMhlongo.

Isingeniso

Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi abazali abazikhulisi izingane zabo ngendlela efanayo. Lokhu
kufakazelwa indlela uMaKhangela noMaMhlongo abakhulise ngayo izingane zabo.
Amaphuzu alandelayo acacisa kabanzi ngalesi sitatimende.

Umzimba

UMaMhlongo okwakunguninezala kaPhindisiwe waye nolaka.enomthetho oqinile


lwalungafakwa lubuya nodaka. uMaMhlongo wayengu mama owayekhuluma into
eqonde ngqo. Siyamthola uMaMhlongo ekhuluma nomyeni wakhe uMathonsi ngodaba
lwengane kaPhindisiwe uZiphozonke.Lapho wayeveza khona ukunganami kwakhe
ngodaba luka Ziphozonke,
• Umbhali esebenzisa isu lokubikezela lapho UMaMhlongo aphupha khona uhlanya
olwalubaleka nengane lwayoyiphosa esizibeni.
• UMaMhlongo walinakisisa leliphupho wabona ukuthi kukhona okushaya amanzi
ngaleliphupho. UMaMhlongo wamkhulisa kahle uThamsanqa wamkhulisa
ngenhlonipho,uthando,ukuxolela nokukholwa.
• Siyamthola uThamsanqa ekhuluma noyise ocingweni emazisa ngokuthi kumele afike
kunodatshanyana okumele babonisane ngalo.Ukhuluma ngesizotha noyise okukhombisa
inhlopho.
• UThamsanqa uxolela uPhindisiwe ngenkathi ethola ukuthi unabantwana ababili abathola
ngaphambi kokuba ashade .Uze uyamtshela ukuthi akasafuni ukubuye babe nezimfihlo
emshadweni wabo bayathembisana.
• Siyayibona indlela uThamsanqa athanda ngayo unkosikazi wakhe uPhindisiwe uze
uyamvikela lapho khona uNkululeko emthuka khona unkosikazi wakhe embiza
ngomkhuhlane womfazi baze bagcina sebexabana uThamsanqa noNkululeko nenxa
yokuthi wayevikela isithunzi somkakhe
• Siyamthola uThamsanqa evela enkonzweni yangoLwesithathu ehamba nomkakhe
uPhindisiwe leyo nkonzo abayihamba njalo ngoLwezithathu okuyinkonzo yabashadikazi
okukhombisa imfundiso kanina uMaMhlongo.
• UMakhangela wangumama ongakwazi ukukhulisa ingane kahle
njengomama.Wakhulisa uPhindisiwe ingane yakhe ngendlela engalungile
nangokungathimbeki.
• UMaKhangela wayengenalo iqiniso,wanezimfihlo engathembekile ,
engananhlonipho.
• UMakhangela wafihla ukuthi indondakazi yakhe uPhindisiwe wayenezingane
ezimbili ngaphambi kokuthi ashade. UMakhangela wantshontsha amalobolo
akwaMathonsi ngenxa yokuthi indondakazi yakhe yayingafanele ukulotsholwa
ngezinkomo eziphelele ngenxa yokuthi wayenabantwana ngaphambi kokuthi
ashade noThamsanqa.
• UMakhangela wafihla ukuthi uyazi ngokuboshwa kukaNkululeko eboshelwa
uPhindisiwe ingane yakhe owashayisa ingane yashona.
• Umakhangela wakhokhela uNkululeko imali yokuthi aboshwe esikhundleni sika
Phindisiwe.
• UPhindisiwe wayenezingane azifihla emzini engathembekile ngenxa yokuthi
wanezimfihlo okuyimfundiso ayifunda kunina ukuba nezimfihlo .Uphindisiwe
wayengenalo iqiniso, entshontsha kanye nokuphinga.
• UPhindisiwe waqoma uNkululeko ekubeni wayeshadile noThamsanqa waze
wazala ingane uZiphozonke wamfihlela umnyeni wakhe. Nakhona lapho u
MaKhangela wayekwazi konke lokho.
• UPhindisiwe waqamba amanga kumyeni wakhe ngenkathi eshayelwa ucingo
uNkululeko emzini wabo wathi uNkululeko isoka lomngani wakhe uNokuphila ebuza

110
ukuthi akambonanga yini ngoba ekhaya bathi uhambe naye okukhombisa ukuthi
uPhindisiwe akakhuliswanga kahle ngezifundiso ezinomthetho nezinobuqotho
neqiniso.Siyamthola efihlela umnyeni wakhe ukuthi uNkululeko loshaya icingo
emzini wabo uyisoka lakhe alaliliphuma ejele liboshelwe icala elenziwa nguye
uPhindisiwe lokushayisa ingane yashona.
• Kukho konke lokhu akwenzayo uPhindisiwe uMaKhangela akayikhuzi ingane
okukhombisa ukungathembeki kuka MaKhangela njengo mzali.
• UPhindisiwe waphinde wafihlela uThamsanqa ukuthi ingane le uZiphozonke
akayona ingane yabo bobabili njengabashadikazi kodwa eyeshende lakhe
uNkululeko.
• UPhindisiwe waphinde wahlanganyela kanye nalo isoka lakhe uNkululeko
benza itulo lokugudluza uThamsanqa ukuze uPhindisiwe ezothola imali
yomshwalense, Imali esebhange, yindlu nawo wonke umcebo ka Thamsanqa bese
behlukanisela na neshende lakhe uNkululeko.
• UPhindisiwe waphinde wahlela noNkululeko itulo lokuyobamba inkunzi
ebhange IFORUM lapho ayesebenza khona uPhindisiwe.
• Uphindisiwe waphinde watshela uKholekile okwakungumngani wakhe
nowayeyintombi ka Nkululeko ukuthi izikhiye zasebhangi zihlala ku Sara,emzini
wakhe oseNkanini.
• Siyamthola futhi etshela unina uMakhangela ukuthi uThamsanqa umbhonye
ubusuku bonke okungukuhubhuza amanga.
• UPhindisiwe wayephila nezimfihlo ezinkulu ezazingaziwa emzini wakhe
kwaMathonsi okwakuyi mfundiso kanina uMaKhangela.
• Ubuqili nobuxoki namanga ayephila ngawo uPhindisiwe kwagcina kumholela
ekutheni aboshwe kanye noNkululeko, noSikela noMaqoma ngamacala
ahlukahlukene obugebengu

ISIPHETHO
UMakhangela noMaMhlongo bahlukene kakhulu ekukhuliseni izingane zabo.
Kubalulekile ukukhulisa izingane ngendlela efanele kwazise umuthi ugotshwa
usemanzi.

111
Umbuzo

Ukungabi nalo iqiniso empilweni kungagcina kukufake kwezinkulu izinkinga.


Fakazela lesi sitatimende ubhekise kumdlalo othi ubhuku lwamanqe

Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi ukungabi nalo iqiniso kugcina kukufake kwezinkulu


izinkinga. Kukaningi emphakathini sibona abantu bengakwazi ukumela iqiniso
bagcine sebenenkinga endlula lena ebebebhekane nayo.Lokhu kuyafakazeleka
kuMdlalo wethu ubhuku lwamanqe uma sibheka abalingiswa okunguPhindisiwe
nonina uMakhangela.
uPhidisiwe
• Ushada noThamsanqa engamtshelanga ngezingane anazo ekhaya
• Ushayisa ingane ngemoto iyashona icala lithwalwa uNKululeko.
• Akathembeki kuThamsanqa uthandana noNkululeko ebe eshadile
• Akamtsheli uThamsanqa ukuthi uZiphozonke akuyena owakhe
• Uphindisiwe uthi uNkululeko akeze neProject ezomngenisela imali ukuze
azokwazi ukuphila emvakokuthwala icala
• Ufihlela uThamsanqa ukuthi ukhuluma nobani ocingweni uqamba amanga
• Uphindisiwe ukhanda icebo noNkululeko loKholekile ukuthi babulale
uThamsanqa bezothola imali yomshwalense owase uvuthiwe.
• Nkululeko noPhindisiwe benza uhlelo lokuyogqekeza ebhange
• Phindisiwe untshontsha imali eyayisele esisefeni

Makhangela
• Makhangela akanalo iqiniso uvumela uphindisiwe ukuthi athwalise uNkululeko
icala bamkhokhele.
• Umakhangela ufihla uNkululeko ngesikhathi kufika uThamsanqa kwaMakhunga.
• uMakhangela uthuka uThamsanqa uthi akalobolanga kokwanele.Kwaba
amasenti.

