You are on page 1of 2

AFL1502

ASSIGNMENT 21

STUDENT NUMBER: 14237849

UNIQUE CODE

UMBUZO 1

a) Ubuciko bomlomo singabuchaza njengalokho okuphinyiswayo noma ngabe ngokukhuluma ,


ukulanda noma ukuhlatshelelwa okuthi ukuqanjwa kwakhona noma ukwenziwa kubonise
izimpawu zobuciko zokucabanga ngomqondo ngendlela eqondile nokwenza okunobuchule “
Okpewho (1992:1)
b) Izinganekwane singasho ukuthi azisenayo indima enkulu eziyidlalayo ngenxa yokuthi izingane
azisenabo abantu abangazixoxela njenga kudala zazixoxwa ngogogo nokuthi manje yonke into
isichazwa nge Technology nesayense kanti izinganekwane izindaba ezingenabo ubufakazi
kuyinto nje eyinkolelo.
c) Umlalazi wenqina awufakwa ekhaya- kushiwo kumuntu ongaziphethe kahle ukuthi izinsizwa
zingalinge zimkhethe ngoba ziyobe zidonsa amanzi ngomsele
Umswane wembabala awungeniswa ekhaya- kushiwa ensizweni eganayo ukuthi ingalethi ihlazo
lika makoti

UMBUZO 2(a)

a) Umbhali PB Vilakazi usingenise kahle endabeni yakhe ngokusithulela umlingiswa okungu


Mvinjelwa esimbona ecasuke ethelwa ngezibonkolo lokhu kuyayihlupha ingqondo yombhali
uyazibiza ukuthi ngabe indaba izophela kanjani ngoba umlingiswa engagcinile ngokucasuka
kuphela kodwa uhlomile nase sandleni uphethe iwisa lokhu kuyawadonsa amehlo omfundi
ukuthi kaze indaba ibheke kuphi lapho iyakhona kanti nesihloko sethu esithi Ummeli siyawufaka
usawoti ukuthi kaze yena ungena ngaphi noma Nguyen yini ozoxazulula udaba.
b) Indtshana yethu yenzeke esikhathini esincane kodwa umbhali uzamile ukusitshela noma
ukusibeka esithombeni ukuthi kuzokwenzakalani futhi indaba yakhe ibhekephi noma yona
ingekenzeki kuningi asilethele kona ngomzuzwana omncane njengo kusithulela abalingiswa
abagqamile kanye nomoya siyabona ukuthi isimo asisihle phakathi kwabalingiswa Bethu.
c) Endatshaneni esihloko esithi Ummeli sinabalingiswa abathathu esibathulelwa okungu Mvinjelwa
umlingiswa omkhulu noma ongimmeleli nguye ohamba phambili endabebeni bese siba
noMthunzi esingakamboni ekhuluma kodwa eyimbangi ka Mvinjelwa njengoba indaba ingefa
kubangwa ifa njena. Bese siba nobaba omncane esimthola ephakathi nendawo kwabalingiswa
esingambiza ngomxovi.
d) Isiphetho sendaba nathi asisazi njengoba uMvinjelwa singamazi noma ufikile yini lapho
ebelibangise khona noma ubuye wangena ngamanzi emadolweni kodwa esingakusho ukuthi
idaba ikwazile ukusivezela abalingiswa ukuthi bangabantu abanjani kanye nodweshu.

UMBUZO 2( b)

a) Umdlalo womoya noma womsakazo ongabonakali awufani njengomdlalo kamabonakude noma


ifilimu wona uncike kumphathi wesiteshi ebuchuleni bakhe ekuhlanganiseni imisindo ezodlala
ezinkudleni ezahlukene ezobe isiholela emizweni kanye nasesithombeni sendaba. Abalingiswa
bona sibezwa ngamphimbo abo kuphela osatshwayo simuzwa ngezwi eliqinile futhi eliphakeme ,
ohlebayo simuzwe ngezwi elishwashwathayo ngoba angafuni ukuthi aziwe futhi lomdlalo uvame
ukuba mfishane ngenxa yesikhathi nokuheha abalaleli bangaphelelwa isineke.

UMBUZO 3

a) Uhlobo lwenkondlo ilirikhi imbongi Iveta imizwa ways wokwesaba ibikela umnini mandla wonke
icela ukuba ayiphe amandla
b) Ngikhanyisel’indlela Sokukhanya
Ngikhanyisel’ indlela yalelo Zulu ,
c) Unkamisa – U kanye nonkamisa -a okutholakala kwimvumelwano signing
d) Imvumelwano siqala kanye nemvumelwano phakathi.

You might also like