You are on page 1of 28

IBANGA LESI-3 ULIMI LWASEKHAYA

Kumnandi ekhishini

ISIZULU

Izinga
loku-
1 Incwadi yesi- 3
Ukufunda ngamaqembu
okuholwayo
Ngaphambi kokufunda
• Phenya amakhasi endaba abazoyifunda.
• Tshela abafundi ukuba baqagele ukuthi indaba izoqhubeka kanjani uma
kususelwa esihlokweni nasemifanekisweni.
• Yethula amagama amasha noma alukhuni ngaphambi kokuba abafundi
baqale ukufunda incwadi.
• Yenza amakhadi amagama ukwethula amagama amasha. (Thola uhlu
lwamagama amasha ngaphakathi.)
Ukufunda kokuqala
• Abafundi kumele bafunde umbhalo ngamunye.
• Abafundi kumele bafunde buthule noma “bawufunde ngokuhleba” umbhalo.
• Suka kumfundi uye kolandelayo, ucele umfundi ngamunye ukuba afunde
isigaba sombhalo kuzwakale.
Ingxoxo
• Funda imibuzo yokuqondisisa esuselwa embhalweni.
• Gxila emisindweni, emagameni ajwayelekile kanye nasemagameni amasha.
• Uyothola imisebenzi esekugcineni kwale ncwadi ilusizo ekuholeni ingxoxo.
(Khetha imisebenzi efanele izinga labafundi.)
Ukufunda kwesibili
• Ezinsukwini ezilandelayo,nikeza abafundi ithuba lokuyifunda futhi incwadi,
ngababili noma ngamunye.
• Gxila ekufundeni ngokugeleza, ekusetshenzisweni kolimi nasemagameni
amasha.
• Abafundi mabaqedele imisebenzi yeqembu eholwayo etholakala ngemuva
kwale ncwadi. (Khetha imisebenzi efanele izinga labafundi.)

Abafundi mabadlale balingise okwenzeka


endabeni uma umbhalo uvumelana nalokho.

Abafundi kumele benze imisebenzi yokufunda


ngamaqembu ngemva kokufunda. Abafundi
mabasebenze ngamaqembu ukuqedela
imisebenzi efanele etholakala ngemuva kule
ncwadi. Imisebenzi ebhalwayo kumele yenzelwe
ezincwadini zokubhalela, hhayi kule ncwadi.
Kumnandi ekhishini
Okuqukethwe

Amacebo kubapheki
abancane ...................... 2

Okokusetshenziswa
ngumpheki .................... 3

Ubuso obuhlekisayo ........... 4

Usaladi wezithelo .............. 8

Amakhekhe asankomishi
amibalabala .................. 10

U-ayisikhilimu omnandi ..... 16

Amakhrampethi............... 20

Umashelela (Smoothie) .... 22

1
Amacebo kubapheki
abancane

• Ungalokothi upheke ngaphandle kokusizwa


ngumuntu omdala.
• Fundisisa indlela yokupheka (iresiphi) uqiniseke
ngokuthi unazo zonke izithako, nezinto ozisebenzisa
lapho upheka.
• Faka iphinifo ugeze izandla ngaphambi kokuqala.
• Uma unezinwele ezinde zibophele emuva.
• Qaphela uma ubamba omese ababukhali.
• Faka amagilavu kahhavini uma uzophatha izinto
ezishisayo nalapho ufaka noma ukhipha izinto
kuhhavini.
• Qiniseka ukuthi izibambo zebhodwe uzibhekise
eceleni ukuze zingashayiseki esitofini.
• Lapho usuqedile, hlanza konke ucishe isitofu
nohhavini.

Izilinganiso ezisizayo

Ithisipuni eli-1 = 5 ml Isipunu esi-1 = 15 ml Inkomishi e-1 = 250 ml


2
Okokusetshenziswa
ngumpheki
amagilavu kahhavini
inkomishi yokukala

izipunu zokukala

isitsha sokuxubela
ukhezo

imfologo

izipunu
ithileyi lokubhaka

isisefo

isiphehli

ujeke uqwembe lokuqobela

ummese

ipani lamakhekhe asankomishi uhlaka lokupholisela


isikhamijusi

ipani lokuthosa
ml
3
Ubuso obuhlekisayo
Yenzela ukudla kwekhethelo ubuso obuhlekisayo

Okusetshenziswayo
� Izitsha zokuxubela ezi-3 � Ummese � Ithileyi
� Ithisipunu � Isipunu � Ukhezo

Izithako

Amabhisikidi ayi-12 Inkomishi e-1 kashukela we-ayisingi

Uhhafu wethisipunu wesifakimbala


Izipunu ezi-2 zamanzi esiluhlaza. Uhhafu wethisipunu
wesifakimbala esiphuzi.