Isiphetho
Amaphuzu avelile ngenhla afakazela ubuqiniso besitatimende esithi ukungabi nalo iqiniso
empilweni kungagcina kukufake kwezinkulu izinkinga.Iqiniso liyamkhulula umuntu.abantu
mabazifundise ukukhuluma iqiniso zibekwa ukuze bagweme ukuzifaka kolukhulu ubishi
abangeke besakwazi ukuzitakula kulona.

112
Umbuzo

Izimfihlo esikhathini esiningi ziyawuhlakaza umndeni kugcine


sekukhona nokungathembani. Fakazela lesi sitatimende
ubhekise kulo mdlalo.
Isingeniso
Lesi sitatimende sethula amaqiniso angephikiswe, ngempela izimfihlo ziyawuhlakaza
umndeni kugcine sekukhona ukungethembani. Kulo mdlalo kunezimfihlo eziningi
kubalingiswa abanjengoPhindisiwe, uNkululeko kanye noMaKhangela. Lokhu
kufakazelwa yila maphuzu.
Umzimba
UPhindisiwe
Ufihlela uThamsanqa ukuthi unezingane azishiya ekhaya ezogana kwaMathonsi
Ufihlela uThamsanqa ukuthi ngesikhathi engekho washayisa ingane yashona
bakhokhela uNkululeko ukuthi amthwalele icala.
Ufihlela uThamsanqa nabakwaMathonsi ukuthi uthandane noNkululeko bathola
uZiphozonke
Ufihlela uThamsanqa ukuthi uNkululeko oshaya ucingo ephindelela baze bagcine
bexabana.
Ufihlela uThamsanqa ukuthi babopha itulo lokumbulala benoNkululeko.
UNkululeko
Ufihlela uPhindisiwe ukuthi uthandana noKholekile futhi umthumile ukuthi amdidise
ukuze akwazi ukuthola imali.
Ufihlela uPhindisiwe ukuthi uhlose ukumsebenzisa ukuze babambe ibhange inkuzi
Ufika nobufakazi bomgunyathi kwaMathonsi lokho kuyawuhlakaza umndeni
kaThamsanqa abasathembi lutho.
UMaKhangela
Ufihlela uThamsanqa amaqiniso ngPhindisiwe lokho kwenza uThamsanqa awothe
ubomvu afune izinkomo zakhe zamalobolo.
Ufihlela abakwaMathonsi ngezingane zendodakazi yakhe eyazishiya ekhaya.
Ufihlela uThamsanqa ngokwavelela indodakazi okukushayiswa kwengane ngemoto
icala lathwalwa uNkululeko
Ufihlela uThamsanqa ukuthi kunoNkululeko ekameleni njengoba ezofuna izinkomo
zakhe nje kunalokho uxabana naye.
Isiphetho
Kusobala ukuthi izimfihlo ziyawuhlakaza umndeni futhi zenza ukuthi ugcine
ungasathembani. Lezi zenzo zalaba balingiswa ziyasixwayisa ukuthi akukho
okufihliweyo okungeyukuvela ngakho-ke akumele sibe nezimfihlo ngoba lokho
kungenza ukuthi silahlekelwe okukhona ngokungekho empilweni njengabo laba
balingiswa bagcina belahlekelwe abantu abawumndeni nababathandayo ngenxa
yezimfihlo.

113
Umbuzo

Isimo sokukhuluma esithi “ Umvundla ziyowunqanda phambili” yisona


esigqamile kule noveli. Phawula ubhekise kule noveli oyifundile.

ISINGENISO.
Lesi isimo sokukhuluma esichaza ukuthi umuntu akayekwe nje aqhubeke enze
into ngenkani uyohlangabezana nenkinga phambili (ziyomubuyisa izinhlupheko).
Nakule noveli bakhona abalingiswa abalandela ( abangena kulesi simo
sokuhkuluma) ngokwezenzo zabo.
UMZIMBA
uBafana
Uhamba eMpaphala ayohlala eThekwini (eMlazi). Lokhu kumenza akhohlwe
imvelaphi yakhe ukuthi ukhulele emakhaya aseMpaphala. Lokhu kuholela
ekutheni engabe esabazisa abantu baseMpaphala yingakho eze waxosha
umalume wakhe uCele. Lokhu kuyenza esimweni sempilo yangempela. Abanye
abantu bayahamba bakhohlwe ilapho bekhuliswe khona, kuthi uma sezimjikela
izinto phambili akhumbule emuva njengaye uBafana uma sekungasahambi kahle
ukhumbula emuva eMphaphala ugcina ngokubuyela khona. Lokhu kunobungozi
bokuthi uBafana ulahla usiko lobuntu akhuliswa ngalo uCele. Engikufundile
ukuthi kumele uphathe kahle omunye umuntu uma efuka ekhaya ngoba awulazi
ikusasa ukuthi likuphatheleni ( Isihlahla asinyelwa).
Unqaba ukuthatha izingane zikaLinono ngoba ekholelwa ukuthi bekumele
uLinono ahambe nazo ukuyogana. Lokhu kwenza sekuvamile esimweni sempilo
yangempela ukuthi omalume(abantu) benqabe ukuthatha izingane zodade wabo
uma sebeganile njengoba kusuke kungezomalume. UBafana unqaba ukuthatha
u-Uzithelile Kanye noHlanganisani ngoba ethi kwakumele unina agane nabo
lapho eganele khona. Ekugcineni uBafana uqoqwa yizo izingane zikadadewabo
lapho eseshaywe umhlaba (esexakwe izinhlupheko). Ubungozi obungakhona
ukuthi uBafana ajikelwe abaphansi, bamphuce konke lokhu anakho. Isenzo
sikaBafana asihambisani nosikompilo lwesintu ukuthi ingane etholelwe ekhaya
ingeyomalume. Kuhle ukungabukeli abanye phansi ngoba wena usungcoco.
Uyabaleka eLa Lucia ubuyela eMlazi agcine eseye naseNewcastle ngenxa
yokuthi uPoppie uthengele izingane bengavumelananga . Lokhu kumenza
akhohlwe umuzi Kanye nomndeni wakhe oseLa Lucia. Lesi simo sikhona
esimweni somphakathi wangempela. Kuyenzeka umuntu ahambe ashiye
ikhaya/umuzi wakhe ezizathu ezithile bese ebuya ngoba esexakwe okuthile lahpo
abekhona. Lapha Newcastle uBafana ziyamjikela izinto emva kokuba uPrisca
entshontshe izikhiye zemoto kaBafana yase igiqika. UMgwazeni uthembisa
ukumgwaza uma eke wavula icala. Ubungozi obungakhona ukuthi uBafana
alahlekelwe izinto zakhe azisebenzelile, njengoba walahlekelwa imoto wabuya
engasenalutho. UBafana uphambene nomthethosisekelo wokuthi izingane
kumele zikhuliswe abazali bobabili. Isifundo engisitholile ukuthi akumele

114
ubalekele izinkinga zakho(zakwakho) ngoba uthola ezinye lapho ubalekela khona
(okungenzeka ukuba zingaphezulu kwalezi ozibalekelayo).
Usuka eNewcastle ubalekela kwaMashu lapha wafike wahlala nomhlolithwasa
uMaMsibi. Ngokwenza lokhu, kwenza amabhadi akhe athuthuke. Lokhu kuholele
ekutheni uBafana agcine esenza umsebenzi wokuwasha izimpahla zangaphansi
zikaMaMsibi. Lokhu kuyenza empilweni yangempela ukuthi umuntu athi
ubalekela inkinga ethile kanti useyongena kwenye inkinga. UBafana ubalekela
ukugwazwa uMgwazeni uya kwaMashu ahlale nomhlolithwasa uMaMsibi,
uwashiswa izinto zangaphansi into ayengakaze ayenze phambilini.Ubungozi
obungaba khona ukuthi angagcina esewuhlaka lukaMhlolithwasa, angabe
esakwazi ukuphila ngendlela yakhe. Uze uvelelwa umshophi wokulimaza imoto
kamakhelwane kaMhlolithwasa ngenkathi egeza ekaMaMsibi ngokuphunyuka
amabhuleki iyoshayisa ekamakhelwane. Lokhu akuhambisani nosikompilo
lwesintu ukuthi umuntu wesilisa awashe izinto zangaphansi zowesifazane.
Isifundo engisitholile ukuthi abanye abantu bakwenzisa noma yini uma nje
usuxakekile.
ISIPHETHO
Kuyiqiniso ukuthi uma umuntu enza izinto ngenkani ugcina sexakwa
izinhlupheko. Njengoba sibonile ezenzweni ezenzeka kumlingiswa onguBafana
kule noveli.

