You are on page 1of 6

UKULUNGISELELA UKUBHALA

I
IPHEPHA 1
AMAMAKI 70
IMIYALELO EBALULEKILE KWABAHLOLWAYO
1.Ukufunda imiyalelo ngokucophelela.
2.Ukuphendula yonke imibuzo ekuleli phepha.
3.Ukuqalisa isiqephu ngasinye ekhasini Elisha.
4.Ukuhlukanisa isiqephu ngasinye ngokuthiA udwebele
5.Ukubhala izinombolo njengoba zisetshenzisiwe.
ISIQEPHU A:Isivivinyo sokuqondisisa
Umbuzo1 =30 amamaki
Umbhalo A no B
Nakhu okumele kwenziwe ngabahlolwayo.
-ukufunda umbhalo A ,bese ugxilisa umqondo wakho
esihlokweni salo mbhalo noma uzibuze ukuthi yikuphi
okwaziyo noma oke wakuzwa ngalesi sihloko.Lokho
kuzokusiza ukuphendula imibuzo enjenga le:
Yini inhloso ,ucabanga
ukuthini,phawula,hlaziya,hlolisisa,ncoma njll.
-Fundisisa isiqeshana kabili noma kathathu.Emuva
kwalokho bese ufunda imibuzo ebuziwe ngesiqeshana
leso.(lokhu ukwenza ngesikhathi sokufunda onikezwa
sona esiyimizuzu eyi-10.
-Ukufunda kwakho imibuzo kuzokwenza ukuthi kube
lula kuwe ukuthola izimpendulo zaleyo mibuzo
ebuziwe.
-Okumele ukuqaphele ukuthi izimpendulo zemibuzo
esekuqaleni zitholakala ezigyamaniseabeni eziphezulu
zesiqeshana.
-Kumele -ke uwulandele umyalelo ozothi “bhekisa
esigabeni/emgqeni othile.
-Phendula yonke imibuzo ungashiyi izikhala
ezingabhaliwe.
Umbhalo B =10 amamaki
-Lapha unikezwa isithombe esihambisana nombhalo A
ofundwayo.Kulindeleke ukuthi usibukisise lesi
sithombe ukuze ukwazi ukuphendula imibuzo.
-Kungenzeka ubuzwe umbuzo ofuna ukuthi
uqhathanise noma uyamanise isithombe nesigaba
esithile embhalweni A ofundwayo.Landela -ke
imiyalelo enikeziwe ,ubhekise kuleso sigaba oyalelwe
kuso.
-Imibuzo efuna ukuthi uphendule ngokuthi
uyavumelana/awuvumelani ,bese wesekela.Kumele
impendulo yakho ikubeke obala ukuthi
uyavumelana/awuvumelani ,bese wesekela
ngokufanele.Impendulo engasekelwanga ayinikezwa
amamaki.
-Ubude bezimpendulo zakho kumele zihambisane
namamaki anikezwe lowo mbuzo.
Umbuzo 2:
Ukufinqa =10 amamaki
mauyasifinqa.
-Lo mbuzo unimiyalelo emine okumele uyilandele.
1.Finqa lesi siqeshana esimayelana,isibonelo,izindlela
zokuziphatha emsebenzini, usebenzise amagama akho
angedluli kwangama-80.Lo myalelo ubalulekile kakhulu
ngoba yiwona mbuzo /amaphuzu okumele ohlolwayo
awabhale.
-Ohlolwayo makafunde isigaba ngasinye ,bese ezibuza
ukuthi kuleso naleso sigaba likhona noma akhona yini
emsebenzini.
-Ohlolwayo makawadwebele lawo maphuzu ayisi-7
,bese ewabhala ngawakhe amagama.
-Uma ohlolwayo ebhala amaphuzu njengoba enjalo
,akawanikezwa amamaki ama-3 olimi.
-Ohlolwayo makafinqe ngamagama angeqile
kwangama-80.
2.Finqa ngesigaba esisodwa hhayi imisho eyi-7.
3.Ungasibhali isihloko uma usufinqa .
4.Bhala inani lamagama owasebenzisile ekugcineni
kwesiqeshana.
QAPHELA:Uma ufunda lesi siqeshana ulindeleke ukuthi
ubhale amaphuzu amayelana nalokho okushiwo
ngumyalelo wokuqala.Kuyenzeka ukuthi uthole
amanye amaphuzu achazayo/asekelayo noma
ayizibinelo.Musa ukuwabhala lawo maphuzu ngoba
awaphenduli umbuzo obuziwe.Kuyenzeka isiqeshana
sibe nezigaba ezingaphezu kweziyi-7,lokho akusho
ukuthi namaphuzu okumele uwabhale angaphezu
kwayi-7,kuyenzeka ezinye izigaba zingabi nawo
amaphuzu.Imvamisa kuba yisigaba sokuqala esiba
yisendlalelo.
Umbuzo 3 no 4:Isikhangisi /ikhathuni/isithombe(okobili
kuphela)
-Isikhangisi :kumele sikwazi ukubona ukuthi yimuphi
umkhiqizo okhangiswayo.Isib:insipho/umuthi /ukhilimu
njll.
-Ngesinye isikhathi kukhangiswa
inkampani/ibhizinisi/ihhotela njll.
-Kuyenzeka futhi kukhangiswe
umcimbi/umncintiswano othile.
Ulimi olusetshenziswayo uma kukhangiswa:
-ulimi olunothile lapho kusetshenziswa khona izaga
noma izisho, noma imibuzo.
-ulimi olukhohlisayo:luvumelekile noma lungenabo
ubufakazi obuphathekayo.
-ulimi oluncengayo/olunxenxayo:lapha umfundi
wesikhangisi uyasukuma enze okuthile ukuze azuze o
Izinhlobo zemibuzo engabuzwa:
-yimuphi umkhiqizo okhangiswayo
-sibhekiswe kobani isikhangisi
-ukusetshenziswa komkhiqizo kungaba namuphi
umthelela njll.
Umbuzo 5:Izakhiwo nezimiso zokusetshenziswa kolimi
=10 amamaki
Izinhlobo zemibuzo engabuzwa:
-izingcezu zenkulumo(umsebenzi wazo)
-izakhi (umqondo olethwa yizakhi)
-amagama
okuhloniphisa/amqondophika/amqondofana
-izimo zokukhuluma(izaga,izisho)
-izifenqo
-izifinyezo
-inkulumo-ngqo/inkulumo-mbiko
-izinhlobo
zemisho:oqondile/ombaxa/omagatshagatsha
-inkathi zesenzo
-izindlela zesenzo
-izimpambosi zesenzo njll

ZIBAMBE ZIQINE MFUNDI!!!


ZIYAKHALA!!ZIYALILA!!!ZIYATEFA !!!
BAMBELELA SIYAJIKA!!!
SINIFISELA OKUHLE KODWA #CLASS OF 2023

You might also like