Amaswidi
Izintanjana zika-Liquorice

4
1
Indlela yokwenza

Sefela ushukela
we-ayisingi esitsheni
sokuxubela. Faka
amanzi. Xuba kuze
kuhlangane “kahle”.

2
Yehlukanisela inhlama ye-ayisingi ezitsheni ezi-2
zokuxubela. Faka isifakimbala esiluhlaza kwesinye
isitsha, isifakimbala esiphuzi usifake kwesinye.
5
3

4
Beka amabhisikidi ethileyini.

Sebenzisa ummese obuthuntu ukugcoba


inhlama ye-ayisingi ngaphezu kwamabhisikidi.
6
5
Hlobisa amabhisikidi abukeke njengobuso
usebenzisa amaswidi nezintanjana
zika-Liquorice. Kuyeke kuthi ukuqina.

6
Zitike.
7
Usaladi wezithelo
Yenza usaladi wezithelo wasehlobo ogcwele amavithamini.

Izithako
Okusetshenziswayo Iwolintshi eli-1
Ummese Upopo o-1
Uqwembe Uphayinaphu o-1
lokuqobela Ama-aphula ama-2
Isitsha sokuxubela Ubhanana omu-2
Isikhamijusi

Okumele ukwenze
1
Cwecwa ama-aphula
uwaqobe abe ngamakhiyubhi.
2
Hluba ubhanana uwusike
ube izingcezwana.
8
3
Cwecwa upopo uwusike
ube ngamakhiyubhu.
4
Hlanganisa 5
Cwecwa
lezi zithelo
uphayinaphu
esitsheni.
uwuqobe ube
ngamakhiyubhu.

6 Khama iwolintshi.
7 Thela ujusi walezi
zithelo ngaphezu
kukasaladi.

9
Amakhekhe asankomishi
amibalabala
amibal
ami balaba
abala
aba la
La makhekhe asankomishi amibalabala athandeka kakhulu
emikhosini yokugubha usuku lokuzalwa, noma uSuku
Lomama noma lapho kuza abangani bezophuza nawe itiye.

OKOKUSETSHENZISWAYO IZITHAKO

Isisefo Inhlama yamakhekhe


Isitsha sokuxubela Izinkomishi zikafulawa ezi-2
Isitsha sokuxubela esincane Ikota lenkomishi kashukela
Amathisipuni esikhukhumalisi
Inkomishi
ama-2
Isipunu
Izipunu zebhotela noma
Ithisipunu umajarini ezi-4
Ukhezo Inkomishi yobisi e-1
Imfologo Amaqanda ama-2
Ipani lamakhekhe ivanila esensi

asankomishi I-ayisingi
Uhlaka lokupholisa Inkomishi ye-ayisingi e-1
Amagilavu kahhavini Isipunu samanzi esi-1
izinkomishi zamaphepha U--21 wethisipuni lesifakimbala

10
hi Indlela yokwenza
Hlanganisa ibhotela noshukela ngokhezo kuze kube sakhilimu.
ulu Phehla iqanda lize libe ulwelwesana (fluffy).
Xuba kuze kuhlangane kahle.
ye.
Sefa ufulawa nesikhukhumalisi ukuxube kuhlangane
kahle.
Yikha le ngxube ngesipunu uyifake ezinkomishini
ezingamaphepha, beka izinkomishi ethileyini.
Bhaka ngokushisa okungamadigri ayi- 180 åC imizuzu
engama-20–30 kuze kube nsunjwana.
Ayeke amakhekhe aphole.

11
Landela iresiphi esekhasini lesi-5
lapho sewenza i-ayisingi. Sebenzisa
ummese obuthuntu ukugcoba
i-ayisingi emakhekheni asankomishi.
12
Hlobisa ngoswidi nokunye okuvuvuzelwayo.