115
UMBUZO 1: UMBUZO OMFUSHANE

KUDELA OWAZIYO – B P MAPHUMULO


Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo
ISIQESHANA A

(Ehlathini laseMphekandlubu maqondana nehlanze lasoThukela, uChivenga unqamula


ezindleleni zesintu ulibangise eMangethe. Ethi engazelele lutho avukelwe isigubhukane
nguMdaluli lona obekade emlalele unyendle efokozini lotshani obude)
MDALULI: (Ngezwi eliphuma ngomfutho nelethusayo) Qhu! Zasha! Washa
mqhuqhumbe nantu uqhomfane. Yaze yahlangana-ke namhlanje. Ehhe!
Ayaphela amaphupho. Kade ngangivele nginesfiso sokuba sihlangane
esikhaleni kwaNtombela, ngakho-ke zibambe ziqine ndodamphini.
Yizinkani zababili-ke namhlanje. Ngithi usufike eMphelandaba.
CHIVENGA: (wethukile, useze waqethuka waphakamisa izandla samuntu ovikayo)
Yehheni we bantu! Nansi imihlola ingehlela bakithi. Ngavinjezelwa
isqhwaga ehlathini nje, ngabe ngisikweleta malini?
MDALULI: (ngezwi eliphakeme) Sengiyabathe ngiyakuzama ngenkwayindane kanye
nangedelamagugu, lutho angikutholi kwerekwere ndini, kodwa-ke
namhlanje ngikutholile. Ngikuthole endaweni efanele nangesikhathi
esifanele. Libuke uligcine-ke namhlanje Uya kwaGoqanyawo.
CHIVENGA: (wexwayile ngezwi elidabukisay, usikhuluma ubukwerekwere isiZulu)
Ngoba sengenzeni? Ngoneni kuwe mnumzane wami?
MDALULI: (ngokufutheka useze wamqwebulela amehlo) Kanti usabuza wena ekubeni
vele nje unayo impendulo? Usuka lena kwelakini eMozambikhwi
uzongephuca isinkwa sami kuleli, ucabanga ukuthi ngizoyishayela
ihlombe-ke mina into efana naleyo?
CHIVENGA: (usemcwebisele amehlo, usikhuluma ubukwerekwere isiZulu) Phela
akusimina engimela abantu empambanamigwaqo ngicele ukubakhela
izindlu, kepha yibona abazisukela emakhaya abo bafike ekhaya lami
bezicela usizo kumbe bangifonele. Wena kumele ube nekhono eledlula
elami emsebenzini wobumeselandi ukuze ube newozawoza kubantu.
[Inkundla yesi-5:isigcawu sesi-1,ikhasi 92]

1 Nikeza isizinda ngokwendawo kulesi siqeshana. (1)


2 Yini imbangela yodweshu phakathi kukaChivenga noMdaluli ngokwesiqeshana? (2)

3 Ngabe amazwi kaMdaluli abhalwe ngokugqamile achaza ukuthini? (2)


4 Amazwi kaMdaluli adwetshelwe amveza njengomlingiswa onjani? Sekela (3)
impendulo yakho.
5 Chaza kafushane ngokuvezwa komlingiswa onguMbhebhezeli noMemela (3)
mayelana ngokwezinkolelo zabo kulo mdlalo. Sekela impendulo yakho.
6 Fingqa ngamaphuzu amathathu okwaholela ekutheni uMdaluli axoshe uLondiwe (3)
emzini wakhe.

116
7 Iyini inhloso yombhali ukusebenzisa indikimba yodlame lwasekhaya kulo (2)
mdlalo?
8 Ucabanga ukuthi wawuzobanjani umphumela ukube uLondiwe akabizanga (3)
abomthetho ukuzoxazulula inkinga eyayibhekene noMdaluli?
9 Ngokwakho ukubona kwakufanele yini ukuthi umlingiswa onguLondiwe abize (3)
abomthetho ukuzobopha uyise? Sekela impendulo yakho.
10 Ngabe uyavumelana yini ukuthi lo mdlalo uphele ngopholavuthondaba? Sekela (3)
impendulo yakho.
IZIMPENDULO
1 Kusehlathini laseMphekandlubu maqondana nehlanzi lasoThukela. ü (1)
2 UChivenga noMdaluli banodweshu lwangaphandle ngoba uMdaluli umsola
ngokuthi umthathela umsebenzi wakhe wokwakha ekubeni engeyena
wokudabuka kuleli. üü (2)

3 Amazwi adwetshelwe achaza ukuthi uChivenga uphuce uMdaluli umsbenzi wakhe (2)
akaphila ngawo. üü
4 Amazwi kaMdaluli amveza njengomlingiswa ongumthakathi ngoba kade emzama
ukumthakatha ngomuthi uChivenga kodwa imizamo yakhe ingaphumeleli. üüü
(3)
5 Bobalili bavezwe njengabalingiswa abanezinkolelo zamaphupho. UMemela
uhlaselwa yiphupho ubusuku bonke uze uxoxela umngani wakhe uMbhebhezeli
ngalo naye aze amcebise ukuthi uthole ungqeqe wamaphupho ongacacisa leli
phupho lakhe. Bese ephinde elichaza ukuthi likhomba izinhlupheko ezizayo (3)
azobhekana nazo empilweni yakhe. üüü
6 • UMdaluli wayefune indabandaba kuMaMlanduli ngenkani wathi uma
enqaba wamshaya. ü
• ULondiwe wabiza amaphoyisa waboshwa uMdaluli, weza necebo lokuthi
uMaMlanduli ancenge uLondiwe ukuthi asule icala. ü (3)
• UMdaluli uyaphuma ejele ukhumbuza uLondiwe ukuthi izinkunzi ezimbili
azibusi esibayeni esisodwa. ü
7 Inhloso yombhali ukugqamisa ukuthi udlame lwanoma yiluphi uhlobo (2)
alwamukelekile ekhaya nasemphakathini. üü
8 Ngicabanga ukuthi uMdaluli wayezoqhubeka ashaye uMaMlanduli lokhu
kwakungaholela ekutheni alimale noma afe njengoba wayengafuni ukuvula icala.
üüü (3)

9 Kwakufanele ngoba umthetho uthi uma kukhona ukuhlukumezeka okwenzakalayo


emphakathini, wonke umuntu unelungelo lokubikela amaphoyisa. üüü
(3)

117
UMBUZO 2 (UMBUZO OMFUSHANE)

ISIQESHANA B

Fundisisa lesi siqeshana esilandelayo bese uphendula imibuzo:

Esangweni lomuzi kaMdaluli, umsindo wemoto esondelayo ize ime. Kuvuleke izicabha ehle
amaphoyisa athathe amagxathu ambalwa esengena emnyango ongemuva lapho esawavulele
khona u Londiwe. Angene endlini maqedene afike ame emhubheni wekamelo lezidumo.
Umdaluli usalokhu emshaya umkakhe, uzwakala ekhuluma enhlinhliza.
MAMLANDULI: (ngezwi elidabukisayo, uzwkala engaphakathi, ukhuluma enhlinhliza)
Kulungile baba wekhaya, qhubeka nje wena nalokhu kungihlukumeza
kwakho kodwa ngithi nje mina bayoze bakubone abanamehlo. Unesandla
esilula wena lapha kimina ngoba nje ngiwumuntu wesifazane kodwa ukuba
ngiwumuntu wesilisa, ngabe kade uwukhwicile umsila.
MDALULI: Ehhe! Ngikudendebulela wona njalo lamaganyana akho ayiziswana. Yimina
njalo lona ongabe usekhwice umsila? Ngabe uyazizwa kodwa ukuthi
usuyangedelela-ke manje? Bengingabe sengikwice umsila nje ngiyinja yini?
(kuwo lowo mnyama kuzwakale umsindo wokungqongqoza okunesankahlu
lapha esicabheni.)
MDALULI: ( uzwakala engaphakathi, emangele)
Ubani-ke lona osezongiphazamisa lapha emzini wami ngisazincokolela
kamnandi kangaka nomfazi wami? Bahlupha kabi laba bantu abalunywa
izimbungulu nobutumushe emizini yabo ngoba ubafica sengqubuleka nje
bengena bephuma emizini yabantu ungazi nokuthi bamenywe ngubani,
kungahlatshiwe futhi kunjalo nje.
ZAYEKA: (uzwakala engaphandle ngezwi elinesankahlu)
Yithina singamaphoyisa. Sisebenzela ophikweni olumelene nodlame
lwasekhaya lapha eSundumbili. Sivulele wenabo! Vula!
MDALULI: (uzwakala engaphakathi ngezwi elinokweyisa)
Uqambe ushilo phoyisa ndini. Lutho olubaziwe! Angivuli mina! Kukwami
phela lapha. Yihlazo phela leli olikhulumayo wena lokuthi ufuna ukungena
ngo “dli”
Ijazi lephoyisa ngibe ngazi kahle kamhlophe ukuthin uzoba yisiphazamiso
esikhulu lapha ebudlelwaneni bami nomkami nokwenza ngisemshikashikeni
omnandi kangaka nomkami?

118
ZAYEKA: (uzwakala engaphandle, ehleka engahleki) Hho!
Mhlawumbe wena ucabanga ukuthi kwenqakwa amagenda lapha, yingakho
nje umgichithela isikhathi ngoba sewuze wakhohlwa nawukuthi
ngiyasebenza lapha mina. Uyazi ukuthini? Angenqeni phela mina ukuvele
ngisebenzise amagunya ami njenge phoyisa wokuba ngivele ngisibhodloze
mina lesi sicabha. Awuthi futhi kengi … ( asho esikhahlela ngamawala)
MDALULI (Uzwakala engaphakathi) Kahle ngamawala bo muntu womthetho. Ngilinde
ngikuvulele. (Asho abe egudluza umshudo ngaphakathi maqedane
kuvuleke)
ZAYEKA Ehhe! Sase sithelekile ngaphakathi. Sangena maqedane lagcwala umoya
ibhulukwe endodeni! E… Ake usisize kanjena ke mnumzane wami:
njengamanje phuma uyongena evenini. Uyangizwa kuthi ngithini lapha
kuwe?
MDALULI (Usehlahle amehlo, umangele) Ngoba kwenzenjani? Ngizoze ngingene
evenini nje ngoba konakalephi?
ZAYEKA (ngezwi eliphakeme) Habe! Kanti usabuza wena ekubeni uvele nje unayo
impendulo? (athinte kancane isikhwelela) Laleka-ke sikutshele thina esizazi
kangcono: usuboshiwe!
MDALULI (useqwebule amehlo) Ngize ngiboshwe nje nina bomthetho, ngimangalele
ngubani?
ZAYEKA (ngesankahlu) Ungaze ubuze lowo mbuzo ucimeze kanjalo nje, usho ngoba
ungaboni njalo wena ukuthi sewenze monakalo muni? Lo mame esimfica
enhlinhliza lapha futhi ekhophoza izinyembezi ebusweni, ngabe uqonde
ukusitshela ukuthi kade eniselwa yinkasa yezivande namasimu?
MDALULI (ngezwi lokujabha) Cha bantu bomthetho akungakho ukuthi kade ekhala
umkami njengoba nimbona nje. Eqinisweni uxhoshwe u- u carry powder
emehlweni obomvu lona obizwa ngokuthi yi Rajar… ( aphazamiseke)
LONDIWE (ngezwi eliphakeme) ayikho le nto eshiwo ngubaba nina bomthetjo. Nguye
lona okade ebhaxabula umami. Useyifihle ngaphansi kombhede nje
lemvubu abemtitinya ngayo.
[Inkundla yesi-3:isigcawu sesi-5,ikhasi 64-67]

UMBUZO
1 NIkeza isizinda ngokwendawo kulesi siqeshana. (1)
2 Shono isizathu sodweshu phakathi kukaMaMlanduli noMdaluli. (2)
3 Chaza isizathu esaholela ekutheni uLondiwe ashayele imbokodo ebomvu (3)
ucingo.
4 Yini inhloso kaMdaluli ngokuqamba amanga emaphoyiseni ngokukhala (3)
kukamaMlanduli?
5 Yisiphi isizathu esaholela ekutheni uLondiwe ashayele amaphoyisa ucingo. (2)
6 Chaza kabanzi ngesizathu esaholela ekutheni uMdaluli azonde uChivenga. (3)

7 Ngokubona kwakho kwamukelekile yini okwenziwa uLondiwe ukuthi ashayele (2)


abakwasidlodlo uuze kuboshwe uyise.

119
8 Ucabanga ukuthi wawuzobanjani umphumela emnyangweni wezasekhaya (3)
ukuba akboshwanga uHeshane?
9 Phawula ngempumelelo yombhali ekugqamiseni indikimba yalomdlalo (3)
ngokubheka labalingiswa abalandelayo, uMdaluli, umaMlanduli no Chivenga
10 Uyazwelana yini nomlingiswaonguHlengiwe mayelana nobuqili obenziwa ngepasi (3)
lakhe. Yikuphi ongakwenza uma ungahle uhlangabezane nalesi simo?
[25]

IZIMPENDULO

1 Isizinda salesi siqeshana kusemzinii kaMdaluli. ü (1)

2 Isizathu sokuthi kube nodweshu ukuthi uMaMlanduli wenqaba ukunika


uMdaluli indababandaba. üü (2)
3 ULondiwe washayela abakwasidlodlo ucingo ngoba uMdaluli wayeshaya
umaMlanduli emshayela ukuthi unqaba nendabandaba. üüü (3)
4 Inhloso kaMdaluli yokuqamba amanga emaphoyiseni kwakuwukuzivikela
ekutheni engaboshwa ukuze kuzoba sengathi uLondiwe ubeqamba amanga. (3)
üüü
5 Isizathu esaholela ekutheni uLondiwe ashayele amaphoyisa ucingo yingoba
uMdaluli wayeshaya unina umaMlanduli futhi kukhiyiwen nasemnyango. üü (2)
6 Isizathu sokuthi uMdaluli azonde uChivenga ukuthi wayethi umthathela (3)
amakhasimende akhe futhi usemzame ngayo yonke indlela akaloyeki. √√√
7 Okwenziwa uLondiwe kwamukelekile ngoba wayengafa unina bekhona bese
kuvela ukuthi ayikho imizamo abayenza ukumvikela. Nanokuthi kwakukhiyiwe
ngapakathi endlini ka ayeshaywa khona umaMlanduli. üü (2)

8 Umphumela wawuzoba mubi ngoba kwakuzokwanda abantu bokufika


bethole ubuzwe ngendlela engekho emthethweni futhi kwakuzokwanda
nabesifazane abaganiswa bengazi, ngaleyondlela kuphazamiseke umnyango
wezasekhaya. üü (2)
9 Umbhali uphumelele ekegqamiseni indikimba yalomdlalo ethi udlame
lwasemakhaya nokuhlukunyezwa kwabokufika. Kulomdlalo sithola uMdaluli
ehlukumeza umaMlanduli nezingane zakhe Kanye noChivenga (3)
ongowokufika. üüü
10 Ngiyazwelana noHlengiwe nokwamehlela ngepasi lakhe ngoba
kwakuwubugebengu ukuganiswa kwakhe engazi futhi akuhambisani (3)
nosikompilo lwesintu. üüü
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]

120
UBHUKU LWAMANQE - E J MHLANGA
UMBUZO 1: UMBUZO OMFUSHANE
Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo
ISIQESHANA B

NKULULEKO (Ngokucasuka) Ubungasho ngani sonke lesi sikhathi ukuthi ikhamera


ikhona emnyango?
PHINDISIWE (Ngokufutheka) Akuwona umbuzo ongabuza mina lowo. Angithi nihlale
nibamba inkunzi emabhange kanti nenza kanjani ngoba yinto yokuqala
okufanele uyazi emqondweni wakho leyo. Phum-ke kimina. (Aqhubeke
afake ukhiye ukuze kuvuleke umnyango.)
NKULULEKO Kahle! Ingakuluphi uhlangothi leyo khamera ngoba kangiyiboni mina?
Ngifuna ukuphonsa leli jezi ngiyivale uma kungenjalo ngiyihlaba
ngenhlamvu.
PHINDISIWE Cha phela ubulima obuphindiwe lobo ngoba umsindo wesibhamu yiwona-
ke oyokudonsela amehlo. Imenenja yaseSuphamakethe isikhona iyosola
ibiza amhoyisa.
NKULULEKO Ungalokothi ungibize ngesilima wena.
PHINDISIWE Esathunywa ugwayi sabuya neboza angikuncengi phela mina.
NKULULEKO Ungangicasuli wena vula lapha sekuyobonakala khona.

PHINDISIWE (Ngesibindi avule umnyango.) Phakathi! (Emgquba).