13
Abeke ethileyini amakhekhe asankomishi
ahlotshisiwe.
14
Thokozela ukudla ikhekhe elisankomishi
elimnandi.
15
U-ayisikhilimu omnandi
Ngosuku olushisayo ake uzipholise Izithako
ngokudla u-ayisikhilimu omnandi. • U-ayisikhilimu
• Ubhanana owodwa
• Okuvuvuzelwayo
• Amanathi
• Amasheri

Indlela yokwenza

1 Yikha
u-ayisikhilimu.

2
Beka
u-ayisikhilimu
owukhile
esitsheni
esincane.
16
3 Manje-ke vuvuzela okungathelwa
ngaphezulu ukuhlobisa
u-ayisikhilimu wakho.

4 Ungabuye
uvuvuzele
amanathi
ngaphezulu.

17
5
Okulandelayo,
hluba ubhanana
uwusike ube
izingcezwana.

6 Beka
izingcezwana
zikabhanana
zizungeze
u-ayisikhilimu.

18
7 Ekugcineni beka
isheri ngaphezulu.

8 Manje ake uzwe ukuthi unambitheka


kamnandi kanjani u-ayisikhilimu
wakho.

19
Amakhrampethi
Ake uthokozele
amakhrampethi ashisayo
uma kumakhaza.

Okusetshenziswayo
• Isitsha sokuxubela • Inkomishi
• Ipani lokuthosa yokulinganisa
• Isitsha sokuxubela • Isisefo
esincane • Isipunu
• Ukhezo • Ithisipunu
• Isiphehli

Izithako
• Izipunu zebhotela ezi-4
• Inkomishi kafulawa e-1
• Isipunu sikashukela esi-1
• Imvushwana kasawoti
• Amathisipunu esikhukhumalisi ama-2
• Amaqanda ama-2
• Inkomishi yobisi e-1
• U--21 wethisipunu wevanila esensi

20
hi
Indlela yokwenza
1. Sefela ufulawa, noshukela,
nosawoti nesikhukhumalisi
esitsheni sokuxubela esikhulu.
2. Ncibilikisa ibhotela epanini
olibeke esitofini bese
ulisusa ipani esitofini uma
selincibilikile ibhotela.

3. Phehla iqanda esitsheni


esincane.
4. Faka ubisi nevanila esensi
eqandeni eseliphehliwe bese
ukuxuba lokhu.

5. Xuba izithako ezimanzi


nezomile bese ugovuza
isikhathi esingangeminithi.
6. Ungade ukha ngesipunu noma
ude uthela le ngxube epanini
elishisayo.

7. Uma sekuvela amagwebu


iphendule ikhrampethi.
8. Asuse epanini amakhrampethi
uma amacala omabili awo
esensunjwana.
9. Uma usukuphaka lokhu
ungakugcoba ibhotela noma
isiraphu.
21
Umashelela (Smoothie) I
Ake uzipholise lapho kushisa Izithako
ngokuphuza umashelela wezithelo omnandi. • Inkomishi yobisi
• Amapentshisi ama-2 noma
Uqwembe lokuqobela ikota (-41 ) likaphayinaphu
• Ummese • Izingilazi • Ubhanana o-1
• Inkomishi yokulinganisa • Ujeke • Inkomishi e-1 yeyogathi
(enokunambitheka
kwestrobheri, noma
komango noma iphulamu)

Indlela yokwenza
1. Cwecwa noma
uhlube isithelo.
2. Sika isithelo sibe
yizicucwana.

3. Faka zonke
izithako kujeke.
4. Kuxube
lokhu kuze
kuhlangane 5. Thela ingxube kamashelela
kahle. ezingilazini uzifake efrijini ukuze
zibande ngaphambi kokuphuza.
22
Imisebenzi yokufunda ngamaqembu

1 Xoxa nomngani wakho ngencwadi


yamaresiphi.
a. Sithini isihloko sencwadi?
b. Incwadi yamaresiphi yehluke kanjani encwadini
yezindaba?
c. Iyiphi iresiphi ongathanda ukuyenza? Nikeza izizathu.
d. Kungani amaresiphi esinikeza isikalo sezithako?
e. Yini oyipheka ekhaya? Tshela umngani wakho ukuthi
ukwenza kanjani lokho kudla noma isiphuzo.
f. Yimiphi imithetho okumele siyilandele uma sipheka?

2 Sebenzisa ikhasi lokuqukethwe


ukuphendula le mibuzo elandelayo:

a. Mangaki amaresiphi akulencwadi?


b. Ikuliphi ikhasi iresiphi yamakhekhe asankomishi?
c. Ngeyani iresiphi oyithola ekhasini lama-20?
e d. Yiluphi ulwazi oluthola ekhasini le-2?
a.
23
3 Bheka iresiphi kamashelela.

a. Tshela umngani wakho ukuthi kumele wenzeni


ngaphambi kokusika izithelo zibe zicucwana.
b. Tshela umngani wakho ukuthi kumele wenzeni emva
kokusika izithelo zaba zicucwana.