NKULULEKO (Eqalaza) Sikuphi isisefo semali? (Ebheke) ngakuPhindisiwe osefile
wuvalo.)
PHINDISIWE (Eqonda kusona. Avule amkhombise amasaka email.) Yiyona-ke lena
kayisekho enye.
NKULULEKO (Embheka ngamehlo agcwele ulaka.) Hheyi ungazodlala wena. Yincane
kabi le mali.
PHINDISIWE Kangisazike ukuthi enye ngiyithathephi mina?
NKULULEKO Phindisiwe ngishilo uma siza lapha ukuthi kasizodlala. Ngeke ungitshele
ukuthi le nkeshezane yiyona mali ibhange enalo leli. (Akhiphe isibhamu)
Uyayibona lento. Ngicela ukuthi sizwane ingagcini isisebenza kuwena
kungafanele.
PHINDISIWE Ungangidubula Nkululeko? (Esegcwele izinyembezi emehlweni.)
NKULULEKO Akulutho lokho. Yekela ukulokhu uchitha isikhathi ngemibuzo engasizi
ngalutho. Khipha imali wena bo! Akuyona eyakho le mali. (Emhlohloloza
ngesibhamu)
PHINDISIWE Kahle Nkululeko uyangilimaza.
NKULULEKO Ufuna ukwenziwa ngale ndlela ngoba ulibele ukukhuluma. Isikhathi
siyahamba singaze siboshwe. Phangisa-ke!
PHINDISIWE (Useyaqhaqhazela manje. Avule kwesinye isisefo esithe ukucasha.)
Shesha-ke nawe.

121
NKULULEKO Isiphelele? Indawo enifaka kuyo imali ye ATM ikuphi?
PHINDISIWE (Eyovula omunye umnango lapho engena khona uma befaka imali ye-
ATM.)
NKULULEKO Kuxhuxhuma injabulo ebona izizumbulu zemali zilele kumakhasethi
ahlukshlukene. Ngadla mina kababa ngingasaqali, (Ayitape samuntu
onwampela uju lwezinyosi. Usejatshuliswa umgodla asewuthwele
emahlombe.) Cha sekunesisindo esibonakalayo. (Ezwe umsinjwana
wabantu ngaphandle) Ake uthule ngizwe.
UMUNTU (Ngokumangala) Nansi imihlolo madoda. Umshini wemali uyasebenza
WOKUQALA kepha akukho mali ephumayo.
UMUNTU (Naye esondele efake elakhe ikhadi) Ayi bo sidliwa kanjena-ke
WESIBILI ngamabhange baqede lapho baphike. Nakimina yileso. (Kumiwe
isikhomololo ngaphandle. Akasekho manje ofuna ukufaka ikhadi lakhe
ngoba naye kungaba isona leso. Abanye bajike bahambe bathi
sebeyozama phambili.)
UMUNTU (Esondeza ubuso edlula embotsheni ebonakayo ngaphakathi ebhange.)
WOKUQALA Kukhona okwenzeka lapha ngaphakathi.
[Inkundla yesi-4:isigcawu sesi-5,ikhasi 93]

1 Yimuphi umoya otholakala ekuqaleni enkulumeni kaNkululeko kule (2)


siqeshana? Sekela impendulo yakho.
2 Chaza isizinda ngokwenkathi ngokwalesi siqeshana (3)
3 Fingqa ngamaphuzu amathathu izigameko ezaholela ekutheni
UNkululeko afune ukuyobamba inkunzi ebhange. (3)
4 Chaza kafushane ukuthi ubudlelwano bukaMaqoma noSikela buyithuthukise
kanjani indikimba yalo mdlalo.
(3)
5 Ngabe amagama adwetshelwe achaza ukuthini, ngokwenzeka kulesi (2)
siqeshana.
6 Yini edala udweshu kulesi siqeshana? (2)
7 Yini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguNkululeko kulo mdlalo (2)
8 Ngokubona kwakho ukuyobamba inkunzi ebhange kukaNkululeko
kwakuyoba yisisombululo yini ekuxazululeni izinkinga zakhe? Ukube
kwakunguwe wawuyokwenzenjani (3)

9 Uyavumelana nokuthi umlingiswa onguMaMhlongo uvezwe njengomlingiswa (2)


owunakekelayo umndeni wakhe? Sekela impendulo yakho.

10 Phawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni isingeniso/isethulo kulo (3)


mdlalo.
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]

122
IZIMPENDULO
1 Umoya otholakala enkulumeni kaNkululeko owokudinwa ngoba uPhindisiwe
engamtshelanga ukuthi ebhange kunamakhamera ebe ewazi uPhindisiwe. √√
(2)
2 Isizinda ngokwenkathi kulesi siqeshana yinkathi yamanje ngoba sekunamabhange
okubanjwa kuwo imali, amakhamera ebhange, isbhamu esasiphethwe uNkululeko
Kanye ne-ATM yokukhipha imali. √√√ (3)

3 • Wayesephelwe umsebenzi emva kokuthwalela uPhindisiwe icala, manje


wayesefuna imali yokuziphilisa. √
• Wayefuna ukuchithela uPhindisiwe umuzi ngoba wenqaba ukuthi
babuyelane. √
• Yingoba uPhindisiwe wayethembise uNkululeko ukuthi akeze neprojekthi
ezomfakela imali yena uzomelekelela/. √
• Yingoba uNkululeko wayengasasebenzi esefuna into yokuziphilisa futhi (3)
wayesephelelwe umsebenzi. √
4 Ubudlelwano bukaMaqoma noSikela buyithuthukisile indikimba yobugebengu
uSikela walekelela uNkululeko ekwenzeni isitifiketi somshado somgunyathi ngoba
esebenza emnyangweni wezasekhaya noMaqoma walekelela uNkululeko (3)
wazenza ubaba wakhe beyokwenza ubugebengu kwaMathonsi. √√√
5 Amagama adwetshelwe aveza ukuthi uma kuzwakala umsindo wesibhamu lokhu
kuzokwenza abantu baqaphele/basole ukuthi ukuthi kukhona okushaya amanzi
ebhange. √√ (2)

6 Udweshu lwangaphandle kuNkululeko noPhindisiwe ludalwa ukuthi uPhindisiwe (2)


ubengamtshelanga uNkululeko ukuthi kunamakhamera ebhange. √√
7 Inhloso yombhali ekusebenziseni uNkumbulo ukwelekelela/ukubonisa
uThamsanqa ezinkingeni zakhe. Ngenkathi uThamsanqa enenkinga noPhindisiwe
uyena akayemuqinisa idolo ukuthi engavumeli ukudlala izigebengu. Wameluleka
nangokuthi angesheshe aganwe. √√ (2)
8 Kwakungeke kube isisombululo ngoba ukubamba inkunzi ukufaka impilo
engcupheni okungaka ukuboshwa noma ukufa, ukube kwakuyimi ngangiyomukela
konke okwenzekile, ngihambe ngiyofuna umsebenzi ngiqhubeke nempilo. √√√ (3)

9 Ngiyavumelwana, uyawunakekela umndeni wakhe, ubona ukuthi uThamsanqa


akaphephile kuNkululeko ucabanga ukufonela amaphoyisa, ulwela uThamsanqa
akafuni uPhindisiwe adlale ngaye emva kokuthi uPhindisiwe ekhuluma ngezimfihlo
ocingweni, ufuna ukuyiyela yena mathupha kwaMakhunga eyolanda izinkomo (2)
zendodana yakhe. √√
10 Umbhali uphumelele kahle ekungeniseni indaba. Sitholile ummleli uPhindisiwe,
isisusa sodweshu ukufona kukaNkululeko efuna babuyelane efuna nengane yakhe
uZiphozonke nendawo ibhange Iforum lapho kusebenza khona uPhindisiwe. √√√ (3)

[AMAMAKI ESEWONKE : 25]

123
UMBUZO 2: UMBUZO OMFUSHANE
UBHUKU LWAMANQE - E J MHLANGA
Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo
ISIQESHANA C

(UThamsanqa usemsebenzini. Namuhla akafikanga ngesikhathi esejwayelekile. Ufika umzimba


wakhe utubekile. Uhlezi ehhovisi imicabango isina idedelana.)
THAMSANQA (Izandla zombili uzibeke ezihlathini. Kuyabonakala ukuthi imicabango
isezinkalweni. Aze aphimisele.) Ewu madoda, umzimba wami ubuhlungu.
Ungathi ngilale ngidlile kanti lutho. (Azelule okomuntu ovuka
ebuthongweni.) Hmm...izinto zingimele ngenhla. Kangiyazi lento aseyiyona
uPhindisiwe. Namuhla ekuseni ubengemuhle neze. Ingabe kwenzenjani
madoda? Ingabe mfihlonilena ayigodlile? Okungixakayo ukuthi zonke izimo
besibhekana nazo ngqo sisobabili noma ngabe zilukhuni kanjani.
Kangiyazi lento esidala ukuthi angivalele ngaphandle manje. Kusha-ke
lokhu. (Kukhale ucingo. Asukume aluphakamise.) Yebo, nguThamsanqa
Mathonsi okhulumayo ngingakusiza?
MATHONSI Kuhle ekuseni ndodana. Niyavuka kodwa/
THANSANQA Sivuka nani kodwa Mbuya ngoba kusinda kwehlela?
(Edonsa intambo yocingo ukuze abuyele esihlalweni abehlezi kusona.)
MATHONSI Ubudoda yibona-ke lobu ndodana. Phela izinkinga yizona ezihluza
ubuchopho bomuntu. Kithina sekungamahlalakhona. Sesajwayela
ukuligwinya lishisa. Okubalulekile ukulwa impi eqondene nawe ngqo.
Lapho-ke kufanele ukhiphe zonke izikhwepha zakho ukuze uyahlule.
(Ehleka kancane)

THAMSANQA Kunjalo baba kepha zikhona ezinye izinkinga ezingaphezu kokwenza.


Phela kuyashiwo ukuthi injobo ithungela ebandla noma-ke kuphinde
kuthiwe iningi liyabona ububende.
MATHONSI Kunjalo ndodana. Ngithemba uyakhumbula ngikudonsa ngendlebe
ukuthi ukubuka izinto ngeso lokhozi kufanele kube yisikhali sakho.
Izimpikokazi zalo zibe yisiviko sakho. Ubuchopho balo bube yiklwa lakho
lokuhlabana.
THAMSANQA Ngikhumbula kahle kamhlophe Mbuya kaMhlandla.
MATHONSI Ngiyazi wawucabanga ukuthi ngikhuluma amazwi obunkondlo ngoba
ngiyimbongi phela, kepha ngangazi ukuthi uma imizuzu yempilo ilokhu
inyathelana izimo ziyaguquka. Liyabalela.
Liguqubele.

THAMSANQA Lisho uliphinde baba. Ngiyakwazi lokho.


MATHONSI Sesifikile leso sikhathi semisinga yeshisandlu engangikhuluma ngaso.
Ngasho ngathi ngelinye ilanga like likhiphe umkhovu etsheni, ngelinye futhi
lidlisele ngamathe ezimpukane ligcine ngakho ukuyidliva selibuyisa
ngezikhukhula. Indoda ibonakala lapho-ke ukuthi izikhali zayo izifumbethe
kanjani. Ewu, sengilibele ukwanda nezindaba sengikhohlwa ukungena
odabeni engize ngalo, phela wena usemsebenzini ndoda ungephike nathi

124
esiphenduka nezicelu lize liyoshona.
THAMSANQA Lezo zeluleko ngizikhumbula kahle kamhlophe baba. Ngesinye isikhathi
umane uphunduleke nje uzwe izinduku sezikuqoqoda ikhanda. Likhulu
elokuthi kuhle inkunzi uyibambe ngezimpondo ngoba wayibamba
ngesinxele konakele. Wahlasela kusile nje Mbuya ilibangisephi?
MATHONSI Ingalibangisaphi ndoda yamadoda ngoba umkhonto uqonde kuwena ngqo.
Ndodana nginesifiso ukuthi namuhla wedlule lapha ekhaya uma uphuma
emsebenzini. Kukhona udaba olibucayana engithanda ukuthi siludingide
nawe.
THAMSANQA (Ngovalo) Kwenzenjani baba kukhona okonakele?
MATHONSI (Ehlise umoya) Cha ungethuki ndodana. Kukhona okuthanda
ukungiphazamisa emqondweni kepha wena ngicela wedlule lapha ekhaya
njengoba ngisho ukuze ngehlise leli gwebu lovalo enginalo.
(Inkundla yesibili isigcawu sokuqala ikhasi 32-34)

IMIBUZO
1 Nikeza isizinda ngokwendawo kulesi siqeshana (1)
2 Yini imbangela yodweshu kuThamsanqa ekuqaleni kwalesi siqeshana (2)
3 Ngabe amazwi abhalwe ngokugqamile amveza njengomlingiswa onjani (2)
uMathonsi? Nikeza isizathu sempendula yakho
4 Chaza kafushane ngokuxhumana kwenkulumo-mpendulwana nesenzeko (3)
phakathi kukaThamsanqa noNkululeko ngenkathi beficana kwaMathonsi.
5 Yamanisa ubudlelwano bomlingiswa owuSarah nokubanjwa kwenkunzi (3)
ebhange
6 Chaza isizathu sokusetshenziswa kwesu lokubikezela ephusheni (2)
likaMaMhlongo
7 Qhathanisa izenzo zabalingiswa okuwuKholekile noNkumbulo kubangani (3)
babo.
8 Uyavumela nokuthi uPhindisiwe usudalile isixakaxaka empilweni (3)
kaThamsanqa? Sekela impendulo yakho
9 Ngokucabanga kwakho kwakufanele yini uNkumbulo amfihlele uThamsanqa (3)
ukuthi wayazi ngobudlelwano bukaPhindisiwe noNkululeko? Sekela
impendulo yakho
10 Phawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni isiphetho salo mdlalo? (3)
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]

125
IZIMPENDULO
1 Kusemsebenzini ehhovisi likaThamsanqa. ü (1)
2 UThamsanqa unodweshu lwangaphakathi ehlezi ehhovisi lakhe ecabanga
indlela uPhindisiwe akaseyiyo emva kocingo olungene ebusuku emzini wabo.
UPhindisiwe ukhombise ukuthi uyamazi lo muntu obeshaya ucingo maye (2)
uyamfihlela uThamsanqa. üü
3 Amveza njengobaba oqotho/onothando ngoba kuyabonakala ukuthi indodana (2)
yakhe uyayinika izeluleko zokuthi ikhule ibe yindoda eqotho. üü
4 Inkulumo-mpendulwano eyaba phakathi kukaNkululeko noThamsanqa
ngenkathi bebanga ukuthi uNkululeko wabiza uPhindisiwe ngomkhuhlane
womfazi lokho kwaholela kwisenzeko sokuthi uNkululeko agcine ekhiphele (3)
uThamsanqa isibhamu. üüü
5 Umlingiswa owuSarah uyena izikhiye zebhange iForum ezazihlala kuye,
uPhindisiwe wasebenzisa yena ukuyalela oNkululeko behamba naye ukuba
beyosabisa uSarah ukuze kutholakale izikhiye zebhange. üüü (3)

6 Iphupho likaMaMhlongo ephupha uZiphozonke ethathwa wahlanya luyomfaka


ehlathini elesabekayo, lulibikezela ukuthi uZiphozonke akasiyona ingane
kaThamsanqa. üü (2)

7 UKholekile kwakuwumngani kaPhindisiwe, uNkumbulo kuwumngani


kaThamsanqa.
Izenzo zabo ohlangothini lobungani azifani. UKholekile udayisa umngani
wakhe uPhindisiwe ngokuthatha izindaba kuye bese ezihambisa kuNkululeko
kanti uNkumbulo uwumngani weqiniso kuThamsanqa ngoba uyamunika
izeluleko njengomngani futhi akamtsheli umngani wakhe into ayibonayo ukuthi (3)
izomhatha kabi. üüü
8 Ngiyavumelana uThamsanqa uwumyeni othembekile kuPhindisiwe kodwa
yena wenza izenzo zokukhohlakala kumyeni wakhe. Ukungaziphathi kahle
kukaPhindisiwe kuholele ekutheni uThamsanqa aze athathe isinqumo (3)
sokuyolanda izinkomo zakhe kwaKhunga. üüü

9 Kwakufanele ngoba akufanele ungene izindaba zabantu abathandanayo uma


sebexolelene uyosala wedwa enkingeni.
Kwakungafanele ngoba UNkumbulo ungumngani noNkululeko, kwakufanele (3)
adlale indima yobungani kuyena ngokuthi amqwashise ngesenzo ayesibona
singesihle esenziwa UPhindisiwe. üüü
10 Umbhali uphumelele kahle ekuphetheni indaba yakhe kupholavuthondaba,
lapho khona uPhindisiwe, uNkululeko, uMaqoma, uSikela noKhabalethu
begwetshwa emva kokuyobamba inkunzi ebhange. üüü (3)

[AMAMAKI ESEWONKE : 25]

126
UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE
Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo.

MATHONSI: (Ekhwehlela.) Uqinisile umama wakho ndodana. Usindwe yizinyawo


njengoba bengingasakwazi ukuyibamba le nsizwa. Bengilokhu
ngigqolozele emnyango ngithi uyangena lutho. Akonakele lutho-ke
ndodana ngoba mhlawumbe kwenzeke kahle ningatholani lapha hleze
bekuyosuka uthuli lwezichwe. 5

THAMSANQA: (Ehlahle amehlo.) Insizwa yakuphi leyo?