Lingisa, kodwa ungakhulumi, ukuthi lezi


4
zenzo zithi akwenziweni:
• xuba • yikha • phendula
• khama • govuza • vuvuzela
• sika • cwecwa/hluba • sefa
• qoba • thela • yizwa ngolimi

5 Qondanisa la magama nezincazelo zawo:

Izinyathelo okumele sizilandele


Okokusetshenziswa
uma senza ukudla.
Izinhlotshana zokudla esizidingayo
Indlela yokwenza uma sifuna ukukhipha uhlobo
oluthile lokudla.
Izinto ezisamathuluzi esizidingela
Izithako
ukupheka.
24
IBANGA LESI-3 ULIMI LWASEKHAYA

1 Incwadi yesi-
Izinga
loku-
3
Isihloko: Kumnandi ekhishini

Ulimi: IsiZulu

Ibanga lesi-3 Incwadi Yokufundwa Ulimi


Izinga: Lwasekhaya Izinga loku-1 Incwadi yesi-3

Umbhalo wemiyalelo ongebona ubuciko -


Uhlobo lombhalo: incwadi yamaresiphi

Amagama faka, abancane, zonke, unazo, ngemuva, izinto,


ajwayelekile: ukukhipha

umashelela, izithako, izilinganiso, isiqobi,


ukuxuba, isiphehli, uqwembe, isikhamijusi,
Ulwazimagama: kwekhethelo, isifakimbala, buthuntu, ukushuba,
ama-aphula, amakhiyubhu, ukuvuvuzela,
ulwelwesi, isikhukhumalisi, ukhezo, nsunjwana

Imisindo: ndl, mph, qw, nhl, gcw, ntsh, cw, ngc

Okuqukethwe, ‚‚ Ufunda aphendule imibuzo yokuqondisisa.


imiqondo ‚‚ Ufunda aphendule imibuzo yekhasi
namakhono: lokuqukethwe.
‚‚ Uqondanisa izikali ezisemthethweni
nezingekho emthethweni.
‚‚ Ukopisha indlela yokupheka encwadini yakhe
yokubhalela.
ICAPS ifuna ukuba othisha babeke
eceleni isikhathi nsuku zonke sokubhekana
nokufunda kweqembu okuholwayo. Ezinye izincwadi eShalofini
Ukufunda kweqembu okuholwayo kudinga Lezincwadi zeBanga lesi-3
abafundi asebesezingeni elifanayo lokwazi zoLimi Lwasekhaya.
ukufunda umbhalo ofanayo emaqenjini,

1
beholwa nguthisha. Izinga
Ekufundeni ngamaqembu okuholwayo, loku-

othisha bahola abafundi abasezingeni


elifanayo lokufunda ekufundeni incwadi
efanayo beseqenjini.
Unogwaja uqinela impungushe
Isikhathi sokufunda kumele
simbandakanye izinhlobo zamasu
ehlukahlukene zokufunda nokuqondisisa Isigameko sasolwandle
okudingwa abafundi uma befunda.
Isu lokufunda ngempumelelo lidinga Kumnandi ekhishini
futhi ukuxoxisana ngombhalo phakathi
kukathisha nabafundi, naphakathi Idayari yabantwana
kwabafundi emaqenjini. abakhonondayo
Lezi zincwadi zinemisebenzi yokuqondisisa

2
kanye neminyaka ehambelana nokufunda Izinga
ngokuqondisisa ukusiza othisha ukuze lesi-

bakwazi ukuhola ukufunda ngamaqembu


emakilasini.
Zeqa-ke izilwane

UThandi unosuku olubi

ISBN 978-1-4315-2533-1 Impelasonto ekhumbulekayo

THIS BOOK MAY NOT


3
Izinga
BE SOLD. lesi-

Kunenunu ekhabetheni lami

Kulahleke amakhekhe
Published by the Department of Basic Education
asankomishi
222 Struben Street, Pretoria
South Africa
Kuyamangaza yize kuyiqiniso
© Department of Basic Education
First edition 2016
The Department of Basic Education has made every effort to trace copyright
holders but if any have been inadvertently overlooked, the Department will
be pleased to make the necessary arrangements at the first opportunity.

You might also like