MATHONSI:
Yehlisa umoya ndodana. Luselude ukhalo. Uyothi lapho udundubala lesi
sisekeseke sentaba uyobe usuvovekile uma uthatha izinto ngamawala.

THAMSANQA: Cha ngiphuthume baba kwenzekani kanti?

MATHONSI: Ake ngibuze ngale ndlela ndodana, ngiyazi kungumbuzo oxakayo futhi
ongavusa uhlevane kepha-ke kayikho indlela engingaluqala ngayo lolu
daba. Okwesibili usuyindoda manje. Kayikho indoda eyake yakhela enye 10
umuzi. Ngokusho kanjena ngiqonde ukuthi kungesize ngalutho ukuletha
uqhekeko nengxabano emzini wakho.
Ngixolele ngokubuza ngale ndlela ndoda. Umethemba kangakanani
umkakho? (Amjolozele ezinhlamvini zamehlo.)

THAMSANQA: (Ebukeka edidekile yilo mbuzo kayise, kepha aqunge isibindi


awuphendule)Ngumbuzo onzima kakhulu lona kepha ngizowuphendula 15
ngale ndlela, bengingemthathe uPhindisiwe abe ngumkami uma
bengingamethembi futhi ngingamthandi.

MATHONSI: Uyakuthanda ngokweqiniso yena, akukho enigodlelene khona?

THAMSANQA: Ngingeqiniseke ngalokho baba nawe uyazi ukuthi umuntu unesifuba


sakhe esaziwa nguyena yedwa angeke asichathazela omunye umuntu. 20
Ngifunga ngiyagomela ukuthi okuningi siye sihlale phansi sibonisane
ngakho sigcine sifinyelela esivumelwaneni. Ngokwazi kwami akukho
engingathi ungifihlele induku emqubeni ngakho.

MATHONSI: Ungadinwa ndodana. Lo mbuzo kawulona iphutha kepha kukhona lapho


ngiqonde khona
25
THAMSANQA: Kukhona yini okusolayo kumkami baba?

127
MAMHLONGO: (Engena egulukudela ingathi kukhona okumjoja ngemuva.) Uyabona 30
ndodana impilo yokuganana inzima kakhulu. Kuyinto enzima
ukwethembeka kepha kufanele kungayekwa nje ngoba izimfihlo lezi
ziyinkinga kungakho kuye kuthiwe ayikho impunga yehlathi ngoba lapho
imfumbe ibhoboka khona buchitheka bugayiwe. Akuyona-ke into enhle
ukulokhu kusolwa abalele ukuthi babhedisa izinto ngabomu kanti 35
akubona abazibhedisayo bafela nje ukuthi babizwe ngezithutha.

MATHONSI: Nami nginezezela emkhondweni kamama ndodana. Ngingalokhu


ngigudla iguma Thamsanqa, kukhona okwaziyo ngempilo kamakoti
ngaphambi kokuba nishade? 40

THAMSANQA: Kuningi kakhulu engikwaziyo mama nawe baba.


45
MATHONSI: Wakutshela ukuthi unezingane azishiya ekhaya?

THAMSANQA : (Athi ukudideka kancane.)


Yebo,ngiyazazi.

MAMHLONGO: (Enikina ikhanda.) Ngiyakweshwama–ke lokhu baba. Ndodana,kanti


akuthi lapho kulotsholwa ithokazi libelethiswe nenkonyane lalo?

[Inkundla Yesi-2, IsigcawuSesi-3]


IMIBUZO
1 Nikeza ithoni etholakala enkulumweni yomlingiswa onguMathonsi kulesi siqeshana bese (2)
unika isizathu sempendulo yakho.
2 Nikeza isizathu sokuba isimo senhlalo singabi sihle ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2)
3 Chaza kafushane ngamaphuzu AMATHATHU ukuthi imibuzo ebuzwa (3)
nguMathonsi kuThamsanqa kulesi siqeshana iyithuthukise kanjani indikimba yalo mdlalo.

4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU iphupho likaMaMhlongo. (3)


5 Yini inhloso yombhali yokwethula umlingiswa onguNkumbulo kulo mdlalo? (2)
6 Qhathanisa izenzo zomlingiswa onguMakhangela unina kaPhindisiwe Kanye nomlingiswa (3)
onguMaMhlongo unina kaThamsanqa ekukhuliseni izingane. Sekela impendulo yakho.
7 Chaza okushiwo ngamagama abhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana. (2)
8 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaThamsanqa ukube wamxolela (3)
uPhindisiwe?
9 Ngabe isenzo somlingiswa onguPhindisiwe sokuthandana noNkululeko (2)
siyamukeleka kuwena? Sekela impendulo yakho.
10 Xoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni isingeniso kulo mdlalo. (3)
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]

128
IZIMPENDULO
1 Ithoni etholakala enkulumweni yomlingiswa onguMathonsi iveza ithoni
yothando/yokuyala njengoba elokhu ebiza uThamsanqa ngendodana
yakhe njalo umaekhuluma naye.UMathonsi uyamyala nangokwakhiwa (2)
komuzi. üü
2 Isizathu sokuthi isimo senhlalo singabi sihle kulesi siqeshana ukuthi uMathonsi
noMaMhlongo abaphathekile kahle ngenxa yokufika kwensizwa abangayazi
njengoba bechazela uThamsanqa osebonakala kumcasula ukuzwa ngale nsizwa. (2)
üü
3 Imibuzo ebuzwa uMathonsi kulesi siqeshana iyithuthukise kahle indikimba
yobugebengu emuva kwemibuzo ebibuzwa nguMathonsi, ebuza
uThamsanqa ngoPhindisiwe ukuthi umazi kangakanani, uThamsanqa
uthola ukuthi uPhindisiwe ubethandana noNkululeko engazi. UMathonsi
noMaMhlongo bathola ukuthiuPhindisiwe unezingane abangazazi.
UPhindisiwe uhlangana noNkululeko nabangani bakhe ukwenza itulo
lokubulala uThamsanqa kanye nokubamba inkunzi ebhange i-Forum. üüü (3)

4 • UMaMhlongo uphuphe uhlanya luqukula uZiphozonke ngoba luthi


uyingane yalo. ü
• Limthathe lwamphonsa ehlozini elikhulu elengame isiziba sikamaminzela. ü
• UMaMhlongo walulandela uhlanya ethwele izandla ekhanda kwase kuqubula igovu. ü (3)

5 Inhloso yombhali yokwethula umlingiswa onguNkumbulo kulo mdlalo


Ukuxwayisa ngokuthi ungabomethemba umngani njengoba uNkumbulo
wehluleka ukuxoxela uThamsanqa ngezenzo zikaPhindisiwe noNkululeko. üü (2)

6 Izenzo zomlingiswa onguMakhangela kanye noMaMhlongo ekukhuliseni


izingane,bakhulisa izingane ngezindlela ezingefani. UMaKhangela akanalo
iqiniso, ufihlela abakwaMathonsi ngenkathi bezolobola akabazisi ukuthi
uPhindisiwe unezingane ezimbili azitholele ekhaya/uvuna uPhindisiwe
emuva kokushayisa ingane; nguyena okhokhela uNkululeko imvalamlomo
kanti uMaMhlongo unothando lweqiniso uma uThamsanqa enezinkinga
ezivelayo uyambiza, ambonise yize esenomuzi wakhe. üüü (3)
7 Amagama abhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana achaza ukuthi
Kwakungamele yini izingane zikaPhindisiwe eze nazo uma ezogana
kwaMathonsi. üü (2)
8 Umphumela wawuzoba muhle empilweni kaThamsanqa ngoba wayezoqhubeka

129
bahlalisane kahle nomndeni wakhe njengoba wayemthanda ngokweqiniso
uPhindisiwe.Wayezogcina isethembiso sabo somshado sokwehlukaniswa
ngukufa. Babengeke baphinde babe nezimfihlo. üüü
NOMA
Umphumela wawuzoba mubi empilweni kaThamsanqa ngoba wayengahlala
ngokungamthembi uPhindisiwe engazi ukuthi uzoqhubeka yini abe nezimfihlo
njengoba wayemcelile ukuba kungabibikho ukufihlelana. Wayengagcina
(3)
engasamthandi kahle uma ecabanga izimfihlo nobugebengu abenzile. Agcine
ehlukanisile naye. üüü
9 Isenzo somlingiswa onguPhindisiwe asamukelekile ngoba uPhindisiwe
Kwakungafanele ukuthi athandane noNkululeko ngoba wayeshade
noThamsanqa. Kwakumele amlinde uma esehambile. Ukube walinda wayengeke
azithole esesenkingeni yokuba nengane nomuntu ongesiye umyeni wakhe. üü (2)

10 Umbhali uphumelele kahle ukusethulela isingeniso salo mdlalo ngoba


Usethulele ummeleli onguPhindisiwe ebhekene nenkinga yemfihlo anayo
NoNkululeko njengoba ethi ufuna babuyelane. Isizinda senkathi yamanje
Nendawo yasemadolobheni eGoli kanye nesimo senhlalo esishubile
ngenxa yokubelesela kukaNkululeko eshaya izingcingo emsebenzini
kaPhinidsiwe eBhange i-Forumemtshela ukuthi uzodalula izimfihlo abanazo (3)
naye. üüü
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]

130
UMBUZO 4 (UMBUZO OMFUSHANE)
(KukwaMakhunga elawunji uThamsanqa uhlezi noninazala kanye noPhindisiwe.)
MAKHANGELA: (Emi ngezinyawo ezibambe okhalo.) Unesibindi mfana wami sokuthi
uzongena lapha endlini ufike ume ngezinyawo. Uyazi ukuthi ngingabiza
amaphoyisa noma ngihlohle abathile bakududulele phandle? Konje uma
umuzi ungenayo indoda kwenzeka izinto ezinjengalezi?
THAMSANQA: Ngikhishwe ngenkani ngoba ngenzeni? 5
(ngomoya ophansi)
MAKHANGELA: Uthi woneni kawazi wena? (Useluqanduqandu uzwakala kude le.)
THAMSANQA: Kangazi mama.
MAKHANGELA: Mfana kaMathonsi ungangichitheli tsikhathi. Khuluma oze ngakho uphume
lapha endlini. Lena yingane yami eyavundla lapha kimina.( Ekhomba isisu)
Ngekabani le ngane obuyidukluza ubusuku bonke? Yisaka likabhontshisi yini 10
yini leli?
THAMSANQA: (Eqala egcwalelana yintukuthelo.) Uma ufuna ukuthi ngimenze isaka uzoba
yilona-ke njengoba ebhixe isithunzi sami ngodaka nje.
PHINDISIWE: (Ngokuthukuthela) Ungibiza ngesaka Thamsanqa? 15
THAMSANQA: Akumina okhulume ngesaka. Buza kumama wakho ngoba nguyena
okhulume ngesaka? Mina ngibuze nje ukuthi ngoneni?
MAKHANGELA Shono oze ngakho izinyawo zigcwale izintuli.
THAMSANQA: Ngethemba amehlo ami awacwebile akunamikhemezelo ekhifizayo kuwona. 20
Okubalulekile nje ngizocela izingane zami.
MAKHANGELA: (Kwathi akaqhume ephendulwa ngale ndlela abengayilindele.) unabantwana
wena lapha ekhaya?
THAMSANQA: Yimikhovu yini ehlezi eduze kwakho?
MAKHANGELA: (Ebambe ekhanda ngezandla ezimbili.) Yehheni we bantu nansi imihlola! 25
Nansi ingulube inginonela emzini wami bo? Yizingane zami lezi ozibiza
ngemikhovu Thamsanqa?
THAMSANQA: Bengithi ngikhuluma isiZulu.
MAKHANGELA: Ufuna ukuyomgada ubusuku bonke njengoba eseze wakubalekela weza
lapha ekhaya?
30
THAMSANQA: Ngiyiqala ngawe lena oyikhulumayo.
MAKHANGELA: Ukhuluma kahle ngoba le ngane ayinaye umkhulumeli. Wena uyajabula
ngoba uhlangene nabakwenu ngengane yami.
THAMSANQA: (Ngokumangala) Iyangimangalisa le ndaba oyikhulumayo okungathi
ubukhona. Kawufune nokunginika indlebe ngichaze ngokwenzekile, uvele
ukhwela phezu kwekhanda lami ungidla ngamazinyo. Kusho khona ukuthi 35
ukholwe konke okutshelwe yile ndodakazi yakho.
MAKHANGELA: Izenzo ziyasho.

131
1 Ivezani ithoni etholakala kulesi siqeshana? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa 2
onguThamsanqa
2 Nikeza isizathu esenza uMakhangela afune ukuxosha uThamsanqa emzini wakhe 2
3 Chaza kafushane izenzo zikaMakhangela ezikhombisa ukuthi ungumlingiswa ongathembekile 2
kuThamsanqa.
4 Chaza isizinda ngokwesimo senhlalo kulesi siqeshana. 3
5 Fingqa ngamaphuzu AMABILI okwenzeka enkundleni yokudlalela esingenisweni salesi 2
siqeshana.
6 Qhathanisa ukuvezwa komlingiswa onguMathonsi nomlingiswa onguNkumbulo ngezenzo zabo 3
kulolu ndaba.
7 Chaza imbangela yokuthi umlingiswa onguPhindisiwe abhalele uThamsanqa inkondlo. 3
8 Iyini inhloso yombhali ngokusebenzisa umlingiswa onguKholekile kulo mdlalo? 3
9 Ucabanga ukuthi lwaluyoba njani udweshu phakathi kukaThamsanqa noMakhangela ukuba
uThamsanqa akazange akhethe ukuhamba? Sekela impendulo yakho
2
10 Ake uncome ikhono lombhali mayelana nesiphetho salo mdlalo 3
(25)
IZIMPENDULO
1 Ithoni iveza intukuthelo eyayikhonjiswa nguThamsanqa. uThamsanqa wayeze kwaMakhunga 2
ukuzolanda uPhindisiwe nengane yakhe njengoba babehambile emzini wabo.
2 UMaKhangela wayefuna ukuxosha uThamsanqa emzini wakhe ngoba kade eshaye 2
uPhindisiwe ubusuku bonke, uPhindisiwe wabaleka waya ekhaya kubo,kunina manje
uThamsanqa uthi uzomlanda.
3 UMaKhangela ungumlingiswa ongathembekile kuThamsanqa ngoba wafihlela uThamsanqa 2
ukuthi kunoNkululeko endlini.
4 Isimo senhlalo kulesi siqeshana asisihle phakathi kukaThamsanqa noMaKhangela, bebanga
ukuthi uThamsanqa ufike wama ngezinyawo phezu kokuba eshaye uPhindisiwe,ubiza
nezingane zakhe ngemikhovu okuyinto angayithandanga uMaKhangela. (nezinye izimpendulo 3
ziyokwamukeleka.)

5 * Okwenzeka enkundleni yokudlalela kulesi siqeshana uThamsanqa uhlezi noninazala elawunji


kanye noPhindisiwe.
*UMaKhangela uma ngezinyawo emuva kokuba bengazwananga noThamsanqa ozofuna
izingane zakhe kwaMakhunga. 2

6 Izenzo zalaba balingiswa uMathonsi noNkumbulo ziyafana bobabili bazama ukubonisa


uThamsanqa ngodaba lukaPhindisiwe. UMathonsi unxusa indodana yakhe,uThamsanqa ukuthi
angalutatazeleli lolu daba lukaPhindisiwe kodwa aluphathe ngesineke aze athole umnyombo
walo kanjalo noNkumbulo ubonisa uThamsanqa ukuthi akasale esamukela ukuthi uPhindisiwe 3
uhambile noma bahlukanise bese bewuqala kabusha umshado wabo.
7 UPhindisiwe wabhalela uThamsanqa inkondlo ecela uxolo ngesenzo sakhe futhi emkhumbuza
nangothando analo ngaye kanjalo nangezifungo abazenza emshadweni
3
wabo.

132
8 Inhloso yombhali ukusixwayisa/ ukusibonisa ukuthi kukhona abantu abeza kumuntu benze
ubungani ngenhloso ethile. uKholekile wayengumngani noPhindisiwe futhi ethandana
noNkululeko, kwaba lula ukuthola ulwazi olwaludingwa nguNkululeko kuPhindisiwe. 3

9 Ngicabanga ukuthi lwaluyoba lubi impela udweshu ngoba uThamsanqa wayeyogcina


ehlaselwa uNkululeko njengoba uMaKhangela wayemfihlile uNkululeko wathi uzombizela
izikhondlakhondla ezedlula yena uThamsanqa uma eqhubeka nokudaza inkani. 2

10 Umbhali walo mdlalo uyiphethe kahle indaba yakhe. Le ndaba iphethe ngepholavuthondaba ,
uPhindisiwe, uNkululeko nabangani bakhe, oSikela noMaqoma bagcina bebanjwe baboshwa
baphinde bagwetshwa ngoba alikho iqili elazikhotha emhlane 3

133

You might also like